Ukuthatha umntwana abengowakho ngokusemthethweni ezweni elingasiyindanga isivumelwano naleli

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngokuthatha umtwana ezweni elingenasivumelwano sokwenza lokho

Uma ungowangaphandle kwakuleli kanti uthanda ukuthatha umntwana wakuleli abengowakho,  kodwa izwe lakho lingenaso isivumelwano sase-Hague ,  ungakwazi ukwenza lokhu ngaphansi kwe Competent Authority noma i-International Social Services (ISS) ezweni ohlala kulo.

Okufanele ukwenze

  1. Xhumana nehovisi elisemthethweni  le Competent Authority noma i- ISS ezweni ohlala kulona.
  2. Lelihovisi elisemthethweni noma i-ISS liyobe selikudlulisela kwinhlangano esebenza ngokuthathwa okusemthethweni kwezingani elisezweni okulo ukuze uyohlolwa uphinde uphendule imibuzo ukuze kutholakale ukuthi ingabe ukulungele ukuthatha ingane ibe ngeyakho ngokusemthethweni.
  3. Uma lenhlangano yokuvikela abantwana ikuthola ukulungele ukuthatha umntwana abengowakho ngokusemthethweni, iyobhala umbiko ogcwele ngekhaya lakho ibe isiwudlulisela ehovisi lalapha eNingizimu Afrika elaziwa ngeSouth African Central Authority (SACA).
  4. I-SACA yona iyobe isiwudlulisela kwinhlangano evikela abantwana nenesivumelwano sokuthathwa kwabantwana namazwe angaphandle ukuba lithole ukuthi ingabe ukhona yini umntwana okhona ongamthola.
  5. Uma ekhona umntwana okhona ongamthatha, inhlangano evikela abantwana iyohlanganisa umbiko ngomntwana lowo iwuthumele kwi SACA  ukuze ithole igunya lokuhambisa umntwana ngaphandle (Article 17).
  6. Inhlangano yokuvikela abantwana yalapha eNingizimu Afrika iyothumela umbiko kwinhlangano yangaphandle ukuze kuqhathaniswe umntwana kanye nalowo ofuna ukuba ngumzali.
  7. Uma ekhona umntwana okhona ongathatha, inhlangano evikela abantwana iyohlanganisa umbiko ngomntwana lowo iwuthumele kwi  ISS  ukuze ithole igunya lokuhambisa umntwana ngaphandle (Article 17).
  8. Isigaba  somthetho 17 obuya ehovisi lezwe okulo uyobe usuthunyelwa kwinhlangano esemthethweni yokuvikela abantwana lapha eNingizimu Afrika noma i-ISS. Inhlangano esemthethweni yokuvikela abantwana  iyokwazisa ngokuthi kufanele uzelapha eNingizimu Afrika ukuyophothula yonke imininingwane ngokuthatha umntwana  enkantolo yabantwa.
  9. Inkantolo iyobe isiphothula konke ngokuthathwa kontwana  kanye namaphepha ahambisana nalokho ayobe esedluliselwa kwiSACA  ukuze acutshungulisiswe bese kubhaliswa ngokunikezelwa komntwana kuwe.
  10. I-SACA iyobe isikunika isitifiketi  sekuqinisekisa lokhu i-Conformity.

Inhlangano yokugcinwa kwabantwana yangaphandle iyonikezela ngosizo olwaziwa nge- after-care isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

Isikhathi esinqunyiwe

Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.

Kubiza malini

Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile  ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe. 

Amafomu okumele agcwaliswe

Xhumana nehovisi elisemthethweni  le Competent Authority noma i- ISS ezweni ohlala kulona.
Imininingwane yokuxhumana

Xhumana nehovisi elisemthethweni  le Competent Authority noma i- ISS ezweni ohlala kulona.

Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi

 

Share this page