Isicelo sokuthola ingane kwizwe odabuka kulona

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokuthola igunya lokuba ngumzali wengani ezweni odabuka kulona

Uma ungowalapha eNingizimu Afrika kanti uzinze ngaphandle kwakuleli, kanti ufisa ukuthatha imntwana othile olapha kuleli abe ngowakho ngokusemthethweni, kufanele uthintane nabasemagunyeni ezweni okulo.
 
Uma ke lingekho ihovisi eliqondene nalokhu ezweni lakho, ungaxhumana nabezenhlalakahle bezomhlaba (ISS).

Loluhlobo lokuthola igunya lokuba ngumzali womntwana wezwe odabuka kulona ukunikezelwa komntwana ukuba ahlale ngaphansi komndeni othile angazalani nayo nokwelinye izwe. Lokhu kunikeza lomntwana umndeni emuva kokuba ungatholakali umndeni omfaneleyo ezweni lakubo.

Okufanele ukwenze

  1. Xhumana nabasemagunyeni  noma i- ISS kulelozwe okulo.
  2. Ihovisi elisemthethweni noma i-ISS ezweni lakho liyobe selincoma inhlangano ethile elungele lokhu neyobe isikuhlola ikuphonse imibuzo ukuze ithole ukuthi ingabe ukulungele na lokhu.
  3. Uma lenhlangano yokuvikela abantwana ikuthola ukulungele ukuthatha umntwana abengowakho, iyobhala umbiko ogcwele ngekhaya lakho ibe isiwudlulisela ehovisi le SACA.
  4. I-SACA yona iyobe isiwudlulisela kwinhlangano evikela izingane nenesivumelwano sokuthathwa kwabantwana namazwe angaphandle ukuba lithole ukuthi ingabe ukhona yini umntwana okhona ongamthola.
  5. Usonhlalakahle uyobe eseqinisekisa ukuthi bonke abthintekayo ekugunyazweni kwalokhu bayatholakala enkantolo yabantwana.
  6. Bonke abathintekayo bayonikezwa izinsuku ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukushintsha isinqumo sabo kuzo lungakaphothulwa uhlelo lokunikezelwa komntwana.
  7. Uma ke inhlangano isinikezele ngombiko ovumelana nokuba umthole umntwana, i-SACA iyobe isikunika u- Article 17, onezincomo ngokuba unganikezwa igunya lokuba ngumzali.  
  8. I-SACA iyodlulisela umbiko otholakele ngomntwana kwiziphathimandla ezisezweni okulo ukuze kuhlanganiswe nowomntwana.
  9. Uma ke usazimisele ukuthatha untwana abe ngowakho ngokusemthethweni, ihovisi elisemthethweni ezweni langaphandle liyokunika i- Article 17, ukugunyaza ukuthatha lomntwana njengowakho bese uwuthumela kwi SACA.
  10. Uyobe usumenywa ukuba uze lapha eNingizimu Afrika ukuzophothula konke maqondana nokunikezelwa komntwana enkantolo yabantwana.  
  11. Inkantolo iyobe isiphothula konke ngokuthathwa kontwana kanye namaphepha ahambisana nalokho ayobe esedluliselwa kwiSACA  ukuze acutshungulisiswe bese kubhaliswa ngokunikezelwa komntwana kuwe.
  12. Uma lokhu bekwenziwa nelinye izwe elingaphansi kwesivumelwani se Hague country, I-SACA iyobe isiqinisekisa ukuthi uthole isitifiketi sokuqinisekisa lokhu Inhlangano esemthethweni yokugcinwa kwezingani iyoqinisekisa ukuthi umnyango wezasekhaya uthola ikhophi yokunikezelwa komntwana nanokuthi amagama ayashintshwa kuphinde kukhishwe nesitifiketi esisha sokuzalwa komntwana.
  13. Inhlangano ke iyobe isikunika isitifiketi esisha sokuzalwa.
  14. Inhlangano yokugcinwa kwabantwana yangaphandle iyonikezela ngosizo olwaziwa nge- after-care isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

Isikhathi esinqunyiwe

Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.

Kubiza malini

Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile  ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe.

Amafomu okumele agcwaliswe

Xhumana nabasemagunyeni  noma i- ISS kulelozwe okulo.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page