Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zizi-4 Zibandlela 2013

05 Dec 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi ihalalisele uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, othishanhloko, othisha kanye nabafundi ngokuphothulwa ngempumelelo kokuhlolwa kukaMatikuletsheni kowezi-2013.

IKhabhinethi iyakwamukela ukukhishwa kwemiphumela yokuHlolwa Konyaka KweSizwe Sonke kowezi-2013 namuhla, mhla zizi-4 Zibandlela 2013, okuwukuhlolwa okuyithuluzi elihle kakhulu lokuhlonza izinkinga ezikhona, elilekelela uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ukuthi ukwazi ukuqapha inqubekela phambili yemiphumela yokufunda futhi ukuze kwenziwe ngcono ikhwalithi yemfundo.

IKhabhinethi iyawuncoma futhi uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo kanye neKhomishana kaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-PICC) ngomsebenzi osusemaphethelweni wokuthunyelwa kwezincwadi zokufunda, izincwadi zokusebenzela, ifenisha kanye nohlelo lokudluliselwa emphakathini kwesikole esisha esisodwa ngeviki kusukela mhla zingama-22 Ntulikazi 2013, njengengxenye yoHlelo Lukazwelonke Lwezengqalasizinda.

1.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukuvulwa kwenkampani ekhiqiza imanganizi ebizwa nge-Stanley Nkosi Sinter Mine of Kalagadi Manganese, endaweni yase-Hotazel, eNyakatho Kapa, okuyinkampani enkulu kunazo zonke emhlabeni ekhiqiza imanganizi. Lokhu kuyingxenye yemiklamo ehlukahlukene elawulwa yi-PICC, eholwa nguMongameli Jacob Zuma. Ngenxa yalo mklamo,  sekutshalwe imali elinganiselwa ku-R6,5 wezigidigidi eNyakatho Kapa, eminyakeni emine, futhi kuvuleke amathuba emisebenzi eqondile ayizi-3 000, futhi kwathuthukiswa namakhono entsha yasendaweni.

1.3. UMongameli Jacob Zuma uzogubha uSuku Lokubuyisana mhla ziyi-16 kuZibandlela eziNdlini Zombuso ngaphansi kwesiqubulo esithi: Ukwakha Isizwe, Ukubumbana Komphakathi kanye Nokubuyisana”.

Lo mgubo uzokwenzeka ngesikhathi esifanayo nokugujwa kwesikhumbuzo seminyaka eyi-100 kwakhiwa iziNdlu Zombuso njengesizinda sikahulumeni. Umfanekiso walowo owayenguMongameli, uNelson Mandela, isithwalandwe senkululeko nokubuyisana ezweni lethu, uzokwembulwa ngokusemthethweni eziNdlini Zombuso njengengxenye yalesi sikhumbuzo. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise lolu suku ukukhumbula amagxathu amakhulukazi esesiwenzile njengesizwe ukuze siphile futhi sisebenze ndawonye.

1.4. Iphini likaMongameli u-Kgalema Motlanthe uzohola iNgqungquthela Yesibili Kahulumeni Yezobuholi ezobanjelwa e-CSIR International Convention Centre, ePitoli, kusukela mhla ziyi-10 kuya mhla ziyi-12 Zibandlela 2013. Le ngqungquthela izohlanganisa abaphathi abakhulu abavela kuzo zonke izinhlaka ezintathu zikahulumeni, ngenhloso yokuqinisekisa ukuqonda okufanayo mayelana neqhaza lomkhakha wezeMisebenzi Kahulumeni ukubhekelela izidingo zabantu baseNingizimu Afrika eziyisisekelo kanye nokuhola ukuthuthukiswa komnotho wethu.

1.5. UMongameli Jacob Zuma uzokwamukela iNkosi yelizwe lase-Malaysia, uTuanku Abdul Halim Mu'adzam Shah, oHambweni lwayo Olusemthethweni eziNdlini Zombuso mhla ziyi-10 Zibandlela 2013. Lolu Hambo Olusemthethweni luzoqinisa ubudlelwano bezepolitiki nobezomnotho esinabo nelizwe lase-Malaysia, futhi kuzohlinzeka ngethuba lokuqhubekisela phambili i-Ajenda yethu ye-Afrika.

1.6.  IKhabhinethi yabhunga ngesethulo sikaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi esiphathelene nombiko weThimba loNgqongqoshe elijutshwe ukuthi liphenye mayelana nomsebenzi wokuvikela ikhaya likaMongameli eliseNkandla. IKhabhinethi yazamukela izincomo zaleli thimba futhi yakhipha umyalelo wokuthi lo mbiko ukhishelwe umphakathi. ONgqongqoshe Beqoqwana Lezokuvikeleka kanye noNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi bazoba nesithangamu sabezindaba ngoLwesibili, mhla ziyi-10 Zibandlela 2013.

1.7. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela yesiThangamu sesiBili se-BRICS Sokufudukela Kwabantu Emadolobheni kanye nesiThangamu sesiThathu Sobungani Phakathi Kwamadolobha kanye Nokubambisana phakathi Kohulumeni Bezindawo.

Lesi siThangamu sasigxile kwisidingo sokuthi izigaba ezahlukahlukene zikahulumeni ziqinise inkulumo-mpendulwano kanye nokubambisana emikhakheni yezengqalasizinda, ukuthuthukiswa komphakathi, umnotho obhekelela imvelo, ukushintshisana kwezamasiko, ukutshalwa kwezimali kanye nokudluliswa kobuchwepheshe.

1.8. IKhabhinethi iyawamukela amazwe ase-Afrika ayi-16 kanye nabalandeli bawo azobamba iqhaza kumqhudelwano wesiThathu we-Orange African Nations Championship (CHAN) phakathi komhla ziyi-11 kuMasingana kuya kumhla lulu-1 Nhlolanja 2014 eNingizimu Afrika. Ukusingatha lo mqhudelwano kuzokwenza iNingizimu Afrika yakhele phezu kokhondolo oluhle olwashiywa yiNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2010 kanye neNdebe Yamazwe ase-Afrika yowezi-2013, futhi kuqinise ubumbano lwesizwe kakhulu kunakuqala kanye nokuzigqaja kwabantu bakuleli lizwe.

Lo mqhudelwano uhlinzeka futhi ngethuba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bakhangise ilizwe lethu njengelizwe elinohlonze kwezokuvakasha, ezokuhwebelana kanye nezokutshalwa kwezimali.

1.9 Ngalesi sikhathi samaholide, uhulumeni uhola imikhankaso ehlukahlukene ngokubambisana nayo yonke imikhakha yomphakathi ukuqinisekisa ukuthi abantu baziphatha ngendlela efanele futhi ephephile. Okusemqoka kakhulu kulokhu imikhankaso yokuqinisekisa ukuthi abantu baziphatha ngendlela ezokwenza bahlale benguMqemane, nomkhankaso wokuFika Uphila, noweZinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane kanye noSuku Lwengculazi Lomhlaba. Bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele badlale indima yabo ukuqinisekisa impumelelo yale mikhankaso. Uhulumeni ngeke akwazi ukwenza lokhu eyedwa.
Kulesi sikhathi sonyaka, ukukhuliswa kwezinga lokubonakala kweziphathimandla eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho kwizivimbamgwaqo kanye nemikhankaso yeziphathimandla yokusesha ezokwenziwa ezweni lonke kuzoqinisekisa ukuphepha kwabantu baseNingizimu Afrika. Abasebenzisi bomgwaqo bayakhunjuzwa ukuthi bangashayeli uma sebephuze utshwala, noma bahambe emgwaqweni sebephuzile. Labo abayotholwa benecala lokuphula imithetho bazobhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.

1.10 IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi izingane zethu ziyanakekelwa futhi ziyavikelwa ukuze zingalimali. Kungumsebenzi wethu futhi kuyisibopho sethu njengabazali, abalondolozi bezingane kanye nomphakathi ukuthi siqinisekise ukuphepha kwezingane zethu, ikakhulu ngalesi sikhathi esizayo.

1.11 Njengoba lona kungumhlangano wokugcina wonyaka wezi-2013, amalungu eKhabhinethi afisela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuphumula okuhle, okunokuthula futhi okuphephile ngalesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka. IKhabhinethi iyasinxusa thina sonke esinawo amandla, ukuthi sikhombise umoya woBuntu ngokuthi silekelele abantu nemindeni  engakwazi ukuzondla ngokwayo, futhi sikhombise ububele njengesizwe esinakekelanayo futhi esihloniphanayo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi yayamukela iNqubomgomo, Nelisu kanye noHlelo Lukwazwelonke Lwezohleloxhumano  olubizwa nge-South Africa Connect. Lokhu kuzoba negalelo elibonakalayo ekukhulisweni komnotho, nentuthuko kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi. Injongo enkulu ukuqinisekisa i-avaleji yesivinini sokudonsa ulwazi kuhleloxhumano esiyi-100 mbps ungekafiki owezi-2030. Ukuze kufinyelelwe kulo mkhawulo ngendlela eqhubekayo, kunemikhawulo ezobekwa ebuyezekayo kusukela kwi-avaleji yesivinini sabasebenzisi bohleloxhumano esingu-5 mbps okumele kufinyelelwe kusona ngowezi-2016 futhi okumele sitholwe ngama-50% abantu bakuleli lizwe, futhi leli nani kumele likhuphuke lifinyelele kuma-90% ngowezi-2020. Kukhona futhi nemikhawulo ebekelwe uhleloxhumano lwezikole kanye nemitholampilo kanye nomkhakha wezemisebenzi kahulumeni wonkana. Ukukhula ngesivinini esikhulu kobuchwepheshe bezohleloxhumano kusho ukuthi lemi khawulo kumele ibuyekezwe njalo ngonyaka.

2.2 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa koHlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yohlelo Oludidiyelwe Lolwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana (i-ICT) kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngalo. Lolu Hlaka Lwenqubomgomo luphathelene nesidingo sokuchibiyela izinqubomgomo nezimiso zomthetho ukuze kubhekelelwe izinguqugo ezenzeke ngesivinini esikhulu kule minyaka edlulile emkhakheni weze-ICT.  Ezinye zezinto olugxile kuzona lolu Hlaka Lwenqubomgomo yimisebenzi yezokuxhumana ngezingcingo, ezokusakaza kanye nezamaposi. Kuzobanjwa izigcawu zokulalelwa komphakathi kuzo zonke izifundazwe ekuqaleni konyaka ozayo.

2.3 IKhabhinethi yazamukela izichibiyelo zeNqubomgomo Yokufudukela Kwezokusakaza Ngedijithali eziphathelene ikakhulu nokuthi i-Set Top Box (ama-STB) angamadikhoda kumele abe nohlelo lokulawula noma cha. Eminye yemigomo esetshenzisiwe ukuthatha isinqumo mayelana nalokhu kwaba:

• isidingo sokufudukela kwidijithali ngokushesha, ikakhulu mayelana nokukhishwa kwesiginali yokusakaza ngomoya;
• ukuqinisekisa ukuthi imali yomxhaso kahulumeni isetshenziswa ngendlela ezoletha imiphumela emihle;
• ukugqugquzela imboni yakuleli lizwe yezama-elekthronikhi futhi kuvulwe namathuba emisebenzi;
• ukuhlomulisa osomabhizinisi abasafufusa;
• ukunciphisa amathuba okugcwala ezimakethe zaseNingizimu Afrika kwama-STB ashibhile futhi angasebenzi ngokuphelele;
• ukuvikela umsebenzi weNhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika;
• ukubhekelela izinguquko ezenzeka ngesivinini esikhulu kwezokusakaza kanye nasemkhakheni weze-ICT wonkana;
• ukunciphisa izinga lokugweva nomsebenzi futhi kukhuthazwe ukuncintisana ngokuthi kuvunyelwe ukungena kwezinkampani ezintsha embonini kamabonakude okhokhelwayo ngaphandle kokuhlomula ngokungafanelekile kumxhaso kaHulumeni;
• ukunciphisa amathuba okuthathelwa izinyathelo zomthetho yizinkampani zokusakaza kanye nosomabhizinisi, okungaholela ekutheni kubambezeleke inqubo yokufudukela kwidijithali.

Emva kokucubungula le migomo kanye neminye ngokuhlanganyela,  iKhabhinethi yanquma ukuthi uhlelo lokulawula akumele lube ngoluphoqelekile. Kepha-ke ama-STB kumele abe nohlelo lokulawula ukuze kuvikeleke imali etshalwe nguHulumeni kwimakethe yama-STB exhaswe ngezimali kanye nemboni yakuleli lizwe yezama-elekthronikhi futhi ukuze kube nezinguquko ezisheshayo kwezobuchwepheshe, oluzosetshenziswa yizinkampani zokusakaza esikhathini esizayo okungenzeka zingathandi ukulisebenzisa njengamanje.

Ukuvimbela izinkampani zokusakaza ezikhokhelwayo ukuthi zingahlomuli ngokungafanele ohlelweni lokulawulwa kwama-STB, imali etshalwe nguhulumeni oHlelweni Lokulawulwa kwama-STB izoqoqwa kwizinkampani zokusakaza ezikhokhelwayo eziqoka ukusebenzisa uHlelo Lokulawulwa kwama-STB.

IKhabhinethi inxusa bonke abathintekayo ukuthi balungise ukungaboni ngaso linye okukhona phakathi kwabo futhi basebenzisane nohulumeni ukufezekisa ukuqaliswa kohlelo lokufudukela kwidijithali ngokushesha ukuze kuhlomule leli lizwe.

2.4 IKhabhinethi yazamukela izinyathelo okuhloswe ngazo ukulekelela amakhaya anezikweleti ezingaphezu kwamandla futhi okuhloswe ngazo ukuqinisa ukuzinza kwezezimali.
UNgqongqoshe Wezezimali kanye noNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni banikwa imvume yokuthi baqalise izinyathelo zokugwema nokunciphisa ubungozi bokuthi abantu bazithole sebenezikweleti ezingaphezu kwamandla abo ngokuthi bavule ezinye izikweleti. Lokhu kubandakanya nokuhlinzeka ngohlelo oluzophathwa yiminyango kahulumeni yomibili lwezinyathelo ezinqala zokulekelela amakhaya njengamanje anezikweleti ezingaphezu kwamandla, kanye nokuvimbela amakhaya ukuthi angabi nezikweleti ezingaphezu kwamandla esikhathini esizayo.

UNgqongqoshe Wezezimali uzothatha futhi nezinyathelo zokukhuthaza abaqashi ukuthi balekelele abasebenzi babo abanezikweleti ezingaphezu kwamandla abo ngokuthi baphenye ukuthi isemthethweni yini imiyalelo yokudonswa kwemali emiholweni yabasebenzi, futhi kuhlinzekwe abasebenzi ngezinhlelo ezizoqinisekisa inhlalakahle yabo kwezezimali.

2.5 IKhabhinethi yalwamukela Uhlaka Oludingidwayo lweNqubomgomo Kazwelonke Yokuphathwa Kwemvelo Yasolwandle. Le nqubomgomo inikeza imininingwane yendlela ehambelanayo yokuphathwa kwemvelo yasolwandle emikhakheni ehlukahlukene. Lokhu kuzokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukubhekana ngendlela efanele nezinselelo ezibangelwa umthelela wokukhahlamezeka kwemvelo yasolwandle ngenxa yezenzo zabantu, futhi kusenjalo kuqinisekiswe ukusetshenziswa ngokuphelele kwamathuba okukhuliswa komnotho ahlinzekwa wulwandle.

2.6 IKhabhinethi yazamukela Izimo zokugcina eziphathelene neNqubomgomo Kazwelonke Yezamanzi futhi yaziphawula izinqubo esezenziwe zokubonisana nomphakathi zokuphothulwa kohlelo lokuBuyekezwa Kwenqubomgomo Kazwelonke Yezamanzi.
Lezi Zimo ezintsha Zenqubomgomo Yezamanzi zamukela izimo zokulawulwa kwezamanzi ngendlela ethuthukisayo, ezibhekelela ukuxhumana phakathi kwezokuphathwa kwamanzi kanye nezinjongo zikahulumeni ezithuthukisayo futhi ezihambisana noguquko. Lokhu kucubungula uhlelo lwezamanzi lonkana mayelana nokuthi amanzi angaba naliphi igalelo ekufezekisweni kwentuthuko elinganayo, ehlomulisa umuntu wonke futhi esimeme ezweni lonke.

2.7 IKhabhinethi yayamukela inqubo yokuqinisekisa ukusebenza ngendlela ehambelanayo phakathi kwamaBhodi Ezamanzi kanye neziMpiko eziyisishiyagalolunye Ezilawula Ezamanzi Ezifundeni. Lokhu kulandela umbiko wokugcina ophathelene noguquko oluhlongozwayo kumaBhodi Ezamanzi.

Umsebenzi omkhulu weziMpiko Ezilawula Ezamanzi Ezifundeni kuzoba ukuthuthukiswa kanye nokuphathwa kwengqalasizinda yezifunda (ukuphakelwa kwamanzi kanye nemithombo yamanzi) kubandakanya nokuxhaswa ngezimali, ukuthuthukiswa kwemiklamo kanye nemisebenzi eqhubekayo kanye nokulungiswa. Lokhu kuzokwenza ukuthi kuphuculwe ukwesekwa okunikezwa ohulumeni bezindawo, okuyisidingo esisemqoka ekulethweni koguquko emkhakheni wonkana.

2.8 IKhabhinethi yakwamukela ukuqaliswa kokukhishwa kwekhambi legciwane elibizwa nge-Human Papiloma Virus (i-HPV), okuzokwenziwa esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha ngokwehlukana, ngowezi-2014, emantombazaneni aneminyaka yobudala eyisishiyagalolunye ukuya kweyishumi ngokusebenzisa uHlelo Oludidiyelwe Lwezempilo Ezikoleni. Lokhu kuhambelana nesincomo seNhlangano Yezempilo Emhlabeni.

Injongo yalokhu ukunciphisa ubungozi bokuthi amantombazane ahlaselwe umdlavuza womlomo wesibeletho uma esekhulile, futhi lokhu kuzophucula ikhwalithi yempilo yabesifazane futhi kwenze ukuthi baphile isikhathi eside futhi kunciphise izifo ezingalapheki futhi ezingathelelani.

3 IMithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa kuSomqulu Kahulumeni kohlaka loMthethosivivinywa we-Agrément South Africa, 2013 kanye neMemorandamu Yezinjongo ZoMthethosivivinywa ukuze umphakathi uphawule ngalokhu.

UMthethosivivinywa ohlongozwayo uhlinzekela ukwamukelwa ngokusemthethweni kwe-Agrément South Africa, njengophiko lukahulumeni. IBhodi ye-Agrément South Africa inikezwe umsebenzi wokuhlola ukuba sesimweni esifanelekile kwemikhiqizo noma izinhlelo zemboni yezokwakha ezingenziwanga ngokwamazinga afanayo abekiwe, futhi okuyimikhiqizo engenawo amazinga kazwelonke abekiwe.

Lokhu kuzokwenza ukuthi kube nemboni yezokwakha enohlonze futhi eqhamuka nezindlela ezintsha zokusebenza kanye nemikhiqizo emisha ezoba nomthelela omuhle ekuvulweni kwamathuba emisebenzi futhi enegalelo elibonakalayo kwizinhlelo zengqalasizinda kaHulumeni.

3.2 IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela WeBhange Lentuthuko Yamazwe Ase-Afrika AseNingizimu, wezi-2013. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho WeBhange Lentuthuko Yamazwe Ase-Afrika AseNingizimu, we-1997.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela wenzelwe ukuthi uvumele ukwelulwa kokusebenza kweBhange Lentuthuko Yamazwe Ase-Afrika EseNingizimu kufinyelele kunoma iliphi ilizwe kwizwekazi lase-Afrika kanye neziqhingi zalo. Lokhu kuzokwenza ukuthi iBhange likwazi ukubamba iqhaza emisebenzini yezengqalasizinda emikhulu kanye neminye imiklamo ebalulekile engekho kwisifunda seNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), okungenzeka iphucule amathuba ezokuhwebelana kanye nokukhula komnotho kwizwekazi futhi kusekele amakhomishini ezivumelwano zokubambisana phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe kanye nezibopho zayo zokuqinisekisa ukusebenzisana kwamazwe akulesi sifunda.

3.3 IKhabhinethi yakwamukela ukukhishwa kohlaka loMthethosivivinywa Wokulawulwa Komkhakha Wezezimali ukuze umphakathi uphawule ngawo, futhi ukuze kuqinisekiswe ukuqaliswa kwezibopho zeNingizimu Afrika kwi G-20.

Injongo yoMthethosivivinywa ukwenza umkhakha wezezimali uphephe kakhulu kunakuqala ngokuthi kuqaliswe uhlelo lokulawula olubizwa nge-‘twin peaks’ (iziqongo ezimbili), okusho ukusungulwa kwabalawuli ababili: umlawuli ozoqapha ukuphepha nokusebenza kahle kwezikhungo zezimali kanye nomlawuli ozoqapha indlela izikhungo zezimali ezenza ngayo umsebenzi wazo wezebhizinisi.

4 Abaqashiwe

4.1 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kuka-Esther Sarah Makau kwisikhundla sokuba Isikhulu Esiyinhloko Esilawula Izimali eMnyangweni Wezobuciko Namasiko.

4.2  IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo eMnyangweni Wezokuxhumana:
a) UReneva Fourie kwisikhundla sokuba Iphini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuthuthukiswa Komphakathi Ngolwazi kanye Nocwaningo;
b) UTinyiko Moses Ngobeni kwisikhundla sokuba Iphini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuthuthukiswa Kwengqalasizinda ye-ICT;
c) USibongile Vulikhaya Makopi kwisikhundla sokuba Iphini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokuqapha Izinkampani Zombuso kanye Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi eze-ICT.

4.3  IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaSiyakhula Paradise Simelane kwisikhundla sokuba Isikhulu Esiyinhloko Esilawula Izimali eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba.

4.4 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kabusha kukaSiyabulela Thomas Tsengiwe kwisikhundla sokuba nguKhomishana Omkhulu kwiKhomishana Yokuphathwa Kwezohwebo Emhlabeni.

4.5 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaNksz. Thezi Rosemary Mabuza njengePhini likaKhomishana kwiKhomishana Kazwelonke Yezabathengi (i-NCC).

4.6 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaMnu. Themba Thomas Cyril Dlamini njengoMphathi Oyinhloko weBhodi Kazwelonke Yezokugembula.

4.7 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kuka-Adv. Solomon Makhosini Msibi njengoMphathi Oyinhloko eSikhungweni Sokuphathwa Kwezithuthi Zomgwaqo (i-RTMC) .

4.8  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi ye-RTMC.
a) Nksz. Thembeka Mdlulwa (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
b) Mnu. Ike Nxedlana (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
c) Nksz. Nalini Maharaj (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
d) Mnu. Rowan Graham Nicholls (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
e) Nksz. Morwenyane Maria Mathabathe (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
f) Mnu. Zola Malvern Percival Majavu (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
g) Mnu. Sam Ledwaba (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu).

4.9  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengaBaqondisi Abangewona Amalungu Esigungu Esiphezulu kwiBhodi Yezeposi laseNingizimu Afrika:
a) Mnu. Templeton Mageza
b) Mnu. Sihle Joel Ngubane
c) Nksz. Selebaleng Primrose (Boitumelo) Mothelesi
d) Mnu. Sathiaseelan Gounden.

4.10 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yokuqala Yophiko Lukazwelonke Lwezokulahlwa Ngendlela Efanele Kwemfucuza Enobungozi:
a) Slz. Gordan Sibiya (uSihlalo)
b) UClive Douglas Kneale
c) U-Eric Peter McDonald
d) UQueen Nothando Gopo
e) UMathews Mateo Mathebe
f) Dkt. Margaret Msongi Mkhosi
g) UNolwazi Zandile Cobbinah
h) UJustin Daniel.

4.11 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamaLungu Akhethwe Umqashi eSikhwama Somhlalaphansi Wezisebenzi Zikahulumeni:
a) Mnu. Stadi Mngomezulu ( ehhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke)
b) Mnu. Bhekithemba Thabo Gamedze (ehhovisi likaNgqongqoshe Wezezimali)
c) Dkt. Renosi Mokate (ehhovisi likaNgqongqoshe Wezezimali)
d) Dkt. Malcolm Barry Kistnasamy (eMnyangweni Wezempilo)
e) Nksz. Gladys Modise (eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo)
f) Nksz. Esther Euphane Aletta (Barbara) Watson (eMnyangweni Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo)
g) Mnu. Nkhangweleni Seth Makhani (eMnyangweni Wezokuvikela)
h) Nksz. Moira-Anne Moses (Ophikweni Lokutshalwa Kwezimali Zikahulumeni).

IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamaLungu Akhethwe Umqashi Njengamalalela:
i) Nksz. Lindy Ann Bodewig (ehhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke)
j) Adv. Lindiwe Grace Nkosi-Thomas (ehhovisi likaNgqongqoshe Wezezimali)
k) Mnu. Abel Sithole (ehhovisi likaNgqongqoshe Wezezimali)
l) Dkt. Thamizhanban Pillay (eMnyangweni Wezempilo)
m) Dkt. Mogenthiran Shunmugam (Morgan) Pillay (eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo)
n) Dkt. Lesiba Alex Mahapa (eMnyangweni Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo)
o) Brigadier Johan David Griesel (eMbuthweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika)
p) Nksz. Rejane Woodroffe (Ophikweni Lokutshalwa Kwezimali Zikahulumeni).

4.12 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kabusha kukaMnu. Andrew Zaloumis njengoMphathi Oyinhloko we-iSimangaliso Wetland Park Authority.

4.13 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kabusha kwalaba abalandelayo Ophikweni Lomlawuli Kazwelonke Lwezincasiselomicikilisho Eziphoqelekile
a) Jeff Molobela (uSihlalo)
b) Mnu. Nico Vermeulen (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
c) Nksz. Funzani Asnath Melato (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
d) Nksz. Susanna Elizabeth Moolman (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
e) Slz. Sadhasivan Perumal (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
f) Nksz. Dora Ndaba (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
g) Mnu. Paul Serote (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu)
h) Mnu. Sipho Reginald Zikode (Ongelona Ilungu Lesigungu Esiphezulu).

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore