Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-12 kuNhlangulana 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi imfisela ukuba asheshe alulame uMongameli wangaphambilini u-Nelson Mandela futhi iqinisekisa isizwe ukuthi uthola ukunakekelwa kwezokwelapha okuhamba phambili. IKhabhinethi iyajabula ngokuthi usabela kahle ekwelashweni futhi iyaphinda inxusa abezindaba kanye nomphakathi ukuba bakuhloniphe ukuthi uMongameli wangaphambilini kanye nomndeni wakhe badinga ukuba bodwa ngale nkathi.

1.2. IKhabhinethi iyawuncoma umsebenzi waMaqoqo Ezokuqapha Ubulungiswa, Ukuvimbela Ubugebengu kanye Nokuvikeleka  weThimba Elilwa Nenkohlakalo  (i-ACTT) elasungulwa uMongameli u-Jacob Zuma ngowezi-2010. Ngokokuqala ngqa emlandweni wokubusa kwethu ngentando yabantu, izigebengu ezazisebenzise kabi ukwethenjwa ngumphakathi futhi zadla imali zavezwa obala futhi zalandisa ngezenzo zazo obala. Ukungabekezeleli lutho oluyinkohlakalo kweNingizimu Afrika kusisondeza eduze kombono wethu wangowezi-2030 lapho umphakathi waseNingizimu Afrika ubonakala ngezimiso eziphakeme zokuhle nobuqotho.

Lesi simo esinqala sihloselwe ukuthiya abantu abasembonini ezimele nekahulumeni ukuba benze izenzo zenkohlakalo nezobugebengu futhi sigqugquzelwa ukuzibophezela kwethu ekuqinisekiseni ukuthi zonke izakhamizi ziphephile futhi zizizwa ziphephile.

1.3. IKhabhinethi izilahla ngokuphelele izenzo zamuva nje zokucwasa ezenzeke kwezinye izingxenye zezwe lethu. Ayikho nakancane indawo yabacwasanayo ezweni lethu nasekubuseni ngentando yabantu, kungasaphathwa ezikoleni zethu, lapho kufanele kugqugquzelwe khona izimiso zoMthetho-sisekelo wethu futhi zivikelwe.

IKhabhinethi iyawuncoma uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ngokuthatha isinyathelo esisheshayo sokubhekana nokucwasa ezikoleni futhi ikhuthaza bonke abazali, izingane, nothisha ukuba babike ukucwasa nokuhlukunyezwa okwenzeka ezikoleni. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babambisane nohulumeni ekulweni nokucwasa noma ngabe kwenzeka kuphi emphakathini wethu.

1.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuvakashelwa kweRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika nguMongameli waseMelika, u-Barack Obama okuyingxenye yokuvakashela amazwe amathathu okuyi-Senegal, i-Tanzania neNingizimu Afrika phakathi komhla zingama-26 kuNhlangulana kuya mhla zizi-3 kuNtulikazi 2013. Ingxoxo yethu yamasu ezepolitiki kanye neMelika iyaqhubeka inomthelela omuhle ebudlelwaneni bethu. IMelika isalokhu inguphathina obalulekile kwezohwebo, ukutshalwa kwezimali, ezokuvakasha nezobuchwepheshe.

1.5. IKhabhinethi yawuncoma umhlangano oyingqopha-mlando we-Kimberley Process Certification Scheme (KPCS) owawuphakathi komhla zizi-4 kuya mhla ziyisi-7 kuNhlangulana e-Kimberley. Le Ngqungquthela yadingida, phakathi kokunye, ngezindlela zokuqinisa ukuphumelela kohlelo lokuqinisekiswa kwedayimane elingahluziwe. Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi ukuhweba ngedayimane akuxhasi ngezimali udlame olwenziwa yilabo abangamavukela-mbuso kanye namadlela-ndawonye abo afuna ukucekela phansi ohulumeni abamisiwe.  Izincomo ezivela kulo mhlangano zizocatshangelwa emhlanganweni okuzobe kukhona kuwo bonke abangamalungu e-KPCS ozoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

1.6. IKhabhinethi yaphawula ukuthi ukugujwa koSuku Lwentsha ngowezi-2013 okuphawula ukugujwa kweminyaka engama-37 kwenzeka iZibhelu Zase-Soweto futhi izogujwa ngaphansi kwengqikithi ethi “Ukubambisana ukuze Kuthuthukiswe Intsha neNingizimu Afrika Engenazo Izidakamizwa”.IKhabhinethi yakuqaphela ukuzidela okwenziwa yikilasi lika-1976 ekushintsheni umlando wezwe futhi libeke iNingizimu Afrika iqine emgwaqweni oye ekubuseni ngentando yabantu. IKhabhinethi yaphinda yasho ukuthi nakuba intsha ka-1976 yalwela inkululeko nokwakhiwa kombuso wentando yabantu, ukushiseka kwentsha yanamuhla kuqondiswe ekutheni kubhekanwe nezinselele zokulwa nobubha, ukungabi bikho kwemisebenzi,  iGciwane leSandulelangculaza neNgculaza, ukuzithuthukisa komuntu ngokwakhe; nokulwa nosetshenziwa kabi kwezidakamizwa. IKhabhinethi ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nezinhlangano ukuba babambisane ukuze bathuthukise ukuphila kwentsha futhi balwele ukuqeda abashushumbisi bezidakamizwa emiphakathini. Ukugujwa koSuku Lwentsha kuzwelonke kuzokwenzeka ngeSonto, mhla ziyi-16 kuNhlangulana 2013 e-Newcastle, KwaZulu-Natal.

1.7. IKhabhinethi ihalalisela uKhongolose waBafundi baseNingizimu Afrika (i-Cosas) ngokuqeda iminyaka engama-34 yasungulwa, njengoba izimpande zayo zisuka eMzabalazweni wase-Soweto ngo-1976 wemfundo yamahhala, esezingeni eliphezulu nefanele. Izwe lihlanganyela kanye ne-Cosas ekugubheni lokho okuphawulekayo ekufinyelele kanye nasekuthuthukiseni imfundo esezingeni eliphezulu kubo bonke. IKhabhinethi iyabutusa futhi ubuholi be-Cosas ngokuthatha isinyathelo kuqala sokuhlela intsha ukuba imelane nokudla izidakamizwa.

1.8. IKhabhinethi iyazilahla izenzo zokuchitha indle yabantu ezindaweni zomphakathi eNtshonalanga Kapa ezenziwe ababhikishi bebhikishela ukuqedwa kwezindlu zangasese ezingamabhakede. Nakuba uHulumeni elihlonipha ilungelo lezakhamizi lokubhikisha, le ndlela yokubhikisha ayinasizotha futhi iwusongo olukhulu empilweni yemiphakathi kanye neyababhikishi ngokwabo. IKhabhinethi inxusa izakhamuzi ukuba ziphakamise izikhalo zazo ngendlela eyakhayo futhi ziphathe izikhungo zomphakathi ngenhlonipho kungakhathaliseki ukuthi zikhala ngani. IKhabhinethi iphinda inxusa iziphathimandla ukuba zisheshise ukusingatha izindaba ngendlela ehambisana noMthetho-sisekelo wethu.

1.9 UHulumeni, ngaphansi kobuholi bePhini LikaMongameli u-Kgalema Motlanthe, wahlangana nabaholi bezenkolo abamelele uMkhandlu WamaSonto waseNingizimu Afrika neKhomfa laboBhishobhi beKatolika yaseNingizimu Afrika ukuze kudingidwe izikhalazo zabo zokuthi iPhrojekthi Yokwenza Ngcono Imigwaqo Engothelawayeka Yase-Gauteng izoba nomthelela kwabadla imbuya ngothi nokuthi uhulumeni akazinakanga izidingo zalabo abampofu.

IKhabhinethi iyaphinda iyasho ukuthi uhulumeni akazifakanga ezokuthutha umphakathi ezibhalisiwe (okuyizona ezisetshenziswa kakhulu yilabo abampofu) kulezi zimali ezizokhokhwa emigwaqweni yase-Gauteng engothelawayeka. Kanti futhi, ukuze abhekelele izikhalo zabasebenzisa izimoto, uhulumeni uye wanciphisa amanani abebekiwe futhi wethula amanani amasha anomkhawulo othile azo zonke izigaba zezimoto.

IKhabhinethi inxusa abanikazi bezimoto e-Gauteng ukuba babhalisele ama-e-tag futhi babheke le phrojekthi njengengxenye yomkhankaso wezwe wokwakha ingqalasizinda yomphakathi.

1.10 IKhabhinethi ihalalisela amaQembu kaNobhutshuzwayo i-Bafana Bafana ne-Banyana Banyana kanye neQembu Lekhilikithi ama-Proteas ngokunqoba kwabo kwamuva nje kunobhutshuzwayo nakwikhilikithi. IKhabhinethi ihalalisela amaqembu esizwe  ekulweleni kwabo kanzima ukunqoba evikini eledlule futhi ikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele amaqembu esizwe.

1.11 IKhabhinethi ikwamukele ukuqaliswa kwe-Power FM, isiteshi somsakazo esisha sezingxoxo, njengomdlali omusha kule mboni. IKhabhinethi yaphawula ukuthi lesi siteshi sizodingida ezepolitiki, izindaba ezithinta umphakathi nezemidlalo ngokuyinhloko futhi sijoyina uhlu lwezinkundla zemisakazo ezingasetshenziselwa ukwazisa abantu baseNingizimu Afrika ngezindaba ezithile.

1.12 IKhabhinethi ihalalisela uMqondisi-Jikelele woMnyango Wezempilo, uDkt. Malebona Precious Matsoso, ekuqokweni kwakhe njengelungu nanjengomunye wePhini losihlalo be-World Health Assembly Executive Board isikhathi esiyiminyaka emithathu.

2. Izingxoxo nezinqubo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi yaphawula ukuthi iSikhungo Sokuqapha Ezezimali saseNingizimu Afrika sizosingatha uMhlangano Waminyaka Yonke Wamalungu Novamile Wangowezi-2013 Weqembu Elisebenzayo wophiko lokuqapha ezezimali zeQembu le-Egmont.

Iqembu le-Egmont  yinhlangano yophiko lokuqapha ezezimali lwamazwe ayi-131.  Ihlangana njalo ukuze yenze kwenzeke ukubambisana kwamazwe ngamazwe ukuze kuhlonzwe ubugebengu, kulwiwe nokutholakala kwemali ngokungemthetho kanye nokuxhaswa kobuphekula ngenjongo yokulwela ubuqotho bezinhlelo zezimali.

2.2. IKhabhinethi yakuphawula ukukhethwa kweNingizimu Afrika ukuba ikhonze eMkhandlwini wezoMnotho nezeNhlalo weNhlangano yeZizwe Ezihlangene (i-ECOSOC) enkathini esuka kowezi-2013-2015. Lokhu kunikeza ithuba lokubeka ubuholi beNingizimu Afrika endaweni ekahle ezindabeni zentuthuko nokuqinisa indima yezwe njengomdlali ophikelelayo nophumelelayo  ekusebenzisaneni kwamazwe amaningi.

INingizimu Afrika iyophinde iqinisekise nokuthi i-ECOSOC iyaqiniswa futhi iguqulwe ngokwengeziwe ukuze ihlangabezane kahle nezinselele zomhlaba wonke ezivelayo kanye nezidingo zamazwe asathuthuka.

2.3. IKhabhinethi yaphawula umbiko wobulungu beNingizimu Afrika oBungebona Obuhlala njalo boMkhandlu Wezokuvikeleka weNhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-UNSC) kusukela mhla lulu-1 kuMasingana 2011 kuya mhla zingama-31 kuZibandlela 2012.

Lo mbiko uchaza ithonya leNingizimu Afrika ohlelweni lokubusa lomhlaba wonke ekugcinweni kokuthula nokuvikeleka kwamazwe ngamazwe.

Ngokuvumelana nezimiso zayo nalokho okuzuzisa izwe, iNingizimu Afrika ku-UNSC yabeka eqhulwini ukuxazululwa kwezingxabano kanye nokuba khona kokuthula nokuzinza eZwenikazi Lase-Afrika. Ubulungu be-UNSC baphinde banikeza iNingizimu Afrika ithuba lokuqinisa ubudlelwano nabasebenzisani abasemqoka abathuthukayo – i-Brazil, iNdiya, Nigeria ne-China – abahlanganyela ubulungu boMkhandlu neNingizimu Afrika.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yavuma uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukulawulwa Kwezinhlekelele ukuba ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule.
Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubhekana nezinselele ezaba khona kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni ngemva kokuqala koMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele Wezi-2002. Lesi Sichibiyelo sizoqinisekisa kabusha umsebenzi womasipala besifunda mayelana nomthwalo wokusungula ukwenziwa nokuphathwa kwepulani lokulawula izinhlekelele. Lokhu kuhlanganisa ukuqaliswa komsebenzi wokulawula izinhlekelele endaweni kamasipala.

UMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele Wezi-2002 ugxile ezicini ezine: Usungula uhlaka lwenhlangano olubanzi lokulawula izinhlekelele; ugxilisa ukuthuthukiswa kwenqubo-mgomo okuningilizayo kanye nohlaka lwesikhathi eside lokuhlela ukulawulwa kwezinhlekelele. Lo mthethosivivinywa ubuye uhlinzeke ngokuhlelwa ngezigaba nokumenyezelwa kwenhlekelele, futhi udingida kafushane ukuxhaswa kokusimama nokuhlunyeleliswa kwangemva kwenhlekelele. Uhlinzeka ngamavolontiya okulawulwa kwezinhlekelele kanye nezinye izinsizakalo.

3.2. IKhabhinethi yakuvuma ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Intela yezindawo ebizwa ngoMasipala yoHulumeni Basekhaya ePhalamende.
Ohulumeni Basekhaya: Umthetho wentela Yezindawo Komasipala waqala ukusebenza mhla zi-2 kuNtulikazi 2005. Wachibiyelwa kabili ngowezi-2008 nangowezi-2009. Izichibiyelo zifuna ukusuka ukungacaci kahle futhi zihlinzeke ngokuqiniseka okukhulu kwezomthetho.

Isichibiyelo sizovumela ukuba izinto zibekwe obala mayelana nokukhokhwa kwentela yezigaba ezihlukene zezindawo, ngaleyo ndlela abanikazi bezindawo bayiqonde kangcono intela yezindawo zabo. Lesi sichibiyelo ngeke sifake ingqalasizinda ethile yomphakathi njengemigwaqo, ujantshi, ezikhumulweni zezindiza, amadamu nezindawo zokuvikela ugu. Lezi zindawo zilawula uhulumeni futhi ngeke zithikameze imboni ezimele. Lokhu kuyothuthukisa umnotho kuyo yonke imingcele kamasipala. Kuyophinda kube neqhaza endimeni yokuthuthukisa amaBhizinisi kaHulumeni ngokunciphisa izindleko ezibekiwe.

3.3. IKhabhinethi yavuma ukuhlelwa koMthetho Wemikhumbi Yabathengisi ukuba wethulwe ePhalamende. Le Mithethosivivinywa  iqoqo lezinyathelo ezihloselwe ukwenza izibopho zeNingizimu Afrika zisebenzi ngaphansi kwePhrothokholi Yenhlangano Yezasolwandle Yonyaka We-1992.

3.3.1 Injongo yoMthethosivivinywa Wemikhumbi Yabathengisi  ukuba: ukubeka iPhrothokholi Yenhlangano Yezasolwandle, 1992; nokwenza kube umthetho ochibiyelwe iSivumelwano Sezibopho Zomnikazi Womkhumbi Ngokuchitha Uwoyela, 1969. Isivumelwano Sezibopho Zomnikazi Womkhumbi sisungula futhi silawule izibopho zomnikazi womkhumbi obhalisiwe.

3.3.2 Injongo yoMthethosivivinywa Wemikhumbi Yabathengisi (Isikhwama Samazwe Ngamazwe Sesinxephezelo Ngokuchitheka Kukawoyela) yilokhu: ukuqalisa iPhrothokholi Yesivumelwano Samazwe Ngamazwe Yonyaka we-1992 eKusungulweni Kwesikhwama Samazwe Ngamazwe Sesinxephezelo Ngokuchitheka Kukawoyela, 1971 (iSivumelwano Sesikhwama).

ISivumelwano Sesikhwama sisungula iSikhwama Samazwe Ngamazwe, esibizwa ngokuthi iSikhwama Samazwe Ngamazwe Sokuchitheka Kukawoyela (IOPC). Injongo yalesi Sikhwama ukukhokhela isinxephezelo kulabo abayizisulu sokuchitheka kukawoyela (ngokwencazelo yeSivumelwano Sezibopho Zomnikazi Womkhumbi) lapho bengakwazanga ukuthola isinxephezelo, noma isinxephezelo ngokugcwele, ngaphansi kwalokho okuhlinzekwa yiSivumelwano Sezibopho Zomnikazi Womkhumbi. ISikhwama se-IOPC sithola izimali kubanikazi bemikhumbi.

UMthethosivivinywa Wezibopho Zomnikazi Womkhumbi noweSivumelwano Sesikhwama idingida imibuzo emayelana nezibopho nokunxeshezelwa ngenxa yokulahlekelwa noma ukonakalelwa okubangelwa ukungcola okuvela ekuchithekeni kukawoyela ovela emathangini avuzayo.

3.3.3 Umthethosivivinywa Weminikelo Yemikhumbi Yabathengisi (Isikhwama Samazwe Ngamazwe Sesinxephezelo Ngokuchitheka Kukawoyela) kanye noMthethosivivinywa Wokulawula Imikhumbi Yabathengi (Isikhwama Samazwe Ngamazwe Sesinxephezelo Ngokuchitheka Kukawoyela) ihlinzeka ngokuqaliswa kwePhrothokholi Yenhlangano Yezasolwandle Yonyaka we-1992 ukuchibiyela iSivumelwano Samazwe Ngamazwe eKusungulweni kweSikhwama Samazwe Ngamazwe Sokuchitheka Kukawonyela, okwenziwa yiNingizimu Afrika.

Umthethosivivinywa Wokulawula uzohlinzeka ngegunya lomthetho elidingekayo ukuze uMnyango Wokuqoqwa kweNtela eNingizimu Afrika ilawule ukuqoqwa kwentela yeMinikelo Yesikhwama Samazwe Ngamazwe Sesinxephezelo Ngokuchitheka Kukawoyela. Umthethosivivinywa Weminikelo unguMthethosivivinywa othinta imali ohlinzeka ngokubekwa nokuqoqwa kweminikelo okufanele ikhokhwe eSikhwameni.

4. Abaqashiwe

4.1. IKhabhinethi yavuma ukuqashwa kwamalungu ayisikhombisa enkathini eyiminyaka emihlanu kusukela mhla ziyi-12 kuNhlangulana 2013, azokhonza ku-Ejensi Yokwaba Imali Kwezemidlalo Nezokungcebeleka, ngokuvumelana noMthetho Welotho (Nombolo 57 we-1997).
a. UDkt. Vukile Charles Mehana;
b. UMnu Thandisenzo Aleck Skhosana;
c. UNksz Muditambi Ravele;
d. UNksz Annamarie Louise van Wieringen;
e. UNksz Krubavathi  Jaram;
f. UMnu Ado Moloabi; kanye
g. NoMnu Goliath Munro.

4.2. IKhabhinethi yavuma ukuqashwa kwamalungu amathathu enkathini eyiminyaka emihlanu kusukela mhla ziyi-12 kuNhlangulana 2013, azokhonza ku-Ejensi Yokwaba Imali Kwezobuciko, Amasiko Namagugu Esizwe, ngokuvumelana noMthetho Welotho (Nombolo 57 we- 1997).
a. UNksz Hellen Kentse Makgae
b. UNksz Violet Tyamzashe; kanye
c. UNksz Brenda Sesane.

4.3. IKhabhinethi yavuma ukuqashwa kabusha kwaBaqondisi Okungebona Abaphethe ababili eBhodini leBhange lokuThuthukiswa kwe-Afrika eseNingizimu (i-DBSA) ngokuvumelana nesigaba  sesi-7 soMthetho We-DBSA, (uMthetho 13 we-1997).
a. UNksz Thembisa Dingaan
b. USolwazi Omar Latiff.

4.4 IKhabhinethi yavuma ukuqashwa  kwamaPhini Abaqondisi-Jikelele alandelayo:
a. UNksz Maseapo Kganedi iPhini Lomqondisi Jikelele: Izinsizakalo Zeqembu eMnyangweni Wezobuciko Namasiko.
b. UMnu Mpho Joseph Mofokeng: UMqondisi Omkhulu Wezezimali: I-Akhawunti Yokuhweba Ngamanzi eMnyangweni Wezamanzi.

Imibuzo: Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore