Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyisi-6 kuNtulikazi 2016

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo ZikaHulumeni Ezisemqoka

1.1. Ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu bakithi, iKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa ngokusemthethweni komklamo wesikhungo sokuhlanzwa kwamanzi i-Ncora Bulk Water Treatment Works Project eMpumalanga Kapa nguMongameli Jacob Zuma. Lesi sikhungo sokuhlanza amanzi esidle izigidi ezingama-64 zamarandi kulinganiswela ukuthi sihlomulisa imindeni eyizi-17 887 yezigodi ezingama-208 ezindaweni ezine ezizungeze le ndawo. Sisungule imisebenzi eyi-188, kanti abahlomule kakhulu ngabantu bendawo, intsha kanye nabesifazane.

Ukwethulwa ngokusemthethweni komklamo wokulungiswa nokuthuthukiswa kwengqalasizinda yezamanzi oludle izigidi eziyi-18 zamarandi ngaphansi koHlelo Lokuphakela Amanzi i-Vaal Gamagara eNyakatho Kapa nguNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uNomvula Mokonyane oluzophakela ngamanzi kubantu abalinganiselwa kwizi-150 000 emadolobheni amathathu kanye nezigodi ezingama-22 uma seluphothuliwe. Futhi, nokwethulwa ngokusemthethweni koMklamo Wokuphakela Ngamanzi Endaweni Yasemakhaya eJericho odle izigidi eziyi-15 zamarandi kukukhuphulile ukuphakelwa kwamanzi anele emiphakathini yaseJericho kuMasipala Wasemakhaya WaseMadibeng.

1.2. Ukutshalwa kwemali nguhulumeni kwingqalasizinda yezokuthutha kwakha izinsizakalo zezithuthi zomphakathi eziphephile, ezethembekile, ezisebenza ngempumelelo futhi ezingambi eqolo ezweni lonke. Imihlomulo edalwa yizimo zokuhamba ezenziwe ngcono iholela ekwethenjweni kwaleli ngabatshalizimali okuthe xaxa kanye nokuthuthuka komnotho.

Ukuvulwa ngokusemthethweni kwe-Ballito Interchange kanye nokulungiswa komgwaqo omkhulu u-P-455 okudle izigidi eziyi-190 zamarandi nguNgqongqoshe Wezokuthutha, uDipuo Peters yindlela enobuchule yokuxhasa ngokuhlanganyela phakathi kwe-SANRAL efake izigidi eziyi-123 zamarandi noMasipala waKwaDukuza ofake izigidi ezingama-67 zamarandi. Lokhu kuzokokhela inhlansi yokuthuthuka komnotho kanye notshalomali ekuthuthukisweni komgwaqo omkhulu u-P455 nokuzodala ukuthuthukiswa kwenxanxathela yezitolo ezintsha ezodla isigidigidi esisodwa samarandi nokulindeleke ukuthi kuphothulwe ngonyaka wezi-2017.

Izitimela zikanokusho ezintsha ezithengwe wuPhiko Lwezitimela LwaseNingizimu Afrika zizokwethulwa ngokusemthethweni ngasekupheleni konyaka. Lezi zitimela zizosiza ekwenzeni ngcono ukuhlinzekwa kwezinsizakalo kanye nokutholakala kwezitimela kubagibeli bezitimela baseMamelodi. IDolobha LaseGoli lizothenga amanye amabhasi amasha angama-70 okuzokwenza ukuba abahlali bafinyelele kalula lapho beya khona futhi kuthuthukise nokusebenza komnotho kulesi sizinda sezimali sezwe.

Lolu tshalomali luyasiguqula ngempela isimo sezindawo zasemadolobheni ngenhloso yokubhekana ngqo nezidingo zabantu bakuleli.

1.3. Ngomhla ziyi-16 kuNtulikazi 2016, uNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uNaledi Pandor uzogunyaza ukuthengwa kwezindishi zesathelayithi eziyi-16 ukuze kukhuliswe i-MeerKAT, umklamo we-Square Kilometre Array South Africa (i-SKA SA), ongamakhilomitha angama-90 enyakatho-ntshonalanga ye-Carnarvon. Isibonakude i-MeerKAT ikhiqize izithombe ezimangalisayo zesibhakabhaka kusetshenziswa izindishi ezine kuphela kwezinga-64 ezixhunyiwe; nokuveza ama-radio galaxies angakaze abonwe ngaphambilini emikhathini ekude.

Isithembiso sesayensi se-MeerKAT sithola isasasa emhlabeni jikelele futhi manje nathi sesiyakwazi ukufinyelelela kuyo. Ingubufakazi bomsebenzi wokuzinikela kwamakhulu ngamakhulu onjiniyela, ososayensi, abaphathi kanye nabanye abasebenzi, kanye nokusetshenziswana nabo kule mboni baseNingizimu Afrika nabasemhlabeni jikelele, kanye nosekelo lukahulumeni nolwabantu baseNingizimu Afrika.

1.4. Umkhosi Kazwelonke Wezobuciko osingathwa minyaka yonke e-Grahamstown uzobanjwa izinsuku eziyi-11 kusukela mhla zingama-30 kuNhlangulana zize zibe yi-10 kuNtulikazi 2016. Lo mkhosi oxube imikhakha eminingi, nongumkhosi waminyaka yonke kwezobuciko omkhulu kunayo yonke ezwekazini lase-Afrika, unomthelela ekufezeni izinhloso zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe olukubeka ngokucacile ukuthi "ezobuciko kanye namasiko zivula izindawo ezinamandla zokuxoxisana ngokuthi umphakathi uzithola ukuphi futhi ubhekephi".

Usekelwa ngokusebenzisa uhlelo lwezomnotho i-Mzansi Golden Economy strategy elibeka izimboni zamasiko eNingizimu Afrika ukuthi zibe nesandla ngendlela eyimpumelelo nebonakalayo ekukhulisweni komnotho kanye nokwakha amathuba emisebenzi. Ngokusebenzisa Inqubo Evulekile yeMzansi Golden Economy strategy, uMnyango Wezobuciko Namasiko usungula iSikhwama Sabaqalayo samaciko asemasha. Inhloso ukwakha amathuba amaciko asemasha ukushicilela izincwadi zawo zokuqala, ukukhiqiza imidlalo yeshashalazi yawo yokuqala, ukukhiqiza ama-albhamu awo okuqala noma ukusingatha imibukiso yawo yokuqala.

1.5. Ekuletheni izinsizakalo zokuvimbela ubugebengu eduze nabantu, iKhabhinethi iyasamukela isiteshi samaphoyisa sase-Keimoes esakhiwe kabusha eNyakatho Ntshonalanga, esisiza abantu abalinganiselwa kwizi-23 000.

EPhola eMpumalanga, umnikelo wesiteshi samaphoyisa emphakathini owenziwe yisiteshi sokuphehla ugesi sakwa-Eskom iKusile ngokubambisana nosonkontileka i-KCW JV kukhombise umthelela wokusebenzisana. Ukwakhiwa kwesiteshi, ngenani lezigidi ezintathu zamarandi, kudale amathuba emisebenzi futhi kunikeze abantu amakhono kanye nolwazi lokwakha indawo ephephile.

1.6. INingizimu Afrika isingathe uMhlangano Wohulumeni Basekhaya Bamazwe e-Commonwealth - ingqungquthela Yesifunda saseNingizimu Ne-Afrika mhla zingama-28 kuya kumhla zingama-29 Nhlangulana 2016. Le ngqungquthela ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Ukuqala Intuthuko Yezenhlalo Nezomnotho Ezinze Kubantu futhi Esimeme e-Afrika Esezansi Kogwadule lwe-Sahara” ibheke indima yohulumeni base-Afrika ekuqhubeni uhlelo olusha lwentuthuko Lwezinhloso Zentuthuko Ezisimeme ezizofinyelela esiphelweni ngowezi-2030, futhi ifeze izinhloso zayo ngokwe-Ajenda Yase-Afrika yowezi-2063. Ama-SDG achaza i-ajenda yentuthuko ezingeni lasekhaya njengelokwenza izindawo zomasipala zibandakanye wonke umuntu, zisebenze futhi zikhiqize ukuze kusimame umnotho, zibhekelele ukusimama kwemvelo futhi zikwazi ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu kanye nobunye ubungozi.

1.7. Siyayemukela imiphumela yengqungquthela yokuqala yeSigungu Sokuklanywa Komasipala (i-MDB) ebimayelana Nokuklama kanye Nezinguquko Zendawo eyabanjwa kusukela mhla zingama-23 zaze zaba ngama-24 kuNhlangulana 2016. Le ngqungquthela ibizwe ngaphansi kwesiqubulo esithi, "Ukubuyekeza Okudlule Nokuklama Ingomuso" ibigxile ezindabeni ezibalulekile ezimayelana nokuklama imingcele kanye nokubheka izinselelo ezibhekene nohlelo lwemikhandludolobha lokubusa kanye nesidingo sokuklama kabusha imingcele yezigceme njalo emva kweminyaka emihlanu. Indima yokuqinisekisa omasipala abasimeme yacutshungulwa njengengxenye ephelele yohlelo lokuklama imingcele. Iziphakamiso ezenziwe kule ngqungquthela zizoqhubeka nokulawula ukuthuthukiswa kanye nokuqaliswa kwezinqubomgomo zokuklama kanye nokuthuthukiswa kwendawo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. Ekulungiseleni Ukhetho Lohulumeni Basekhaya oluzayo mhla zi-3 kuNcwaba 2016, iKhabhinethi yabikelwa ngeSimo Sokulungela Ukhetho, mayelana nezokuphepha nokuvikeleka.
Ngokusebenzisa uHlaka Lwezobunhloli Nokusebenza Ngokubambisana Lukazwelonke (i-NATJOINTS), zonke izinhlaka sezimi ngomumo ukuletha isimo esiphephile futhi esivikelekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphephile futhi bazizwa bephephile. Lokhu kubalulekile ekuqinisekiseni ukuthi ukhetho oluzayo alunazihibe futhi luthembekile.

Ngaphezu kwalokhu i-SAPS, uPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa, uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo kanye neSigungu Sosizo Lwezomthetho basayine iSivumelwano Sokuphathwa Ngendlela Edidiyelwe Kwamacala Okhetho Lohulumeni Basekhaya ukuze kuqinisekiswe ukuthotshelwa koMthetho Wamacala Okhetho.

2.2. IKhabinethi yabikelwa ngamalungiselelo aqhubekayo eNgqungquthela Yesithathu Yenhlangano Yezizwe emayelana Nezezindlu Nokufudukela Kwabantu Ezindaweni Zasemadolobheni Ngendlela Ezinzile (i-Habitat III) ezobanjwa nguMkhandlu Jikelele weNhlangano Yezizwe e-Quito e-Ecuador kusuka mhla ziyi-17 zize zibe ngama-20 kuMfumfu 2016.

I-Habitat III ihlose ukuthola ukuzibophezela komhlaba ekubhekaneni nezezindlu nokwakhiwa kwamadolobha asimeme kule minyaka engama-20 ezayo ngokusebenzisa isivumelwano esibheke phambili, nezenzo ezizokhiqiza izithelo ezinhle. IKhabinethi iyasisekela iSimo Esifanayo se-Afrika nge-Habitat III esizokwethulwa kuMhlangano Wenhlangano Yamazwe ase-Afrika woMongameli Nabaholi Bohulumeni e-Kigali, ngoNtulikazi 2016. Lokhu kwakha isisekelo sesimo sokuxoxisana seNingizimu Afrika. Ukuxhumana nokubonisana kuyaqhubeka ukuze kufake isandla embhalweni wesimo seNingizimu Afrika ngemiphumela ye-Habitat III.

INingizimu Afrika iphinde yafaka isandla emalungiselelweni amazwe ngamazwe ngokusingatha iNgqungquthela Yengqikithi ye-Habitat III ephathelene nemijondolo ngoMbasa 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi "Ukuhola izinguquko eDolobheni: Kusuka emijondolo kuyiwa ekuhlalisweni kwabantu okudidiyelwe, okuphephile, okuzinzile futhi okusimeme" neyamukela iSimemezelo sasePitoli njengokufaka isandla okusemthethweni kumbhalo owuhlaka ngemiphumela ye-Habitat III.

2.3. Isinqumo sikaNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni sokuqoka Indawo Yezomnotho Ekhethekile yaseMusina-Makhado eSifundeni saseVhembe eLimpopo, kanye nokunikeza iLayisensi Yendawo Yezomnotho Ekhethekile oPhikweni Lwezokuthuthukiswa Komnotho LwaseLimpopo kugunyaziwe yiKhabhinethi. I-Hoi Mor Consortium izohlela, ithuthukise, iphathe futhi ikhangise i-South African Energy and Metallurgical Industrial Park kule ndawo.

Le ndawo eqokiwe izokhuthaza ukuthuthukiswa kwezimboni kulesi sifunda ngokugxila kakhulu kuzinzuzo zezimbiwa, ukulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, amakhemikhali kaphethiloli, kanye nezinye izimboni ezincane njengoba zibekwe kuHlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye.

Indawo Yezomnotho Ekhethekile isekelwe ngotshalomali olungaphezulu kwezigidigidi ezingama-40 zamarandi ngaphansi kwe-Energy and Metallurgical Industrial Cluster. Ukuqaliswa kokusebenza kwemiklamo ehlukahlukene kule minyaka emihlanu ezayo kulindeleke ukuthi kudale amathuba emisebenzi engaphezu kwezi-21 000.

Isifunda saseMusina-Makhado siphinda sibe yingxenye yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwendawo YaseLimpopo Yezithuthi futhi sisendaweni enhle yokudidiyelwa kwesifunda kanye nokuxhumana neMozambique, Zimbabwe neBotswana.

2.4. IKhabhinethi ikwamukele ukwethulwa koMbiko Wokusebenza Kohlelo Lokucwaninga Nokuthuthukisa (i-R&D) Imihlomulo Yentela yonyaka wezi-2014/15 ePhalamende.

Uhulumeni uhlinzeka ngemihlomulo yentela ye-R&D ukukhuthaza umkhakha ozimele ukuthi wenze i-R&D eNingizimu Afrika. Isibonelelo siqukethe isaphulelo sentela esingama-150% emalini echithwe kumisebenzi ye-R&D egunyazwe nguNgqongqoshe Wezesayensi Nezobuchwepheshe. Lesi saphulelo singatholwa yizo zonke izinkampani kuyo yonke imikhakha yezomnotho.

Izinkampani engama-876 zibambe iqhaza kulo mhlomulo kusukela ngoLwezi 2006 kuya kuNhlolanja 2015, futhi zithole izigidigidi eziyisithupha zamarandi zesaphulelo sentela ye-R&D.

Kulinganiselwa ukuthi izigidigidi ezingama-33.3 zamarandi ezichithwe ku-R&D zasekelwa ngale mihlomulo kulesi sikhathi. Eminye imiphumela yezinkampani ezahlomula ibandakanya: izintshicilelo zesayensi ezingama-765; imihlangano engama-649; imikhiqizo emisha eyi-1062 ethulwe ngokusemthethweni; izindlela eziyi-111 zobunikazi bempahla nokusungula kanye nobunikazi obungama-33 bakuleli nasemazweni angaphandle.

2.5. Uhlaka Lokuxoxisana Ngamalungelo Abaqambi Nabasunguli (i-IP) lugunyaziwe yiKhabhinethi. Uhlaka Lokuxoxisana lwe-IP luhlose ukwenza lula lokho okuyoba ukuxoxisana okuqhubekayo nalabo abasebenzisana nohulumeni kanye nomphakathi wonkana ekusungulweni kwenqubomgomo ye-IP yeNingizimu Afrika.

Inhlosongqangi ukuqinisa inqubo yokubonisana ekwakhiweni kwenqubomgomo ye-IP yeNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi ngobubanzi imele uhulumeni kanye nemibono yabanentshisekelo abathintekayo emphakathini ngokubanzi.

Uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi inqubomgomo ye-IP iyawahlonipha amalungelo empahla njengoba ebekiwe kuMthethosisekelo ngesikhathi ilinganisa ngendlela efanele nentshisekelo yomphakathi kanye nokuphendula kuzimo eziguqukayo zentuthuko nokusungula eNingizimu Afrika.

2.6. IKhabhinethi yaziswe ngemiphumela yoMhlangano Osezingeni Eliphezulu Wesigungu Jikelele soMhlangano Womhlapha Ngomphakathi Wezolwazi owabanjwa mhla ziyi-15 zaze zaba yi-16 kuZibandlela 2015.

INingizimu Afrika yahola inqubo egameni le-G77+China, futhi imiphumela okwafinyelelwa kuyo yayihambisana nesimo seNingizimu Afrika. UMnyango Wengqalasizinda Yokuxhumana Nezinsizakalo Zokuposa uzothuthukisa uhlelo lwezokuthuthukiswa koLwazi Nobuchwepheshe Bezokuxhumana khona maduze nje.

2.7. IKhabhinethi ilamukele Iqhinga Lokwenza Ngcono Ukuqashwa Kokuthula Emphakathini Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika. Lokhu kuqinisa izinhlelo zikahulumeni kanye nezinhlelo okuhloswe ngazo ukugcina ukuthula nozinzo kuleli lizwe. Lokhu kunomthelela ekuthenjweni kwaleli ngabatshalizimali bangaphandle futhi kunomthelela ekufezweni kwezinhloso zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe. Ukuthula emphakathini kanye nokugcinwa komthetho kuyisisekelo sokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika baphephile futhi bazizwa bephephile.

3. Imicimbi Ezayo

3.1. IKhabinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nayo yonke imikhakha ukuba babambe iqhaza njengoba izwe lisondela kuNgqungquthela Yomhlaba Yengculazi Yama-21 ngaphansi kwesiqubulo esithi "Ukufinyelela Kumalungelo Okulingana Njengamanje", kusukela mhla ziyi-18 zize zibe ngama-22 kuNtulikazi 2016, e-Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Njengengxenye yokwendlalela iNgqungquthela Yengculazi yowe-2016 kanye nokugqugquzela yonke imikhakha, iPhini likaMongameli uCyril Ramaphosa, njengoSihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wengculazi waseNingizimu Afrika, uzohola umcimbi wokuqashelwa kwezinsuku ezinhlanu ngaphambi kwengqungquthela ozoba seziNdlini Zombuso mhla ziyi-13 Ntulikazi 2016. I-#5Days ne-#AIDS2016 kusungulelwe ukuqinisekisa ukuthi kunenkundla yezokuxhumana. Ngaphezu kwalokhu i-#1Day ne-#AIDS2016 kuzosetshenziswa kusukela mhla ziyi-17 kuNtulikazi 2016 okuzobe sekusele usuku olulodwa ngaphambi kokubanjwa kwengqungquthela.

Izakhamizi ziyakhuthazwa ukuba zigqoke izingubo ezibomvu, ezimhlophe noma ezimnyama, izinhlangano ukuthi zikhangise ngezinto zokufunda kanye namakhondomu ezindaweni ezithile ezibalulekile, futhi izindawo zokudumisa zibambe izinkonzo zemikhuleko ekhethekile futhi zikhanyise amakhandlela ezikhumbuzo. Ukugqugquzelwa kwayo yonke imikhakha kubalulekile ekwendlaleleni iNgqungquthela Yengculazi yowezi-2016. Imininingwane yalokhu kanye nezinye izinto ezizokwenziwa kuyatholakala kule webhusayithi www.gov.za

3.2. Usuku Lomhlaba lukaNelson Mandela mhla ziyi-18 kuNtulikazi luyisikhumbuzo somthwalo wethu wokwenza ngcono izimpilo zalabo abangekho esimweni esifana nesethu. "Asikho isiphelo sokwenza okuhle. Kumele sikuphindaphinde kaningi." Sikhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basesebenzise imizuzu engama-67 yesikhathi sabo ukusebenzela abanye ngoba uma sisebenza ngokubambisana singawuguqula umhlaba.

Kulo nyaka kuzogxilwa kwezemfundo nolwazi lokubhala nokufunda, ukutholakala kokudla okwanele, izindawo zokufihla amakhanda kanye nemvelo. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi Badlale Indima Yabo ngokusiza ekutshaleni izingadi zokudla, ukufundela izingane, ukupenda izikole kanye nokufaka isandla ekuthuthukiseni imiphakathi.

Kulo nyaka iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-60 yeMashi Yabesifazane, ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Abesifazane bamunye ekuqhubekiseni iNingizimu Afrika phambili" ukuqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ukusebenzela umphakathi ongenakho nokuncane ukucwasana kanye nokuQhubezela Phambili iNingizimu Afrika ngokuqwashisa mayelana nendima ebalulekile edlalwa ngabesifazane ekuthuthukeni kwezenhlalo nezomnotho zezwe. Ukufukulwa kwabesifazane kuyingxenye ebalulekile yobumbano lomphakathi kanye nokwakha isizwe.

Umgubho wama-60 woSuku Lukazwelonke Lwabesifazane mhla ziyi-9 kuNcwaba uzoveza umlando womzabalazo wabesifazane, ngokulandisa “Ngendaba Yowesifazane”. Indima eyadlalwa ngabesifazane emzabalazweni wokulwa nengcindezelo kanye nokucwaswa kanye nempumelelo yabantu besifazane ngaphasi kwentando yeningi kuzoqhakanjiswa. Uhlelo lwemfundo yomphakathi ngemigudu yezokuxhumana ehlukene kahulumeni, umphakathi nemikhakha ezimele basosebenzisa izinhlelo zokundlalela lolu suku kuzo zonke izifundazwe kubhekwe oSukwini Lwabesifazane mhla ziyi-9 kuNcwaba.

Umcimbi omkhulu woSuku Lwabesifazane uyobanjelwa e-Union Buildings ePitoli. Usuku luyoqala ngokuviliyela kusukwa eSiteshini sase-Bosman kuyiwa e-Lilian Ngoyi Square, lapho uMongameli Jacob Zuma ezovula khona iSikhumbuzo Sabesifazane. Izinhlelo ezisemthethweni ziyolandelwa yimashi yabesifazane abavela ezingxenyeni ezihlukahlukene edolobheni beya e-Union Buildings.

3.3. UNgqongqoshe woMnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi uDkt Siyabonga Cwele ozohola ithimba laseNingizimu Afrika eliya kuNgqungquthela ye-Pan African Postal Union (i-PAPU) Plenipotentiary ehlelelwe ukubanjwa mhla zingama-22 zize zibe ngama-23 kuNtulikazi eYaoundé, e-Cameroon. Le ngqungquthela ihlose ukuphothula isimo se-Afrika ngaphambi kokubanjwa kweNgqungquthela ye-Universal Postal Union (i-UPU), ehlelelwe ukubanjwa mhla ziyi-19 kuMandulo zize zibe yisi-7 kuMfumfu e-Istanbul, e-Turkey.

IKhabhinethi izigunyazile izinhloso zeNingizimu Afrika zokuthi izwe lingenelele ukukhethwa kabusha kuSigungu Sokubusa se-UPU, ngokuhambisana nezinhloso zenqubomgomo yezangaphandle zokuguqula ukubuswa kwezikhungo zomhlaba kanye nokuqhuba uhlelo lwentuthuko. I-PAPU ne-UPU zigxile ekudidiyeleni kanye nokusebenzelana phakathi kwezikhungo zamaposi eziqokiwe kanye nababambiqhaza ababalulekile ukuze kuqiniswe ukuhlinzekwa kwezinsizakalo emhlabeni jikelele ukuqinisekisa ukunciphisa igebe leze-inthanethi kanye nokuhlinzeka ukufinyelela kwezokuxhumana nezinsizakalo zezimali.

4. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Eziqavile

4.1. Abantu baseNingizimu Afrika bakuthokozele ukuthi uMongameli Jacob Zuma umemezele umhla zi-3 kuNcwaba 2016 njengeholidi lomphakathi ukunikeza abavoti ababhalisiwe futhi abavumelekile ukuvota ithuba lokuvota ngokukhululeka ngalolu suku. Nakuba i-IEC izosebenzela ukuqinisekisa ukhetho olukhululekile futhi olungenazihibe, lokhu kungumthwalo wabo bonke ababambe iqhaza kubandakanya imiphakathi kanye namaqembu ezombusazwe. IKhabhinethi ithanda ukunxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqinisekise ukuthi kunoxolo nokuthula njengoba kubhekwe okhethweni, ngesikhathi sokhetho nangemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lowezi-2016. Izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngeke nakancane zizibekezelele izenzo zokuphazamisa okuhloswe ngazo ukuncisha abavoti ilungelo lokuvota. Sikhuthaza bonke abavoti abhalisiwe abangeke bakwazi ukuvota mhla zi-3 kuNcwaba ukuba bafake isicelo sokuvota okukhethekile emahhovisi e-IEC.

4.2. Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba babambe iqhaza ohlelweni lokuqokela iziNdondo Zesizwe zowezi-2017. Izindondo Zesizwe ziyimiklomelo ephezulu kunayo yonke izwe elihlonipha ngayo izakhamuzi zalo kanye nabantu bakwamanye amazwe abaqavile. Lezi zindondo zikhishwa nguMongameli. Amalungu omphakathi ayamenywa ukuba aphakamise abantu akholelwa ukuthi bakufanele ukuthola ukuhlonishwa okukhulu kwezwe. Amalungu omphakathi kumele anamathisele ukusekela okufushane komuntu okhethiwe futhi amafomu okukhetha ayatholakala kuwebhusayithi yeHhovisi LikaMongameli.

4.3. Siyakwamukela okutholakele kuMbiko Wesimo Samadolobha aseNingizimu Afrika wezi-2016 (i-SOCR) okhishwe mhla zingama-22 kuNhlangulana 2016 yiNhlangano Yezamadolobha aseNingizimu Afrika. I-SOCR ithula isimo seminyaka emi-5 mayelana nokusebenza kanye nezimo zamadolobha amakhulu ezwe futhi ibeka i-Ajenda yentuthuko ngokukhipha imiyalezo ebalulekile mayelana nokuhlela, intuthuko kanye nokuphathwa kwamadolobha kubaholi bomphakathi besizukulwane esizayo. Lo mbiko uphakamisa izinyathelo zokwenza amadolobha ethu abe ngcono, abandakanye wonke umuntu futhi abe yizindawo ezisebenza kahle nangempumelelo kulabo abahlala kuzo.

4.4. Ukungenelela kukahulumeni sekuqala ukuthela izithelo futhi omasipala abasekelwa ngokusebenzisa izinhlelo ezifana neMazibuyele Emasisweni baya ngokuba ngcono futhi babonisa izimpawu zokuthuthuka. Kungenye yezinkomba zenqubekela phambili eyenziwayo ekuqedeni ukuhlelwa kwendawo kwesikhathi sobandlululo kanye nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwabantu ngezidingo. Kugqamisa impumelelo enkulu eguqule izindawo zethu zasemadolobheni zaba yizindawo zentando yeningi lapho zonke izakhamuzi zikhululekile ukuxhumana. Lokhu kwenanela Umbiko Kamcwaningimabhuku-Jikelele ngesimo seZimali Zomasipala obonakalisa ukuba ngcono okukhulu kweMiphumela Yokucwaningwa Kwamabhuku eminyakeni yezimali emi-5 edlule kusukela ngowezi-2010/11 kuya kowezi-2014/15. Umbiko Wezimali Womasipala wezi-2015 okhishwe yiNhlangano Yezibalo YaseNingizimu Afrika ngenye yezinkomba zokuthi uhulumeni uyakwazi ukuhlinzeka izinsizakalo eziyisisekelo ezisezingeni eliphezulu ebantwini. Ngokusho Kwenhlolovo Yomphakathi yowe-2016 yeNhlangabo Yezibalo YaseNingizimu Afrika, abantu bezwe abakhulayo ngesibalo basesimweni esingcono kakhulu kunangaphambili.

4.5. IKhabhinethi iyakuqinisekisa ukweseka kwayo inkululeko yabezindaba, inkululeko yokukhuluma kanye nelungelo lanoma yimuphi umuntu lokuthola ulwazi eNingizimu Afrika. Lawa malungelo, aqukethwe ngokucacile kuMthethosisekelo, futhi ayohlala ehlonishwa futhi evikelwe nguwo wonke umuntu.

Indima ye-SABC njengenhlangano esakazela umphakathi ibalulekile ekuthuthukiseni intando yethu yeningi esafufusa. Izingxoxo zamanje ngezinqumo zokuhlela ze-SABC mayelana nokusakazwa kwezithombe zodlame kanye nokulinyazwa kwempahla kumele iqhutshwe ngendlela eyakhayo nezosebenza ukuqinisa intando yeningi yethu.

IKhabhinethi isenethemba lokuthi inhlangano yokusakazela umphakathi isazoqhubeka nokubhekelela izimfuno nezidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

4.6. Ukukhuphuka kweNingizimu Afrika ngamaqophelo ayi-14 kuNkomba Yokusebenza Kwezokuthuthwa Kwempahla Yebhange Lomhlaba yowe-2016 isitshela ukuthi iNingizimu Afrika ngokuqinisekile iyasebenza. INingizimu Afrika ilele endaweni yama-20 emazweni ayi-160 ahlolwe yinhlolovo, ikhuphuka isuka endaweni yama-34 ngowe-2014. Ukuhamba kalula kwezimpahla kanye nezinsizakalo kunomthelela omkhulu ekuncintisaneni kwezwe, kakhulukazi njengendawo yotshalomali.

4.7. IKhabhinethi ithole imibiko evela kulabo Ngqongqoshe: oWezokumbiwa Phansi, oWezabasebenzi noweZezimali kulandela ukuxoxisana kwabo okwakhayo nokusetshenziswana nabo emkhakheni wezamabhange. Umphumela walo mbiko uzokhishwa khona maduze.

4.8. IKhabhinethi iyawamukela uMbiko Wenhlolovo Yomphakathi Yowe-2016 ovela kuNhlangano Yezibalo YaseNingizimu Afrika obonisa inqubekela phambili esesiyenzile njengezwe ezindaweni ezibalulekile zokulethwa kwezinsizakalo, ikakhulukazi mayelana nokuphila isikhathi eside kwabantu bakithi.

Lezi zibalo ziyisikalo esibalulekile esizokhomba ukuhlela okuyiqhinga likahulumeni, ikakhulukazi uhulumeni wasekhaya omusha futhi ozongena emva kokhetho lomhla zi-3 kuNcwaba. Uhulumeni uzongenelela ukuxazulula izinselelo ezivezwe kumbiko ngokusebenzisa iNhlosombono yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe yowezi-2030, nokuwuhlelo lwabantu, oluphethwe ngabantu.

4.9. IKhabhinethi ihalalisela laba abalandelayo:

  • UNkosinathi Maphumulo, odume ngelika-Black Coffee, ngokuba ngowokuqala eNingizimu Afrika ukunqoba uMklomelo Ohlonishwayo we-Black Entertainment Television (i-BET) Best International Act: Africa.
  • I-Bafana Bafana ngokunqoba uMqhudelwano wezi-2016 weNdebe ye-COSAFA. Leli qembu elinabadlali abaningi abaneminyaka engaphansi kwe-23 lizosiza kakhulu empumelelweni yezwe ngomuso emiqhudelwaneni yomhlaba.
  • Amabhokobhoko ngokunqoba ku-Ireland kumdlalo wesithathu okuholele ekutheni anqobe uchungechunge lwemidlalo emithathu.
  • Abanqobe imiklomelo eMcimbini Wokuhlonishwa Ngezindondo Wenhlangano Kazwelonke Yesayensi Nezobuchwepheshe weHlandla le-18 nokuyimiklomelo ebaluleke kakhulu kwezesayensi, ezobunjiniyela, ezobuchwepheshe nezokusungula (i-SETI) eNingizimu Afrika. Le miklomelo ihlonipha ababe nesandla ngokumangalisayo ku-SETI ngokukhuthaza kanye nokuklomelisa umsebenzi omuhle.
  • IDolobha LaseTshwane elithole ukuhlonishwa komhlaba eMiklomelweni Yosuku Lomhlaba Lwe-WI-FI njengedolobha elihamba phambili kwezokusungula noma Uhlelo Lukahulumeni lokunciphisa iGebe Lokwehlukana Kwezobuchwepheshe. Le miklomelo ibibanjelwe kuNgqungquthela ye-Wireless Global e-United Kingdom. I-WI-Fi Yamahhala YaseTshwane (eyaziwa nge-TshWi-Fi) ixhumanise izakhamizi eziyizigidi ezingu-1.8 ku-inthanethi Yenhlokodolobha ekusatshalalisweni okukhulu kunakho konke kwe-WI-FI yamahhala kamasipala ezwenikazi lase-Afrika. Ukusatshalaliswa kuwumphumela wokusebenzisana ne-Project Isizwe.

4.10. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo:

  • Kumazwe asanda kuhlaselwa ngabashokobezi, kuhlanganisa i-Somalia, i-Turkey, i-Bangladesh kanye ne-Iraq. INingizimu Afrika ihambisana nawo wonke amazwe omhlaba ekugxekeni zonke izinhlobo zobushokobezi.
  • Ngokudlula emhlabeni kukamfundisi ohlonishwayo, umbhali futhi umholi uyincithabuchopho, uSolwazi Adam Small.
  • Kumndeni nabangani bakaNgqongqoshe Wezolimo eLimpopo u-Joy Matshoge oshone engozini yemoto eMokopane, eLimpopo.
  • Kumndeni kasomabhizinisi odumile u-Don Mkhwanazi owadlala indima ebalulekile ekufukulweni kwabantu abamnyama ababencishwe amathuba ngaphambilini kanye nokuqhuba izinguquko kwezomnotho ezweni. Ubengumsunguli Wenhlangano Yabaphathi Abamnyama.

5. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

5.1. IBhodi Lezokweluleka Lehhovisi Likazwelonke Lokusingathwa Kwamalungelo Abaqambi Nabasunguli isikhathi esiyiminyaka emine:

a) Nkz. Morne Barradas;
b) Dkt. Antonel Olckers;
c) Mnu. Mkhetwa Alvin Maluleke;
d) Dkt. Carol Bernice Nonkwelo;
e) Slz. Deresh Ramjugernath;
f) Nkz. Mary Tumelo Mashabela (oqokwe kabusha);
g) Mnu. Duncan Raftesath (oqokwe kabusha);
h) Mnu McLean Sibanda (oqokwe kabusha futhi onguSihlalo); kanye no-
i) Mnu Vishen Pillay.

5.2. Isikhungo Sikazwelonke Sokulahlwa Kwemfucuza Enamakhemikhali Enonzi Anobungozi:

a) Ukuphakanyiswa kukaDkt. Wolsey Otto Barnard, ovela eMnyangweni Wezamandla, njengeSikhulu Esiphezulu Esiyibamba, isikhathi esiyiminyaka emithathu.

5.3. IBhodi Labaqondisi leNhlangano Kazwelonke Elawula Ezamandla eNingizimu Afrika:

a) Mnu. Yusuf Adam

5.4. Amalungu aqokelwe iBhodi Lezindaba Zabathengisi Bezakhiwo isikhathi esiyiminyaka emithathu:

a) Eugenia Xoliswa Kula-Ameyaw Gyarko;
b) Nkosinathi Biko;
c) Amanda Zolisa Cuba;
d) Jill Corfield;
e) Johannes (Jan) Frederick Davel;
f) Thandiwe Sylvia January-McLean;
g) Manare Jeoffrey Legodi;
h) Phumzile Peterson Makhosana;
i) Rev. David Gauta Mogomane;
j) Viloshnee Naidoo;
k) Yusuf Patel;
l) Mmatlou Hellen Phaleng-Podile;
m) Thembeka Semane;
n) Frans Johannes Van der Westhuizen; kanye no-
o) Christoffel Willem Weilbach;

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Mnu Donald Liphoko
Iselula: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore