Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-28 Mandulo 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. Njengohulumeni sizinikele kakhulu ekusimamisweni kwabantu bakithi, yingakho nje ezemfundo zisalokhu zingenye yezinhlelo zethu eziseqhulwini. Lokhu sikukhombise ngendlela izinsiza ezabiwe ngayo, lapho Ezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqesha zaba ngomunye wabahlomuli abakhulu besabiwomali sikazwelonke salo nyaka, ngokuthola ama-18% engeziwe onyakeni wezi-2016/17.

Yize kunezingqinamba kwezomnotho, siyaqhubeka nokwaba izinsiza ngendlela ekhombisa ukweseka kwethu ukufinyeleleka okubanzi Kwemfundo Ephakeme, kanye nezemfundo jikelele. Uhulumeni, kulo nyaka, uhlinzeke ngezigidigidi eziwu-1.9 zamarandi emalini eshodayo eyizigidigidi eziwu-2.3 zamarandi ewumphumela wokungakhushulwa kwemali yokufunda emanyuvesi ngowezi-2016. Izigidigidi ezingaphezu kuka-4.5 zamarandi ziphinde zabekwa eceleni onyakeni wezimali wezi-2016/17 ukuze kuxhaswe iSikhwama Sikazwelonke Sokulekelela Abafundi Ngosizo Lwezimali ukuze abafundi abahluphekayo bakwazi ukufinyelela emfundweni ephakeme.

1.2. Uhulumeni wazi kahle kamhlophe ukuthi utshalomali olwenziwa kwezemfundo yezingane zethu luzofaka isandla ekubekeni leli lizwe emgudwini ophakeme wokukhula komnotho, okuyinto edingekayo ukuze kubhekanwe nezinselele ezintathu, okuwukuntuleka kwemisebenzi, ubuphofu kanye nokungalingani.

Uhulumeni uzizwile futhi waphendula ezikhalweni zabafundi futhi uzokhokhela abafundi basemanyuvesi abahluphekayo kanye nabazalwa emindenini engebona omacaphunakusale imali okuzokhushulwa ngayo izimali zokufunda emanyuvesi ngonyaka wokufunda wezi-2017. Abafundi abanabazali kumbe abantu ababakhulisayo abanamandla okukhokhela imfundo yasenyuvesi kufanele baqhubeke nokwenza njalo, ngoba ezemfundo ziwumthwalo wethu sonke, hhayi kahulumeni nje kuphela.

1.3. Ukukhushulwa kwemali yokufunda emanyuvesi kuye kwenziwe emva kokucubungula amandla okukhokha abafundi kanye nabazali babo, kanjalo nesidingo sokusiqinisekisa ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zihlala zisimeme ngokwezimali. Umbiko wesikhashana okhishwe nguMkhandlu oqondene Nemfundo Ephakeme uhlongoze ukukhushulwa kwemali yokufunda okuhambelana nezinga lokwehla kwamandla emali kubo bonke abafundi onyakeni wezi-2017.

1.4. Uhulumeni usamukele isincomo sesihlongozo sokukhushulwa ngama-8% kwemali yokufunda emanyuvesi, emakolishi Emisebenzi Yobuchwepheshe kanye nasemakolishi Emisebenzi Yezandla kanye Nokuqeqesha, ngenkathi ngakolunye uhlangothi ehlinzeka ngoxhaso lwezimali lokukhokhela  abafundi abahluphekayo kanye nabavela emindenini engebona omacaphunakusale imali okuzokhushulwa ngayo izimali zokufunda emanyuvesi.

Ngenkathi iKhomishana kaMongameli Yophenyo olumaqondana Nokuxhaswa Ngezimali Kwemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa iphothula umsebenzi wayo, uhlelo lwethu lwamanyuvesi kumele luqhubeke nokusebenza, lukhiqize amakhono adingwa wumnotho, futhi luhlomise ngamakhono abantu abasha baseNingizimu Afrika kanye nabafundi abavela emazweni omhlaba wonke, ikakhulukazi abavela emazweni angaphansi KweNhlangano Yentuthuko Yamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).

1.5. IKhabhinethi iyanxusa kubafundi, ikakhululazi kubaholi babafundi, ukuba baphakamise izikhalazo zabo ngendlela efanele, ehambelana noMthethosisekelo, okuyiwona oqondisa bonke abantu baseNingizimu Afrika. Udlame lwakamuva ludunge imibhikisho yabafundi nalapho izwe libone ukucekelwa phansi nokulinyazwa kwempahla, ukushiswa kwemitapo yolwazi, futhi kamuva nje kushone nesisebenzi sasenyuvesi.

1.6. UMongameli uJacob Zuma useyalele Ithimba Elididiyelwe Lezobulungiswa, Ukuvimbela Ubugebengu kanye Nezokuphepha (i-JCPS) ukuba libhekane nalaba baphehli bodweshu abacekela phansi izikhungo zethu zemfundo ephakeme. UMongameli uzohlangana noNgqongqoshe abavela kwithimba le-JCPS makhathaleni namuhla.

Abezikhungo zengalo yomthetho, abasebenza ngaphakathi kwemikhawulo ebekwe ngumthetho, bazokwenza konke okusemandleni abo ukuthola  abenzi balobu bugebengu obubonakele.

1.7. Ekwamukeleni isimemezelo esenziwe nguMnyango Wemfundo Eyisisekelo sokuthi konke sekumi ngomumo mayelana nokuhlolwa kukamatikuletsheni kowezi-2016, sinxusa bonke ababambiqhaza ukuba basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi izikhungo zethu zemfundo ephakeme zisesimweni esihle sokwamukela iKilasi lowezi-2016 likamatikuletsheni ukuze sikwazi ukuqinisekisa ikusasa eliqhakazile lezingane zethu. Bonke ababambiqhaza, ikakhulukazi abazali kanye nabakhulisa izingane, kudingeka ukuba bazibandakanye ngomdlandla ekutholeni izisombululo zesikhathi eside kule nselele yokukhokhelwa kwemfundo.

Ukuhlolwa kukamatikuletsheni kuzoqala mhla zingama-26 kuMfumfu kuya mhla zingama-29 kuLwezi 2016. UNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo uzomemezela imiphumela yokuhlolwa kukamatikuletsheni yowezi-2016 mhla zi-4 kuMasingana 2017. Ekuhlolweni kukamatikuletsheni kowezi-2016, kunabafundi abazobhala izivivinyo zabo abafunda ngokugcwele abayizi-677 141 kanye nabafunda ngokungagcwele abayizi-150 183, nokungabafundi abayizi-9 000 ngaphezu kwalabo bonyaka wezi-2015, nokukhombisa ukuzinikela kukahulumeni ekuqinisekiseni ukuthi abantu bethu abasha abaningi bayayiphothula imfundo yabo eyisisekelo ukuze bakwazi ukubamba iqhaza kwezomnotho.

IKhabhinethi ifisela iKilasi likamatikuletsheni lowezi-2016 okuhle kodwa njengoba bezoqala isigaba sokugcina semfundo yabo yasesikoleni.

1.8. Njengoba umhlaba ugubha Usuku Lothisha Lwamazwe Ngamazwe mhla zi-5 kuMfumfu 2016, iKhabhinethi ibashayela ihlombe bonke othisha futhi iyabancoma ngokuzimisela kanye nokusebenza kanzima ekwendlaleni isisekelo sabaholi bethu bakusasa. Ukuzimisela kanye nokuphikelela kothisha bethu sekubafukulile abantu bakithi futhi kuyaqhubeka nokulekelela abantwana bethu ngenkathi bephikelele kwikusasa eliqhakazile.

Umnotho

1.9. IKhabhinethi ikhuthazekile ngemiphumela yezingxoxo eziqhubekayo phakathi kukahulumeni kanye nabaphathi bezimboni, eziholwa nguMongameli uZuma ngokusebenzisa Uhlelo lukaMongameli Lokufakana Imilomo Nabaphathi Abakhulu (ama-CEO) ngenhloso yokuqinisekisa ukwethenjwa  komnotho wakuleli, ukuvuselela inhlansi yokukhula komnotho kanye nokuvimbela ukwehliselwa komnotho wezwe ezingeni eliphansi.

Inqubekelaphambili ibandakanya uhlelo lokuqashwa kwentsha ukuze lufake intsha eyisigidi ekufundeleni umsebenzi okukhokhelwayo eminyakeni emithathu emkhakheni ozimele, kubandakanya nokusungulwa kweSikhwama Samabhizinisi Amancane Naphakathi Nendawo aseNingizimu Afrika ngezigidigidi eziwu-1,5 zamaransi ezizotshalwa emabhizinisini amancane. Ngokuhambelana noHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye lukahulumeni, sekwenziwe futhi nomsebenzi wokuhlaziya imikhakha yezomnotho eyisishiyagalombili kanye nokuhlonza izindawo zotshalomali olusha kanye nokukhula komnotho.

Ukubheka phambili, abamabhizinisi bazobambisana nohulumeni ngale miklamo elandelayo: ukusungulwa kweSikhwama Sokukhuliswa Kwezolimo; amandla okweseka ukukhangiswa komkhakha wezokuvakasha; ukukhushulwa kwesibalo sabahlengikazi abaqeqeshiwe; kanye nokuvuselelwa kwemikhakha yezimboni eziwohlokayo, ikakhulukazi kuNxantathu weGwa.

1.10. Inqubekelaphambili yenziwe futhi ekuqalisweni kokusebenza kwe-National Hydrogen and Fuel Cell Technologies Research, Development and Innovation Strategy (i-HySA Strategy). IKhabhinethi yagunyaza i-HySA Strategy ngowezi-2007 ukusungula ulwazi kanye nokuvumela ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yenani eliphezulu emkhakheni wobuchwepheshe be-Hydrogen ne-Fuel Cell ngokuthuthukiswa nokulungiswa kwemikhiqizo yensimbi yeqoqo leplathinamu ngaphakathi kuleli. Lokhu kuphinde kube namandla okuqhubezela phambili ukulungiswa kwemikhiqizo ngaphakathi kuleli ngenhloso yokuqinisa osozimboni abamnyama. Lolu hlelo lwaseNingizimu Afrika olungqayizivele lubandakanya ukuba negalelo ezinhlelweni zesimanjemanje zamazwe omhlaba ngokuhwebelana ngezobuchwepheshe ngenkathi lubamba futhi nama-25% emakethe ye-Hydrogen ne-Fuel Cell, okulinganiselwa ekutheni kufinyelele ezigidigidini eziwu-1.37 zamarandi ngowezi-2020.

1.11. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa komthetho-nqubo omusha olawula ubudlelwano phakathi komqashi nomqashwa maqondana nokwenza ibhizinisi noMbuso. Imithetho-nqubo emisha eshicilelwe kusomqulu kahulumeni iqalisa ukusebenza koMthetho Wokuphathwa Kwemisebenzi Kahulumeni, wezi-2014 (uMthetho we-11 wezi-2014).

1.12. Ukunikezelwa kwezindlu zokuqala ezingama-500 kuMklamo Wokuhlaliswa Kwabantu Okudidiyelwe wase-Savanna City, obekuholwa nguNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uNksz Lindiwe Sisulu, kuyingxenye yemizamo kahulumeni ekuhlinzekeni ngezindlu ezisezingeni elikahle kubantu abantulayo kanye nokulekelela ekubuyiseni isithunzi sabo ngokuqinisekisa ukuthi bayalithokozela ilungelo lokuhlinzekwa ngezindlu ezigculisayo futhi eziseqophelweni eliphezulu. Zingama-200 izindlu esezinikezelwe kwizigagayi zempi. Uma usuphothuliwe eminyakeni emihlanu ezayo, lo mklamo uzokuba nezindlu ezingaphezu kwezi-18 000, ezingama-500 kuzona zizokwabelwa izigagayi zempi.

1.13. Isigcawu Sokulawulwa Kwe-inthanethi Sikazwelonke, kanye Nentuba Yokushintshana Nge-inthanethi Yamazwe Asathuthukayo aseNingizimu ne-Afrika kwethulwe ngempumelelo nguNgqongqoshe Wezokuxhumana Ngezingcingo kanye Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele kanye noKhomishana Wobumbano lwase-Afrika (i-AU) uDkt Elham Ibrahim.

Isigcawu Sokulawulwa Kwe-inthanethi Sikazwelonke (i-AfIGF) sithuthukise isimo izwe elimi kuso, ukulungiselela i-AfIGF Yesihlanu kusukela mhla ziyi-16 kuya kumhla ziyi-18 kuMfumfu 2016, eThekwini, KwaZulu-Natali. I-AfIGF izoholela ezindlekweni eziphansi zokufinyelela kwi-inthanethi esifundeni, ngenxa yokuthi igagasi le-inthanethi lizozungeza phakathi kwamazwe ase-Afrika.

Lokhu kugcizelela ukubaluleka okubekwa yiNingizimu Afrika ne-AU ekubambeni iqhaza okuphusile kwezomnotho we-inthanethi, hhayi njengamakhasimende kuphela. Lokhu kuphinde kusisondeze kakhulu ekusunguleni umnotho wedijithali kanye nomphakathi wolwazi obandakanya abantu bonke, ngokuyalela koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP). Uhulumeni uzinikele ekuqinisekiseni ukuthi i-inthanethi iyatholakala kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, okuyinto enegalelo ekusungulweni komphakathi obandakanya bonke abantu.

1.14. Umbukiso wase-Afrika Wezasemoyeni kanye Nezezindiza Nezokuvikela usingathwe ngempumelelo nguMnyango Wezokuvikela, i-Armscor, i-SA Aerospace, i-Maritime and Defence Industry Association, i-Denel kanye ne-Commercial Aviation Association of South Africa. Lo mbukiso uhlinzeke izimboni zezokuvikela zaseNingizimu Afrika ngethuba lokukhangisa ngekhono lazo emphakathini wamazwe omhlaba, kanti futhi embukisweni walo nyaka kubonakale isibalo sababukisi esikhulu kunazo zonke kanye nemipheme yezingosi zombukiso zamazwe ahlukahlukene.

2. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

2.1. IKhabhinethi ihambisana ngokugcwele nesitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMongameli ngomhla zingama-23 kuMandulo, odabeni lweSikhulu Esiphezulu Sokuphathwa Kwemisebenzi (i-COO) sakwa-SABC. IKhabhinethi iyasihlonipha isinqumo seNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala (i-SCA) esiqinisekisa ukubekwa eceleni ukuqokwa kukaMnu Hlaudi Motsoeneng njenge-COO yakwa-SABC.

IKhabhinethi inxusa iBhodi lakwa-SABC ukuba lithobele ngokugcwele isinqumo se-SCA. Imizamo yokugumbuqela isinqumo se-SCA ngokusebenzisa izihumusho zomthetho ezingabazekayo kungenzeka ifaniswe nemizamo yokubukela phansi ukusebenza komthetho kanye nokuphikisa amagunya okwahlulela nokuthatha izinqubo ahlinzekwe izinkatholo zethu ngokomthethosisekelo. Isinqumo sokuqasha kabusha uMnu Motsoeneng esikhundleni esisha sikhombisa ukungawuhloniphi umthetho.

IKhabhinethi ikhumbuze iBhodi ngeSigaba se-165 soMthethosisekelo, esithi: umyalelo noma isinqumo esikhishwe yinkantolo siyisibopho kubo bonke abantu esiqondiswe kubona noma izinhlaka zombuso esiqondiswe kuzona.

IKhabhinethi iyalele uNgqongqoshe Wezokuxhumana, uNksz Faith Muthambi, ukuba athathe izinyathelo zokuxhumana neBhodi yakwa-SABC ukuze lulungiswe ngokushesha lolu daba.

2.2. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela evela ekubambeni iqhaza kweNingizimu Afrika Emhlanganweni wama-71 Ongukhukhulelangoqo Wenhlangano Yezizwe (i-UNGA). Ithimba laseNingizimu Afrika beliholwa nguMongameli uZuma. Lo mhlangano wabanjwa kusukela mhla zingama-20 kuya mhla zingama-26 kuMandulo 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Izinjongo Zentuthuko Esimeme: Umzabalazo wamazwe ngamazwe jikelele wokuguqula umhlaba wethu”.

Ngesikhathi kubanjwe lo mhlangano abaholi bomhlaba bamukele ngokusemthethweni Isivumelwano sase-New York esizwakalisa ukuzimisela nokuzibophezela kosopolitiki ekuvikelweni kwamalungelo abakhoseli bakwamanye amazwe kanye nezifikanamthwalo. Lezi zibophezelo zicaba indlela ebheke ezingxoxweni ezibhekiswe engqungqutheleni yamazwe omhlaba kanye nokwamukelwa ngokusemthethweni kwesivumelwano somhlaba wonke sokufuduka kwabantu okuphephile, okuhlelekile futhi okuqhutshwa ngendlela efanelekile ngowezi-2018.

Izwe lethu liphinde futhi lasigcizelela isicelo salo sokuqiniswa kwezikhungo zokuphatha emhlabeni wonkana, kubandakanya ne-UN, ikakhulukazi uMkhandlu Wezokuvikela futhi liphinde lagqugquzelela ukulethwa kwezinguquko ezisheshayo kulezi zikhungo ngenhloso yokulungisa ukunyathelwa kobulungiswa okwenzeka esikhathini esedlule maqondana ne-Afrika okubonakala ngokucacile ezinhlakeni zalezi zikhungo eseziphelelwe yisikhathi.

UMongameli uZuma usingathe, ngokubambisana noMongameli u-Francois Hollande, waseFrance Ikhomishana Esezingeni Eliphezulu ye-UN maqondana Nemisebenzi Yezempilo kanye Nokukhula Komnotho ngomhla zingama-20 kuMandulo 2016. Ikhomishana yasungulwa nguNobhala-Jikelele we-UN futhi ihlose ukuxoxisana nabaholi emazingeni aphakeme ukukhuthaza ukusungulwa kwamathuba emisebenzi amasha emkhakheni wezempilo emhlabeni wonke jikelele. Umbiko weKhomishana owamukelwa nguMhlangano Ongukhukhulelangoqo, wenza izincomo eMazweni Angamalungu, ezisukela ezidingweni zokuqeqesha, ukuqhubeka nezemfundo kanye nesidingo sokugxila osizweni lwezempilo oluhlinzekwa yimitholampilo. Lokhu kubandakanya isibophezelo zokuqeqesha abasebenzi bezempilo abayizigidi ezingama-40 ngowezi-2030.

Ukudluliswa ngokusemthethweni kwesikhundla sikasihlalo Wobambiswano Oluvulekile Lohulumeni (i-OGP) sidluliselwa e-France kwenziwa nguMongameli uZuma ngomcimbi wokugujwa kweminyaka emihlanu ngesikhathi kuqhubeka umhlangano we-UNGA. Ngenkathi kubambe iNingizimu Afrika njengosihlalo we-OGP sagqugquzela Isivumelwano Sikahulumeni Ovulekile maqondana nokuqaliswa kwe-Ajenda yowezi-2030 Yentuthuko Esimeme, esizoholela ekutheni amazwe angamalungu e-OGP abandakanye Izinjongo Zentuthuko Esimeme ezinhlelweni zawo zokusebenza ze-OGP. INingizimu Afrika iphinde yabeka eqhulwini ukuvuleleka kokushaywa kwemithetho, idatha evulelekile, kanye nokwelula ukubamba iqhaza kwezinhlangano zomphakathi ukuze kubandakanywe nezinhlangano ezisemazingeni aphansi kanye namaqembu abantu abadinga ukubhekelelwa kangconywanangaphakathi kwe-OGP.

3. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nocwaningo olwenziwe yiSikole Sezesayensi saseNingizimu Afrika maqondana nokulungela kweNingizimu Afrika ngokwezobuchwepheshe ukweseka imboni yegesi yezemvelo, kubandakanya nezincomo maqondana nezinto okumele ziqaliswe ukusebenza yiminyango efanelekile.

Ekuguqukeleni kwezobuchwepheshe ezikhiqiza ikhabhoni ephansi futhi kusenjalo kuqinisekiswe ukutholakala kukagesi owanele, iNingizimu Afrika icubungula ukusetshenziswa kwegesi yemvelo njengento engafaka isandla ekusetshenzisweni kwemithombo kagesi oxubile esikhathini esizayo kuleli lizwe.

Lo mbiko, ozokhishelwa nomphakathi, uveza izinto eziningana okumele zifakelwe izibuko ukuze leli lizwe libe sesimweni esikulungele ngokugcwele lokhu. Lezi zinto zibandakanya: ukuqinisa izinhlaka ezethweswe amandla okulawula, ukunikeza izimvume kanye nokuqapha, ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika inamakhono asemqoka okwenza imisebenzi; ukweseka izinkampani ezifanelekile ukusebenzisa amathuba ezomnotho, ukuqinisekisa izinyathelo ezizovikela imithombo yemvelo, kanye nokuqalisa ngocwaningo. Umbiko uzosetshenziswa njengesisekelo sokuthuthukisa ucwaningo lwegesi yemvelo, uhlelo lokuthuthukisa kanye nokuqamba nokusungula.

3.2. Inqubekelaphambili seyenziwe kwi-Operation Phakisa Yezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. Ngokusebenzisa i-Operation Phakisa uhulumeni ufuna ukwandisa ukukhula komnotho, ngenhloso yokwenza iNingizimu Afrika isizwe esinokudla okwanele kuwo wonke amazinga.

Kusukela ngoNhlaba 2016, imihlangano yokuxoxisana kabanzi yabanjwa esikhathini esiyizinyanga ezine. I-LAB yoqobo izokwenziwa esikhathini esingamasonto amahlanu kusukela mhla zingama-25 kuMandulo kuya mhla zingama-28 kuMfumfu 2016. Injongo enkulu ukuqinisekisa ukwakhiwa kwezinhlelo zokungenelela ezidingekayo futhi ezingaqaliswa ngempumelelo maqondana nokubandakanywa kwabantu kwezomnotho okuthe xaxa kulo mkhakha. Umkhankaso we-Operation Phakisa: Kwezolimo Nezinguquko Kwezomhlaba kuhloswe ngawo ukusungula imisebenzi eyisigidi esisodwa, bese kutshalwa amahekthare ayisigidi esisodwa ngowezi-2019, ngokulayela kwe-NDP.

3.3. IKhabhinethi igunyaze Uhlaka Lokusebenza Lokwakha Amandla Okusebenza loMasipala Besifunda kanye Nabasekhaya ukweseka Uhlelo lwe-Agri-parks.

Uhlelo lwe-Agri-parks seluphenduke insika yezinto eziseqhulwini zikahulumeni Ukuvuselela Ezolimo kanye Nochungechunge Lokulungiswa Kwemikhiqizo Yezolimo, okungenye yezinto eziseqhulwini zoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye. Bonke omasipala besifunda abangama-44 bafakiwe kulolu hlelo. Lokhu kuzobeka ama-Agri-parks esimweni sokusebenza njengendlela esemqoka yokuqhubekisa iqhinga elihlongoziwe le-NDP lokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya ngenxa yamandla awo okukwazi ukweseka imikhiqizo yabalimi abancane kanye nokugqugquzela ukulungiswa kwemikhiqizo yezolimo ezindaweni zasemakhaya.

3.4. IKhabinethi iphinde yagunyaza Umthetho Odingidwayo Wenqubomgomo Kazwelonke Yobuchwepheshe Bolwazi Bokuxhumana (i-ICT) Oludidiyelwe, ozothatha isikhundla Somthetho Odingidwayo maqondana Nokuxhumana Ngezingcingo (we-1996) kanye Nezinsizakalo Zeposi (we-1998).

Le Nqubomgomo Edidiyelwe ye-ICT ibalula indlela uhulumeni azoqinisekisa ngayo ukuthi lo mkhakha ufezekisa amandla onawo ukugqugquzela ezenhlalakahle ezibandakanya umuntu wonke kanye nokuguquko kwezomnotho eNingizimu Afrika. UNgqongqoshe Wezokuxhumana Ngezingcingo kanye Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Cwele, uzobiza umhlangano oseceleni nabemithombo yabezindaba lapho ezothukulula ngokuthe xaxa le nqubomgomo.

3.5. IKhabhinethi igunyaze ukuhanjiswa kweSivumelwano Senyunyana Yokuxhumana Ngezingcingo yase-Afrika (i-ATU) yowe-1999 ePhalamende ukuze samukelwe ngokusemthethweni ngokweSigaba 231(2) soMthethosisekelo.

I-ATU wuhlaka olukhuthaza ukufinyeleleka jikelele kwe-Afrika kanye nokusetshenziswa kwama-ICT – anjengokunikezelwa kwengqalasizinda, ukutholakala kwemisakazo ngamagagasi omoya kanye nokusebenzisana kwemikhiqizo okusezingeni – ezwenikazi lase-Afrika.

Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kuhambelana ne-NDP kanye nezinjongo zenqubomgomo yamazwe angaphandle zokubeka kangcono izwe ebalazweni lomhlaba wonke kanye nokuqinisa isikhungo se-AU ukuze kufezekiswe izinjongo zenqubomgomo yamazwe angaphandle ethuthukisayo.

3.6. IKhabhinethi igunyaze uhlaka lokusungulwa kwe-Multi-Primary Administrator ye-Digital Object Architecture (i-DOA), enegama elihlongozwayo elithi yi-MISAVA Agency for Digital Identifier.

Ukuqaliswa kokusebenza kwe-DOA kunamandla okubeka iNingizimu Afrika esimweni ngokuqinisa ukuncintisana kweze-ICT ekutheni ilungele ukubamba iqhaza Oguqukweni Lwezezimboni Lwesine Olunohlonze.

3.7. IKhabhinethi igunyaze isimo esibuyekeziwe seNingizimu Afrika maqondana nesiphakamiso seNhlangano Yentuthuko Yamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) sokusungulwa kwesivumelwano sokusebenzisana esiphathelene nokusungulwa kweSikhungo Sokuphathwa Komgudu waseNyakatho Ningizimu (i-NSCMI).

ONgqongqoshe Bezokuthutha be-SADC bavumile ukusungula i-NSCMI ukubhekana nokusebenza okungagculisi kanye nezithiyo ezikhona Emgudwini waseNyakatho naseNingizimu. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuba uNgqongqoshe Wezokuthutha asingathe umhlangano woNgqongqoshe Bezokuthutha Basemgudwini waseNyakatho naseNingizimu ngonyaka wezi-2016/17.

3.8. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nokusungulwa kochungechunge olusha lwezinhlamvu zemali zesikhumbuzo nezijikelezayo ezizomela isiko, inkululeko kanye nentandoyeningi, ezizokwenziwa yi-South African Mint kanye neBhodi layo Labaqondisi, ngokubambisana, noNgqongqoshe Wezezimali.

IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kanye namadizayini ka-R10 omusha kanye nezinhlamvu Zesiliva Soqobo zika-R5; u-R5 omusha (owu-1/2 oz.) owuhlamvu lwesikhumbuzo olungamakharathi angama-24 egolide oluzokwenziwa kwi-Natura Coin Series ngowezi- 2017; kanye

a. Namadizayini ezinhlamvu ezilandelayo zochungechunge lwesikhumbuzo:

  • Uhlamvu lwe-Natura Coin Series lowezi-2017;
  • Uchungechunge Lohlamvu Lwesiliva Soqobo lowezi-2017; kanye
  • Nochungechunge lwe-Sterling-silver R2 Crown lowezi-2017 kanye Notiki owu-2½ c.

b. Izinhlamvu zama-Krugerrand ezi-2017 alandelayo:

  • Ukukhishwa kabusha kwama-Krugerrand akudala onyaka we-1967 ngowezi-2016; kanye
  • Nokwethulwa kwama-Krugerrand amasha eqoqweni lowezi-2017.

4. IMithethosivivinywa

4.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kosizo Lwezenhlalakahle wezi-2016 ukuze kutholwe izimvo zomphakathi. Lo mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wosizo Lwezenhlalakahle, wezi-2004 (uMthetho we-13 wezi-2004).

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uhlose ukuhlinzekela izinkokhelo ezengeziwe kanye/noma imihlomulo exhumene nosizo lwezenhlalakahle. Izichibiyelo zizovumela ukusungulwa kwemihlomulo yemingcwabo kanye nemihlomulo eyengeziwe yezintandane kanye nezingane ezihlala emakhaya aphethwe yizingane.

5. Imicimbi ezayo

5.1. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana namalungiselelo eNingizimu Afrika futhi yagunyaza neqhinga lokubamba iqhaza eNgqungqutheleni ye-BRICS yesi-8 ezayo. La malungiselelo, azoholwa yiKomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene le-BRICS. Ingqungquthela ye-BRICS yesi-8 izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukwakha Izisombululo Ezisabelayo, Ezibandakanya Umuntu Wonke futhi Ezithathwa Ngokuhlanganyela” kusukela mhla ziyi-15 kuya mhla ziyi-16 kuMfumfu 2016 e-Goa, kwelaseNdiya.

IKhabhinethi iphinde yathiwa fahla fahla maqondana nesimo sokuqaliswa kwemisebenzi yeSikhungo Sesifunda sase-Afrika Sebhange Lentuthuko Elisha. INingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka ukuqala kokusebenza kweBhange Lentuthuko Elisha le-BRICS, okubandakanya nokusingatha Isikhungo Sesifunda sase-Afrika eGoli.

Izikhungo zezezimali zokuqala ze-BRICS ezisunguliwe, ezinjengeBhange Lentuthuko Elisha kanye ne-Contingent Reserve Arrangement zisebenza njengezikhungo eziguqula isimo ukuze zilawule futhi zikhulise ukusungulwa kwezimboni kanye nezinhlelo zengqalasizinda eNingizimu Afrika kanye nasezwenikazi lase-Afrika.

5.2. IKhabhinethi igunyaze igunya lokuxoxisana laseNingizimu Afrika ukuba lisebenze njengesisekelo sezingxoxo eMhlanganweni wama-28 Wamazwe Asayinde Isivumelwano sase-Montreal esimaqondana Nezinto Ezicekela Phansi Unqenqema Lomoya-mkhathi (i-Montreal MOP 28) ozobanjwa kusukela mhla ziyi-10 kuya mhla ziyi-14 kuMfumfu 2016, eKigali, kwelase-Rwanda. Isivumelwano sase-Montreal sesisebenze ngempumelelo enkulu maqondana nokuqedwa Kwezinto Ezicekela Phansi Unqenqema Lomoya-mkhathi. Lokhu kuhambelana noMthethosisekelo wethu oyalela ukuthi ukuncishiswa kobuphofu kanye nokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho kuthuthukiswe ngaphansi kwesimo sentuthuko esimeme.

5.3. Ingqungquthela Yesithathu ye-UN maqondana Nezezindlu kanye Nokufudukela Kwabantu Emadolobheni Okusimeme (i-Habitat III) izobanjwa yi-UNGA e-Quito, kwelase-Ecuador kusukela mhla ziyi-17 kuya kumhla zingama-20 kuMfumfu 2016. Ihlose ukwamukela i-Ajenda Entsha Yasemadolobheni; umqingo wombhalo ogxile emsebenzini ozomisa amazinga omhlaba wonke okuzuza kwezentuthuko yasemadolobheni esimeme, ukuhlela kabusha indlela esakha ngayo, esiphatha ngayo futhi esihlala ngayo emadolobheni ngokusondelanisa ubambiswano nabalingani abazinikele, ababambiqhaza abafanelekile, kanye nabathathi-zinqumo basemadolobheni kuwona wonke amazinga kahulumeni kanjalo nomkhakha ozimele.

5.4. INgqungquthela Yamazwe Omhlaba maqondana Nezingqalasizinda Zocwaningo (i-ICRI 2016) izosingathwa eKapa kusukela mhla zi-3 kuya mhla zi-5 kuMfumfu 2016 nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe kanye neKhomishana yaseYurophu.

Ingqungquthela ihlose ukubalula indima esemqoka yezingqalasizinda zocwaningo zomhlaba jikelele ekubhekaneni nezingqinamba ezisilele emuva kanjalo futhi njengezizinda zokuqamba nokusungula; ukudlinza maqondana nezidingo, ukuthuthukiswa kanye nokusimama kwezingqalasizinda zocwaningo zomhlaba wonke/zesifunda; kanye nokudingida amathuba akhona okushendelela kumkhombandlela wamazwe omhlaba.

INingizimu Afrika isiwakhombisile amandla namangwevu ayo ocwaningo lwezesayensi nobuchwepheshe, futhi yaziswa njengekhaya lemvelo lezinye izingqalasizinda zocwaningo lomhlaba ezisemqoka ngendlela emangalisayo. Ukusingathwa kwe-ICRI 2016 kuzokhulisa inqubekelaphambili yezwe ekubeni nezomnotho ezigxile olwazini ngokulayela kwe-NDP.

5.5. IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sokuphothulwa kwesigaba sokuqala esibheke ekucishweni kombhoshongo wokusakaza nge-analogi mhla zingama-28 kuMfumfu 2016 nguNgqongqoshe Wezokuxhumana u-Faith Muthambi, emadolobheni asemqoka okwakhiwe kuwona isibonakude se-Square Kilometre Array (i-SKA) eNyakatho Kapa, edolobheni lase-Carnavon ngaphansi kukaMasipala Wendawo yase-Kareeberg. Imindeni engaphezu kwama-86% esezindaweni okwakhiwe kuzona i-SKA isixhunyiwe futhi ithokozela umsakazo kamabonakude osakaza ngobuxhakaxhaka bedijithali emakhaya abo.

Lolu fuduko nalo luyahambelana ne-NDP ukusungula ingqalasizinda ye-ICT enohlonze, ethembekile, etholakala ngaso sonke isikhathi futhi engambi eqolo. Luzoxhuma abasezindaweni zasemakhaya nabasezindaweni ezisemadolobheni, abayizigwili kanye nabahluphekayo ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika zisebenza futhi zixhumane ngempumelelo ngokusebenzisa ezobuchwepheshe.

5.6. Uhulumeni uzogubha Inyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi ngoMfumfu ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili Ekuthuthukisweni Kwenhlalo Nomnotho” kanti ngokusebenzisa Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (i-DSD), uhulumeni uzobamba izinkulumo-mpendulwano ezweni lonkana ukuqonda kangcono izidingo ezahlukahlukene zemiphakathi.

I-DSD, ngokuhlanganyela neSikhungo Sentuthuko Kazwelonke (i-NDA) kanye neSikhungo saseNingizimu Afrika Sezibonelelo Zomphakathi, bazokwazisa imiphakathi ngezinhlelo ezahlukahlukene zezibonelelo zomphakathi ezitholakalayo ezenzelwe yona, kanye nokuthi ingafinyelela kanjani kuzona. IKhabhinethi ikhuthaza yonke imikhakha ukuba ilekelele uhulumeni ekuqinisekiseni ukuthi izidingo zalabo abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana emphakathini wethu ziyanakekelwa.

Umhla lu-1 kuMfumfu 2016 uqopha Usuku Lwabantu Abadala Emhlabeni Wonke, oluzogujwa njengengxenye yesonto lokuqala likaMfumfu. Lokhu kuzobe kuqondiswe ekuqhakambiseni ukulwisana nezinto ezingelona neze iqiniso kanye nezinkoleloze eziphathelene nabantu abadala kanye nokuguga.

5.7. Umnyango Wezemidlalo kanye Nokungcebeleka kanye Nenhlangano Yezemidlalo Yamazwe Omhlaba Yawo Wonke Umuntu bazosingatha ihlandla lesi-6 lohambo olwaziwa ngokuthi yi “The Big Walk” mhla zi-2 kuMfumfu 2016 e-Fountains Valley Resort, ePitoli. IKhabhinethi igqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuba balandele indlela yokuphila ephathelene nokunyakazisa nokuvocavoca umzimba kanye nokuwunakekela ukuze balwisane nezigameko eziphezulu zezifo eziphathelene nendlela yokuphila kanye nokukhuluphala ngokweqile.

5.8. Umhla ziyi-19 kuMfumfu 2016 uqopha iminyaka engama-30 okuphahlazeka kwendiza eyadlula nomphefumulo kaMongameli waseMozambique, u-Samora Moises Machel kanye namadoda nabesimame abangama-34 basezweni lakhe, kubandakanya nabashayeli bendiza kanye nezintatheli.

Abantu baseMozambique baba negalelo ekukhululweni kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe angaphansi kwezwekazi lase-Afrika. Uhulumeni weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, ebambisene nohulumeni weRiphabhulikhi yaseMozambique, bazosingatha imigubho yeminyaka engama-30 esizindeni lapho kwaphahlazeka khona indiza eMbuzini, eMpumalanga mhla ziyi-17 kuMfumfu 2016.

Lokhu kuzoholela ekutheni Umnyango Wezobuciko Namasiko usungule umzila wamagugu wokubungaza nokukhumbula umzabalazo wokulwela inkululeko ozoxhumanisa yonke imizila yezizinda zamagugu zomzabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika, kwi-SADC kanye nasezwenikazi.

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kulaba abalandelayo:

5.9. Umndeni kanye nabangani bengqalabutho yezomculo yaseNingizimu Afrika futhi ongomunye wabasunguli bomculo weKwaito, uMduduzi Tshabalala, obedume kakhulu ngelikaMandoza. Umculo wakhe uthole ukuhlonishwa okuyingqayizivele kwizinhlanga ezahlukahlukene futhi usaqhubeka nokujatshulelwa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

5.10. Umndeni kanye nabangani bentatheli engumakadebona, umhleli kanye nombhali u-Allister Sparks odlule emhlabeni eseneminyaka engama-83. U-Sparks wasebenzisa isikhundla sakhe njengomhleli we-Rand Daily Mail ekuqaleni kweminyaka ye-1980 ukuveza obala izenzo zikahulumeni wobandlululo ezabe zingenabo neze ubulungiswa. Wayeyi-Nieman Fellow eNyuvesi yase-Harvard futhi eyintatheli yaseNingizimu Afrika ezimele eyasebenzela amaphephandaba amazwe ngamazwe amaningana, kubandakanya ne-The Washington Post ne-The Economist.

5.11. Abantu baseNdiya, ngokudlula emhlabeni kuka-Pramukh Swami Maharaj Ongcwele, inhloko yomphakathi wama-Swaminarayan Hindu eNdiya. Ubaziwa kakhulu ngegalelo elikhulu alenza kwezenkolo yamaNdiya kanye namasiko ngokwakha amathempeli ama-Hindu kanye nezikhungo zezemfundo eNdiya kanye nakwamanye amazwe.

5.12. Emindenini yabo bonke labo abalahlekelwe yizimpilo zabo ngesikhathi sezehlakalo ezinodlame ezenzeke e-Democratic Republic of Congo (i-DRC) kanti nalabo abalimele sibafisela ukululama okusheshayo. IKhabhinethi inxusa wonke amaqembu ase-DRC ukuba abambe iqhaza kwiNkulumompendulwano Kazwelonke Efaka Wonke Umuntu, egqugquzelwe nguMnu Edem Kodjo egameni le-AU, futhi esekwa yizikhungo zesifunda kanye nezamazwe omhlaba.

5.13. Emndenini kanye nabangani baka-Shimon Peres, ingqalabutho yakwa-Israeli eyahlonishwa nge-Nobel Prize ngenxa yeqhaza lakhe  esivumelwaneni soxolo phakathi kwabantu bakwa-Israeli kanye nabase-Palestine. UMnu Peres ube negalelo elikhulukazi kwezepolitiki kwelakwa-Israeli iminyaka ngeminyaka.

IKhabhinethi ihalalisele laba abalandelayo:

5.14. Umkhandlu Wezesayensi kanye Nocwaningo Lwezezimboni ngobuchwepheshe bawo besimanjemanje bokufunda iminyatheliso yeminwe obuzolekelela abasebenzi bezomthetho kanye nalabo abasebenzisa ucwaningo lwezesayensi ukuphenya amacala. Lo mshini, oxhaswe ngezimali nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, ungasetshenziselwa ukucwaninga izindawo lapho kwenziwe khona izigameko zobugebengu  kanye nokuthatha iminyatheliso yeminwe ngaphandle kokusetshenziswa kwezinto zokuthintitha uthuli futhi ngaphandle kokuphazamisa ubufakazi.

5.15. UDkt Ismail Bhorat kanye nethimba lakhe ngokuhlinzwa okuyingqophamlando kwengane engakazalwa eNkosi Albert Luthuli Central Hospital. Lokhu ngukuhlinzwa kokuqala okwenziwe embungwini kuleli lizwe futhi sekubeke iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba.

5.16. I-Mamelodi Sundowns ngokufinyelela emdlalweni wamanqamu we-Confederation of African Football Champions League emva kokwehlula i-Zesco United. Lokhu kunqoba akukuhle nje kuphela kwi-Sundowns kepha futhi kuzohlomulisa ibhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika lonkana. Kunikeza abadlali bethu ithuba lokuziveza abalibheke ngamehlo abovu kanye nesipiliyoni abasidingayo ukuqhudelana nompetha ezwenikazi lase-Afrika kanye nasemhlabeni jikelele.

5.17. IKhabhinethi ihalalisela u-Brad Binder ngokunqoba kwakhe okuyingqophamlando umjaho wezithuthuthu i-Moto3 World Championship. Lo mshayeli wesithuthuthu oneminyaka engama-21 ubudala ube ngumuntu waseNingizimu Afrika wokuqala kusukela ngowe-1980 ukuthatha isicoco se-Grand Prix emva kokunqoba kwakhe i-Moto3 championship yakhe yokuqala.

5.18. Futhi iKhabhinethi idlulisa ukubonga kwayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza emicimbini enhlobonhlobo ukugubha kanye nokuhlonipha amasiko ethu ahlukahlukene ngesikhathi seNyanga Yamagugu. Imibukiso emihle yamasiko ethu ahlukahlukene kanye nokwabelana ngamagugu ethu anothile kubonakale ngokucacile kulo lonke leli.

IKhabhinethi idlulise izilokotho ezinhle kulaba abalandelayo:

5.19. IKhabhinethi ifisela uMbhishobhi u-Emeritus Desmond Tutu ukululama okusheshayo emva kokuhlinzwa kwakhe.

5.20. Futhi ihlanganyela neNingizimu Afrika yonkana ukufisela uMama u-Winnie Mandela okuhle kodwa ngokufinyelela osukwini lwakhe lokuzalwa lama-80.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Umkhandlu Kazwelonke Kwezokweluleka maqondana Nokuqamba Nokusungula:
a. Mnu Mafika Mkwanazi; kanye no
b. Mnu Sullivan O’Carroll.

6.2.    Isikole Sezesayensi Somkhandlu waseNingizimu Afrika:
a. Solwazi Eugene Cloete;
b. Solwazi Sabiha Essack;
c. Solwazi Shireen Hassim;
d. Solwazi Jonathan Jansen;
e. Solwazi Nancy Phaswana-Mafuya;
f. Solwazi Barney Pityana;
g. Solwazi Stephanie Burton (oqokwe kabusha);
h. Solwazi Norman Duncan (oqokwe kabusha);
i. Solwazi Johann Mouton (oqokwe kabusha);
j. Solwazi Himla Soodyall (oqokwe kabusha);
k. Solwazi Zeblon Vilakazi (oqokwe kabusha);
l. Solwazi Brenda Wingfield (oqokwe kabusha); and
m. Dkt Shadrack Moephuli (Omele Umkhandlu Kazwelonke Kwezokweluleka maqondana Nokuqamba Nokusungula futhi oqokwe kabusha).

6.3. Dkt Sarah Mosoetsa oqokwe kwiBhodi leSikhungo Sikazwelonke Socwaningo.

6.4. Isikhungo Sikazwelonke Sabezindaba Abasebenza Ngobuxhakaxhaka Bohleloxhumano Lwama-elekhthronikhi saseNingizimu Afrika (i-NEMISA):
a. Nksz Mymoena Williams oqashwe njengeSikhulu Esiphethe (i-CEO).
b. Nksz Rahimoonisha Abdool oqashwe njengeSikhulu Sokuphathwa Kwezimali (i-CFO).

6.5. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu esiphezulu kwi-NEMISA NPC SOC Limited:
a. Solwazi Walter Theophilus Claassen (uSihlalo);
b. Mnu Thami ka Plaatjie (uqokwe kabusha futhi yiPhini likaSihlalo); kanye no
c. Solwazi Manoj Maharaj;
d. Nksz Sarienne Rana Kersh;
e. Nksz Nelisiwe Gloria Mkhaliphi;
f. Mnu Phuthi Nehemia Phukubje;
g. Nksz Alina Thandiwe Mfulo; no
h. Mnu Moraka Lucas Mello (uqokwe kabusha).

6.6. Zolani Kgosie Matthews oqokwe njengelungu elingeyona ingxenye yesigungu esiphezulua kwiBhodi lePosi laseNingizimu Afrika.

6.7. Mnu Mahomed Iftekhar Chowan uqashwe njenge-CFO ye-Universal Service and Access Agency of South Africa.

6.8. Umkhandlu waseNingizimu Afrika Wezindaba Zomkhathi:
a. Nksz Pontsho Maruping (uSihlalo);
b. Nksz Nomfuneko Irene Majaja (iPhini likaSihlalo);
c. Adv Lulekwa Makapela;
d. Mnu Themba Beatus Tenza;
e. Mnu Linden Sydney Petzer;
f. Inxusa Peter Goosen;
g. Mnu Humbulani Aaron Mudau;
h. Dkt Sandile Bethuel Malinga;
i. Mnu William Simon Makwinja;
j. Nksz Nosiphiwo Monica Sonjani;
k. Mnu Lloyd McPatie; no
l. Mnu Leeandran Annamalai.

6.9. Adv Rory Wayne Voller oqokwe njengoKhomishana kwiKhomishana Yezinkampani kanye Namalungelo Abaqambi.

6.10. Mnu Jayaseelan Manickum Nair oqokwe yiBhodi le-South African Special Risk Insurance Association Limited, SOE, njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla.

6.11. Nksz Patience Bongiwe Kunene oqokwe njengoMqondisi Omkhulu, omele iNingizimu Afrika, i-Angola ne-Nigeria, kwiBhodi Labaqondisi Lenkampani Yebhange Lomhlaba (i-World Bank).

6.12. Uphiko Olulawula Ezokuphepha Emkhakheni Wezokuthutha Ngezitimela:
a. Mnu Nkululeko Andrew Stephen Poya oqashwe kabusha njenge-CEO.

Amalungu Angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eBhodini Yophiko Olulawula Ezokuphepha Emkhakheni Wezokuthutha Ngezitimela:
b. Dkt Nomusa Zethu Qunta (uSihlalo);
c. Mnu Boy Johannes Nobunga (iPhini likaSihlalo);
d. Mnu Zacharia Mosothoane (oqokwe yiNyunyana yabasebenzi bomkhakha wezokuthutha i-South African Transport and Allied Workers Union);
e. Mnu Christiaan Johan de Vos (oqokwe yi-Federation of Unions of South Africa);
f. Major General Michael Monashi Motlhala (oqokwe ngenxa yesikhundla sakhe eMnyangweni Wezamaphoyisa);
g. Mnu Ngwako Makaepea (oqokwe ngenxa yesikhundla sakhe eMnyangweni Wezokuthutha);
h. Nksz Hilda Thamaga Thopola;
i. Major General Willem Adriaan Venter (ilungu elizimele elingeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla);
j. Nksz Khulekelwe Mbonambi (oqokwe  kabusha);
k. Nksz Ntombizine Mbiza (oqokwe kabusha);
l. Mnu Andre Harrison (oqokwe kabusha); no
m. Mnu Tibor Szane (oqokwe kabusha ngenxa yesikhundla sakhe eMnyangweni Wezabasebenzi).

6.13. Mnu Japh Ronnie Chuwe oqashwe kabusha njenge-CEO (uNobhala) yeSikhungo Esiqaphe Ukuphulwa Kwemithetho Yomgwaqo.

6.14. Mnu Skhumbuzo Dennis Macozoma uqashwe njenge-CEO ye-South African Roads Agency SOC Limited.

6.15. Mnu Sisa Neil Ntshona uqashwe njenge-CEO yoPhiko Olwengamele Ezokuvakasha eNingizimu Afrika.

6.16. Mnu Dhesigen Pydiah Naidoo uqashwe kabusha njenge-CEO yeKhomishana Yocwaningo Lwezamanzi.

6.17. Lesotho Highlands Water Commission:
a. Mnu Bhekizwe Simon Nkosi uqashwe njengeSithunywa Esiyinhloko saseNingizimu Afrika; kanye no
b. Mnu Vusi Nhlapo njengoMmeleli Osebenza Ngokugcwele.

6.18. IBhodi leSikhungo Sokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Amancane:
a. Nksz Charmaine Groves;
b. Nksz Happy Ralinala;
c. Mnu Kholofelo Molewa;
d. Nksz Nomcebo Dlamini;
e. Mnu Nazir Ahmed Osman;
f. Nksz Nonkululeko Dlamini;
g. Mnu Phakamile Mainganya;
h. Nksz Kate Moloto;
i. Nksz Hlonela Lupuwana (oqokwe kabusha); kanye no
j. Mnu Lawrence Mavundla (oqokwe kabusha).

6.19. Nksz Cladie Thamo Hloniphile Mzobe oqashwe njenge-CEO ye-NDA.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Umakhalekhikhini: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore