Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-25 Nhlaba 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kweziNhlelo Zikahulumeni Eziqavile

1.1. Ibanjwe ngempumelelo imigubho yekhulu-minyaka kwasungulwa iNyuvesi yase-Fort Hare ebiholwa nguMongameli Jacob Zuma. Zingamakhulu ngamakhulu izimenywa ebezithamele lo mcimbi, oyingqophamlando eNingizimu Afrika futhi obuseqophelweni eliphezulu kakhulu, kubandakanya nomfundi waphambilini wale nyuvesi uMongameli waseZimbabwe u-Robert Mugabe kanye namanxusa akwamanye amazwe.

Ukubanjwa kwalo mcimbi kuqondane neNyanga ye-Afrika, ebungaza ukusungulwa kweNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-OAU), manje esibizwa ngokuthi iNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU).

IKhabhinethi iyamukelile inqubekelaphambili eseyenziwe emizamweni yokuxazulula izinkinga zabafundi, obekungafanele nakancane ziholele ekucekelweni phansi kwempahla.

1.2. Ohambweni olusemthethweni lukaMongameli Jacob Zuma lokuvakashela ezweni lase-Uganda, bobabili oMongameli balawa mazwe bavumelane ngokuthi kuqiniswe ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe amabili, futhi baxoxisane nangesimo esiqhubekayo ezweni laseBurundi kanye nasengxenyeni engasempumalanga ye-Democratic Republic of Congo.

UMongameli Jacob Zuma uthamele futhi nomcimbi wokugcotshwa kukaMongameli Yoweri Museveni. Kuze kube manje izwe laseNingizimu Afrika kanye nelase-Uganda asesayine izivumelwano zokusebenzisana ezingama-20, futhi zilinganiselwa kuma-70 izinkampani zaseNingizimu Afrika njengamanje eziqhuba ibhizinisi kwelase-Uganda. Ngowezi-2015, bezibalelwa kwizigidigidi ezingu-1.7 zamarandi izimpahla zaseNingizimu Afrika ezithunyelwe e-Uganda kanti zibalelwa ezigidini ezingama-98 zamarandi izimpahla zase-Uganda ezingene kuleli.

1.3 IKhabhinethi iyakwamukela ukuphothulwa ngempumelelo koHambo Olusemthethweni lukaMongameli Jacob Zuma Lokuvakashela Ezweni lase-Qatar, oluphothulwe ngokusayinwa kwezivumelwano nezibophezelo eziningana, njengeSivumelwano Sokubambisana Kwezokuvikela, eSokubambisana Kwezamaphoyisa kanye neSokubambisana Kwezobuciko, Ezamasiko kanye Nezamagugu. Ukusungulwa kweKomidi Lezokutshalwa Kwezimali Elakhiwe Amathimba Avela Kulawa Mazwe Omabili elizokwengamela ukuqaliswa kwezivumelwano, ngaphezu nje kweZingxoxo Zokubonisana Okuhlelekile Eziphakathi Kwalawa Mazwe, kuzophucula futhi kukhuphule  ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe amabili bufinyelele ezingeni lokubambisana nokusebenzisana okukhethekile.

Ukuxhumana phakathi kukaMongameli neNhlangano Yosomabhizinisi baseNingizimu Afrika kanye nabase-Qatar kugqugquzele ukubambisana phakathi kwamabhizinisi alawa mazwe amabili, okuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi iminotho yalawa mazwe igxila emikhiqizweni ehlukahlukene futhi eminingana esikhundleni sokugxila emikhiqizweni embalwa.

Kuxoxiswane futhi nangamathuba okubambisana kwezoMnotho Wasolwandle, njengoba womabili lawa mazwe engamazwe agudle ulwandle. Kunezinkampani zaseNingizimu Afrika eziningana impela eziqhuba ibhizinisi ezweni lase-Qatar, ikakhulukazi emkhakheni wezamakhemikhali emikhiqizo kawoyela. Omunye wemiklamo yaseNingizimu Afrika emikhulukazi yokutshalwa kwezimali emazweni aseMpumalanga Emaphakathi uqhutshwa yinkampani yakwa-Sasol, edlala indima esemqoka kakhulu ekuthuthukisweni kwegesi edonswa ngaphansi komhlaba kwelase-Qatar.

Ezinye izinto okubhungwe ngazo, zibandakanya nobudlelwane bezomnotho nokuhwebelana kanye nezindaba eziphathelene nokuthula nokuvikeleka ezifundeni kanye nasemhlabeni wonkana.

1.4 UMongameli Jacob Zuma unikeze imiphakathi izinxephezelo zokudlelwa umhlaba njengengxenye yeSigaba soku-1 sokuphothulwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba esiqiwini i-Kruger National Park. Imiphakathi eyisithupha inikezwe isinxephezelo semali eyizigidi ezingama-84 zamarandi, okuyimiphakathi emithathu esesifundazweni saseLimpopo kanye nemiphakathi emithathu esesifundazweni saseMpumalanga. Lo mhlaba obufakelwe izicelo ungamahekthare ayizi-318 000.

Ngenkathi kuthathwa isinqumo sokuthi malini ezonikezwa imiphakathi kubhekisiswe nokubaluleka kwesiqiwu i-Kruger National Park futhi kwaqinisekiswa ukuthi abantu abafake izicelo zokubuyiselwa lo mhlaba banikezwa isinxephezelo esinohlonze njengoba bengeke besakwazi ukubuyela emhlabeni wabo. Lokhu kuhambelana nomgomo wokunikezwa kwesinxephezelo esilingana nobungako bomhlaba owathathwa kubanikazi bawo, esishiwo ngaphansi kohlelo lokubuyisela umhlaba kubanikazi bawo futhi lokhu kuwuphawu oluyingqophamlando ohlelweni lokuletha uguquko kuleli.

Ukuze kukhuthazwe futhi kukhushulwe ukuhlonyiswa nokufukulwa kwale miphakathi, isikhwama somphakathi sezokuvakasha, esingenisa imali ngokudonsa i-1% emalini ekhokhwa yizivakashi, singenisa imali ebalelwa kwizigidi zamarandi eziyi-6.5 ngonyaka, esetshenziswa emiklamweni ehlomulisa umphakathi. Lokhu sekuholele ekwakhiweni kwezikhungo zezemfundo eziningana, kubandakanya nesakhiwo samahhovisi abaphathi eDumisani High School, isikhungo samakhompyutha kwaMasiza High School, ilabholethri yezesayensi eTlakulani High School kanye naseSibusisiwe High School, igumbi lokuphekela kanye nenkundla yokudlala yabafundi beBanga R eTakheleni Primary School. Ngowezi-2016/17, emva ngokubonisana nokuxoxisana nemiphakathi ethintekile, kuthathwe isinqumo sokubeka eqhulwini umsebenzi wokwakhiwa kamalabholethri ezesayensi amane eMbuyane High School; Mahlale Secondary School; Lepato High School kanye naseMakuya Secondary School, okuyizikole ezikulezi zifundazwe zombili, iLimpopo kanye neMpumalanga.

IKhabhinethi ikugcizelelile ukubaluleka kobambiswano phakathi kwezinhlanga ezahlukahlukene ngoba phela kufaka isandla ekuletheni ubumbano lo mphakathi. Uhlelo lokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo lwaseNingizimu Afrika luyathuthuka futhi luba ngcono kakhulu, ngokususela ezifundweni ezitholakale ekuqhutshweni kwalolu hlelo esikhathini esedlule kanye nokulungiswa kamaphutha, futhi manje selusekelwe phezu kokuletha ukuhlomula kwezomnotho okusimeme futhi okuzoqhubeka isikhathi eside esikhundleni senqubo ebe nezinkinga eziningi yokunikezwa kwabafaki bezicelo zokubuyiselwa umhlaba isamba esisodwa futhi esikhishwa kanye kuphela, okuyinto engakwazanga neze ukuphucula isimo senhlalo yemiphakathi. Isigaba sesi-2 senkokhelo nezinxephezelo sizofaka phakathi nemiklamo okuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyaqhubeka nokuhlomula esikhathini eside esizayo emathubeni okwenza ibhizinisi kulesi Siqiwu.

1.5 Ifikile kwiKhabhinethi imiphumela yeNgqungquthela Yezinhlelo Ezididiyelwe Zesinxephezelo ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukufinyelela kwabo bonke abasebenzi ohlelweni lwesinxephezelo olulingene, olungachemile futhi olusimeme” ebiholwa nguNgqongqoshe Wezempilo u-Aaron Motsoaledi kanye noNgqongqoshe Wezabasebenzi u-Mildred Oliphant, besekelwa yiPhini likaNgqongqoshe weziMbiwa, nePhini lowezeMpilo kanye nelezaBasebenzi.

Le Ngqungquthela ibigxile kwezempilo nokuphepha kwabasebenzi ngenhloso yokuthuthukisa uhlelo oludidiyelwe lwesinxephezelo oluzosetshenziswa eNingizimu Afrika. ONgqongqoshe abavela kwisifunda seNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC); iMboni Yezezimayini yaseNingizimu Afrika, abasebenzi abahlelekile kanye nezinhlangano zalabo ababesebenza ezimayini phambilini, nabo babamba iqhaza kule Ngqungquthela.

Ngalolu hlelo oludidiyelwe lwesinxephezelo oluhlongozwayo, uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi abasebenzi basezimayini kanye nalabo ababesebenza ezimayini phambilini bathola imihlomulo yesinxephezelo ehambelana nemihlomulo etholakala kwezinye izimboni ezisesigabeni esifanayo, okuyimihlomulo ezohlinzekela ukuthi bona nemindeni yabo bathole inhlalakahle esimeme. Ngokusebenzisana nalabo abamele abasebenzi kanye nomkhakha wezezimayini, uhulumeni uhlose ukuqalisa uhlelo lokuqapha nokuhlola oluzohlinzeka ngomvuzo wokukhuthaza nokuklomelisa izinkampani ezenza umsebenzi oncomekayo, mayelana nokuthotshelwa kwemithetho yezokuphepha kanye nezinxephezelo.

1.6 IKhabhinethi ikwamukelile ukuvulwa kwesikhungo saleli lizwe sokuqala i-Bio-Manufacturing Industry Development Centre (i-BIDC) ePitoli, okwenziwe nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe.

Umsebenzi walesi sikhungo uyingxenye yoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye lwaleli lizwe okuhloswe ngalo ukuhlinzeka amabhizinisi asafufusa (ama-SMME) ngethuba lokuzibonakalisa, futhi akwazi ukukhula adlondlobale.  Lesi sikhungo sisekela ama-SMME aqhuba ibhizinisi emkhakheni weze-bio-manufacturing ngokuthi siwabeke esimweni esikahle sokusebenzisa amathuba avelayo ezimakethe zalo mkhakha. Izinkampani ezithuthukiswe futhi zakhuliswa yi-BIDC ziyakwazi ukufinyelela nokuthola usizo ezikhungweni ezihlala zikulungele ukusetshenziswa noma nini, ezihlinzeka ngosizo lwezocwaningo kanye namalabholethri entuthuko.

Isigaba sokuqala sizokwenza ukuba kuvuleke amathuba omsebenzi lapho kuzoqashwa khona abantu abazosebenza ngokugcwele kanye nalabo abazosebenza ngaphansi kwetoho, futhi umthelela walokhu kwezomnotho kulindeleke ukuba ufinyelele kwizigidi ezingama-250 zamarandi ngonyaka, kule minyaka emihlanu ezayo. Njengamanje i-BIDC isekela amabhizinisi ayi-19, futhi kulawa mabhizinisi, ayi-16 okungawosomabhizinisi abamnyama, kubandakanya namabhizinisi ayi-10 angawabesifazane. Ngaphezu kwalokhu, sekuvuleke namathuba omsebenzi okuqashwe kuwona abantu abasebenza ngokugcwele abangama-55 kanye nabantu abasebenza ngaphansi kwetoho abayi-171, futhi kuqeqeshwa namathwasa omsebenzi (ama-interns) angama-54.

1.7 Isimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe Wezamandla, u-Tina Joemat-Pettersson sokuthuthukiswa kweNqubomgomo Yegesi Yemvelo sizohola leli lizwe endleleni eqonde emnothweni wegesi yemvelo osimeme. Ukwethulwa kwegesi yemvelo njengomthombo owengeziwe wamandla kagesi ohlelweni lweNingizimu Afrika lokusebenzisa imithombo kagesi exubile kuzonciphisa ukuthembela kakhulu kwaleli lizwe kugesi wamalahle futhi kuqinisekise ukuthi izakhamuzi kanye nomnotho wakuleli bathola ugesi owanele, ovela emithonjeni ehlukahlukene futhi otholakala ngaso sonke isikhathi, njengamanje kanye nasesikhathini esizayo. Futhi lokhu kuzokhulisa nempokophelo yaleli lizwe yokuba nomnotho ohlinzekwe ngezimboni ezintsha, nomgudu ophakeme wokukhula komnotho, futhi okungumnotho obandakanya umuntu wonke, kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.

Okwamanje uMnyango Wezamandla usuqalise umsebenzi wokusungula uhlelo lokusebenzisa igesi yemvelo ukuphehla amandla kagesi, futhi lokhu kuzohlinzeka ngogesi ongamamegawathi (i-MW) ayizi-3,726 okuyinto ezokokhela inhlansi yokuthuthukiswa kwemboni yakuleli yegesi yemvelo, kukhuthaze nemizamo yokucinga igesi ngaphansi komhlaba kanye nokuyikhiqiza, futhi lokhu kuzokwenzeka ngaphansi kwesimo esivumela abatshali-zimali ukuba bangene kalula kulo mkhakha futhi basebenze ngokukhululeka, bakwazi nokusebenzisa wonke amathuba atholakalayo. Amathuba omsebenzi azovuleka ngokuthuthukiswa kwale mboni, kanye nasemisebenzini ehlobene nayo azofinyelela kumathuba angu-1,25 wezigidi esikhathini esiyiminyaka engama-25, okuzoqashwa kuwona abantu abazosebenza ngokugcwele. Esikhathini esifushane, uhlelo lokusebenzisa igesi yemvelo ukuphehla amandla kagesi luzovimbela ukwehla komnotho futhi kulethe uzinzo, okuyinto ezolekelela ukuvimbela ukulahleka kwamathuba omsebenzi.

1.8 Ukuqaliswa ngokusemthethweni komkhankaso kazwelonke wokonga ugesi, i-Save Energy, ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela yase-Afrika Yeviki Lamandla Kagesi yowezi-2016, ebiholwa nguMnyango Wezamandla, kwakhela phezu komkhankaso kahulumeni Wokonga Ugesi owethulwa nguMongameli Jacob Zuma ngowezi-2015.    

1.9 Omunye umkhankaso ozokwethulwa wumkhankaso wokuhlolwa kwempahla yasendlini esebenza ngogesi, i-Appliance Check, okuyisinyathelo sokunciphisa ugesi osetshenziswayo esizonikeza abathengi ithuba lokuzikhethela uma bethenga impahla yasendlini esebenza ngogesi. Kuzoba nelebula ezonanyathiselwa kuyo yonke impahla yasendlini esebenza ngogesi, ekhombisa ukuthi leyo mpahla isebenzisa ugesi ongakanani uma kuqhathaniswa namaZinga Ayisisekelo Okusebenza Kwempahla Kagesi.

1.10 IKhabhinethi iyiphawulile i-Africa Energy Inward Buying Mission ebisingethwe nguMnyango Wezohwebo Nezimboni kanye ne-South African Electrotechnical Export Council. Izinkampani zaseNingizimu Afrika ezingongoti emkhakheni wezokukhiqiza kanye nowezobunjiniyela zithole ithuba lokubonisa nokukhangisa ngomsebenzi wazo kwizithunywa ebezimele izinkampani zikagesi ezivela kwelase-Ethiopia, Kenya, Tanzania, South Sudan kanye nase-Nigeria. Lokhu kubeke izinkampani zaseNingizimu Afrika esimweni esihle sokubamba iqhaza emathubeni okutshalwa kwezimali azovela emkhakheni wokwakhiwa kwengqalasizinda kagesi kwelase-Afrika, elinganiselwa kwizigidigidi ezingama-20 kuya kwezingama-42 zamaDola aseMelika ngonyaka, kule minyaka eyi-10 ezayo.

1.11 IKhabhinethi ithole ithemba nokukhuthazeka ngenxa yokwethulwa kwesixazululo sesikhathi eside seNkinga Ye-esidi Ephuma Ezimayini Engcolisa Amanzi (i-AMD) okwenziwe e-AMD Central Basin edolobheni lase-Germiston, futhi imali yokuxhasa lo mklamo elingana nengxenye yokubili kokuthathu (i-⅔) izovela emkhakheni wezimayini bese kuthi ingxenye eyodwa kokuthathu (i-⅓) ivele kubasebenzisi bamanzi.

Lokhu kulandela ukuphothulwa ngempumelelo kwesixazululo sesikhathi esifushane ngaphansi kweKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene ebelijutshwe umsebenzi wokuthola ikhambi lokuxazulula inkinga ye-AMD. Ngowezi-2011 uhulumeni wagunyaza i-Trans-Caledon Tunnel Authority, okuyinkampani yoMbuso engaphansi koMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, ukuba ihlinzeke ngesixazululo sesikhathi esifushane sokubhekana nenselelo ye-AMD eGauteng.

Inhloso yesixazululo sesikhathi eside ukuhlanzisisa amanzi angcolile ngokususa nokukhipha ama-esidi emanzini futhi ngalokho kwakheke amanzi azolungela ukusetshenziswa ezimbonini noma asetshenziswe njengamanzi ahlanzekile okuphuza.

1.12 IKhabhinethi inxusa zonke izakhamuzi zaseLesotho ezihleli eNingizimu Afrika ngokungemthetho ukuba zifake izicelo zeMvume Ekhethekile Yezakhamuzi zaseLesotho esiKhungweni Sokufaka Isicelo Semvume Yokungena Kwelinye Izwe, i-Visa Facilication Service Centre, futhi lokhu kumele kwenziwe ngaphambi komhla zingama-30 Nhlangulana 2016.

Imvume Ekhethekile Yezakhamuzi zaseLesotho ikhishwa ngaphansi kwenqubo ekhethekile yokubhekelela izakhamuzi zaseLesotho ezisebenza eNingizimu Afrika noma ezifunda kuleli noma eziqhuba ibhizinisi, futhi ezingabantu abebekuleli, benza okunye kwalokhu okubalwe ngenhla ngaphambi komhla zingama-30 Mandulo 2015. Ngaphezu kwalokho, abafaki-zicelo baseLesotho abathola amaphepha okungena nokuhlala eNingizimu Afrika ngomgunyathi bayacetshiswa ukuba bawahambise emaHhovisi Omnyango Wezasekhaya aqokiwe, ukuze bathole incwadi kashwele. Lesi sikhathi sikashwele sizophela mhla zingama-31 Zibandlela 2016. Abaqashi bezakhamuzi zaseLesotho nabo kumele balisebenzise leli thuba elivelile lokufaka lesi sicelo semvume.

1.13 IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sikaNgqongqoshe Wezemidlalo Nokungcebeleka uFikile Mbalula sokuthi usuzosakazwa futhi ku-SABC umdlalo wesibhakela wakuleli. Kuze kube manje uhlelo lwe-“Boxing is Back” kanye nolwe-“TKO” ezisakazwa ku-SABC sezifinyelele kumakhaya angaphezu kwezigidi ezingu-1.3. Ukubuyela kwalo mdlalo kumabonakude kuzoba nomthelela omuhle kakhulu ngoba kuzongenisa imali kwiNhlangano Yezesibhakela yaseNingizimu Afrika, kuqinise umdlalo wezesibhakela emkhakheni wabesifazane futhi kusekele nabagqugquzeli bomdlalo wesibhakela abasafufusa kanye nabashayi-sibhakela.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1 IKhabhinethi inikezwe umbiko mayelana nokuphothulwa kwezingxoxo kanye nokubuyekezwa ngongoti bezomthetho kweSivumelwano Sokubambisana Kwezomnotho (i-EPA) esiphakathi kweNhlangano Yentuthuko Yamazwe aseNingizimu ye-Afrika kanye neNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU). IKhabhinethi ivumile ukuba iSivumelwano Sokubambisana Kwezomnotho sithunyelwe ePhalamende.

Lesi Sivumelwano sizosungula inqubo yezokuhwebelana eyodwa phakathi kwe-kweNhlangano Elawula Ukuphuma Nokungena Kwempahla Emazweni aseNingizimu ye-Afrika (i-SACU) kanye ne-EU. Lokhu kuzothuthukisa futhi kuphucule ukubhekelelwa kweNingizimu Afrika kangcono ezimakethe zeNhlangano Yamazwe aseYurophu mayelana nokuhwebelana ngemikhiqizo yezolimo ehlukahlukene njengoshukela, ikhemikhali ye-itanoli (i-ethanol), iwayini, izinhlanzi kanye nezithelo. I-EPA yakhela phezu kweSivumelwano Sokubambisana Kwezokuhwebelana Nentuthuko (i-TDCA) esenziwa yiNingizimu Afrika kanye ne-EU ngowezi-2000.

I-EPA ihlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba lokwenza izinqubomgomo emikhakheni eminingana. INingizimu Afrika yenze futhi nesinye iSivumelwano ne-EU esibizwa ngeSivumelwano Sezinkomba Zejiyografi, ngenxa kokukhula kwentshisekelo yokuvikela amagama amawayini kanye nawemikhiqizo yezolimo ekhethekile. Kanjalo-ke, amagama amawayini ayi-102 azovikeleka ngaphansi kwalesi Sivumelwano kanye nemikhiqizo yezolimo emithathu, okuyi-Rooibos, Honeybush kanye ne-Karoo Lamb.

Lesi Sivumelwano siyaqinisekisa, ngokuhambisana nezinjongo zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), ukuthi iNingizimu Afrika iqhubekisela phambili ukusungulwa kwezimboni futhi sigqugquzela nokuthunyelwa kwezimpahla ezikhiqizwa eNingizimu Afrika ezimakethe zamazwe ayingxenye ye-EU. Futhi okubaluleke kakhulu ukuthi i-EPA igqugquzela nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokukhiqiza, ukukhangisa, ukuthengisa kanye nokuthumela impahla ezifundeni zezekwazi le-Afrika futhi lokho kuzolekela ekudidiyelweni kwezifunda.

2.2 IKhabhinethi ivumile ukuba uHlaka Lomthetho Wokufuduka Emazweni Ngamazwe lushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngalo. IKhabhinethi ithulelwe umbiko futhi nangokubonisana nokuxhumana nababambiqhaza okuqhubekayo mayelana nalolu Hlaka Lomthetho kowezi-2016/2017.

Lolu Hlaka Lomthetho luhambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe futhi lusebenzela phezu kwenkolelo yokuthi ukuze kuqedwe ububha futhi kuvulwe namathuba omsebenzi asezingeni elikahle futhi elamukelekile, ukufuduka kwabantu kumele kusetshenziselwe ukuqeda lezi zimo ngokuba kukhulise isibalo sabantu abanamakhono nokuqinisekisa ukuthi kunolwazi olwanele futhi kususwe nezithiyo ezivimbela ukuthuthukiswa kwalesi sifunda sezwekazi. Lokhu kudinga ukuba iNingizimu Afrika itshale izimali ngobuhlakani ekuqhubekeni nokuthuthukiswa kohlelo lwezokufudukela kwabantu kuleli olusebenza kahle futhi oluvikelekile.

Ukuqaliswa kokusebenza Kohlelo Lokufuduka Kwabantu Lwamazwe ngamazwe kuzosondeza leli lizwe esimweni sokuletha ukulingana ekufezekisweni kwezidingo zentuthuko yeNingizimu Afrika futhi kusenjalo kuvikele ubuqotho nokwethembeka kweNingizimu Afrika kanye nokuvikeleka nokuphepha kwayo.

2.3 IKhabhinethi ivumile ukuba uMnyango Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba usingathe iNgqungquthela Yomhlaba Yomphakathi Wokufuywa Kwezinhlanzi Nokulinywa Kwezitshalo Zasolwandle, ngokubambisana neNhlangano Yokufuywa Kwezinhlanzi Nokulinywa Kwezitshalo Zasolwandle yesifunda seNingizimu ye-Afrika ezobanjwa kusukela mhla zingama-26 kuze kube ngumhla zingama-30 Nhlangulana 2017 eNingizimu Afrika. Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuba iNgqungquthela Yomhlaba Yokufuywa Kwezinhlanzi Nokulinywa Kwezitshalo Zasolwandle ibanjelwe kwelase-Afrika.

Umkhakha wezokufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasolwandle ubekwe eqhulwini nguhulumeni ukuze udlale indima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuthi kutholakala ukudla okwanele kuleli futhi kuqinisekiswe nokuthi umnotho waleli lizwe uyakhula udlondlobale. Umkhakha wezokufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasolwandle nawo ufakiwe emkhankasweni osemqoka kakhulu i-Operation Phakisa: Umnotho Wasolwandle. Ukusingathwa kwale Ngqungquthela kuzokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukusheshisa ukuthuthukiswa nokutshalwa kwezimali emkhakheni wezokufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasolwandle ngokuthi kwabelwane ngolwazi futhi kuvulwe namathuba okuxhumana nokufakana imilomo nabanye ababambiqhaza   balo mkhakha.

Ukusingatha le ngqungquthela kuzovula futhi nethuba lokuba umkhakha wezokuvakasha ukwazi ukubukisa ngemisebenzi yezokuvakasha eqhutshwa yileli lizwe kanti futhi nabalimi bakuleli bazokwazi ukubukisa ngobuchwepheshe babo besimanjemanje embukisweni wokuthengisa nokuhwebelana ozohlinzekela ababukisi abangaphezu kwe-100 abavela emazweni aphuma phambili emhlabeni jikelele kwezokufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasolwandle.

Amazwe ase-Afrika azothola futhi nethuba lokubamba iqhaza kanye nokubukisa ngemikhiqizo yawo, okuyinto ezoba nomthelela omuhle ekuthuthukisweni komnotho emkhakheni wezokufuywa kwezinhlanzi nokulinywa kwezitshalo zasolwandle esifundeni se-Afrika kanye naseNingizimu Afrika.

2.4 IKhabhinethi ithulelwe umbiko mayelana nokucolisiswa nokuphuculwa okwenziwe kwiSahluko soMphumela we-12 woHlaka Olukhethekile Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) kanye noHlelo Lokusebenza lowezi-2016/17. Lokhu kuyisinyathelo sokuphendula nokusabela kwisinqumo seKhabhinethi sokuqinisa ukuhambelana phakathi koMphumela we-12 woHlaka Olukhethekile Lwe-MTSF – Umkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni osebenza kahle, ngobunyoninco futhi ogxile kwintuthuko, esikhathini esiphakathi kowezi 2014 kuya kowezi-2019, kanye noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

3. Imicimbi ezayo

3.1 NgoNhlangulana kuzogujwa isikhumbuzo seminyaka engama-40 kwabanjwa imibhikisho yamhla ziyi-16 Nhlangulana 1976, okuyisigameko esasiguqula kakhulu isimo senhlalo yomphakathi kanye nesezepolitiki eNingizimu Afrika. Le migubho izolawulwa futhi iholwe yithimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene.

Inyanga Yentsha izokwethulwa mhla lu-1 Nhlangulana 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Intsha Iqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili” kwisizinda sesikhumbuzo i-Hector Petersen Memorial, eSoweto nguNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli, u-Jeff Radebe. Lokhu kuzoba yisiqalo sohlelo oluzodonsa inyanga yonke, oluzohlanganiswa wuPhiko Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwentsha, lokukhuthaza kanye nokubeka abantu abasha esimweni esikahle sokuwasebenzisa kalula amathuba atholakala emikhakheni ehlukahlukene ukuze benze ngcono izimpilo zabo futhi bafake isandla esibonakalayo ekuthuthukisweni komnotho kanye nokuthuthukiswa kwezwe.

Lokhu kuzoba isendlalelo somgubho woSuku Lwentsha Lukazwelonke mhla ziyi-16 Nhlangulana 2016, ozoholwa nguMongameli Jacob Zuma eNkundleni yase-Orlando eSoweto.

3.2 UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzokwethula iViki Likazwelonke Lokuvikelwa Kwezingane e-Braakspruit Farm, e-Klerksdorp mhla zingama-29 Nhlaba 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sonke Masivikele Izingane Ukuze Siqhubekisele iNingizimu Afrika Phambili”. Leli viki lizoqondana nomgubho woSuku Lwezingane Lwamazwe Ngamazwe ozobanjwa kusukela mhla lu-1 Nhlangulana 2016 ozoholwa nguMongameli Jacob Zuma ekhaya lezintandane nesikhungo sentsha e-Atteridgeville, esifundazweni saseGauteng, ozophothulwa mhla ziyisi-5 Nhlangulana 2016 e-Amersfoort, esifundazweni saseMpumalanga.

IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba ivikele izingane ekuhlukunyezweni, nokunganakwa, udlame kanye nokuxhashazwa; ngokuthi ibike zonke izigameko ezinjalo kwiziphathimandla.

3.3 UMnyango Wezemvelo uzohola izwe ngenkathi ligubha uSuku Lomhlaba Lwezemvelo mhla ziyisi-5 Nhlangulana 2016 ngenhloso yokugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuba bathathe izinyathelo zokuvikela imvelo ezifanelekile futhi eziphusile, ezizovikela umhlaba wethu. Isiqubulo soSuku Lomhlaba Lwezemvelo lwalo nyaka sithi: "Go Wild for Life," sigxile kubugebengu obuphathelene nezilwane zasendle kanye nomonakalo obangwa yilobu bugebengu.

Impumelelo yeNingizimu Afrika ekongeni imvelo yethu seyenze leli lizwe laba yisisulu esikhulukazi sobugebengu obuhlelekile, obenziwa ngabantu abavela emazweni ahlukahlukene obuqondiswe kwimvelo kanye nezilwane zasendle. Umthelela ongemuhle wobugebengu bezemvelo nezilwane zasendle bucekela phansi inhlalo yemvelo, izimpilo ezisimeme kanye nezokuvakasha.

3.4 Ukugujwa koSuku Lomhlaba Lwezilwandle mhla ziyisi-18 kuNhlangulana 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ulwandle Oluphilile, Umhlaba Ophilile” kusinikeza ithuba lokuqhakambisa nokugcizelela umthelela wolwandle ezweni lethu kanye nezindlela ezihlukahlukene olulekelela ngayo emnothweni wethu. Futhi lokhu kugcizelela nezinselelo zokulwisana nokungcoliswa kolwandle, nokugcina amandla olwandle okulawula isimo sezulu somhlaba, nokuhlinzeka ngezinsizakalo ezisemqoka kakhulu eziphathelene nenhlalo yemvelo nokuhlinzeka ngezimpilo ezisimeme kanye nokungcebeleka okuphephile.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile ezisematheni

4.1 Uhulumeni usazoqhubeka nokugxila ezinhlelweni zokuvuselela ukukhula komnotho, nokuvikela imisebenzi ekhona njengamanje kanye nokwakha imisebenzi esimeme ngokubambisana nosomabhizinisi kanye nabasebenzi. Ngokusebenzisa uhlelo lwethu lokuletha izinguquko kwindlela uhulumeni asebenza ngayo kanye nokuqiniswa kwesandla ekusetshenzisweni kwezimali, uhulumeni uzoqhubeka nokuthobela umgomo azibekele wona wokungasebenzisi imali engaphezu komkhawulo ophezulu obekiwe ukuze umnotho wethu ukwazi ukuba namandla futhi udlondlobale uma ususimeme umnotho womhlaba.

UMongameli Jacob Zuma usehole izinhlelo zokungenelela eziningana ngokubambisana nabanye, ngaphakathi kuleli nasemhlabeni jikelele, ngenhloso yokukhuthaza ukukhula komnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.

4.2 IKhabhinethi isiphawulile isibalo esikhulayo semiklamo yokutshalwa kwezimali emenyezeliwe kuleli, okukhombisa kahle kamhlophe ukuthi umphakathi wabatshali-zimali bamazwe ngamazwe uyawethemba umnotho waseNingizimu Afrika. Lokhu futhi kuyabonisa ukuthi izwe lethu lisendleleni ebheke ekusimameni futhi liyaqhubeka nokuba yizwe elikulungele kakhulu ukuba kutshalwe kulona izimali, ngempumelelo enkulu.

Ubukhulu bale miklamo elandelayo yokutshalwa kwezimali kuyakhombisa ukuthi abakhiqizi bezimoto emhlabeni bayaqhubeka nokuyethemba iNingizimu Afrika njengezwe abangatshala kulona izimali, futhi bayezethemba nezinqubomgomo ezihlinzekwa nguhulumeni zokusekela ukutshalwa kwezimali.  

4.3 Le miklamo yokutshalwa kwezimali ibandakanya nomklamo wakwa-Toyota wokusungula isikhungo esisha esizokwakha izimoto zohlobo lwe-Toyota Hilux kanye ne-Fortuner e-Prospecton, e-Durban, esivulwe ngokusemthethweni nguMongameli Jacob Zuma. Lokhu kuwumphumela wokwesekwa okuhlinzekwe nguMnyango Wezohwebo Nezimboni osekuhehe utshalo-mali olungaphezu kwezigidigidi ezingama-25 zamarandi kule minyaka emihlanu edlule. Lolu tshalo-mali luzosekela amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-4 000, futhi inani eliphelele lamathuba omsebenzi asevulwe kulesi sikhungo lingaphezu kwamathuba omsebenzi ayizi-8 000.

Lesi sikhungo siyingxenye yomklamo wenkampani yakwa-Toyota wokutshala imali engaphezu kwezigidigidi ezingu-6.1 zamarandi embonini yezokukhiqiza yaseNingizimu Afrika kubandakanya nemboni yezokukhiqizwa kwezimoto yakuleli.

Inkampani yakwa-Toyota isiwukhulisile umthamo wayo wokuthenga izingxenye zezimoto ngaphakathi kuleli ngenhloso yokusekela abahlinzeki nabakhiqizi bezingxenye zezimoto bakuleli, futhi le nkampani isigxile kakhulu ekuqasheni abesifazane njengabasebenzi abangochwepheshe kanye nokuhlinzeka abesifazane ngamathuba athe xaxa.

4.4 IKhabhinethi isamukele ngezandla ezimhlophe futhi nesimemezelo senkampani yakwa-BMW sokuqaliswa komsebenzi wokwakhiwa kwesikhungo sayo esisha sikanokusho esizokhiqiza izingxenye zemizimba yezimoto, esizodla imali eyizigidigidi eziyisithupha zamarandi. Lo mklamo wokukhuliswa kwale nkampani uzobeka abakwa-BMW esimweni sokukwakha nokuthumela emazweni angaphandle uhlobo lwe-BMW X3 olusha, lukanokusho. Lokhu kuyabonisa ukuthi isiKhungo sale nkampani esise-Rosslyn sisesimweni esikahle sokuncintisana ezikhungweni zabakwa-BMW zokukhiqiza, ngakho kokubili, izindleko zokukhiqiza kanye nekhwalithi yomsebenzi.

4.5 Omunye umklamo wokutshalwa kwezimali wumklamo owethulwe nguNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni, okungumklamo odle imali eyizigidi eziyi-100 zamarandi wesiKhungo Sokulungiswa Kwemikhiqizo sakwa-Dursots & All Joy Tomato esiseModjadjiskloof eduze kwaseTzaneen. Njengamanje le femu iqashe abantu abangama-70, futhi ngonyaka ozayo kungenzeka lesi sibalo sikhuphuke sifinyelele kuma-300. Futhi izovula namanye amathuba etoho angama-900 kubantu abasebenza ngezikhathi zonyaka ezithile kuphela. Le nkampani isiqalise futhi nohlaka lokuthunyelwa kwemikhiqizo emazweni angaphandle futhi ihlose ukuthumela umkhiqizo wayo ongama-25% emazweni aseMpumalanga Emaphakathi, e-China kanye nakwamanye amazwe ase-Afrika.

Lolu tshalo-mali lubonisa ukuqaliswa okunohlonze koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye kanye noHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP) okuyizinhlelo ezigxile ekukhuliseni inani lemikhiqizo, ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqinisa ukuthunyelwa kwemikhiqizo emazweni angaphandle ngenhloso yokukhulisa umnotho kanye nokuvula amathuba omsebenzi. Nakuba umnotho womhlaba ubhekene nezinkinga nezingqinamba, umnotho waseNingizimu Afrika ukulungele ukuqhubeka ubheke phambili.

4.6 IKhabhinethi iyabakhumbuza bonke abavoti abafanelekile ukuba balisebenzise ngokucophelela ilungelo labo lomthethosisekelo mhla zi-3 Ncwaba 2016. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke abavoti abahamba bayobhalisela ukhetho noma abaqinisekisa imininingwane yabo, ukuze babe nesiqiniseko sokuthi amagama abo akhona ohlwini lwabavoti, oseluvaliwe njengamanje.

UNgqongqoshe van Rooyen uselushicilelile kusomqulu kahulumeni futhi uselumemezele ngokusemthethweni usuku lokubanjwa kokhetho lohulumeni bezindawo, osekwenze ukuba uhulumeni aqalise izinqubo zokhetho ngokohlu lwezikhathi zeminqamulajuqu yokhetho. Lesi simemezelo sivale nokubhaliswa kwabavoti ohlwini lwabavoti abazobamba iqhaza okhethweni oluzayo.

IKhabhinethi iyakwamukela ukusayinwa kweMigomo Yokuziphatha Yokhetho ngamaqembu ezepolitiki lapho ethembise khona ukuthi azoyihlonipha imithetho ebekiwe futhi aqinisekise ukubanjwa kokhetho olukhululekile futhi olunobulungiswa. Lokhu kuwuphawu lwentando yeningi labantu ekhombisa ukuvuthwa futhi ejulile.

4.7 IKhabhinethi iyayamukela iNgqungquthela Yamalungu Kazwelonke Akhethekile yowezi-2016 ebibanjwe yiNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika (i-SALGA). Lokhu kwenzeke ngesikhathi lapho leli lizwe lizilungiselela ukuguqukela kwihlandla elilandelayo lohulumeni basekhaya ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lowezi-2016.
Le Ngqungquthela ibuyekeze inqubekelaphambili eseyenziwe kule minyaka eyi-16 kanye naleyo eyenziwe kuleli hlandla lohulumeni basekhaya. Kuxoxiswane futhi nangeqhaza lohulumeni basekhaya ekuhlinzekweni kwezidingongqangi kanye nokubuyiswa kwesithunzi sabantu. Futhi kukhulunywe nangezinselelo ezisemqoka, kwaphinde kwaba nokuzibophezela kabusha ohlelweni loMnyango Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko (i-COGTA) iMazibuyele Emasisweni.

Lokhu kuphendla indlela eya okhethweni lwehlandla lesine lohulumeni basekhaya ngaphansi kombuso wentando yeningi labantu, ngokuhlinzeka ukweseka omasipala kanye nokuwalula kahle uguquko ukuze kuqinisekiswe uzinzo nokungaphazamiseki kokuhlinzekwa kwezidingongqangi kubantu baseNingizimu Afrika.

4.8 IKhabhinethi isizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokuphazamiseka okwenzekayo ePhalamende, osekuqala ukuba yinsakavukela futhi osekukhombisa ukushuba kakhulu kunakuqala. IPhalamende liyisikhungo sombuso wentando yeningi labantu esawuilwela kanzima futhi liyisigcawu somphakathi okumele sihlonishwe ngabantu bonke.

4.9 IKhabhinethi iyawuncoma umsebenzi weKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) eliholwa nguNgqongqoshe Wezokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko u-Des van Rooyen kanye nethimba lesifundazwe ngemizamo yabo abayenzile ukubuyisela isimo kwesijwayelekile eVuwani, nakuba ikuphawulile ukuthi kusenezindawo ezithile lapho khona kusenezinselelo.

Uhulumeni usebenze ngokuzikhandla okukhulu emizamweni yokubonisana nokuxoxisana nomphakathi ngenhloso yokuzama ukuxazulula izinkinga ezikhona futhi kubuyiselwe izinsizakalo esimweni sazo esijwayelekile, kubandakanya nezemfundo. Ukuhlinzekwa kwamagumbi okufundela esikhashana sekuqinisekisile ukuthi ukufunda kuqhubeka njengakuqala.

Uhulumeni uyaphinda futhi unxusa imiphakathi kanye nabaholi ukuthi uma befuna ukuzwakalisa ukukhathazeka kwabo mayelana nezinkinga ezikhona, balandele imigudu efanele futhi basebenzise izithangamu ezifanelekile ezisungulelwe ukubonisana nokuxoxisana. Lesi senzo esingakaze sibonwe kuleli sokuphazamisa imfundo yezingane zethu ngenhloso yokufezekisa izimfuno ezithile asamukelekile neze.

IKhabhinethi iyazincoma zonke izimpiko zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngomsebenzi wazo oholele ekutheni kuboshwe abantu abangama-34, abasolwa ngokubamba iqhaza ekucekelweni phansi kwezikole ezingama-28, okungabantu abacekele phansi ingomuso labantu abasha abasebenzisa lezi zikhungo ezidingeka kangaka.

IKhabhinethi iyayincoma imiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ezibhukulile zayokhuculula amagumbi okufundela futhi zenza nemizamo yokuqoqa izimali ukuze kuvulwe kabusha izikole zendawo. Bonke abazali, abalondolozi bezingane kanye namalungu omphakathi bayanxuswa ukuba balekelele izingane zikwazi ukufunda wonke umsebenzi wazo wesikole osalele emuva ukuze zifinyelele eqophelweni lokufunda okumele ngabe zikulona manje ngokohlelo lokusebenza loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo. I-IMC izoqhubeka ngokuxoxisana nabo bonke abathintekayo kanye nemiphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi zonke izingxenye zaleya ndawo zinozinzo futhi isimo sibuyelwa kwesijwayelekile.

4.10 IKhabhinethi ikhulumile futhi nangemibhikisho yase-Hammanskraal futhi ikuvezile ukuthi uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu uhola izinhlelo zokungenelela kuleya ndawo, ngokubambisana noMnyango Wesifundazwe saseGauteng Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko, kanye neMeya yaseTshwane, uKhansela Kgosientso Ramokgopa.

IKhabhinethi iyadabuka ngokudlula emhlabeni kosonkontileka ababili abebeyingxenye yokususwa kwabantu e-Hammanskraal futhi ifisa ukuzwakalisa ukuzwelana kwayo nemindeni eshonelwe. Amaphoyisa kumele abhukule aqinise imizamo yawo yokubamba ababulali ukuze babhekane nengalo yomthetho.

4.11 IKhabhinethi ihalalisela iNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) ngesinqumo sayo sokudlala umculo wakuleli ongama-90% kuzo zonke iziteshi zayo zomsakazo ngenhloso yokugqugquzela umculo ovutshelwe kuleli.

Lesi sinqumo sihambelana nenqubomgomo yezokusakaza kahulumeni ekhuthaza ukuvikelwa, ukuthuthukiswa kanye nokuqiniswa kwamasiko nobumbano lomphakathi waseNingizimu Afrika. Lokhu kuqhakambiswa komculo wakuleli kubazokhuthaza nabo bonke abaculi bakuleli abasafufusa.

IKhabhinethi iyazikhuthaza zonke izakhamuzi ukuba zisekele imboni yomculo wakuleli, okuyinto ezoba negalelo elihle emnothweni wakuleli futhi kulondoloze namasiko ahlukahlukene aleli lizwe.

4.12 IKhabhinethi iluphawulile uphenyo olubhekiswe ezikebheni zokudoba ezivela emazweni angaphandle oluqhutshwa nguMnyago Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba futhi iyawuncoma umkhankaso obuqhutshwa ngokuhlanganyela nguMbutho Wasemanzini waseNingizimu Afrika, uMnyago Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba kanye noPhiko lwaseNingizimu Afrika Lwezokuphepha Olwandle, okuwumkhankaso oholele ekuboshweni kwezikhebhe ezine.

Ukubanjwa kwalezi zikebhe kubonisa ukuzimisela kwethu njengelizwe ukuvikela imingcele yethu nezizinda zomnotho zakuleli futhi okumele zisetshenziswe yileli lizwe kuphela. Izinhlanzi nezitshalo zethu zasolwandle ziwumthombo wokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele futhi zidlala indima inkulukazi ekufezekisweni kwezinhloso zethu emkhankasweni we-Operation Phakisa futhi kumele zivikelwe.

4.13 IKhabhinethi ikwamukelile ukukhishwa kombiko wethimba likaNgqongqoshe ebelijutshwe nguNgqongqoshe Angie Motshekga ukuphenya izinsolo zokuthengiswa kwezikhala zemisebenzi yothisha okwenziwa ngamalungu ezinyunyana zothisha kanye nezisebenzi zeminyango yezemfundo ezifundazweni.

4.14 IKhabhinethi izihalaliselile izakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziklonyeliswe ngezindondo, okungusomabhizinisi uLuvuyo Rani kanye ne-The Clothing Bank, abangabanye balabo abadle umhlanganiso emcimbini wezi-2016 Wokuklonyeliswa Ngezindodo Kosomabhizinisi Abavelele Emphakathini obusingethwe yi-Schwab Foundation for Social Entrepreneurship, ngenkathi kuqhubeka iNgqunguthela yeNhlangano Yezomnotho Emhlabeni (i-WEF), obubanjelwe  kuleli zwekazi lase-Afrika, eKigali eRwanda.

4.15 IKhabhinethi imethulela isigqoko futhi imfisela okuhle kodwa lowo obeyiPhini Lejaji Eliyinhloko uDikgang Moseneke osethathe umhlalaphansi emva kokuba yiJaji leNkantolo YoMthethosisekelo kusukela ngowezi-2002.

IPhini Lejaji Eliyinhloko laphambilini liyisazi somthetho esihlonishwa kakhulu futhi ungumakadebona womzabalazo wokulwela inkululeko yaleli lizwe. Ngenkathi esemusha, uMoseneke wazibandakanya nomzabalazo wenkululeko ngenjelungu le-Pan Africanist Congress. Waboshwa futhi wagwetshwa ngenxa yezenzo zakhe zepolitiki, futhi njengoba ngaleso sikhathi wabe eneminyaka eyi-15 nje vo, waba yisiboshwa esincane kunazo zonke ngokweminyaka esake sagqunywa ejele lase-Robben Island. Futhi wabe eyingxenye yekomidi longoti elahlanganisa uMthethosisekelo wesikhashana we-1993 futhi ngokuhamba kwesikhathi waqokwa njengephini likasihlalo weKhomishani Yokhetho Ezimele ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yeningi labantu lwaseNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ithanda futhi nokuhlonipha iJaji Eliyinhloko leNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala u-Lex Mpati othathe umhlalaphansi ngoNhlaba emva kweminyaka engama-27 esebenzela iNingizimu Afrika ngokuzikhandla nokuzimisela okukhulu. UJaji Mpati uwuphawu lwemigomo yokungazicabangeli wena wedwa nje kuphela; nokuzithoba, nokuzibophezela, nokwenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu; kanye nokuziphatha ngendlela elandela inkambiso elungileyo.

IKhabhinethi ithanda ukumhalalisela kanye nokumfisela okuhle kodwa uJaji Baaitse “Bess” Nkabinde njengoba ethathe izintambo njengebamba lePhini Lejaji Eliyinhloko yeNkantolo YoMthethosisekelo kuze kufike isikhathi sokugcwaliswa kwalesi sikhala.

5. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

5.1 Ehhovisi LeKhomishana Yezemisebenzi Yomphakathi:
a) UDkt DC Mamphiswana, oqashwe njengoMqondisi Jikelele, eHhovisi LeKhomishana Yezemisebenzi Yomphakathi

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Liezel Cerf
Inombolo kamakhalekhukhwini: 076 778 2380

Share this page

Similar categories to explore