Isitatimende somhlangano WeKhabhinethi Wangomhla ziyi-16 Lwezi 2016

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo ZikaHulumeni Ezisemqoka

1.1. Imibiko yekota yemiphumela yenqubekela phambili yesikhathi sangomhla lu-1 Ntulikazi zize zibe mhla zi-30 Mandulo 2016 yethulwa kuKhabhinethi. Le mibiko iqapha ukuqaliswa koHlelo Lokusebenza Lukahulumeni ngokuhambisana nezimiso zoHlaka Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi kanye neyoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

1.2. ONgqongqoshe Bamaqoqo Eminyango Kahulumeni ngokwehlukana kwabo, ngokusebenzisa Uphiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS), bazolawula izithangamu zabezindaba ukwethula imikhawulo yeminyango efeziwe kulesi sikhathi, ngasekupheleni kwale nyanga.

Amazwibela aqukethwe yiMibiko Yekota Yonyaka Yemiphumela Yenqubekela Phambili yesikhathi esibuyekezwayo:

Umnotho

1.3. UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane usekele amabhizinisi ayi-149 kule kota ibuyekezwayo. Ngaphezu kwalokhu, kusekelwe imifelandawonye eyi-104 ngokusebenzisa Uhlelo Loxhaso Lwemifelandawonye. Lezi zinyathelo zokungenelela zivula amathuba kumabhizinisi asafufusa (ama-SMME), imifelandawonye, amabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

1.4. Emkhakheni wezolimo – kusekelwe amabhizinisi ezolimo amasha ayi-172 kanye namabhizinisi okungewona awezolimo angama-23 ngokusebenzisa izinhlelo ezihlukahlukene. Kuphinde kwahlonzwa ama-SMME angama-337 engeziwe futhi azosekelwa ngoqeqesho kanye nokufinyelela kumakethe yemikhiqizo. Imifelandawonye engama-240 eyasekelwa ngokusebenzisa Uhlelo Loxhaso Lwemifelandawonye.

1.5. Umsebenzi weKomidi Longqongqoshe Abahlukahlukene Lezokutshalwa Kwezimali usuqala ukuthela izithelo. Kule kota esiphezu kwayo, i-Invest SA inxenxe utshalomali lwezigidigidi ezili-18.2 zamarandi kakhulukazi kumaphrojekthi amakhulu okufuduka kusukwa kwigesi kuyiwa kugesi.

Ukulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa

Ukulwa nobugebengu nenkohlakalo kusalokhu kuseqhulwini emisebenzini kahulumeni. Sizimisele ukuqeda izigebengu emiphakathini yethu futhi sizoqhubeka ukusebenza ukuze sibe neNingizimu Afrika ephephile lapho izakhamuzi zingazizwa nje ziphephile kepha ziphephile ngempela.

1.6. Ukubambisana phakathi kwemiphakathi kanye nohulumeni kuyadingeka ukuze kuliwe nobugebengu nenkohlakalo. Iziteshi zamaphoyisa ezingama-98,9% zibikwe  njengezineZinkundla Zamaphoyisa Omphakathi ezisebenza kahle nezinomthelela endaweni ephephile futhi evikelekile yezakhamuzi.

1.7. Kuyaqhutshekwa nokwenziwa kwenqubekelaphambili ekulweni nenkohlakalo. Abantu abangama-58 batholwe benamacala maqondana nokuncishiswa kwenkohlakalo ezisebenzini zikahulumeni kulesi sikhathi esibuyekezwayo. Abantu abahlanu (5) batholwe benamacala enkohlakalo noma amacala aphathelene nenkohlakalo lapho inani lemali ebandakanyekayo ngecala ngalinye lingaphezu kwezigidi ezi-5 zamarandi futhi isamba semiyalelo yenkantolo yokuthathwa kwempahla esatholwa siyizigidi ezi-185 zamarandi.

Umhlaba

Umsebenzi wokubuyiselwa komhlaba kubantu uyaqhubeka ukubuyisa isithunzi kulabo abahlukumezeka ngesikhathi sobandlululo. Kwenziwe inqubekelaphambili ebonakalayo ukubuyisa isithunzi kulabo abahlukumezeka ngesikhathi sobandlululo.

1.8. Amahektha ayi-54 400 omhlaba osendaweni esemqoka wathengwa futhi wabelwa abantu futhi amahektha ayi-51 188 abelwa abalimi abakhiqiza umkhiqizo omncane. Amahektha ayi-6 530 omhlaba owathengwa wabelwa abahlala emapulazini kanye nabaqashi abangabasebenzi.

1.9. Ezicelweni zokubuyiselwa umhlaba ezili-112 ezaphothulwa, ezingama-57 zazisezindaweni zasemakhaya zahlomulisa abantu abayizi-2 553 emindenini engama-467.

1.10. Muva nje, uKhomishana Omkhulu Wezicelo Zokubuyiselwa Umhlaba ugunyaze Ukwethulwa Kwesigaba sesi-2 sokuphothulwa kwesicelo sokubuyiselwa umhlaba soMphakathi waseMasinenge kanye nesicelo soMndeni wakwaMtshali ngokukhokhwa kwesinxephezelo semali.

Isamba esiphelele sokukhokhelwa koMphakathi waseMasinenge yizi-7,100,608.00 zamarandi ezizohlomulisa imindeni engama-64 eyaqinisekiswa njengezisulu zokuphucwa umhlaba.

Kusukela mhla lu-1 Mbaso zize zibe ngama-31 Mfumfu 2016, iKhomishana Yokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba ikhokhe isinxephezelo esifinyelela kuzigidigidi zamarandi kulabo abafake izicelo zokubuyiselwa umhlaba abaphucwa amalungelo abo omhlaba.

1.11. Imiphumela yombiko osanda kukhishwa wokutholwe yiSikhungo Sezobudlelwano Bezobuhlanga: "Ukuphila eNingizimu Afrika: Izizathu Zethemba" ubonisa ukuthi ukuphila eNingizimu Afrika kungcono namuhla uma kuqhathaniswa neminyaka engama-20 edlule.

Ngowezi-2015 isamba somkhiqizo wasekhaya (i-GDP) somuntu ngamunye besiphezulu ngama-33% uma kuqhathaniswa nonyaka we-1994; ukukhula kwemali engenayo esetshenziswayo kumuntu ngamunye ikhuphukile isuka kuzi-23,686 zamarandi ngonyaka we-1994 yaya ku-33,660 zamarandi ngonyaka wezi-2015 (ukukhula ngama-42%), isamba sabantu abanemisebenzi siphindaphindekile sisuka kuzigidi ezi-7.9 ngonyaka we-1994 saya kuzigidi ezi-15.6 ngonyaka wezi-2015; inani labantu abathole izindlu ezihloniphekile likhule nge--131,3% kusukela ngonyaka we-1996 kuya kunyaka wezi-2016; inani lokubhalisa emayunivesithi likhuphuke ngama-281,4% lisuka kuzi-211.756 ngonyaka we-1985 siya kuzi-807.663 ngonyaka we-2014; isibalo sabantu abatheleleka ngengculazi sehlile sisuka kuzi-646.806 ngonyaka we-1999 sehlela kuzi-321.497 ngonyaka wezi-2015; kube nokukhula ngama-62,5% kwabasebenzi abaqeqeshiwe emkhakheni kahulumeni phakathi konyaka wezi-2000 nowezi-2015; kanti izinga lokubulawa kwabantu lehle ngama-49,3% kusukela ngonyaka we-1994.

Lokhu kuveza ukuthi nakuba zikhona izinselelo, izinga lempilo labantu baseNingizimu Afrika libe ngcono eminyakeni engamashumi amabili edlule. IKhabinethi ikhuthaza yonke imikhakha yomphakathi ukuthi iqhubeke yakhele phezu kwezimpumelelo esezifezwe yizwe lethu selokhu kwaqala umbuso wentando yeningi labantu. Kunezinto eziningi ezinhle ezilindelwe yileli lizwe kunezinto ezimbi.

Ukuqaliswa kokusebeza kohlelo lukaHulumeni lokusebenza:

1.12. Iviki lesihlanu Lezimbizo Zikazwelonke zikahulumeni elibanjwe kusukela mhla zi-7 zaze zaba yi-13 Lwezi 2016 ngaphansi kwesihloko esithi "Sisonke  siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili: Ikusasa lethu – asilenze liphumelele" liveze ithuba lokuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zixoxisane nohulumeni ngendlela ebonakalayo. Leli thuba lokuxoxisana liphinda libe nesandla kubahlali abanolwazi futhi ababamba iqhaza, nokubalulekile ekufezeni Umbono we-2030 woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

UMongameli Jacob Zuma uqale leli sonto ngesikhathi seMbizo e-Marhulana Primary School eTembisa, eGauteng lapho kudluliselwe ezandleni zesikole ilabholetri yamakhompuyutha.

1.13. Ukuvulwa komgwaqo nebhuloho i-Swartkopfontein phakathi kweNingizimu Afrika kanye neBotswana kuvula isahluko esisha ekuxhumaniseni izintuba ezisemgceleni zaseNingizimu Afrika e-Swartkopfontein nentuba esemgceleni waseBotswana eRamotswa. Umgwaqo nebhuloho elilungisiwe, ngotshalomali lwezigidi ezi-78.5 zamarandi kuholele ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi egcwele engama-51 esikhathini senkontileka esiyizinyanga ezingaphezu kwezingama-23, ngabasebenzi abaqashwe kuwo womabili amazwe.

1.14. Uhlelo Lokuvuselelwa Kwezindawo Zezimboni, ngaphansi kukaNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni, uMnu. Rob Davies  ludala amathuba emisebenzi emalokishini nasezindaweni ezizungeze emalokishini kanye nasemiphakathini yasemakhaya. Uhlelo lwaqalwa luphendula ikhwelo likaMongameli Jacob Zuma ukuthi kusetshenzelwe ukuvuselela izimboni ngokugcwele kanye nokukhula komnotho okufaka wonke umuntu, phakathi kokunye. Kuze kube manje uMnyango Wezohwebo Nezezimboni usutshale imali eyizigidi ezingama-22.5 zamarandi ekuvuseleleni Indawo Yezimboni eKomani. Esigabeni sokuqala sohlelo lokuvuselela izindawo zezimboni, kuqokwe amabhizinisi amancane ayisikhombisa njengosonkontileka abangaphansi kwenkontileka enkulu ngesamba sezigidi ezi-5, 3 zamarandi. Kuqashwe abasebenzi bendawo aba-71, kanti ama-63% kubona kwakuyintsha.

Uhlelo Losozimboni Abamnyama, ngenhloso yokukhulisa abadlalindima emkhakheni wezokukhiqiza, kuze kube yimanje selusekele Osozimboni Abamnyama abangama-22 lwadala namathuba emisebenzi ayi-1 500. Kufakwe imali eyisigidigidi esi-1.5 samarandi ukusekela labo sozimboni.

1.15. IViki Lomhlaba Labasungulimabhizinisi (i-GEW) lithulwe ngokusemthethweni eGoli ngoLwesihlanu olwedlule nguSekelamongameli, uCyril Ramaphosa, esekelwa nguNgqongqoshe uLindiwe Zulu. Lizobanjwa kusukela zi-14 zize zibe ngama-20 Lwezi 2016, futhi ngumhlangano omkhulu kunayo yonke yabasunguli kanye nosomabhizinisi asungula amabhizinisi ngokusebenzisa imicabango, ukukhulisa umnotho kanye nokufukula ukuthuthukiswa kwenhlalo nezomnotho. IKhabhinethi iyawabonga amabhizinisi kanye nokubanjiswene nabo emphakathini ngokuletha i-GEW eNingizimu Afrika, nokunguHulumeni Wesifundazwe saseGauteng, Idolobha LaseGoli, i-Hollard, i-Microsoft, i-IDC, i-SABS, i-SAB, i-SEA Afrika, i-Global Entrepreneurship Network kanye neNhlangano i-Kauffman. Okusetshenziswana nabo bazobamba imicimbi engaphezu kwama-80 kulesi sikhathi. I-GEW iholela eNgqungqutheleni Yomhlaba Yabasungulimabhizinisi (i-GEC) ezobanjelwa okokuqala ngqa ezwenikazi lase-Afrika eGoli ngoNdasa 2017, lapho kulindeleke khona ukuthi kuthamele izithunywa ezingaphezu kwezi-5 000 ezivela emazweni ayi-160.

1.16. Mhla ziyi-14 Lwezi 2016 uNgqongqoshe uNomvula Mokonyane, uvule ngokusemthethweni Indawo Yokuhlanza Amanzi i-Drakenstein futhi wayidlulisela ezandleni zikaMasipala i-Drakenstein eNtshonalanga Kapa. Inani lale phrojekthi lifinyelela kuzi-171 000 000 zamarandi futhi ihlomulise umasipala kanye nomphakathi ngokuwuhlinzeka ngesipiliyoni kanye noqeqesho lwezokwakha, ukuqashwa kwabantu bendawo, kanye nokuthengwa kwempahla kubahlinzeki nabakhi bendawo.

Ukuhlinzekwa kwensizakalongqangi yamanzi emphakathini kunomthelela ekuhlinzekweni kwamanzi ahlanzekile emfuleni futhi kuqeda umthelela ongemuhle wamanzi okunisela angahlanzekile.

1.17. Amanzi kanye nokuthuthwa kwendle kubaluleke kakhulu entuthukweni esimeme. UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uqala Umkhankaso Wokuthuthwa Kwendle ozoholela kuSuku Lomhlaba Lwezindlu Zangasese mhla ziyi-19 Lwezi 2016, olusetshenziselwa ukuqwashisa, ukufundisa nokwenza imizamo yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyafinyelela kwizinsizakalo ezihloniphekile zokuthuthwa kwendle.

INingizimu Afrika izibophezele ekusheshiseni kokuhlinzekwa kwezinsizakalo zamanzi nokuthuthwa kwendle, futhi ngaleyo ndlela kubuyiswe isithunzi kakhulukazi salabo bantu abavela emiphakathini eyayincishwe amathuba ngaphambilini. Uhlelo Lokuqedwa Kwamabhakede Endle luhlose ukuqeda umlando wezindlu ezincane zamabhakede endle njengendlela yohlelo lokuthuthwa kwendle ezifundazweni ezine, okuyiMpumalanga Kapa, iFreyistata, iNyakatho Ntshonalanga neNyakatho Kapa. Kuze kube yimanje, sekuqedwe amabhakede endle ayi-25 091 futhi kusazoqedwa amabhakede endle asele ayi-27 147.

1.18. Ukuthwala iziqu kwabantu abasha ohlelweni lweminyaka emine Lukazwelonke Lokuqeqesha Intsha Yasemakhaya (i-NARYSEC) mhla ziyi-17 Lwezi 2016 kusekela izinhlelo nemizamo kahulumeni yokwakha amathuba emisebenzi. Lolu hlelo olwathulwa ngonyaka we-2010, wuhlelo lwentsha lokuthuthukisa amakhono kanye nokudala amathuba emisebenzi olusiza ukuguqula abantu abasha ezindaweni zasemakhaya besuka kubantu abafuna amathuba emisebenzi babe ngabantu abadala amathuba emisebenzi.

1.19. INgqungquthela yoMasipala Yohlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP) iyaqhubeka kusukela mhla ziyi-15 zize zibe yi-17 Lwezi 2016 ngaphansi kwengqikithi ethi "Bona, Uzwe futhi Uthole Izinhlelo Zokusungula Amathuba Emisebenzi Omphakathi", e-St George Conference Centre eGauteng. I-EPWP wuhlelo lukahulumeni olubalulekile, olufaka isandla ekudaleni amathuba emisebenzi ehloniphekile kanye nezimpilo ezisimeme, imfundo, ezempilo, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ukudla okwanele kanye nokuhlelwa kabusha komhlaba, kuhlanganisa nokulwa nobugebengu nenkohlakalo.

Le ngqungquthela igxila kuzingxenye zemisebenzi owenziwa kulolu hlelo ngokuhlinzeka ithuba lokwabelana ngezipiliyoni kanye nemikhuba yokusebenza emihle. Lokhu kuthuthukisa imizamo kahulumeni yokuhlinzeka amathuba emisebenzi kanye nokuzuza amakhono ngokusebenzisa uqeqesho oluvuselela imiphakathi ehlwempu.

Amathuba emisebenzi angaphezu kwezigidi ezi-7 adalwe ngokusebenzisa i-EPWP kusuka ngonyaka wezi-2004 kuya kunyaka wezi-2016. Lokhu kubonisa ukuqaliswa ngempumelelo kokusetshenziswa kwalolu hlelo yiwo wonke amazinga kahulumeni, omasipala kanye nezinhlangano zomphakathi. Isigaba se-3 se-EPWP singene onyakeni wesithathu wokusetshenziswa - futhi senze kwathulwa imigomo yomhlaba ebusa ukuqaliswa kokusetshenziswa kwalolu hlelo futhi inhlosongqangi yalo wukukhuthaza ukubamba iqhaza komphakathi ezindaweni lapho kusetshenziswa khona amaphrojekthi e-EPWP. Lokhu kubuye kuvumele ukwenzela izinto obala mayelana nokuqashwa kwabantu.

1.20. Ukufuduka ngempumelelo kusukwa ekusakazeni nge-analogi kuyiwa ekusakazeni ngedijithali kubahlali basendaweni yase-Square Kilometre Array eNyakatho Kapa, kusho ukuthi lezi zakhamuzi ngezinye zokuqala ukuthola imihlomulo ephelele yomsindo ongcono kanye nesithombe esicacile esihambisana nomabonakude osakaza ngedijithali.

Isimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe Muthambi sokuphothula inqubo yokufudukela kuhlelo lokusakaza ngedijithali ngoZibandlela 2018 ngendlela yezifundazwe luyaqhubeka, njengoba kakade seluqalile eNyakatho Ntshonalanga naseLimpopo. Ukubhalisa kuvuliwe eFreyistata, eMpumalanga naseLimpopo. Ukubhalisa kuzovulwa eNyakatho Ntshonalanga, eMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseGauteng ngesikhathi esizayo.

1.21. Ukucinywa kwe-analogi kuyingxenye yohlelo lezwe lokuFudukela Ekusakazeni Kwedijithali ezweni. Imindeni ehlwempu elufanele uxhaso lukahulumeni iyanxuswa ukuthi ibhalisele ukuthola i-STB yamahhala emagatsheni ePosi aseduze nayo.

1.22. Ikhabinethi iphinde yabikwelwa ngohlelo lokumba amathambo ezishoshovu zezombusazwe ezalengiswa ngesikhathi sobandlululo. Zibalelwa okungenani e-130 iziboshwa zezombusazwe ezalengiselwa amacala ahlobene nezombusazwe phakathi konyaka we-1960 nonyaka we-1990, unyaka okwaqedwa ngawo isigwebo sentambo. Lezi zishoshovu ezazithanda izwe lazo ziyongcwatshwa ezindaweni ezidabuka kuzo.

Le nqubo ilandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwePhrojekthi Yokumba Amathambo Abalengiswa mhla zi-23 Ndasa 2016 Esizindeni Sokuhlunyeleliswa Kwezimilo iKgosi Mampuru II, ukuqala ukumbiwa kwamathambo ezishoshovu zezombusazwe ezingama-83 isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuphela kowe-2016/17.

1.23. IKhabhinethi ikwamukele ukuphethwa ngempumelelo koMhlangano Wesithathu phakathi kweBotswana neNingizimu Afrika obuholwa nguMongameli Jacob Zuma kanye nomlingani wakhe uMongameli Seretse Ian Khama wokuqinisa ukubambisana kwezomnotho phakathi kwalawa mazwe amabili.

Ezinye zezinto ezidingidiwe ukusheshiswa komsebenzi wePhrojekthi Yokudluliswa Kwamanzi YaseLesotho Highlands, ukuqaliswa kokusetshenziswa kweQhinga Lokusungula Izimboni leNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) noHlelo Lwesifunda Oluyinkomba Yentuthuko Yesifunda  kanye nokwakha uchungechunge lwesifunda lokuphakelwa kwempahla kanye namandla okwakha, kanye nokubambisana ekuphathweni kwemingceleni ukuze kuliwe nobugebengu obenzeka emigceleni njengokubulawa kobhejane nezindlovu.

INingizimu Afrika ikuqinisekisile ukusekela kwayo ilungu elimele i-SADC okhethweni lwesikhundla sokuba nguSihlalo Wekhomishana ye-AU Umhlonishwa uDkt. Pelonomi Venson-Moitoi, uNgqongqoshe Wezindaba Zomhlaba Nokubambisana weRiphabhuliki YaseBotswana

1.24. UMongameli Jacob Zuma uphothule uhambo olusemthethweni oluyimpumelelo e-Addis Ababa, e-Federal Democratic Republic of Ethiopia lapho ebethamele khona umhlangano weKomidi le-AU Lezinga Eliphezulu elimayelana ne-Libya ukubuyekeza nokudingida isimo sokuthula nokuphepha e-Libya. IKomiti lidingide laphinda lavumelana ngezindaba ezihlukahlukene ezizosiza ekutholeni isixazululo sesikhathi eside kuzinselelo ezibhekene nabantu base-Libya. Njengamalungu e-AU sifuna kube nokuthula nokuzinza eLibya futhi ikomidi livumile ukuthi njenge-Afrika sidinga okuxoxisana kabanzi nabo bonke abathintekayo e-Libya ukuthola isixazululo esiqhamuka ne-Afrika ezinkingeni ezikhungethe leli lizwe.

UMongameli Zuma uphinde wathamela Umhlangano Wesibili Okhethekile waMazwe Angamavolontiya Kumbutho Wokuqinisekisa Ukuthi i-Afrika Iphendula Ngokushesha Kuzinkinga Zezwekazi (i-ACIRC). Inhloso yale Ngqungquthela bekuwukudingida  isimo soMbutho we-ACIRC kulandela ukuzivivinya kwe-UTULIVU AFRICA I and II Command Post Exercises (CPX) kanye nokuqinisekisa amandla okunikela kusukela ngoNhlaba 2014 kuya kuMbaso 2015. Amazwe angamavolontiya ku-ACIRC, nokubandakanya iNingizimu Afrika, anqume ukuba ngabaholi ekuqhamukeni nezixazululo zase-Afrika kuzinselele ezibhekene ne-Afrika ngaphandle kokungenela kwamathimba angaphandle.

2. Imicimbi ezayo

2.1. Umkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane ubanjwa minyaka yonke mhla zingama-25 Lwezi (Usuku Lomhlaba Lokuqedwa Kodlame Olubhekiswe Kwabesifazane) zize zibe yi-10 Zibandlela (Usuku Lomhlaba Lwamalungelo Abantu). Ezinye izinsuku ezibalulekile ezigujwa ngalesi sikhathi kubandakanya Usuku Lomhlaba Lwengculazi mhla lu-1 Zibandlela kanye noSuku Lomhlaba Lwabantu Abanokukhubazeka mhlaka zi-3 Zibandlela.

Isiqubulo sowe-2016 Sezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane sithi "Nami ngibale: Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika engenadlame phambili" futhi uqhutshwa unyaka wonke ngokusebenzisana ngokuqhubekayo nemiphakathi.

UMongameli Jacob Zuma uzokwethula ngokusemthethweni mhla zingama-25 Lwezi 2016 Umkhankaso Kazwelonke Wokuxoxisana Nomphakathi nokuzokwenza ukuthi oMasipala Bezifunda basingathe imihlangano yokuxoxisana nomphakathi unyaka wonke. Ukuxoxisana nomphakathi kuzobandakanya ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokufukulwa kwemiphakathi, ikakhulukazi abesifazane, kanye nokwenziwa ngcono kokulethwa kwezinsizakalo mayelana nokufinyelela kwezobulungiswa kanye nokweluleka kanye nezinsizakalo zezempilo. Bonke abantu baseNingizimu Afrika banomthwalo wokubamba iqhaza ngendlela ebonakalayo ekulwisaneni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

2.2. UNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana, uMaite Nkoana-Mashabane kanye noNgqongqoshe Wezimbiwa Phansi Nemvelo woMbuso WaseRussia uMnu. Sergey Donskoy, bazoba ngosihlalo eMhlanganweni we-14 Wekomidi Lokuhlanganyela Phakathi Kohulumeni Kwezohwebo Nezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika neRussia ngoLwesihlanu, ziyi-18 Lwezi 2016, ePitori.
Kulo mhlangano kulindeleke ukuba kuvunyelwane ngezinhlelo ezithile zokusebenza ukusheshisa ukuqaliswa kokusetshenziswa kokuzibophezela okukhona njengamanje kuyo yonke imikhakha ye-ITEC, kuhlanganisa ezohwebo, ukutshalwa kwezimali kanye nezasemabhange; ezezimbiwaphansi; ezamandla; ezolimo, ezamahlathi kanye zokudoba; ezokuthutha; ezesayensi, ezobuchwepheshe kanye nezomkhathi; imithombo yamanzi; kanye nezemfundo kanye nezobulungiswa.

2.3. USekelamongameli uCyril Ramaphosa uzohola ithimba longqongqoshe nokusetshenziswana nabo abangekho ngaphansi kukahulumeni mhla ziyi-19 Lwezi 2016 kuMbukiso Wokuthuthukiswa Kwemisebenzi Yentsha eNkundleni Yezemidlalo i-Nkowankowa kuMasipala Wendawo i-Greater Tzaneen, eLimpopo.

Lo mbukiso uzohlinzeka ngezeluleko zemisebenzi engafundelwa kanye nolwazi ngamathuba emfundo ephakakeme kanye noqeqesho kubafundi beBanga le-10 kuya kwabeBanga le-12, entsheni engasebenzi, kanye nentsha engakwazanga ukuphothula isikole samabanga aphakeme. Umbukiso Wezokuthuthukiswa Kwemisebenzi Yentsha yingxenye yomsebenzi kaHulumeni wokufukula abantu abasha, kakhulukazi ukubamba kwabo iqhaza emnothweni, ukuze bakwazi ukuthatha indawo yabo efanele emphakathini wethu.

2.4. Kulandela Ukhetho Lohulumeni Basekhaya, ukubamba iqhaza komphakathi ekubusweni kwemiphakathi kusalokhu kubalulekile ekuhleleni kukamasipala, ngendlela ebhekana nezidingo zezakhamizi.

UMthetho Wezinhlaka Zikahulumeni Wasekhaya, we-1998 udinga phakathi kokunye ukuthi omasipala bathuthukise izindlela zokuxoxisana nemiphakathi kanye nezinhlangano zomphakathi ekwenzeni imisebenzi yabo kanye nasekusebenziseni amandla abo. Lezi zinhlaka zaziwa ngaMakomidi Ezigceme, futhi ahlinzeka ukuxhumana okubalulekile phakathi kwaMakhansela Ezigceme, umphakathi kanye nomasipala.

Ezinyangeni ezizayo kuzokhethwa Amakomidi Ezigceme ukuze asebenzele imiphakathi futhi izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi zibambe iqhaza kulolu khetho futhi zingenelele ukukhethelwa ukubamba iqhaza kulezi zinhlaka.

IKhabhinethi ilwamukele ukhetho lokuchibiyela lwezigceme zomasipala oluyimpumelelo futhi olinokuthula olusanda kubanjwa ezifundazweni eziyisithupha. Abantu baseNingizimu Afrika baphinde bakhombisa ukuzibophezela kwabo ukubekezelaneni ngezombusazwe nokuyinto ewubufakazi bokuvuthwa kombuso wentando yeningi labantu owakhelwe phezu komthethosisekelo.

2.5. UMcimbi Wonyaka wezi-2016 Wezindondo Zezemidlalo zase-SA uzobanjwa mhla zingama-27 Lwezi 2016 e-Sand du Plessis Theatre, eMangaung, eFreyistata. Izingcingo zokuvotela Intandokazi Yabantu yoMdlali Ovelele Wonyaka nokubanjiswene nabo kwezokusakaza i-SABC Sport zivuliwe futhi zizovalwa mhla zingama-27 Lwezi 2016 ngehora le-21h00. IKhabinethi ihalalisela bonke Abakhethelwe Intandokazi Yabantu yoMdlali Ovelele Wonyaka.

3. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Eziqavile

3.1. Umthelela Wokuguquka Kwesimo Sezulu uyabonakala ngezimo zezulu ezibucayi ngemvula engajwayelekile, izimo zesomiso, ukushisa ngokweqile kanye nezikhukhula ezingalindelekile. Izikhukhula ezingalindelekile eGauteng naseMpumalanga ziholele ekushoneni kwabantu, imiphakathi ekhahlamezekile kakhulukazi emijondolo kanye nomonakalo kuzingqalasizinda ezifana nemigwaqo, amabhuloho kanye nezakhiwo.

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balabo abashone kuzikhukhula futhi ifisela labo abalimele ukuba balulame ngokushesha. Imicabango nemithandazo yesizwe inalabo abathandekayo babo abakatholakali. Amathimba Okuphathwa Kwezinhlekele ezwe asalokhu esiqaphile isimo ezweni lonke, kakhulukazi ezindaweni okusalindeleke kuzo ezinye izimvula. Bonke abantu kumele bahloniphe futhi balalele isexwayiso sokuqala sesimo sezulu esibucayi.

UMongameli Jacob Zuma ephelezelwa nguNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura kanye noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko u-Des van Rooyen bahlole indawo futhi bavakashela imizi eyahlaselwa yizikhukhula emijondolo yaseStjwetla ngaseMfuleni i-Jukskei. UMongameli Zuma uyalele ukungenelela phakathi kohulumeni okuholwa nguNgqongqoshe u-van Rooyen  ukulawula Umfula i-Jukskei kanye nokuqinisa usebe lwayo ukunciphisa umthelela wezikhukhula emiphakathini. IKhabhinethi ibonga Izinhlangano Ezingekho Ngaphantsi Kukahulumeni (ama-NGO) Ezizinze Emphakathini, Amakhansela Ezigceme kanye namavolontiya asize abahlali.

Izimvula zakamuva akufanele nokho zenze iNingizimu Afrika ibe nomuzwa ongelona iqiniso wokuthi kunamanzi anele njengoba izingxenye ezihlukahlukene zezwe ziqhubeka nokukhahlanyezwa yisomiso. Uhulumeni udedele amanzi esuka eDanyini i-Sterkfontein eya eDanyini i-Vaal njengesixazululo sesikhathi esifushane ukudambisa isimo futhi ukhiphe ezinye izigidi ezingama-212 zamarandi zoxhaso lwezikhukhula ukusekela abalimi ezifundazweni ezimenyezelwe njengezindawo ezikhahlanyezwe yisomiso.

IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazi ngomthelela wezenzo zabo emvelweni futhi benze ngakho konke okusemandleni ukonga amanzi.

3.2. Izinhlangano zamazwe ngamazwe ezibuyekeza futhi ziklelise iminotho yamazwe omhlaba okuyi-Moody’s, i-Fitch, kanye ne-Standard & Poor’s emasontweni azayo zizomemezela isinqumo sazo mayelana nesilinganiso sezwe sezinga lokutshalwa kwezimali.

Uhulumeni ubelokhu esebenza nabamabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nomkhakha wabasebenzi ukusebenzisa izinhlelo zezwe zibe yimiphumela ebonakalayo ezoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ihlala iyizwe elisezingeni elilufanele utshalomali.

IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha ukuba ihlanganyele nohulumeni kumizamo yobumbano yokuvikela isimo sotshalomali sezwe lethu.

3.3. Ukukhishwa kwemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku yowezi-2015/16 nguMcwaningimabhuku Jikelele, uKimi Makwetu yeminyango kazwelonke neyezifundazwe nezinhlangano zayo kugcizelela ukubaluleka kokwenza izinto ngokulandela kahle futhi ngokungaguquki lezi zisekelo ezilandelayo: ukuqaliswa kokusetshenziswa kwezinhlelo zokuxazulula izinkinga ekulawulweni kwezimali ngokwezibophezelo esezenziwe kakade; ukuhlinzeka ngobuholi obusebenza ngempumelelo nokuqapha ukufezwa kwemikhawulo yokusebenza; nokubuyekezwa kanye nokuqapha ukuhambisana nemithetho nemithethonkambiso ebalulekile emayelana nezindaba zezimali.

Imiphumela yokucwaningwa kwamabhuku yezikhungo zikazwelonke ezicwaningelwe amabhuku ibonisa ukuba ngcono nge-8%; ama--30% alabo abacwaningelwe amabhuku bathole imibiko yokucwaningwa kwamabhuku engenawo amachashaza kanti izikhungo zikazwelonke eziyi-14% zinemibiko engakaphothulwa, angenakuphawula ngayo umcwaningimabhuku noma imibono engavezi isimo sezimali esiyiqiniso.

Ezifundazweni iminyango eminingi ibe nemiphumela engemihle mayelana nokuthotshelwa kwemithetho ebalulekile kanye nezinga lemibiko yawo yokusebenza yonyaka.

IKhabhinethi iphawulile ngokukhathazeka ngobungozi kanye nezinselelo njengoba ziveziwe kwimiphumela yokucwaningwa kwamabhuku. Ibophezele uhulumeni ukuthi axazulule izindaba ezindinga ukubhekwa ngokushesha ezihlonziwe futhi aqinise ulawulo lwezimali ukuze kube nemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku engcono.

3.4. IKhabhinethi yamukele cishe izithunywa eziyizi-11 000 ezithamele inkomfa ye-19 ye-AfricaCom ebanjelwe eKapa kusukela mhla ziyi-15 kuya mhla ziyi-17 Lwezi 2016 ngaphansi kwesiqubulo esithi "Ukusebenzisa amandla aguqulayo edijithali yase-Afrika etshintshayo: i-intanethi njengenjini yokuthuthukisa umnotho nokufukula umphakathi". Kule ngqungquthela uNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi uDkt Siyabonga Cwele wathula kuyo inkulumo futhi yayinezikhulumi ezingaphezu kwama-350.

I-AfricaCom sekuyinkundla esabalele ekuthuthukiseni umnotho wedijithali e-Afrika  yentuthuko nokufula ezenhlalo nezomnotho ekusekeleni Uhlelo lwe-Agenda ye-Afrika yowe-2063. Le ngqungquthela iheha abaholi abaphuma kumkhakha wolwazi lwezobuchwepheshe kwezokuxhumana (i-ICT), osomabhizinisi kanye nabasunguli abavela e-Afrika kanye nezikhulu ezivela emazweni angaphezu kwe-140. Inkomfa yalo nyaka ibigxile ekuthuthukisweni kwamakhono edijithali, ukufukula abesifazane kwezobuchwepheshe, ubuchwepheshe ukuze kulwiwe nokukhubazeka kanye nokusekelwa kwama-African Tech Start-up Ecosystem. Lokhu kuhlinzeke indlela yokufeza izinhloso ze-NDP mayelana nezinguquko zedijithali, ukuthuthukiswa komnotho kanye nokufukulwa komphakathi.

3.5. IKhabhinethi iyajabula ukuthi abafundi abaningi ezikhungweni zemfundo ephakeme ezweni lonke balinanele ikhwelo lokuthi kuhlengwe uhlelo lokufunda lonyaka we-2016. Izikhungo eziningana zikuqalile ukuhlolwa kwazo kokugcina konyaka.

Sikhuthaza abafundi ukuba bagxile ekuphothuleni izifundo zabo futhi bavumele IKhomishana Ephenya Ngemfundo Yamahhala Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme Noqeqesho ukuthi iphothule umsebenzi wayo.

Umsebenzi owenziwa nge-NEDLAC uyabongwa, lapho uMnyango Wezezimali Kuzwelonke uthule iziphakamiso mayelana nendlela okungafezwa ngayo imfundo yamahhala yabafundi abasezikhungweni zemfundo ephakeme. Isimemezelo sizophothulwa ekupheleni kukaLwezi 2016.

Ikhwelo labaholi bezenkolo kuzwelonke kanye nabanye abaholi bezenkolo lokuthi kuqhanyukwe nesixazululo kuzinselelo ezibhekene nemfundo ephakeme liyamukeleka. Usekelo lwabo besebenzisa imizamo yokuxazulula, imithandazo kanye noxolo kanye nekhwelo labo lokuthi uhlelo lokufunda lonyaka we-2016 luphothulwe ngempumelelo luyamukeleka.

3.6. IKhabhinethi iyasamukela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo mayelana noHlelo Lokulawula Izithuthi Kuzwelonke (i-eNATIS) oseluzolawulwa nguhulumeni manje.

3.7. Siphinde saphawula ngeSinqumo Senkantolo Yomthethosisekelo ukuthi isicelo esifakwe uTerry Crawford-Browne, ukuthi ikhomishani ephenya ngezikhali ithathwe njengento eyizeleze, ngeke sisize ngalutho kwezobulungiswa. Ikhomishana Yophenyo kaSeriti ebiphenya ngokuthengwa kwezikhali zezigidigidi ngonyaka we-1999 yathola ukuthi abukho ubufakazi bokuthi izivumelwano zazinogcobho wobufakazi benkohlakalo, ukukhwabanisa noma ubugebengu, lo mbiko wadedelwa nguMongameli Jacob Zuma ngoMbaso 2016.

3.8. IKhabhinethi ikhathazekile ngezinkulumo ezigqugquzela ukungezwani ngokobuhlanga kanye nodlame ngabaholi abaziwayo okuphazamisa inkululeko yethu eyalwelwa kanzima. Abantu baseNingizimu Afrika kumele bagxeke izinto ezinobungozi ezifana nokushaywa okuwucwasa kukaRethabile Mlotshwa okusebenza kuphela ukulimaza izakhamuzi zakithi zaseNingizimu Afrika, futhi akwengezi kubuntu besizwe sethu.

Kufanele futhi siqhubeke ukuba sihloniphe umthetho futhi siphikisane nekhwelo lokuthi kuthathwe umhlaba ngokungemthetho emiphakathini yethu.

3.9. IKhabhinethi iyakuhlonipha ukwesula kukaMnu. Brian Molefe njengoMphathi Omkhulu wakwa-Eskom futhi umfisela okumhlophe kulokho azokwenza ngomuso. Umnu. Molefe uye waba nesandla ekuthuthikisweni kweqhinga lokushintsha ukusebenza enkampanini yakwa-Eskom eseliqala ukuthela izithelo. IKhabhinethi ayingabazi ukuthi ushiye ngemumva ithimba labaholi eliqotho elizoqhubeka nokufeza umsebenzi we-Eskom kanye nokuqaliswa kokusetshenziswa kweqhinga lokushintsha ukusebenza.

3.10. IKhabhinethi iphawulile ngezinsolo zombiko we-Al Jazeera mayelana noNgqongqoshe Wezobunhloli, uMnu. David Mahlobo, futhi iphawulile ukuthi Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ayaziphenya lezi zinsolo.

3.11. IKhabhinethi ikugcizelele ukuthi uhulumeni ubelokhu ehamba phambili ekulweni nobugebengu bezemvelo, lokhu kubandakanya umsebenzi owenziwa abophiko lwezokuphepha njengengxenye yemizamo kahulumeni yokuqeda ubugebengu obuhleliwe bamazwe ngamazwe kanye nokuqinisekisa ukuthi bayashushiswa labo abathintekayo emaqenjini obugebengu.

IKhabhinethi ihalalisela laba abalandelayo:

3.12. UNgqongqoshe Wezezimali, uPravin Gordhan owahlonishwa emcimbini we-2016 weZindondo ze-Sunday Times Zezinkampani ezi-100 Ezihamba Phambili ngabaphathi bemboni eNingizimu Afrika. Lokhu kuhlonishwa ngabezamabhizinisi kukhombisa ukuthi sisonke kulokhu, futhi sonke sinesifiso sokushintsha iNingizimu Afrika ibe yindawo engcono. Imizamo yokuhlanganyela kahulumeni, amabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi kungena egiyeni eliphezulu lokufeza Umbono we-2030 we-NDP.

3.13. U-Francois Groepe owaqokwa kabusha njengePhini Lombusi Webhange Lombuso LaseNingizimu Afrika, nguMongameli Jacob Zuma, isikhathi esiyiminyaka emihlanu ezayo kusukela mhla lu-1 Masingana 2017.

3.14. Umsunguli wenhlangano i-Gift of the Givers u-Imtiaz Sooliman, owaklonyeliswa ngeNdondo Yesakhamuzi Somhlaba yisikhungo somhlaba esicebisayo i-Henley & Partners. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bandizisa phezulu ifulegi lezwe ngokunikela okubonisa ukuzidela kubantu abaswele.

3.15. UMpheki Omkhulu uMartin Kobald, odumile kwezokupheka eNingizimu Afrika, okhethwe njengephini likamongameli weNhlangano Yomhlaba Yezinhlangano Zabapheki.

3.16. IHhotela Elinobungani Emvelweni Kunawo Wonke e-Afrika, i-Hotel Verde elitholakala eSikhumulweni Sezindiza Somhlaba Sase-Kapa elivotelwe njengelinqobile emhlabeni jikelele emkhakheni Wendawo Yokuhlala Esemadolobheni kuZindondo Zaminyaka Yonke ze-15 Zezokuvakasha Zomhlaba Ezizinzile, ebezibanjelwe eMonaco.

3.17. Umdlali weQembu Lebhola Lombhoxo Labadlali Abayisikhombisa, i-Sevens,  laseNingizimu Afrika uSeabelo Senatla, omenyezelwe njengoMdlali Wesilisa Wonyaka Wezebhola Lombhoxo Lomhlaba Labadlali Abayisikhombisa ngokudlala kakhe ngonyaka we-2016. Lo mdlali waseNingizimu Afrika ufake amathrayi angama-66 kumidlalo eyi-10 kuchungechunge lwe-2015-16– elesibili ngokuba phezulu emlandweni weminyaka eyi-17 yochungechunge, lokhu kuyinto efaka ugqozi kubadlali bebhola lombhoxo abasebancane. Lona ngunyaka wesibili ilandelana umdlali waseNingizimu Afrika enqoba le ndondo.

3.18. Umgijimi waseNingizimu Afrika owanqoba indondo yegolide uWayde van Niekerk owamenyezelwa njengomdlali wesilisa ovelele weMidlalo yama-Olimpiki yiNhlangano i-National Olympic Committee’s Awards obubanjelwe e-Doha.

3.19. UBrad Binder ophethe umkhankaso wakhe wokunqoba isicoco se-Moto3 ngokunqoba kumjaho wokugcina e-Valencia e-Spain.

3.20. IKhabhinethi ihalalisele ama-Proteas ngokunqoba kwawo uchungechunge lwemidlalo ngesikhathi ebhekene ne-Australia kanye neBafana Bafana ngokunqoba kwayo ngesikhathi ibhekene neSenegal emdlalweni wokuhlungena Indebe Yomhlaba. IKhabhinethi ifisela Amabhobhoko impumelelo edlalweni awo ne-Italy futhi iyathemba ukuthi ukwehlulwa kwawo yi-England kuzosiza ekuqiniseni iqembu.

IKhabhinethi ibonga bonke abantu baseNingizimu Afrika abaphinde basekela amaqembu ethu esizwe ngokubukela imidlalo ehlukahlukene futhi bagqoka imibala yefulegi lethu noma izikibha zamaqembu abo abawathandayo. Masiqhubeke nokwamukela nokuqhakambisa umuzwa wokuzigqaja kwethu njengoba amaqembu ethu endizisa ifulegi lezwe lethu.

3.21. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekuhalaleliseni u-Donald John Trump okhethwe njengoMongameli wama-45 wase-United States of America (USA) futhi inesiqiniseko sokuthi ukusebenzisana kwangomuso phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA kuzohlomulisa womabili amazwe.

4. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

4.1. UMnyango Wezabasebenzi:
a) UNkk. MSB Matebesi njengePhini Likamqondisi Jikelele: Imisebenzi Yokweseka Ukuphathwa Nokulawulwa  Kwesikhungo, kanye
b) NoMnu. TS Maruping njengePhini Likamqondisi Jikelele Isikhwama Somshuwalense Wabangasebenzi.

4.2. UNkz. CL Duma njengePhini Likamqondisi Jikelele: Imisebenzi Yokweseka Ukuphathwa Nokulawulwa Kwesikhungo eMnyangweni Wezokuvakasha.

4.3. UMnu. H Ratshisusu njengePhini Likakhomishana Wezokuncintisana.

4.4. UMnu. Enver Daniels njengePhini Likasihlalo Wenkantolo Yezokuncintisana.

4.5. USlz. H Cheadle njengelungu elisebenza ngokungagcwele leNkantolo Yezokuncintisana.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Donald Liphoko
Umakhalekhikhini: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore