Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangomhla zi-16 Ndasa 2016

1. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

1.1. IKhabhinethi ihlole Imibiko Yesigamu Sesithathu Yemiphumela Yenqubekela Phambili yesikhathi sikaMfumfu kuze kushaye uZibandlela 2015. Imibiko ibonisa inqubekela phambili ebonakalayo ekuqalisweni kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezinomthelela ngqo ekuthuthukisweni kwezimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

Imibiko Yemiphumela Yenqubekela Phambili ihlinzeka ubufakazi bokuthi uhulumeni ube nenqubekela phambili ekufezeni imikhawulo ebekwe Ohlakeni Lwamaqhinga Lwesikhathi Esiphakathi Nendawo 2014-2019. Iphinda isisondeze ekufezeni Umbono we-2030, njengoba ubekiwe oHlelweni Lwentuthuko Lukazwelonke (i-NDP), oluhlose ukulwa nobubha, ukuntuleka kwamathuba emisebenzi kanye nokungalingani.

IKhabhinethi iqaphelile inqubekela phambili eyamukelekile eyenziwe ukufeza imikhawulo kanye nemiphumela. IKhabhinethi iphinde yaqaphela ukuthi yize kube nenqubekela phambili ebonakalayo maqondana nezinkomba eziningi, zisekhona izindawo ezidinga ukungenelela okuhleliwe kukahulumeni.

2. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

2.1. IKhabhinethi izwakalise ukubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abananele ikhwelo leKhomishana Ezimele Yokhetho (i-IEC) lokuthi abantu babhalise, babheke isimo sabo sokubhalisa futhi babuyekeze imininingwane yabo esohlwini lwabavoti ngempelasonto yomhla zi-5 nangomhla zi-6 Ndasa 2016. Balinganiselwa kuzigidi ezintathu abantu abavakashele iziteshi zokuvota ezweni lonke kanti abantu aba-544 552 kwababhalise okokuqala ngqa (ama-78.6 %) ngabantu abaneminyaka engaphansi kwa-30 ubudala, nokubonisa ukuzimisela kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika ekubambeni iqhaza ekwakheni umbuso wethu wentando yeningi.
IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise ilungelo labo lentando yeningi ngokubhalisela ukuvota futhi inxusa labo abaseke babhalisa ngaphambilini ukuthi baqinisekise imininingwane yabo yokubhalisela ukuvota njengoba ziningana izinto eziye zaholela ezinguqukweni ohlwini lwabavoti.

2.2. Impelasonto yokubhalisa okokugcina izoba mhla zi-9 nangomhla zi-10 Mbaso 2016 lapho kuzophinda kuvulwe iziteshi zokuvota kusukela ngehora le-8:00 kuze kushaye ihora le-17:00. Leli kuyoba yithuba lokugcina lokuthi abavoti babhalise futhi babuyekeze imininingwane yabo yokubhalisa eziteshini zabo zokuvota. Kodwa ukubhalisa kuyaqhubeka emahhovisi e-IEC endawo ngezikhathi zomsebenzi kusukela ngoMsombuluko kuze kushaye uLwesihlanu, kuze kuvalwe uhlu lwabavoti loKhetho Lomasipala lonyaka we-2016 ngosuku okumenyezelwa ngalo usuku lokuvota.

IKhabhinethi iyalugxeka udlame olube khona kwezinye izindawo ngempelasonto yokubhalisela ukuvota esanda kudlula futhi iyagcizelela ukuthi akukho muntu ongavimbela noma yisiphi isakhamizi saseNingizimu Afrika ukuthi sisebenzise ilungelo laso lentando yeningi lokubhalisela ukuvota. IKhabhinethi iphinda inxusa bonke labo abenza lokhu ukuthi bayeke le misebenzi yobugebengu futhi ukuthi labo abathintekile babike lezi zigilamikhuba kwabezomthetho. IKhabhinethi inxusa bonke abaphethe ezomthetho ukuthi bathathele labo abaphula umthetho izinyathelo ezinqala.

2.3. UMongameli Jacob Zuma uzohambela e-Port Elizabeth mhla zi-8 Mbaso 2016 ukuyohlola inqubekela phambili ekwakhiweni kwengqalasizinda yezokuthutha yasolwandle njengengxenye yezinyathelo zoMnotho Wezwe Wasolwandle. UMnotho Wasolwandle ungenye yemigudu emithathu yoMKhankaso we-Operation Phakisa futhi usondeza izwe ekufezeni ukubaluleka kwezilwandle zaseNingizimu Afrika, nokungenzeka kufake izigidigidi ezi-177 zamarandi emkhiqizweni okhiqizwe ngaphakathi ezweni kanye nokudala amathuba emisebenzi emisha angaphezu kwesigidi.

2.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuphethwa ngempumelelo koHambo Olusemthethweni lukaMongameli Zuma lokuvakashela eRiphabhuliki YaseNigeria kusukela mhla zi-8 zaze zaba yi-9 Ndasa 2016, nokwenze ngcono ubudlelwano bezepolitiki, bezomnotho kanye nobezenhlalo phakathi kwamazwe amabili. Okunye okufezwe yilokhu kuvakasha kube ukuphakanyiswa kweKhomishani Yamazwe Amabili yayiswa ezingeni leZinhloko Zombuso, nokuqhakambisa ukuthuthukiswa komnotho phakathi kwalawa mazwe amabili.

IKhabhinethi iyakwamukela ukuvulwa komnotho waseNigeria uvulelwa izinkampani zaseNingizimu Afrika emikhakheni ehlukahlukene efana nowezobunjiniyela, owezokuxhumana ngezigcingo, owezokwakha, owezezindiza, owezezindaba, owezokuphathwa kwezivakashi, owezamabhange, owezokuzijabulisa, owezakhiwo, owezokuthengisa, owezemisebenzi yokuthola upetroli negesi. IKhabhinethi ikulangazelele ukwanda kwenani lotshalomali lwaseNigeria eNingizimu Afrika nokuzokhuthaza uhwebo oluhlomulisa amazwe womabili.

Imiphumela yalokhu kuxoxisana phakathi kwezikhondlakhondla ezimbili zezomnotho ezwenikazi kuzodidiyela iminotho yezifunda, ngaleyo ndlela kwandise imakethe efanayo futhi kukhuphule izinhlelo ezikhona njengamanje zokukhula komnotho kanye namathuba emisebenzi e-Afrika. Lokhu kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu iyindawo yotshalomali ekwazi ukuncintisana nezinye phezu kwesimo somnotho womhlaba esingesihle, futhi kuzoholela ekwakhiweni kwamathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono abantu baseNingizimu Afrika.

2.5. IKhabhinethi iqaphelile ukuthi iNingizimu Afrika izobamba iqhaza eMhlanganweni wa-60 Wekhomishana Yenhlangano Yezizwe (i-UN) emayelana Nesimo Sabesifazane (i-CSW60) ezobanjelwa e-New York, e-USA  kusukela zi-14 zize zibe nga-24 Ndasa 2016 ngaphansi kwengqikithi ethi: "Ukufukulwa Kwabesifazane kanye nokuxhumana kwakho nentuthuko ezinzile". Lo mhlangano ubajwa onyakeni obalulekile kuNingizimu Afrika njengoba kunemicimbi emintathu ebalulekile, okungukuGunjwa kweminyaka e-20  yoMthethosisekelo weRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika yonyaka we-1996, Umgubho weminyaka e-40 Yezibhelu Zentsha YaseSoweto kanye noMgubho wa-60 wemashi yabesifazane yonyaka we-1956.

INingizimu Afrika ithule umbiko ku-UN CSW60 futhi lokhu kusinika ithuba lokulinganisa inqubekela phambili esesiyifezile kusukela ekuqaleni kwentando yeningi. Kubalulekile ukuba siveze ukuthi kusukela ngesikhathi sombuso wentando yeningi eNingizimu Afrika, phakathi kwezinye izinto , sibambe iqhaza eMhlanganweni We-4 Womhlaba Wabantu Besifazane ngonyaka we-1995, futhi sasayina ne-Beijing Declaration ne-Platform for Action ngomnyaka ofanayo.

Ngokuhambisana nesinqumo E / Res / 2013 / 18 soMkhandlu Wenhlalakahle Nomnotho we-UN, iNingizimu Afrika izibophezele ekuqhubekeni nokuqalisa ukusebenza i-Beijing Declaration ne-Platform for Action nokuwuhlelo lokufukulwa nokuthuthukiswa kwabantu besifazane.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa ePhalamende Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wezinhlaka Zikamasipala: Uhulumeni Wendawo sonyaka we-2016. Kwenziwa izichibiyelo kuMthetho Wezinhlaka Zikamasipala: Uhulumeni Wendawo we-1998 (uMthetho wa-117 we-1998), owaphasiswa ngaphambi kokubanjwa kokhetho lokuqala lwentando yeningi lohulumeni basekhaya olwabanjwa mhla zi-5 Zibandlela 2000.

Ukuchibiyela kuzokwenza ngcono ukulawulwa kokhetho lohulumeni bendawo futhi phakathi kokunye, kuhlose:

a) ukuchibiyela indlela yomasibala beSigaba A;
b) ukuqeda konke ukukhuluma ngezindawo zokuphathwa kwezifunda;
c) ukucacisa ngosuku lokuqala umsebenzi kwekhansela;
d) ukunquma ukuthi uMongameli kumele aqoke futhi amemezele usuku lokhetho lomasipala;
e) ukuvumela ukwelulwa kwesikhathi sokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho;
f) udinga ukuthi imenenja kamasipala yazise i-IEC ngezikhala zomsebenzi ezivulekile kuzigceme;
g) ukunquma ukuthi Ilungu Lomkhandlu limemezela futhi liqoke usuku lokhetho lokuchibiyela;
h) ukucacisa isibalo esidingekayo sabantu abakhona ukuze kubanjwe umhlangano kamasipala;
i) ukucacisa izimo zokuvota zekhansela elingusihlalo ngesikhathi kubanjwe imihlangano yomkhandlu;
j) ukukhulisa ukuguqulwa kwesibalo sabavoti kusigceme ngasinye ngesikhathi kubanjwe imihlangano yomkhandlu; kanye
k) nokukhulisa ukuguqulwa kwesibalo sabavoti kusigceme ngasinye ngesikhathi sokuklanywa kwendawo ukucacisa ukwabiwa kwezihlalo eziningi komasipala bendawo.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Zuma – njengomunye wosihlalo benoMongameli waseFrance u-François Hollande beKhomishani Ephezulu Yezemisebenzi Kwezempilo Nokukhula Komnotho – uzothamela ukuthulwa ngokusemthethweni kwayo e-Lyon, e-France ngoLwesithathu, zi-23 Ndasa 2016. Le khomishana igxile kusidingo sabasebenzi bezempilo abaqeqeshiwe emazweni azuza imali kancane naphakathi nendawo. Lolu hlelo lwe-UN kulindeleke ukuthi lukhulise ezempilo emhlabeni wonke kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho ofaka wonke umuntu, nokuyinto enomthelela ukuqalisweni koHlelo Lwentuthuko Oluzinzile lonyaka we-2030.

4.2. UMongameli Zuma uzothatha Uhambo Olusemthethweni Lokuvakashela i-Kingdom of Saudi Arabia kusukela mhla zi-27 zize zibe mhla zi-28 Ndasa 2016, nokuzoqinisa ubudlelwano obukhona phakathi kwalawa mazwe amabili.

4.3. UMongameli uzothamela Umhlangano We-4 Wokuphepha Kwenuzi e-Washington, e-USA kusukela mhla zi-31 Ndasa kuze kube mhla lu-1 Mbaso 2016. Lo mhlangano uzodingida ubungozi obukhulayo benuzi yobushokobezi futhi uveze izinyathelo ezingathathwa ngamazwe omhlaba ukunciphisa ukusetshenziswa kwe-uraniyamu ecebe kakhulu, ukulondoloza impahla esengozini, ukuvimbela okushushunjiswa kwenuzi kanye nokuvimbela, ukuthola nokuphazamisa imizamo yobushokobezi benuzi.

4.4. UMongameli Zuma uzohola imigubho yoSuku Lwamalungelo Oluntu e-Moses Mabhida Stadium, esifundazweni saKwaZulu-Natal ngoMsombuluko, zi-21 Ndasa 2016 ngaphansi kwengqikithi ethi: "iNingizimu Afrika ibumbene ekulweni nokucwasana ngobuhlanga." Njengoba kwamenyezelwa eNkulumweni Yesimo Sezwe yonyaka we-2016, Usuku Lwamalungelo Oluntu lwalo nyaka luzokwakha isisekelo sohlelo lwesikhathi eside lokwakha umphakathi ongacwasi ngokobuhlanga. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zilwe futhi zingxeke ukucwasa ngokobuhlanga - kungaba semakhaya ethu, emiphakathini , emicimbini yokuzijabulisa, ezindaweni zokusebenza noma ezinkundleni zokuxhumana. Kufanele sonke sisebenzisane ukufeza intando yeningi ebumbene, engacwasi ngokwebala nangokubulili.

4.5. Amalungu Esigungu Esiphezulu azoxoxisana nezakhamizi zaseNingizimu Afrika ezweni lonke ngesikhathi seSonto Likazwelonke Eligxile Ezimbizweni phakathi komhla zi-4 kuze kube mhla zi-10 Mbaso 2016, ngaphansi kwengqikithi ethi: "Ngokubambisana singenza iNingizimu Afrika iqhubekele phambili: Khula Ningizimu Afrika." Leli viki lihambisana neViki LePhalamende Lokubuyela Emazikweni kanye nokugujwa kweNyanga Yenkululeko.

IKhabhinethi ikhuthaza izakhamizi zaseNingizimu Afrika uthi zibambe iqhaza ngendlela ebonakalayo kule micimbi futhi zixoxisane nezikhulu zezombusazwe. Iviki Eligxile Ezimbizweni lizocacisa ngokuqala kokusetshenziswa koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye oluhlose ukufukula ukukhula komnotho kanye nokuvula amathuba emisebenzi adingeka kakhulu. Lizophinda liveze impumelelo kahulumeni wendawo, kubandakanya impumelelo efezwe ngokusebenzisa uhlelo lokuvuselela kabusha ukulumeni wendawo.

Leli viki lizophinda lihambisane nempelasonto yokugcina yokubhalisela Ukhetho Lomasipala lonyaka we-2016, futhi lihlinzeke abaphathi ngelinye ithuba lokukhuthaza nokuvukuza izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokusebenzisa umkhankaso wokufundisa abavoti ukuthi babhalise futhi baqinisekise imininingwane yabo yokuvota.

4.6. IPhini Likamongameli u-Cyril Ramaphosa uzovula Ingqungquthela Ye-2 Yomkhandlu Wezokuthuthukiswa Kwabasebenzi ezobanjelwa eGallagher Convention Centre eMidrand mhla zi-29 nangomhla zi-30 Ndasa 2016 ngaphansi kwengqikithi ethi: "Ukusebenzisana kwezamakhono – Ikhwelo Lokuthi Kusetshenzwe". Le ngqungquthela ihlanganisa ababambiqhaza abavela kuwo wonke umkhakha wezemfundo ephakeme ukusiza ukukhula kwawo kanye nokwakha ubudlelwano obakha izikhungo zezemfundo ephakeme eziqotho eziyilungele imboni.

4.7. Iviki Likazwelonke Lamanzi lonyaka we-2016 lizoba kusukela mhla zi-14 kuze kube mhla zi-22 Ndasa ngaphansi kwengqikithi ethi: "Amanzi abantu, amanzi aphethwe ngabantu". Leli viki lizoveza amanzi njengelungelo lomuntu ngokuqwashisa abantu ngosizi lwabantu abangenawo amanzi ahlanzekile okuphuza.

UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usalokhu uqhubekile nohlelo lokuqeda uhlelo lwamabhakede futhi kuze kube yimanje usuqede ama-78,8% ohlelo lwamabhakede emijondolo eNingizimu Afrika. Izifundazwe eziyisikhombisa zisebenze kahle ngokuqeda uhlelo lwamabhakede ngama-90%. Lezo zifundazwe ezikwazile ukuqeda nya uhlelo lwamabhakede emijondolo yi-KwaZulu-Natal, yiNyakatho Ntshonalanga, yiMpumalanga neGauteng. INtshonalanga Kapa ifinyelele kuma-99,8% okuqedwa kohlelo lwamabhakede. Kumkhawulo we-26 120 eNyakatho Kapa, eMpumalanga Kapa, eNyakatho Ntshonalanga naseFreyistata, kuze kube manje sekuqedwe izinhlelo azingaba yi-11 650.

Nakuba imvula esanda kunetha ilethe ukukhululeka okuncane, umthelela wesomiso uyaqhubeka nokuzwakala kwezinye izingxenye zaleli lizwe. Izakhamizi zaseNingizimu Afrika kumele ziqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga futhi ziqalise imizamo yokonga amanzi. Uhulumeni wabe isigidigidi esi-1 samarandi ukubhekana nenkinga yesomiso.

IKhabhinethi iyayamukela inqubekela phambili eyenziwa wuHlelo Lokulwa Nokuvuza Kwamanzi lweminyaka emihlanu ngaphansi kwengqikithi ethi: "Iconsi ngalinye libalulekile". Lolu hlelo luhlose ukuqasha, luqeqeshe futhi lusabalalise abantu abasha aba-15 000 abaphase Ibanga le-12 noma u-N3 njengoplamba, abenzi bomsebenzi wezandla kanye nama-ejenti amanzi.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile kwezemvelo

5.1. IKhabhinethi inxusa ababhikishi ukuthi benze konke okusemandleni ukuthi bazibambe futhi bazwakalise izikhalazo zabo ngendlela ehambisana nomthetho kanye noMthethosisekelo. Ukucekela phansi kanye nokonakalisa impahla kuyadlula emkhawulweni welungelo lokubhikisha futhi ngumsebenzi wabantu abanobugebengu. Abathobelisi bomthetho bazolandela umthetho ngokubopha futhi babeke amacala labo bantu abonakalisa impahla emayunivesithi, kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme, emiphakathini kanye nangezikhathi zokubhikisha.

5.2. UNgqongqoshe Wezezimali wazise iKhabhinethi mayelana nomkhankaso osanda kuba khona wokuya e-US nase-United Kingdom nabantu abahlukahlukene okusetshenziswana nabo, kuhlanganisa abaholi bezamabhizinisi. IKhabhinethi izibophezele ekuqinisekiseni ukuthi leli lizwe lisebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi asihliselwa kwelinye izinga.

Lokhu kuvakasha kunikeza uhulumeni ithuba lokwazisa ngemizamo eminingana esiqalisiwe ukubhekana nezinselele. Lokhu kuhlanganisa izinyathelo zokusebenzisana ukusheshisa ukukhula komnotho okufaka wonke umuntu, izinyathelo zokusheshisa ukuhlanganiswa kwezimali, ukusheshiswa kokuqaliswa koHlelo Lokutshala Imali Kungqalasizinda olubiza izigidigidi ezi-870 zamarandi kanye nenqubekela phambili esiyenziwe ekuxazululeni izingqinamba zezamandla, kuhlanganisa ukusebenzisa ezamandla ezisebenziseka kabusha.

IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha ukuthi yazise ngazo zonke izinhlelo ezinhle kanye nokungenelela okwenziwe ukusiza umnotho wethu. Kubalulekile ukuthi yonke imikhakha iqinisekise ukuthi umnotho wezwe uyakwazi ukubhekana nezimo ezinzima. Mayelana nalokhu, iKhabhinethi ijube iKomiti Lotshalomali Elixube Ongqongqoshe ukuthi liqalise ngokushesha ukusebenzisa zonke izinqumo ezibalulekile ezimayelana nomnotho. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika okwazi ukubhekana nezimo ezinzima wakhelwe phezu kwezisekelo zomnotho kanye nezinqubomgomo ezisebenzisekayo ezingezoqobo.

5.3. IKhabhinethi iyaqaphela icala elivulwe yi-Chamber of Mines ukuthi kumenyezelwe Umqulu Wezezimayini njengophambene noMthethosisekelo futhi oyizeleze. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi imigomo yoMqulu Wezezimayini wukuguqula imboni yasezimayini ukulungisa ukungalingani kwaphambilini okwabangelwa wubandlululo ukuze imboni ihambisane nezinguquko jikelele zaseNingizimu Afrika zesimo somphakathi, sezombusazwe kanye nesezomnotho. Ukufukulwa komphakathi ngenye yezindawo ezibalulekile ukuqinisekisa ukuthi ukuthuthukiswa kwezimayini akushiyi ngaphandle imiphakathi efanele.

5.4. IKhabhinethi inxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo, kakhulukazi labo abathatha uhambo ngamaholidi azayo, ukuthi badlale indima yabo ekuphepheni kwabo kanye nokwabanye abasebenzisi bomgwaqo. Ukuqeda izingozi zomgwaqo kusalokhu kungumsebenzi oseqhulwini kuzwelonke. Abashayeli kumele baqaphele, bathobele imithetho yomgwaqo, bangaphuzi bese beyashayela, bagcine umkhawulo wejubane futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanele sokuba semgwaqeni.

5.5. IKhabhinethi ihalalisela bonke abawinile kuZindondo Zikazwelonke Zamalungelo Okukhubazeka ezazibanjwe mhla zi-11 Ndasa 2016. Le miklomelo ihlonipha abantu abaphila nokukhubazeka kanye nezishoshovu zamalungelo okukhubazeka abenze umsebenzi oncomekayo ngonyaka we-2015.

5.6. IKhabhinethi ihalalisela bonke abanqobile ku-3rd South African Police Service (SAPS) Excellence Awards,  abonga umsebenzi oncomekayo wamalungu e-SAPS, amarizevu kanye namalungu ezinkundla zamaphoyisa omphakathi.

5.7. IKhabinethi ihalalisela abalobi abahlanganyele uMandla Dube no-Leon Otto we-Pambili Media ngefilimu ethi Kalushi: The Story of Solomon Mahlangu. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziyakhuthazwa ukuba zibuke le filimu yezombusazwe emayelana nokuguquka kwensizwa eneminyaka eyi-19 edabuka eMamelodi, empumalanga nePitori, iba yisishoshovu soMzabalazo. IKhabinethi ikugcizelele ukuthi uhulumeni, ngokusebenzisa iminyango wezoHwebo Nezimboni kanye Nowezobuciko Namasiko, uzoqhubeka nokusekela ukukhula kwemboni yezobuciko ekugubheni nasekuxoxeni umlando waseNingizimu Afrika.

5.8. IKhabhinethi ihalalisela isishoshovu sezobulungiswa kwezenhlalakahle uMfundisi Michael Lapsley ngokuthola Umklomelo Womhlaba Wokuthula Emphakathini we-2016 esigabeni “Ukuthula Nokubuyisana Emhlabeni – Umdalixolo Odumile emhlabeni'

5.9. IKhabinethi ihalalisela u-Pieter du Preez ngokuqokelwa Umklomelo weLaureus World Sportsperson of the Year with a Disability, ngokudlala kwakhe okuvelele ngonyaka we-2015.

5.10. IKhabhinethi ihalalisela u-Wayde van Niekerk oqophe umlando kwezokugijima ngesivinini ngokuba umuntu wokuqala emlandweni ngokugijima yonke imijaho emithathu: ama-100m ngaphansi kwemizuzwana eyi-10, ama-200m ngaphansi kwemizuzwana enga-20 kanye nama-400M ngaphansi kwemizuzwana enga-44, njengoba kuqinisekiswe yiNhlangano Yomhlaba Ebunjwe Yizinhlangano Zokusubatha.

6. Abaqashiwe

6.1. Abekho abaqashiwe abamenyezelwe kulo mhlangano weKhabhinethi.

Imibuzo:
Nkz. Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore