Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-13 Mbasa 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi ikwamukelile osekuzuziwe okuqhakanjiswe nguMongameli u-Jacob Zuma ngenkathi ehambele mathupha Echwebeni laseBhayi eMpumalanga Kapa, ukuhlola inqubekelaphambili esiyenziwe maqondana nokuqaliswa ukusebenza kohlelo lomnotho wasolwandle olwaziwa ngokuthi yi-Operation Phakisa: Umnotho Waselwandle. Uhulumeni usethukulule utshalomali olufinyelela cishe kwizigidigidi eziyi-17 zamarandi Emnothweni Wasolwandle. Kusukela ekusengulweni kwalo lolu hlelo, sekusungulwe imisebenzi engaphezu kwezi-4 500 emikhakheni enhlobonhlobo.

Izingalawana ezimbili kweziyisishiyagalolunye ezakhiwa Izakhamkhumbi zaseNingizimu ne-Afrika zakwa-Transnet National Ports Authority (i-TNPA) Echwebeni lase-Durban zizohanjiswa Echwebeni laseBhayi. UMongameli uZuma wethule ingalawana yokuqala eBhayi, ebizwa ngokuthi uMvezo, eqanjwe ngegama lendawo yokuzalwa kaMongameli waphambilini uNelson Mandela.

I-TNPA seyabe izigidigidi ezingaphezu kweziyi-7 zamarandi ukwenza ngcono amachweba ethu. UMongameli uzibhekile izindlela ezishibilikayo ezivuselelwe kabusha nezakhiwe kabusha kanye nemigudu eholela ezakhiweni zokukhuleka imikhumbi Echwebeni laseBhayi ezizokwazi ukuhlala imikhumbi eyi-12 ngaphezulu uma kuqhathaniswa nalena emibili ekhona njengamanje.

1.2. IKhabhinethi ibonge bonke abakhokhi bentela ababambisane nohulumeni onyakeni wezimali wezi-2015/16 ekuthatheni izimali zethu eziqoqwayo bazibeke kutriliyoni yamarandi okokuqala ngqa emlandweni. Lesi yisibonakaliso esicacile samandla omnotho wethu ohlumayo ngisho ngaphansi kwezimo ezinzima. Kungenxa yezinkokhelo zentela ezivela kubantu baseNingizimu Afrika abathobela umthetho kanye nokuqoqwa kwezimali ngempumelelo yiSikhungo Sezinsizakalo Zokuqoqwa Kwezimali saseNingizimu Afrika (i-SARS) nakuba uhulumeni ukwazi kangcono ukuhlinzeka izinsizakalo ezibhekwe ngamehlo abovu ezinegalelo ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika.

1.3. IKhabhinethi isamukelile isimemezelo sikaMongameli uZuma somhla zi-3 Ncwaba 2016 njengosuku Lokhetho Lohulumeni Bezindawo Lwezi-2016. Uhulumeni uyakujabulela ukuthi izimpelasonto ezimbili zokubhalisela ukuvota ngomhla zi-5–6 kuNdasa kanye nomhla ziyi-9–10 kuMbasa zibonise inqwaba yabantu abangavota behambela ezikhungweni zokuvota, ikakhulukazi labo abazobe bevota okokuqala kanye nentsha.

IKhabhinethi ibonge bonke labo abasabelile ekhweleni lokubhalisela ukuvota kanye nokuyobheka imininingwane yabo ohlwini labavoti. Kungenxa yokusebenza kwethu ndawonye lapho intando yeningi yethu izokwazi ukukhula izikhathi ngezikhathi.

IKhabhinethi inxusa zonke izakhamuzi ezingakabhaliseli ukuvota noma ezingakayibheki imininingwane yazo ukuba zihambele amahhovisi eKhomishana Yokhetho Ezimele komasipala bezindawo bazo bese zivuselela imininingwane yazo ohlwini labavoti (zihlinzeke ngamakheli) bese zibhalisela ukuvota okhethweni lomhla zi-3 kuNcwaba. Abavoti bangaphinda futhi bathumele nge-SMS inombolo yabo kamazisi ku-32810 noma baxhumane nesikhungo sezingcingo ku-0800 11 8000 ukuqinisekisa isimo sabo.

Ukubhalisa kuqinisekisa ukuthi igama lakho likhona ohlwini labavoti ukuze uzokwazi ukuvota. IKhabhinethi imema izakhamizi ukuba zisebenzise ilungelo lethu lomthethosiseko esalithola kanzima lokuvota Okhethweni Lohulumeni Bezindawo Lwezi-2016 ngomhla zi-3 Ncwaba 2016.

1.4. IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa ngokusemthethweni komklamo obizwa ngokuthi yi-eChannel Pilot Project woMnyango Wezasekhaya (i-DHA) nguMongameli uZuma. Lolu hlelo luusha lesimanje manje luvumela izakhamuzi ukuba zikwazi ukufaka izicelo zazo zomazisi abangamakhadi, i-Smart ID, ku-inthanethi futhi zigweme imigqa emide. Lokhu kusebenzisana namabhange amane amakhulu – okuyi-ABSA, i-FNB, i-Nedbank kanye ne-Standard Bank – ukwethula inkundla yokufaka izicelo kwi-inthanethi zomazisi abangamakhadi kanye namaphasiphothi kuzokwenza izakhamuzi zikwazi ukuhambela amakhosombe e-DHA ukuhambisa izinsalela zawo zeminwe kanye nezithombe emva kokuba esenze isivumelwano sokubonana futhi enza nezinkokhelo kwi-inthanethi.

I-eChannel iyingxenye yeqhinga selilonke lomnyango lesimanjemanje lokususa izinsizakalo ephepheni ziye kubuxhakaxhaka bubochwepheshe, uhlelo oluzobandakanya ukulungiswa kwamaphutha kwirejista enemininingwane yabantu.

1.5. IKhabhinethi iyamukelile impumelelo yeViki Lokubamba Izimbizo esanda kubanjwa nje ngaphansi kwendikimba ethi ‘Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili’, ebonise izikhulu zikahulumeni zixoxisana nemiphakathi ezweni lonkana.

IKhabhinethi iyabancoma labo bantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza ezinhlelweni ezingaphezu kwama-36 ezweni lonkana, abaqinisekisile ukuthi uhulumeni uyaphendula ezidingweni zomphakathi ezihlonziwe. IViki Lokubamba Izimbizo isimamise imiphakathi ngolwazi maqondana nezinhlelo zikahulumeni.

1.6. UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usingathe ingqungquthela eyimpumelelo Yenhlangano Yezizwee (i-UN) ebibhekene nezindawo zokuhlala eziyimikhukhu, igcizelela izinga elimangalisayo lokufudukela kwabantu emadolobheni kanye nokukhula kwemikhukhu. Njengamanje abantu abayisigidigidi esisodwa emhlabeni bahlala emikhukhwini. INingizimu Afrika kusukela ngowe-1994 seyakhe izigidi ngezigidi zezindlu njengengxenye yokuqinisekisa impilo engcono kubo bonke abantu.

2. IMithethosivivinywa

IKhabhinethi igunyaze lezinhlaka zeMithethosivivinywa elandelayo:

2.1. UMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwengqalasizinda Esemqoka wezi-2016 uzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni ukuze kutholakale imibono yomphakathi ngawo.

UMthethosivivinywa uchitha uMthetho Wezintuba Ezisemqoka Zikazwelonke, we-1980 (uMthetho we-102 we-1980), futhi ufuna ukuhambelanisa inqubo yokuhlonza kanye nokudalulwa kwengqalasizinda esemqoka ngendlela esobala nephendulayo. Uzophinda futhi uqinisekise ukuthi zonke izingqalasizinda zokuvikelela kuzwelonke kwezwe ziyakwazi ukuhlonzwa futhi ziyavikelwa ngokwanele.

UMthethosivivinywa uhlinzekela ukumiswa kohlaka lokusebenza lwesikhungo ukuqapha nokusebenzisa ukuvikelwa kwezingqalasizinda ezisemqoka. Uphinde uchaze imisebenzi yomgwamanqa ozokweluleka uNgqongqoshe Wezamaphoyisa ekudalulweni kwezingqalasizinda ezisemqoka.

2.2. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezinhlangano Zempahla Ehlanganyelwayo wezi-2016 uzoshicilelwa ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho wamanje Wezinhlangano Zempahla Ehlanganyelwayo, we-1996 (uMthetho wama-28 we-1996).

UMthethosivivinywa uzoqinisa uhlelo lokubusa ngentandoyeningi lweziNhlangano ezikhona njengamanje Zempahla Ehlanganyelwayo noma izikhungo ezikhona njengamanje Zesikhwama Sezimali Ezisisiwe ezengamela umhlaba osetshenziswa ngokuhlanganyela. UMthethosivivinywa ochitshiyelwe uhlinzekela ukumiswa kwehhovisi likaNobhala eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba, futhi uchaze imisebenzi yaleli hhovisi. Uma lo Mthethosivivinywa usuphasisiwe waba umthetho, uzoqinisa ukulawulwa kwezikhungo zokubusa futhi uthuthukise ukwesekwa kwawo nguMbuso.

Uzovumela imiphakathi ukuba ithole, ibambe futhi iphathe izimpahla ngokusebenzisa izikhungo zokwenziwa komsebenzi ezisungulwe ngokusemthethweni ngempumelelo zisekelwa nguhulumeni.

2.3. Ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokulamula Emhlabeni Wonke wezi-2016 ePhalamende. Inqubo yokulamula emhlabeni wonke iyithuluzi elisemqoka lokwenza ibhizinisi ngaphesheya kwemingcele yezwe. Uzokwenza ngcono ukufinyeleleka kwezinsizakalo zobulungiswa ezinkampanini ezenza ibhizinisi ngaphandle kwaleli lizwe kanye nezinkampani zasemazweni angaphandle eNingizimu Afrika. UMthethosivivinywa uchitha uMthetho Wokwamukelwa kanye Nokuqiniswa Kwemiklomelo Yokulamula Emazweni Angaphandle, we-1977 (uMthetho wama-40 we-1977) uphinde futhi uchibiyele uMthetho wamanje Wokuvikelwa Kwebhizinisi, we-1978 (uMthetho wama-99 we-1978). Umthethosivivinywa ohlongozwayo uhambelana Nomthetho Owuhlaka maqondana Nokulamula Kwezokuhwebelana Ezweni Lonke, owamukelwa yiKhomishana Yenhlangano Yezizwe maqondana Nomthetho Wezokuhwebelana Emhlabeni Wonke.

2.4. Ukushicilelwa kohlaka loMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwesisekelo Socwaningo Lukazwelonke wezi-2016 kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wesisekelo Socwaningo Lukazwelonke, we-1998 (uMthetho wama-23 we-1998). UMthethosivivinywa uzokwenza ngcono ubuqhudelwano beNingizimu Afrika ekuthuthukisweni kocwaningo kanye nokuqamba kabusha ngokusebenzisa ukuphathwa ngempumelelo, ngendlela egculisayo futhi edidiyelwe kokuxoxisana komphakathi nabezesayensi, kanye nokuhlinzekwa okwenziwe ngcono kwengqalasizinda yocwaningo kanye nokufinyeleleka. Uzophinda futhi wenze ngcono ukuphendula kanye nokusebenza ngempumelelo kokuthuthukiswa kocwaningo kanye nokuhlinzekwa kwezinto eziqanjwe kabusha, ukwenza ngcono izinga lempilo yabantu baseNingizimu Afrika ngokuzihambelanisa kangcono nezinto eziseqhulwini zikahulumeni.

3. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi yamukele Umthetho Odingidwayo Omaqondana Nobuphoyisa. Uhlaka Lomthetho Odingidwayo lwashicilelwa okokuqala ukuze kutholakale imibono yomphakathi ngoNdasa 2015. Lo mthetho odingidwayo uhlinzekela imisebenzi yobuphoyisa echeme nezakhamuzi eziphilayo futhi ephendulayo esimweni samanje semisebenzi yobuphoyisa. Uphinde uhlinzekele Umbutho Wamaphoyisa waseNingizimu Afrika (i-SAPS) kanye namaphoyisa kamasipala akwaziyo ukuphendula futhi asebenza ngobungoti. Umthetho Odingidwayo unxusa ukuba kusungulwe iBhodi Likazwelonke Lamaphoyisa, elizokuba, phakathi kweminye imisebenzi, nesibophezelo sokumisa imigomo yezinjongo zokuqashwa, ukuhlungwa kanye nokuqokwa kwabantu abasha emisebenzini yobuphoyisa.

3.2. IKhabhinethi yamukele Umthetho Odingidwayo Omaqondana Nezokuphepha Nokuvikeleka. Umthetho Odingidwayo, obuvele usukhishiwe ukuze kuxoxiswane nomphakathi ngawo ngoNhlolanja 2015, ugxile endleleni yokusebenza edidiyelwe nethuthukisayo maqondana nokuphepha okungale komsebenzi wobuphoyisa. Ufuna ukuba ngumkhombandlela mayelana nezinyathelo zokuvikela ezokuphepha zemiphakathi. Umthetho Odingidwayo uhlonza yonke iminyango efanelekile kanye nezinhlangano ezigxile emiphakathini ezinegalelo ekuphepheni kwemiphakathi.

3.3. IKhabhinethi igunyaze uhlaka lweNqubomgomo emaqondana Nosiko Lokusoka eNingizimu Afrika futhi yagunyaza nokuthi uMnyango Wezendabuko uqale ukwenza uhlaka lomthetho kazwelonke omaqondana nokusoka. Le nqubomgomo isivele isidlule ohlelweni olunzulu lokuxoxisana nomphakathi maqondana nayo kanye nababambiqhaza abafanelekile.

Inqubomgomo ihlinzeka ngemihlahlandlela eqinisekisa ukuvikelwa kosiko lomdabu lokusokwa minyakayonke kwabafana abasebancane ngaphandle kokubeka ukuphepha kwabo engcupheni. Lokhu kwenza ingxenye yezinyathelo uhulumeni azithathayo ukuqinisa amasiko afanelekile kanye navumelekile. Igcina izinga elivumelekile lokukwazi ukuziphendulela kulabo bantu abaphethe izikole zokusoka kanye nabazali abathumela izingane zabo kulezo zikole.

3.4. IKhabhinethi igunyaze izincomo ezenziwe yiKomidi Lophenyo olumaqondana nokufaneleka kokuhweba ngezimpondo zobhejane njengenye yezindlela zokulondoloza obhejane kuleli lizwe. Lezi zincomo zamukelwa yiKomidi Lokweluka Kwezobuchwepheshe Leminyango Ehlukene kanye neKomidi loNgqongqoshe Abahlukene aqokelwa ukuba aphenye ngamathuba okwenza kube semthethweni ukuhweba ngokuthengiselana ngezimpondo zobhejane emhlabeni wonke.

Izincomo zigunyaza indlela yokusebenza yaseNingizimu Afrika yokuphathwa ngobuqhinga obudidiyelwe kwesixazululo sokuzingelwa kobhejane kanye nokuhweba ngobhejane okungekho emthethweni. Ikomidi lincoma ukuthi indlela esetshenziswa manje ukugcina isibalo  sobhejane baleli lizwe kumele igcinwe uma iqhathaniswa nokuhwebelana ngezimpondo zobhejane. Indlela yokusebenza ngobuqhinga yaleli lizwe iqukethe ukuvikeleka; ukunikezwa komphakathi amandla; ukuphathwa kwebhayoloji; izimiso zemithetho ephendulayo eziqaliswa ukusebenza ngempumelelo futhi eziqiniswayo; kanye nokuphathwa kokufunwa ngamandla kobhejane.

3.5. IKhabhinethi igunyaze lawa madizayini alandelayo ezinhlamvu zemali azokuba yisikhumbuzo sowezi-2016:

a) Uhlelo Lochungechunge Lwezinhlamvu Zemali ze-National Geographic –Amakati Amakhulu: ‘Ingulule’.

b) Uchungechunge lwezinhlamvu zemali zepondo notiki ezinomqhele wesiliva ‘Okukhandwe eNingizimu Afrika–‘i-Dolosse’.

Amadizayini ezinhlamvu zemali, kanye nokwaziswa kwawo, azophrintwa kuSomqulu Kahulumeni, bese emva kwalokho azobe esekhiqizwa bese edayiswa kusetshenziswa imigudu ejwayelekile.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli uZuma uzokube phakathi komhla ziyi-18 nama-22 Mbasa 2016 enohambo olusemthethweni lokuvakashela amazwe angamalungu eNhlangano yaMazwe Angakhokisani Intela yoHwebo aseNingizimu neAfrika (i-SACU) ahlanganisa i-Namibia, iBotswana, iLesotho kanye ne-Swaziland. Lokhu kuhambela kuzothuthukisa indima ebalulekile i-SACU eyidlalayo ekukhuthazeni ukuhlanganiswa kwezifunda kanye nokuthuthukiswa kwezomnotho wawo wonke amalungu ayo.

4.2. UMongameli uzothatha uhambo Lokuhambela Kombuso ezweni lase-Islamic Republic of Iran ngomhla zingama-23 nama-24 kuMbasa 2016 ukuyoqinisa izingxoxo zezombusazwe kanye nezomnotho phakathi kwalamazwe amabili.

4.3. UMongameli uzohola imigubho yoSuku Lwenkululeko Lukazwelonke ngomhla zingama-27 Mbasa 2016 eLimpopo, eGiyani Stadium ngaphansi kwendikimba ethi: “Sisonke sakha imiphakathi engcono – Uhulumeni Wezindawo uwumsebenzi wawo wonke umuntu”.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nayo yonke imikhakha ukuba bakhombise ugqozi lwabo ngezwe labo ngokubamba iqhaza emicimbini enhlobonhlobo yokugubha iNyanga Yenkululeko.

4.4. Kulawa masonto ezayo, iPhalamende lizobe libambe Amavoti Eezabelomali zeminyango. Iziphathimandla zeminyango ehlukahlukene zizothulula izinhlelo zazo zokusebenza zonyaka wezimali wezi-2016/17. Amalungu omphakathi azokwaziswa ngezinhlelo zokuhanjiswa kwezidingongqangi zikahulumeni.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

5.1. IKhabhinethi iyamukele impendulo kanye nokuxolisa okulandele lapho okwenziwe nguMongameli uZuma maqondana nesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo mayelana nokuthobela izinyathelo zokulungisa isimo ezavezwa embikweni woMvikeli Womphakathi. IKhabhinethi isafunda isinqumo ukuze ithole ukuthi ngabe zikhona yini ezinye izinyathelo ezingathathwa ukuqinisa indima kaHulumeni. Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo siqinisa siphinde sivumele intando yeningi labantu eyatholakala ngokomthethosisekelo waseNingizimu Afrika.

5.2. IKhabhinethi isiqaphelile isenzo esenziwe ngamabhange amane afake isaziso sokuvala i-akhawunti yasebhange yenkampani ethile. Yize iKhabhinethi iyiqonda kahle imigomo nemibandela yamabhange, lesi senzo singaphazamisa abatshalizimali bakusasa abangafisa ukwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika. IKhabhinethi ivumelene ngokuthi uNgqongqoshe Wezezimali, Wezabasebenzi kanye Nowezimbiwa Phansi kumele bavulele ingxoxo eyakhayo kanye namabhange ukuze kutholakale isisombululo sesikhathi eside kulolu daba.

5.3. IKhabhinethi ihalalisele uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Aaron Motsoaledi, othole indondo yomhlaba wonke evela kwi-USAID-TB yokumhlonipha ngobuholi bakhe empini yomhlaba wonke yokulwisana nesifo sofuba (i-TB) kanjalo nokuhola phambili izinhlelo zaseNingizimu Afrika kanye nezezifunda ekuhlolelweni, ukwelapha kanye nokuvimbela i-TB; amagciwane okutheleleka nge-TB kanye Negciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) ngesikhathi esisodwa kanye ne-TB engazweli amakhambi.

5.4. IKhabhinethi ikwamukele ukuqokwa kweNingizimu Afrika njengezwe elizokwamukela Indondo yowezi-2016 Yemisebenzi Enhlobonhlobo Yosomaqhinga nguMkhandlu Wezindaba Zomhlaba e-Washington, DC. Njengezwe lokuqala lase-Afrika ukuthola le ndondo, ihlonipha ukuzinikela okuvelele kwezwe ekufundiseni umhlaba wonke, izindaba zamazwe omhlaba kanye nokuxhumana emhlabeni wonke ukuze liqhubele phambili izimfuno zezwe.

IKhabhinethi income uNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana, uNkz Maite Nkoana-Mashabane, ngegalelo lakhe ezingxoxweni zeNingizimu Afrika namazwe omhlaba, ezigqugquzelwa ngumbono “wezwekazi lase-Afrika elibumbene elinoxolo, elibuswa ngentando yeningi labantu, elingacwasi ngokobuhlanga, elingacwasi ngokobulili futhi eliqhakazile, futhi elinegalelo emhlabeni onobulungiswa nonokulingana.”

5.5. IKhabhinethi ikwamukele ukuqokwa nguMongameli uZuma ko-Advocate u-Jan Lekhoa Mothibi, njengeNhloko yoPhiko Olukhethekile Lezophenyo, futhi imfisela okuhle nokumhlophe emisebenzini yakhe emisha yokuqeda inkohlakalo kanye nokuphatha budlabha.

5.6. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo nokudabuka okukhulu emndenini wakwaMakwetu nakwi-Pan Africanist Congress ngokwedlula emhlabeni kukaMnu Clarence Makwetu. UMnu Makwetu uzokhunjulwa ngegalelo lakhe elikhulukazi kanye nasekuzinikeleni kwakhe uqobo embuthweni wokulwela inkululeko kanye nasekusungulweni kweNingizimu Afrika entsha ebuswa ngokwentando yeningi labantu. UMongameli umemezele ukuthi kube Nongcwabo Okhethekile Wesifundazwe Osemthethweni wale ngqalabutho yomzabalazo wenkululeko.

5.7. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo nokudabuka okukhulu emndenini wakwa-Naidoo ngokwedlula emhlabeni kukaMnu Kumaran Naidoo. UMnu Naidoo ubeyiBamba likaMqondisi-Jikelele woMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezomnotho. Ukhe wasebenza ngaphambilini njengoMphathi Omkhulu Wezezimali woMnyango Wezohwebo Nezezimboni. UMnu Naidoo ube negalelo elikhulukazi ekuphathweni kwezezimali emkhakheni weMisebenzi Kahulumeni.

5.8. IKhabhinethi izwakaliswe ukubonga kwayo maqondana negalelo elifakwe nguMnu William Smith, obesebenza njengeHhovisi likaNobhala weKhabhinethi. UMnu Smith uthathe umhlalaphansi ekupheleni kukaNdasa emva kokusebenzela umkhakha weMisebenzi Kahulumeni iminyaka engama-27. IKhabhinethi imfisela okuhle kodwa kumhlalaphansi wakhe.

6. IKhabhinethi ilunywe indlebe mayelana noMbiko weKhomishana Yophenyo Maqondana Nezinsolo Zokukhwabanisa, Inkohlakalo, Ukungahloniphi noma Ukungahambisi Ngomthetho Ekuthengweni Kobuqhinga Kwempahla Yokuzivikela (iKhomishana Yokuthengwa Kwezikhali) okhishwe nguMongameli ekuseni namuhla.
 
Umbiko uthole ukuthi abukho ubufakazi bokwenza okungalungile, ukugwazela, ukukhwabanisa noma inkohlakalo enqubweni yokuthwengwa kwezikhali. NjengoHulumeni siyayemukela imiphumela yeKhomishana. Sikhishwe phambili satholakala singenacala njengoba besilokhu sisho eminyakeni eminingi edlule ukuthi kwakungekho ukuphambana nomthetho okwenziwa nanokuthi ukuthengwa kwezikhali kwenziwa ngendlela efanelekile nesemthethweni.

Siyethemba ukuthi imiphumela izoletha isiphetho kulolu daba oselube yinsakavukela umchilo wesidwaba isikhathi eside.
Sihlanganyela noMongameli uZuma ekubongeni iJaji u-Willie Seriti kanye neJaji uThekiso Musi, bonke ofakazi, kubandakanya noMongameli waphambilini uThabo Mbeki, abaholi bobufakazi, amathimba ezomthetho, abasebenzi kanye nalabo ababe negalelo ekwenzeni umsebenzi weKhomishana ube yimpumelelo.

7. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

7.1. Ukuqashwa kukaMnu Siyabonga Gama njengeSikhulu Esiphezulu Sezigungu Seziphathimandla kanye noMnu Garry Pita njengoMphathi Omkhulu Wezimali Zeqembu lakwa-Transnet.

7.2. Ukuqashwa kukaMnu Lufuno Leslie Nevhutalu njengelungu noSihlalo weBhodi Lokuthuthukiswa Kwemboni Yezokwakha.

7.3. Ukuqashwa kukaMnu Andile Nongogo njengoMphathi Oyisikhulu Esiphezulu Somkhakha Wamagunya Ezinsizakalo Zokufundisa Nokuqeqesha.

7.4. Ukuqokelwa njengamalungu angeyona iingxenye yesigungu seziphathimandla eBhodini Elingenamncele leSikhungo Sezinto Zokuthutha Emgwaqweni:

a) UMnu Raymond Dennis Baloyi;

b) UNks Keitumetse Mahlangu;

c) UNks Ignatia Dikeledi Sekonyela;

d) UMnu Mosoenyane Ramathe;

e) USlz Jan Havenga; kanye

f)  noMnu Lucky Lempiditse Thekisho.

Imibuzo:
Liezil Cerf
Inombolo kamakhalekhukhwini: 076 778 2380
 

Share this page

Similar categories to explore