Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wango mhla lu-1 kuNdasa 2017

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni

1.1. IKhabhinethi iyazeseka izibophezelo ezenziwe kwiSabelomali Sikazwelonke sowezi-2017 zokuqhubekisela phambili ngenkuthalo uguquko lwezomnotho olunohlonze kanye nokukhulisa isibalo sabantu baseNingizimu Afrika ababandakanywa emnothweni ngenhloso yokufezekisa injongo yokukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke. Ikakhulukazi, isabelomali siyavuma ukuthi ukukhula komnotho okungahambisani noguquko kuyoba nomphumela ongemuhle neze wokuqinisa isimo sokwabiwa komnotho ngendlela engalingani njengoba bekwenzeka esikhathini esedlule.

Ukwabiwa kabusha komnotho ngenhloso yokweseka ezemfundo, izinsizakalo zezempilo kanye nemisebenzi yomasipala ezindaweni zasemakhaya kusalokhu kuyindima esigxile kuyona kakhulu ezinhlelweni zethu zokusetshenziswa kwezimali. Izinguquko emkhakheni wokuthengwa kwempahla nezinsizakalo ziyaqhubeka nokwenza ngcono ukusetshenziswa kwezimali zikahulumeni ngendlela efanelekile kanye nokuvula amathuba okuba amabhizinisi amancane abambe iqhaza.

Ukwabiwa kwemali kahulumeni kubonisa ukwesekwa kwezinhlelo zokukhulisa umnotho kanye nokuletha intuthuko: u-R3.9 wamabhiliyoni wabelwe amabhizinisi asafufusa kanye nemifelandawonye; u-R4.2 wamabhiliyoni wabelwe ingqalasizinda yezimboni esezizindeni zomnotho ezikhethekile kanye namapaki ezimboni; u-R1.9 wamabhiliyoni wabelwe ukuqaliswa kwemiklamo ye-inthanethi esheshayo; u-R3.9 wamabhiliyoni wabelwe uMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nolwezezimboni; futhi kunesamba semali eyengeziwe engamarandi ayizigidi ezingama-494 yokugqugquzela ezokuvakasha kanye nesinye isamba semali engamarandi ayizigidi ezingama-266 yokweseka umkhakha wezezinhlanzi nezitshalo zasolwandle ukuze kufezekiswe izinjongo zomkhankaso we-Operation Phakisa oqondiswe eMnothweni Wasolwandle, futhi kunemali eyabelwe ezolimo, nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nezinguquko kwezomhlaba ezofinyelela kwisamba esingamarandi angamabhiliyoni angama-30 ngowezi-2019/20.

Isabelomali sidlala indima esemqoka kakhulu ekulethweni koguquko ngokugqugquzela ukwabiwa kabusha kwezinsiza nezimali zikahulumeni eziyingcosana ngenhloso yokutshala izimali kubasebenzi bakahulumeni nempahla yokusebenza ukuze kwenziwe ngcono izinga lokusebenza kanye nomkhiqizo.

1.2. Ngenhloso yokubonisa ukuthi uhulumeni uyasibona isidingo sokuxhasa ngezimali zokubhekelela ingomuso lentsha yakuleli, isabelomali siyaqinisekisa ukuthi abafundi abaswele imali yokufunda bayafinyelela emfundweni ephakeme. IsiKhwama Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi Ngezimali (i-NSFAS) sesixhase abafundi abasha abangena ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nalabo asebengenile kulezi zikhungo abayizi-300 000 ukuze bakwazi ukuqhuba imfundo yabo emanyuvesi nasemakolishi ezeMfundo Nokuqeqeshelwa Amakhono Obuchwepheshe Bezandla (ama-TVET) ezweni lonkana ngowezi-2017. Lesi sikhwama sihlose ukwengeza abafundi abayizi-100 000 kulo nyaka. Isamba semali engamarandi angamabhiliyoni ayi-15 eyabelwe i-NSFAS nguhulumeni sizolekelela ekunciphiseni umthwalo wesikweletu sokufunda obhekene nabafundi abaphuma emakhaya ahlwempu kanye nalawo angatholi imali enkulu kakhulu kodwa futhi angatholi imali encane kakhulu.

1.3. Kulandela ukwethulwa ngempumelelo komkhankaso we-Operation Phakisa emikhakheni enjengoMnotho Wasolwandle, Ezempilo kanye neMfundo Eyisisekelo, uMongameli Jacob Zuma wethule umkhankaso we-Operation Phakisa yeZolimo, neYezinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya mhla zingama-24 kuNhlolanja 2017. Umkhankaso we-Operation Phakisa ususelwa ohlelweni lokusebenza lwase-Malaysia olubizwa ngohlelo lokuthola iMiphumela Emikhulu futhi Esheshayo olwasetshenziswa yizwe lase-Malaysia ngempumelelo ukuletha uguquko olusheshayo lwezomnotho; futhi njengoba lolu hlelo lokusebenza seluguqulwe ngempumelelo ukuze luhambelane nezimo zaseNingizimu Afrika, manje seluyingxenye yohlelo lwethu lokusebenza, okuwuHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye.

I-Operation Phakisa yeZolimo, neYezinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ihlose ukufezekisa ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile kwinhloso-mbono ye-NDP futhi ihlose ukufaka isandla ekugqugquzeleni ukukhula komnotho, nokukhuthaza ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokuletha uguquko emkhakheni wezokukhiqizwa nokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo. Lo mkhankaso uhlose futhi nokuqinisekisa ukuthi abantu bathola umhlaba ngendlela elinganayo, ukuze kuthuthukiswe umnotho futhi kusenjalo kulethwe noguquko kwezolimo. Lo mklamo uzobuyekeza uhlelo olukhona njengamanje lokusekela abakhiqizi futhi uthuthukise izinhlelo zokuxhasa ngezimali okuhloswe ngazo ukusheshisa izinguquko kwezomhlaba, njengoba kunesidingo esiphuthumayo sokuba uhulumeni enze inqubekelaphambili ekuqinisekiseni ukuthi kunokudla okwanele kuleli. Ngaphezu kwalokho, lo mklamo uhlose ukuxazulula izingqinamba ezikhona ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu bawuthola ngokulinganayo umhlaba, ngenhloso yokuthuthukisa umnotho futhi kanjalo kulethwe noguquko kwezolimo. Lokhu kubandakanya uguquko kwezomhlaba, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ezabasebenzi, izitshalo ezisanhlamvu, imfuyo, ubuchwepheshe nesayensi yokulima kanye nokwesekwa kwabakhiqizi.

1.4. Izibalo zowezi-2016 zibonisa ukuthi zingaphezu kwezigidi eziyi-10 izivakashi zakwamanye amazwe ezavakashela eNingizimu Afrika, okuyisibalo esikhuphuke ngamaphesenti ayi-13% uma siqhathaniswa nesowezi-2015. Imboni yethu yezokuvakasha, eqhuba kahle kakhulu futhi edlondlobalayo, iwubufakazi obuqinile bobambiswano phakathi kukahulumeni, izinyunyana zabasebenzi kanye nabanikazi bamabhizinisi beholwa nguMnyango Wezokuvakasha ngokubambisana neNhlangano Yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika ngenhloso yokuyivula ngokuphelele imihlomulo yezomnotho ehlinzekwa yimithombo yethu yezokuvakasha. Siyabanxusa bonke esibambisene nabo kule mboni ukuba baqhubeke nokuthuthukisa nokugqugquzela ezokuvakasha ukuze kuhlomule imiphakathi eyakhele izindawo ezahlukahlukene zakuleli ngokuthi kuvulwe amathuba emisebenzi futhi kuthuthukiswe nengqalasizinda.

1.5. Njengengxenye yemizamo kahulumeni yokugxila ekuhlinzekeni ama-SMME kanye namabhizinisi asemalokishini ngethuba lokuba abonakalise ikhono lawo, iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yezokusungulwa Nokuphathwa Kwamabhizinisi phakathi komhla ziyi-13 nomhla ziyi-16 kuNdasa 2017 eGoli. Le ngqungquthela iwumbuthano omkhakha-mningi oheha izithunywa eziyizi-4 000 ezivela emazweni angaphezu kwe-150. Uzokwethanyelwa yizincithabuchopho, osomabhizinisi, abatshalizimali, abacwaningi kanye nabenzi bezinqubomgomo asebeyingxenye yombutho wamazwe ngamazwe ogqugquzela ukusungulwa kwamabhizinisi njengendlela ephusile yokwakha iminotho kanye nokwenza ngcono inhlalakahle yabantu.

Kungokokuqala ngqa ukuba le ngqungquthela ibanjelwe e-Afrika futhi ihlinzeka iNingizimu Afrika kanye nezwekazi lonkana ngethuba lokuvuselela ugqozi nomoya wokusungula amabhizinisi.

1.6. INingizimu Afrika ibungaze ukuqala kweNyanga Yamalungelo Esintu mhla lu-1 kuNdasa 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: Unyaka ka-OR Tambo: Sisebenza Ngokubambisana Ukugqugquzela Amalungelo Esintu” ngenhloso yokuqwashisa nokukhuthaza ukuhlonishwa kwamalungelo esintu ayisisekelo.

Imibungazo yokugubha iNyanga Yamalungelo Esintu izoqhubeka ezweni lonkana kuze kufike umgubho kazwelonke ngoSuku Lwamalungelo Esintu mhla zingama-21 kuNdasa 2017, ozobanjelwa endaweni yase-Ginsberg, e-King William’s Town esifundazweni saseMpumalanga Kapa.

Ngalolo suku, uMongameli Jacob Zuma uzonikezela ngokusemthethweni idlinza lika-Steve Bantu Biko emndenini wakwa-Biko. Lokhu kuyingxenye yokubungaza nokugqugquzela ubumbano ngokulandela inhloso-mbono ka-OR Tambo.

1.7. IKhabhinethi iwuphawulile futhi nomphumela wophenyo lweKhomishana Yezokuncintisana oluphathelene nezinsolo zomkhonyovu wokusebenzisana ngokungemthetho kwezikhungo zezimali mayelana nokuhwebelana ngemali yakuleli neyamazwe angaphandle futhi ikulindele ngabomvu ukuphothulwa kwenqubo yeNkantolo Yezokuncintisana yokuqulwa kwaleli cala, kubandakanya nesinqumo salokho okutholwe yinkantolo ebufakazini obuthuliwe kanye nesijeziso esifanelekile.

1.8. Njengoba sigubha iNyanga Kazwelonke Yezamanzi ngoNdasa wezi-2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Amalungelo Esintu Kwezamanzi Nokuthuthwa Kwendle”, bonke abantu baseNingizimu Afrika bayakhunjuzwa ukuthi bonge amanzi ukuze nasesikhathini esizayo sibe namanzi anele kuleli.

IKhabhinethi ithulelwe umbiko mayelana nesiphakamiso seNhlangano Yezesayensi Amasiko Nezemfundo (i-UNESCO) sokusingatha umgubho woSuku Lomhlaba Lwezamanzi eNingizimu Afrika mhla zingama-22 kuNdasa 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Amanzi angcolile angumthombo wamanzi ongakasetshenziswa”.

UMongameli Jacob Zuma oyilungu leThimba Eliphakeme LeNhlangano Yezizwe Lohlelo Lokusebenza Lwezamanzi uzovula lo mcimbi ngokwethula uMbiko wezi-2017 Wokuthuthukiswa Kwamanzi Emhlabeni ophathelene namanzi angcolile kanye nemisebenzi ehlobene nalokho.

1.9. IKhabhinethi iyamukela ngezandla ezimhlophe inqubekelaphambili esiyenziwe ekwabiweni kokudla kwemfuyo ngenhloso yokulekelela abalimi ezindaweni zakuleli ezikhahlanyezwe yisomiso. Lolu hlelo luyingxenye yosizo lwemali engamarandi ayizigidi ezinga-212, eyabiwe nguhulumeni ngowezi-2016/2017 ngenhloso yokulekelela abalimi abakhahlamezekile ezweni lonkana.

Izifundazwe nazo sezibeke eceleni imali eyizigidi eziyi-198 ngokusebenzisa isikhwama soxhasomali olulingene, kanye nezimali eziphuma ohlelweni lokuNqandwa Nokuncishiswa Kobungozi Bezinhlekelele, ukumba amapitsi kanye nokhwakha amabhande ezivimbamlilo.

1.10. Ngenhloso yokulekelela ezinkingeni eziphathelene nokushoda kwamanzi eMpumalanga Kapa, kumele kwenziwe imizamo yokubhekelela umphakathi kangconywana ngokuthi kutholakale imithombo ehlukile yokuphakelwa kwamanzi ezosetshenziswa uma kwenzeka kuba nesimo sokushoda kakhulu kwamanzi ngale nkathi yonyaka.

Ngenhloso yokukhulisa imizamo yokunqanda ukusetshenziswa kwamanzi ngokweqile, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usuwazisile umkhakha wezolimo ngokubekwa komkhawulo owengeziwe wokuncishiswa kokusetshenziswa kwamanzi. Umkhawulo wokuncishiswa kokusetshenziswa kwamanzi uzoqhubeka nokusebenza kuze kufike isikhathi lapho umthamo wamanzi emadanyini usukhuphuke wafinyelela kuma-85%.

1.11. Njengoba izwe lisathokozela ukufika kwezimvula ezidingeka kakhulu, futhi ezizolekelela kakhulu ekunciphiseni umthelelela wesomiso kuleli, amadamu nemifula kubonisa izinkomba zokukhula komthamo wamanzi. Ngenxa yalokhu-ke alokhu ephakeme njalo amathuba okuba kube nezikhukhula. Siyayinxusa imiphakathi ukuba ihlale iqaphile ngoba kungenzeka kube nezikhukhula ezingaholela ekutheni kuphume imiphefumulo, kanye nokucekelela phansi kwempahla nengqalasizinda. Uhulumeni kanye nezikhungo ezingaphansi kwakhe basiqaphe ngeso lokhozi isimo futhi bame ngomumo ukuze bathathe izinyathelo uma kunesidingo.

1.12. UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo yakhe yaminyaka yonke phambi kweNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko mhla zi-3 kuNdasa 2017.

Ngokususela kule Nkulumo iNdlu Yabaholi Bendabuko kanye noMnyango Wezindaba Zendabuko bazothuthukisa futhi baqalise uHlelo Lokusebenza. Ukuvulwa ngokusemthethweni kwendlu yabaholi bendabuko kuzogubha futhi nokuhlangana kweminyaka engama-20 yasungulwa.

1.13. UMongameli Jacob Zuma uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizohambela iNgqungquthela Ekhethekile ye-SADC mhla ziyi-18 kuNdasa 2017, ezobanjelwa eSwazini. I-SADC iyaqhubeka nokuba yithuluzi elingumgogodla wenqubomgomo yezangaphandle yeNingizimu Afrika okuhloswe ngalo ukufezekisa injongo yokuthuthukiswa nokudidiyelwa kwesifunda sethu se-SADC.

Kulindeleke ukuba le Ngqungquthela, phakathi kokunye, ixoxisane ngesimo sokuthula nokuvikeleka kulesi sifunda, ngokugxila ikakhulukazi esimweni esiqhubekayo njengamanje ezweni laseLesotho kanye nase-Democratic Republic of Congo futhi kuzoxoxiswana nangoHlelo Olubuyekeziwe Lokuhlaziywa Kwezinkomba Zesimo Sesifunda.

INingizimu Afrika njengezwe elizothatha izintambo njengoSihlalo we-SADC kulindeleke ukuba isingathe iNgqungquthela Ejwayelekile ye-SADC ezobanjwa ngoNcwaba wezi-2017.

1.14. Mhla ziyisi-8 kuNdasa uMongameli Jacob Zuma uzoba noHambo Olusemethethweni oluya kwelase-Indonesia. INingizimu Afrika ngokunjalo ne-Indonesia angamanye amazwe aneminotho emikhulukazi ezifundeni zawo, futhi anengcebo eningi yezimbiwa kanye neyasolwandle.

1.15. Lokhu kuzokwandulelwa yiNgqungquthela Yabaholi benhlangano i-Indian Ocean RIM Association (i-IORA) ezobanjwa kusukela mhla ziyisi-6 kuze kube ngumhla ziyisi-7 kuNdasa 2017, okuyingqungquthela ezogubha futhi nokuhlangana kweminyaka engama-20 kwasungulwa i-IORA. Kule Ngqungquthela, uMongameli Widododo uzosidlulisela kwiNingizimu Afrika isikhundla sokuba nguSihlalo we-IORA.

Womabili lawa mazwe, iNingizimu Afrika ne-Indonesia, ngamazwe angabasunguli be-IORA, okuyinhlangano enamazwe angama-21 asogwini lolwandle i-Indian Ocean. INingizimu Afrika ibiyiPhini LikaSihlalo kusukela ngowezi-2015 kuyofinyelela ngasekuqaleni kowezi-2017 futhi izothatha izintambo zokuba nguSihlalo kusukela ngowezi-2017 kuze kube ngowezi-2019.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. IKhabhinethi ivumile ukuba uhlaka lweNqubomgomo Yokuphathwa Nokulawulwa Kwamanzi Ezimayini lushicilelwe kuSomqulu kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngayo. Ukuphathwa Nokulawulwa Kwamanzi Ezimayini, kubandakanya nokuChithekela Kwamanzi Asezimayini ane-Esidi Emithonjeni Yamanzi Yakuleli, kusalokhu kuyinselelo enkulu kakhulu ebhekene nemvelo.

Le Nqubomgomo ihlinzeka ngesisekelo sokwethwesa labo abathintekayo amacala ngomthelela omubi noma umonakalo wokungcoliseka kwamanzi okubangelwe wukuChithekela Kwamanzi Asezimayini ane-Esidi Emithonjeni Yamanzi kanye nanoma yimuphi omunye umthelela ongemuhle ohlobene nalokhu. Le nqubomgomo ihlose futhi nokwenza isiphakamiso sezindlela okumele zisetshenziswe yizimayini njengomzamo wokulawula kangcono amanzi azo.

2.2. IKhabhinethi ithulelwe umbiko ngenqubekelaphambili eseyenziwe yiKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Ukwenza Umsebenzi Wokuvuselelwa Kwemiphakathi Ekhahlamezekile Eyakhelene Nezimayini ophathelene nokuqaliswa kokusebenza kwezincomo zoCwaningo lwaleli Komidi oluwumphumela wohambo lokuvakashela kwelase-Australia Ukuyothekela Ulwazi Embonini Yakhona Yezezimayini Mayelana Nezindlela Zokusebenza Abazisebenzisayo, okuwuhambo olwabajwa kusukela mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-28 kuNcwaba 2015.

Lolu hambo lokuyofunda belusekelwe phezu kokuHlaziywa Nokubuyekezwa Ngokushesha Kwenqubomgomo Nezinhlelo Zokulawula Ezengamele Umkhakha Wezimayini lapho kwaqhathaniswa khona inqubomgomo nemithetho elawula umkhakha wezimayini nezindlela zokusebenza ezisetshenziswa ezimayini zase-Australia, e-Chile, eNingizimu Afrika kanye nase-Zambia.

Amaphuzu asemqoka enqubekelaphambili eseyenziwe abandakanya ubambiswano phakathi kukahulumeni nezinkampani zezimayini ekuhlinzekweni kwezindlu ezisezingeni elikahle kanye nokuphuculwa kwezimo zenhlalo zabasebenzi basezimayini kanye namalungu omphakathi. Njengamanje kunohlelo oluqhubekayo lokubuyekezwa nokucwaningwa kwezikhungo zokuhlanza amanzi zezinkampani zezimayini ngenhloso yokuhlola nokubheka ukuthi kungalunga yini ukuthi kube nobambiswano kwezengqalasizinda. Sekuphothuliwe ukuthuthukiswa kwezinhlelo komasipala abahlanu zokuletha izinguquko kwezokuhlaliswa kwabantu. Njengamanje kunemiklamo esiqalisiwe okuhloswe ngayo ukukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho kulezo zindawo lapho kudabuka khona iningi labasebenzi basezimayini, futhi kuzogxilwa kakhulu ekuthuthukisweni komkhakha wezolimo emiphakathini eyakhelene nezimayini; kanye nokuqinisekisa ukuthi kuyasheshiswa futhi kuyakhuliswa ukufinyelela ezikhungweni zezempilo kulabo ababesebenza ezimayini phambilini, namalunga omphakathi kanye nalabo abasebenza ezimayini njengamanje ukuze bathole ukuxilongwa kwezempilo.

IKhabhinethi ivumile ukuba uMnyango Wezabasebenzi kanye Nowezimbiwa icwaninge izinhlelonqubo ezahlukahlukene ezisetshenziswa kwelase-Australia zokuthuthwa kwabasebenzi besuka emakhaya beya emsebenzini ukuze kulekelelwe abasebenzi baseNingizimu Afrika abahlala kude kakhulu nezimayini futhi abahamba amabanga amade uma beya emsebenzini, ukuze bakwazi ukuvakashela emakhaya abo njalo.

IKhabhinethi ivumile futhi ukuba uMnyango Wezempilo usebenzisane noMnyango Wezimbiwa kanye nezinye izikhungo okubanjiswene nazo ngenhloso yokuhlinzeka ngosizo oludingwa ngabantu ababesebenza ezimayini phambilini oluphathelene nokwelashwa kwezifo abazithola emsebenzini, ukuze kuncishiswe futhi kunqandwe izinselelo eziphathelene nezifo ezitholakala emsebenzini.

Kwenziwe isicelo esiqondiswe eMnyangweni Wezokuhlaliswa Kwabantu sokuba kuqaliswe imiklamo yokuhlaliswa kwabantu edidiyelwe, ngokubambisana nezinkampani zezimayini.

2.3. IKhabhinethi ilwamukelile uhlelo lokwenza ngcono isimo olususelwa kulokho okutholakale ocwaningweni nezincomo zokuhlaziywa nokuhlolwa okwenziwe ukuze kutholakale ukuthi ngabe ukuhlinzekwa kwezindlu zomxhaso zombuso kukwazile yini ukuphucula isimo senhlalomnotho samakhaya ahlwempu esenza angakwazi ukubhekelela izidingo zawo eziyisisekelo nokuthi kukwazile yini ukuphucula isimo somasipala.

Angaphezu kwezigidi ezintathu amakhaya ahlinzekwe ngezindlu ngaphansi kohlelo lwezindlu lukahulumeni. Zingu-2.8 wezigidi kulezi izindlu ezihlinzekwe ngaphansi kohlelo lomxhaso odlulisela ubunikazi bezindlu ezizimele ngazodwana kumakhaya athola imali engenayo engaphansi kwamarandi ayizi-3 500 ngenyanga. Ubufakazi buyabonisa ukuthi ngempela ukuhlinzekwa kwezindlu kuyingxenye esemqoka yohlelo lwezibonelelo zomphakathi ezihlinzekwa nguhulumeni.

2.4. IKhabhinethi iwamukelile umbiko omayelana noKuhlolwa Nokuhlaziywa Kokuqaliswa Kohlelo Lomfundaze iFunza Lushaka kanye neziNyathelo Ezithathwe Ngabaphathi Nemizamo Yokuphucula Isimo soMnyango Wezemfundo Eyisisekelo. Lokhu bekuyingxenye yoHlelo Lokuhlola Indlela Okusetshenzwa Ngayo lowezi-2014/15.

IKhabhinethi ivumile ukuba uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uqhubeke nalolu Hlelo olwasungulwa ngowezi-2007 ngenhloso yokuhlinzeka ngothisha abaqeqeshiwe futhi abanekhono abazofundisa izifundo ezithathwa njengezisemqoka kakhulu. Umnyango uzobheka futhi ukuthi kungaba kuhle yini ukukhulisa nokuqinisa lolu Hlelo.

Kunobufakazi obuphathekayo obukhombisayo ukuthi isimo sokwakheka kwalolu Hlelo sifanelekile ngoba siyahambelana nezombusazwe, ezomnotho kanye nenhlalo yomphakathi. Lufaneleke kakhulu futhi nangokwesimo esiyinxakanxaka oluqaliswa ngaphansi kwaso. Lolu Hlelo seluqalise izindlela zokuphucula amasu alo ngokuqhubekayo, kubandakanywa nenqubo eyasungulwa ngowezi-2012 eqhutshwa kwizifunda yokuthola abafundi abazofakwa ngaphansi kwalo. Seludlale indima enkulu impela ekukhuphuleni isibalo sabafundi abaqeqeshelwa iziqu zokuqala zobuthishela.

2.5. IKhabhinethi yethulelwa umbiko mayelana noHlaka Lwenkomba Yokukhubazeka futhi ikwamukelile ukulingwa koHlelo Lwenkomba Yokungalingani Okukhona Okuphathelene Nokukhubazeka. IKhabhinethi iyakusekela futhi nokuhlukaniswa kwamaqoqwana edatha (imininingo) ngokobulili, nangokokukhubazeka kanye neminyaka yobudala.

UHlelo Lwenkomba Yokungalingani Okuphathelene Nokukhubazeka luyithuluzi elisemqoka lokulandela nokuhlaziya ukungalingani okukhona phakathi kwabantu abanokukhubazeka kanye nalabo abangakhubazekile, futhi luhlinzeka ngemininingwane esezingeni eliphezulu futhi esheshayo yokukala nokuhlaziya igebe elikhona lokungalingani. Lokhu kuyalekelela ekuqinisekiseni ukuthi izinhlelo zokungenelela zikahulumeni zibandakanya umuntu wonke.

Inqubo yokuhlukaniswa kwemininingo ngokwamaqoqwana izokwenza ukuba uhulumeni akwazi ukusabela futhi athathe izinyathelo ngesikhathi esifanele ukuze abhekelele labo bantu abaludinga kakhulu usizo lukahulumeni emphakathini. Ukuhanjelaniswa nokuphuculwa kweziNqubomgomo ngeke kukwazi ukuthi kukodwa kunciphise lokhu kungalingani okukhona ngaphandle kokusebenzisa izindlela ezihlelekile futhi ezenziwa ngokuqhubekayo zokukala nokuhlaziya igebe lokungalingani.

2.6. IKhabhinethi iyamukelile iNqubomgomo Yabasebenzi Abahlinzeka Ngezinsizakalo Zomphakathi, yowezi-2026. Umphumela ofaka konke phakathi ubandakanya ukuhlinzekwa kwezinsizakalo ezithuthukisayo ezisezingeni eliphezulu futhi ezibhekana ngqo nezidingo zomphakathi, okuyinto eyenziwa ngokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabasebenzi abahlinzeka ngezinsizakalo zomphakathi ulawulwa ngendlela efanele. Lokhu kwakha uhlaka oluvumela ukukhuliswa kwesibalo sabasebenzi bomkhakha wezokuthuthukiswa komphakathi, ukuze kwenziwe ngcono izinsizakalo zokunakekela nokuvikela abantu abadinga ukubhekelelwa nokuvikelwa kakhulu.

Kukhona isidingo sokuthola abasebenzi abahlukahlukene bomkhakha wokuhlinzekwa kwezinsizakalo zomphakathi, kubandakanya nabasebenzi bokuthuthukiswa komphakathi, onompilo nothisha bomkhakha wokuThuthukiswa Kwabantwana Besebancane; ukuze kulethwe izinguquko ezidingekayo ngokulayela komthetho futhi kubhekwane nezidingo zomphakathi eziguqukayo, kanjalo nezimo zenhlalomnotho emkhakheni wezenhlalakahle yomphakathi.

2.7. IKhabhinethi isamukelile iSiqondiso Sokuhlonzwa kweminye Imikhakha Yabasebenzi Abaqokiwe Okudingeka Badalule Ingcebo Yabo Nesimo Sezimali, esizoqala ukusebenza kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2017.

Ubungozi obungaphazamisa ukuphatha ngendlela elungileyo obubangelwa yizimo zokungqubuzana kwezidingo zomuntu nezomsebenzi awenzayo abuyona into ebhekene nabasebenzi abasezikhundleni eziphezulu nje kuphela. Uhlelo lokuDalula Ingcebo Nesimo Sezimali Ngokusebenzisa Uhleloxhumano Lwe-inthanethi njengamanje luhlelwa kabusha ukuze luvumele nabasebenzi abangaphansi kweminye imikhakha ukuba nabo badalule isimo sabo sezimali nokuthi yenziwe ezingeni leminyango inqubo yokuqinisekisa ulwazi abaluhlinzekile.

2.8. IKhabhinethi iwamukelile uMbiko weNingizimu Afrika Wokulandelela Obhalwe Phansi weSigaba sesi-3 ophathelene nokuqaliswa kokusebenza kweSivumelwano se-OECD Sokulwisana Nomkhuba Wokufumbathisa kanye Nabasebenzi Bakahulumeni Bomkhakha Wezangaphandle Abaqhuba Ibhizinisi Emhlabeni jikelele (Isivumelwano Sokulwisana Nomkhuba Wokufumbathusa).

Lo mbiko uhlinzeka ngemizamo enohlonze eyenziwa ngohulumeni ukuhlonza, ukuphenya kanye nokushushisa amacala okugwaziswa kwabantu bangaphandle. Lesi Sivumelwano sigxile ekusetshenzisweni komthetho wangaphakathi ezweni ngenhloso yokwenza ukuthi ukugwaziswa kwabantu bangaphandle okwenziwa ngabasebenzi bakahulumeni bophiko lwezangaphandle kuthathwe njengesenzo sobugebengu. Lokhu kusebenza esimweni lapho umuntu ethembisa noma enikeza futhi kusebenze nasesimweni lapho umuntu amukela isifumbathiso, kodwa-ke lokhu akubandakanyi ukufumbathisana kwabantu abayizakhamuzi zezwe elilodwa kanye nezimo zokufumbathisa lapho lowo ofumbathiswa ngqo noma ofumbathiswa ngendlela engaqondile engesona isisebenzi sikahulumeni.

ISigaba sokuqala besigxile ekuhlonzweni kwamathuluzi nezindlela zomthetho ezamukelwe ngamazwe ngenhloso yokulwisana nokugwaziswa kwabantu bangaphandle. ISigaba sesibili besigxile ekusetshenzisweni kwalawo mathuluzi nezindlela kanye nokuqinisekisa ukuthi lokhu kusebenza ngempumelelo. Isigaba sesithathu kuhloswe ngaso ukuhlonza umthelela wokwamukela kwezwe lesi Sivumelwano. Isigaba sesine, esiqale ukusebenza ngowezi-2016, sigxile ezindabeni eziqondene nawo wonke amaqembu ayingxenye yesivumelwano, okuyizindaba ezibandakanya imikhakha eminingi ehlobene ephathelene nemizamo yokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho kanye nezinguquko emthethweni wangaphakathi ezweni noma uhlaka lwezikhungo zaMazwe Ayingxenye Yesivumelwano.

2.9. IKhabhinethi izamukelile izinyathelo ezihlongozwayo zoMbiko Onikeza Amaphuzu Asekela Isidingo sokuhlela kabusha uMnyango Wezasekhaya. UMnyango kumele ufakwe ngaphansi kohlelo lwezokuvikela lombuso ukuze ukwazi ukufaka isandla ekuvikelweni kwezwe futhi ukwazi nokuvikela abantu bakuleli, nezinhlelo nemininingo yezwe.

Lokhu kuzobeka umnyango esimweni sokuba ukwazi ukufezekisa igunya lawo ngokuphelele njengesikhungo esibaluleke kakhulu esizoqinisekisa ukuthuthukiswa komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukuvikeleka kwezwe, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ngempumelelo kanye nokuphatha ngendlela efanelekile.

2.10. IKhabhinethi ivumile ukuba uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukhiphe izibalo nemininingwane kazwelonke yobugebengu yezinyanga ezintathu zowe-2016/17. Njengoba kwenzeka nasembikweni wonyaka, lo mbiko ufaka phakathi zonke izigameko zobugebengu ezenzeke ezifundazweni nasezweni lonkana. Izibalo zobugebengu zisuselwa kwimininingo yobugebengu eqoshwe esiteshini samaphoyisa ngasinye.

Ukukhishwa kwezibalo zobugebengu njalo emva kwezinyanga ezintathu kuzokwenza ukuthi uhulumeni akwazi ukuqapha imigomo nemikhawulo esemqoka ahlose ukufinyelela kuyona, ikakhulukazi ukuncishiswa kwezigameko ezibikiwe zobugebengu obubucayi, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile oHlakeni Olukhethekile Lwesikhathi Esimaphakathi futhi lokhu kungasetshenziswa njengesixwayiso esikhishwa kusenesikhathi, sokuba kuqiniswe imikhankaso yokunqanda ubugebengu futhi kuqiniswe namasu kaHulumeni.

2.11. IKhabhinethi ihlinzekwe ngombiko mayelana nenhloso kaNgqongqoshe Wezamaphoyisa yokunikeza ushwele ngaphansi koMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu, wezi-2000 (uMthetho No 60 wezi-2000), ozoqhubeka isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha ukuze kuqinisekiswe ukuthi umphakathi ubamba iqhaza ngokuphelele, futhi lo shwele uzoqala mhla lu-1 kuMbasa 2017 uphele mhla zingama-30 kuMandulo 2017.

Lo shwele uzonciphisa ukusatshalaliswa kwezibhamu ezingekho emthethweni, okuyinto ezoholela ekuncishisweni kwamacala obugebengu abandakanya ukusetshenziswa kwezibhamu.

Lo shwele uzogxila kubanikazi bezibhamu abalandelayo kanye/noma izinhlamvu zezibhamu eziNingizimu Afrika:

a) Abantu abanezibhamu ezingekho emthethweni kanye/noma izinhlamvu zezibhamu ezithe chithi saka emphakathini, kubandakanya nalezo ezibandakanyeka esenzweni sobugebengu esisodwa noma ngaphezulu; kanye

b) Nabantu abathole izibhamu kanye/noma izinhlamvu njengefa futhi abahlulekile ukulandela nokuthobela izimiselo zoMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu.

2.12. IKhabhinethi ilamukelile iSu Likazwelonke Lokulwisana Namaqembu Emigulukudu okuhloswe ngalo ukubhekana ngqo nezenzo zemigulukudu noma kuphi lapho zitholakala khona ngokusebenzisa uhlelo olubandakanya zonke izinhlaka zikahulumeni. Lokhu kuyahambelana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe oluhlose ukuqinisekisa ukuthi abantu abahlala eNingizimu Afrika bazizwa bephephile emakhaya, ezikoleni nasemsebenzini, futhi bathokozela impilo emphakathini ngaphandle kovalo nokwesaba. Leli lisu liyavuma futhi liyakwamukela ukuthi ubugebengu nodlame akuzona nje kuphela izinto eziphathelene nokuvikeleka, kepha kunemisuka ejulile yezinkinga zenhlalo yomphakathi kanye nezomnotho kanye nemiphumela yalokhu.

2.13. IKhabhinethi iwamukelile umbiko weNingizimu Afrika womjikelezo wesithathu Okhishwa Ngezikhathi Ezithile Wokubuyekezwa kwamazwe omhlaba wonkana, ozokwethulwa phambi kweThimba Lokusebenza Lokubuyekezwa Kwamazwe Omhlaba Wonkana Ngezikhathi Ezithile, eMkhandlwini Wamalungelo Esintu WeNhlangano Yezizwe (i-UN) ngoNhlaba 2017, ukuze kubuyekezwe isimo seNingizimu Afrika.

Lo mbiko ucubungula inqubekelaphambili eseyenziwe yiNingizimu Afrika ekufezekisweni kwamalungelo esintu kanye nezinkululeko eziyisisekelo eziqukethwe kuMthethosisekelo.

Ukubuyekezwa Kwamazwe Omhlaba Wonkana Okwenziwa Ngezikhathi Ezithile kuyinqubo eyingqayizivele ebandakanya ukubuyekezwa komlando nesimo samalungelo esintu sawo wonke aMazwe Angamalungu e-UN ayi-193 okwenziwa kanye njalo emva kweminyaka emine. Lokhu kuhlinzeka ngethuba lokuba yonke iMibuso ibonise ukuthi yiziphi izinyathelo ezithathile ukwenza ngcono isimo samalungelo esintu emazweni ayo kanye nokuxazulula izinselelo ezivimbela ukuthokozelwa kwamalungelo esintu. Lokhu kubandakanya futhi nokwabelana ngezindlela zokuqinisekiswa kwamalungelo esintu ezisebenza kahle kakhulu emhlabeni wonke jikelele.

2.14. IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa phambi kwe-UNESCO koMbiko Wamazwe Wokuqala Owethulwa Njalo Emva Kweminyaka Emine ophathelene neSivumelwano sowe-2005 mayelana Nokuvikelwa Nokugqugquzelwa Kokwahlukahlukana Kwezinkambiso Zamasiko.

Lesi Sivumelwano siyakwamukela ukuthi izimpahla nezinsizakalo eziphathelene namasiko zibonisa umuntu uqobo lwakhe nokuthi kahle kahle yena ungubani futhi zibonise namagugu-mgomo nezincazelo. Amasiko anawo amandla okuba ngenye yezinto ezidlala indima enkulukazi emnothweni wezwe, nobumbano lomphakathi kanye nokunciphisa ububha.

Izinkomba zempumelelo yalokho zibandakanya ukwamukelwa nokusetshenziswa kwamasu amane ahambelanayo: okuyisu lokuthuthukiswa komnotho iMzansi Golden Economy Strategy; iSu Lobumbano Lomphakathi, uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe; neSu Lomgudu Omusha Wokukhuliswa Komnotho; kanye nezimpiko zoMnyango Wezobuciko Namasiko ezisebenza ngokuphelele futhi ezinamaBhodi azo. INingizimu Afrika seyenze futhi inqubekelaphambili enkulu ekwamukeleni ukubaluleka kwezilimi zendabuko kwizinqubomgomo nemithetho yakuleli.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ivumile ukuba uMthethosivivinywa Wezikhungo Zikazwelonke Zomphakathi zaseNingizimu Afrika wethulwe phambi kwePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela ukusungulwa kweNhlangano Yezikhungo Zikazwelonke Zomphakathi zaseNingizimu Afrika (i-NAPHISA), nemisebenzi yayo, amandla ayo kanye nezibopho zayo.

I-NAPHISA ihlose ukuhlinzeka ngomsebenzi wokubhekwa, ukucwaningwa nokuqashwa kwezifo nokulimala ngendlela edidiyelwe futhi ehambelanayo kanye nokuhlolwa kwezinsizakalo futhi kubhekwe nezinhlelo zokungenelela eziqondiswe ezinkingeni zezempilo ezinkulu ezithinta abantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kuzokhuphula amandla okuqapha izifo ezithathelwanayo nalezo ezingathathelwana, kanye nokulimala, okuyinto ezolekelela ekuhlonzweni kwezifo kusenesikhathi futhi zingakabhebhetheki kakhulu, kulekelele futhi ekuvimbeleni izifo ezinjalo nokuthatha izinyathelo zokuzelapha. Ekugcineni lokhu kuzolekelela ekulawulweni kwezifo futhi kunciphise nokusabalala kakhulu kwezifo emphakathini kanye nokushona kwabantu.

I-NAPHISA izoba ngumthombo kazwelonke ozobhekelela impilo yomphakathi futhi okuhloswe ngawo ukuhlinzekela uhlelo lokuvikelwa kwempilo yabantu olugxile ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu bayafinyelela kwizinsizakalo zezempilo futhi bazithola ngendlela elinganayo, efanelekile futhi lezo zinsizakalo zingezeqophelo eliphezulu.

3.2. IKhabinethi ivumile ukuba uMthethosivivinywa Wophiko Lukazwelonke Lwamalabholethri Ezempilo wethulwe phambi kwePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wophiko Lukazwelonke Lwamalabholethri Ezempilo, wezi-2000 (uMthetho wa-37 wezi-2000).

Izichibiyelo ezihlongozwayo kuhloswe ngazo ukwenza ngcono ukuphathwa, ukuphendula kanye nokusimama ngokwezimali oPhikweni Lukazwelonke Lwamalabholethri Ezempilo. Lokhu kuzokwenza ukuba uphiko lukazwelonke lukwazi ukuhlinzeka ngezinsizakalo zokuhlonza nokuhlaziya izifo ngendlela engambi eqolo futhi ngendlela efanelekile, ukuze kukhushulwe izinga losizo lokwelashwa olunikezwa iziguli ngokuqinisekisa ukuphathwa ngokucophelela kosizo lokwelapha kanye nokuhlinzeka ngosizo ngesikhathi esifanelekile.

3.3. IKhabhinethi ivumile ukuba iSichibiyelo Somthetho Wabantu Abadala, wezi-2016 ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wabantu Abadala we-13 wezi-2006. Lezi zichibiyelo zigcizelela ukuvikelwa kwabantu abadala kanye nezinyathelo zokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho okuzoholela ekutheni abantu abadala baphile ngaphansi kwesimo esiphephile futhi esivikelekile.
Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuqinisa ukuqapha nokuhlola izinyathelo zokuhlinzekwa kwezinsizakalo kubantu abadala ngokuqalisa izinyathelo ezinohlonze zokulwisana nokungathotshelwa komthetho, okuyinto ebandakanya nokuhlawuliswa kwalabo abangawuthobeli umthetho. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abantu abadala bathola izinsizakalo ezisezingeni eliphezulu, okuyizinsizakalo ezinjengezibonelelo zomphakathi, ezempilo kanye nokunakekelwa emphakathini noma ekhaya.

3.4. IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kweSichibiyelo Somthetho Wokucelwa Koxhasomali, wezi-2016 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi ikwamukelile ukuchithwa kwezikhwama ezikhona njengamanje kanye nokuhlanganiswa kwempahla nezikweletu zalezi zikhwama zifakwe ngaphansi kwesiKhwama esisodwa. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokucelwa Koxhasomali, we-1978, osuphelelwe yisikhathi.

Lo Mthethosivivinywa uhlela kabusha izinyathelo zokubhekana nezinhlekelele futhi uvumela ukusetshenziswa kwamasu okunciphisa ubungozi nawokuthuthukisa ngokuthi kuhlanganiswe izikhwama ezikhona njengamanje kubandakanya impahla nezikweletu zalezo zikhwama zibe yisiKhwama Sikazwelonke esisodwa Sokuthuthukisa Umphakathi kanye Nokuhlinzeka Ngosizo Ngesikhathi Sezinhlekelele Emphakathini. Azobuyiswa amandla oMthetho okucela uxhasomali futhi isikhwama ngeke sigcine nje ngokuthatha izinyathelo uma kudingeka usizo emphakathini, kepha sizothatha izinyathelo zokunciphisa ubungozi kanye nokuthuthukisa imiphakathi.

3.5. IKhabhinethi ivumile ukuba wethulwe phambi kwePhalamende uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Kazwelonke Yokuphathwa Kwemvelo, wezi-2016. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Kazwelonke Wezemvelo, we-1998 (uMthetho we-107 we-1998) kanye neminye iMithetho eminingana eqondene neMikhakha ethile yokuPhathwa Kwemvelo.

Lokhu kuzoqinisa: ukuphathwa kwemvelo ngendlela edidiyelwe; uhlelo olulodwa lokuphathwa kwemvelo; ukuthotshelwa kwezinyathelo zokuvikelwa kwemvelo; ukuqinisekiswa kokuba khona kwezinhlobo zemvelo ehlukahlukene kanye nokongiwa kwayo; ukuphathwa nokulawulwa kwenhlanzeko yomoya; ukuphathwa kwemfucuza; kanye nokulawulwa ngendlela edidiyelwe kwezindawo ezigudle ulwandle.

3.6. IKhabhinethi ivumile ukuba lushicilelwe uHlaka LoMthethosivivinywa Wokulawulwa Kobunikazi Bomhlaba Wokulima, wezi-2017 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Izinguquko Kwezomhlaba zidingekile ngenhloso yokuvula amathuba okuthuthukisa umkhakha wezolimo ukuze ube ngumkhakha onomdlandla, okhulayo futhi ovula amathuba emisebenzi. Phakathi kokunye, lo Mthethosivivinywa uqalisa inqubo yokusungulwa kweKhomishana Yezomhlaba ezoqinisekisa ukuba khona kwesimo sokulawula esisobala futhi esikulungele kakhudlwana ukukhiqizwa nokusetshenziswa kolwazi oluhambelana nenqubomgomo, oluphathelene nobunikazi kanye nekusetshenziswa komhlaba wezolimo.

Lokhu kuzokwenza ngcono amandla ombuso okuqapha nokuhlola ukuthobela kwawo isiqondiso somthethosisekelo sokuqinisekisa ubunikazi bomhlaba kanye nezinguquko ezihlobene nalokho, ngenhloso yokuqhamuka nezinyathelo zokulungisa umonakalo owumphumela wokucwasa ngokobuhlanga okwenzeka esikhathini esedlule.

Lokhu kufaka isandla kwinhloso-mbono yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe yokuvuselelwa kwezindawo zasemakhaya, ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kanye nokuncishiswa kobubha, okuyizinto ezincike futhi ekuqinisekiseni ukuthi abantu bathola umhlaba ngendlela elinganayo futhi kuqinisekiswe ubunikazi bomhlaba babo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

3.7. IKhabhinethi ivumile ukuba ushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni uMthethosivivinywa Wabasebenzi Bomkhakha Wokuqashiswa Nokuthengiswa Kwezindlu Nomhlaba, wezi-2016 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchitha ukusebenza komthetho okhona njengamanye uMthetho Wezikhungo Zokuqashisa Nokuthengisa Ngezindlu Nomhlaba, we-1976 (uMthetho we-112 we-1976).

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubhekana nezimo zezimakethe eziguqukayo futhi uhlose ukwakha isimo esikahle esivumela ukuphuculwa kokuqhutshwa kwebhizinisi emkhakheni wezokuqashisa nokuthengisa ngezindlu nomhlaba.

Uhlose futhi nokubhekana nesidingo sokuphucula ukuthotshelwa nokuhlonishwa komthetho, nokuqinisekisa uguquko kulo mkhakha kanye nokulawula indlela abaziphatha ngayo abasebenzi bomkhakha wezokuqashisa nokuthengisa ngezindlu nomhlaba.

Lokhu kuhambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe olunxusa ukuthi kube noguquko kwezokuhlaliswa kwabantu kanye nomnotho kazwelonke ophathelene nokwabiwa kohlaba wokuhlaliswa kwabantu nowokuqhuba ibhizinisi, phakathi kokunye, ukubuyekezwa kwezinqubomgomo nemithetho yezezindlu ngenhloso yokuqinisekisa ukufezekiswa kangcono kwamalungelo omthethosisekelo. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ukuhlinzekwa kwezindlu kusetshenziselwa ukuhlela kabusha amadolobha namadolobhana futhi kuqinise namathuba okuba amakhaya abantu akwazi ukuziphilisa.

3.8. IKhabhinethi ivumile ukuba ushicilelwe uMthethosivivinywa Wokudalulwa Kwemininingwane Ephathelene Nemali-mboleko Yokuthenga Indlu, wezi-2016 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokudalulwa Kwemininingwane Ephathelene Nemali-mboleko Yokuthenga Indlu, wezi-2000 (uMthetho wa-63 wezi-2000).

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuxazulula izinselelo eziphathelene nokuhlaliswa kwabantu ezihlonzwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe. Lokhu kubandakanya: izimo zokuhlaliswa kwabantu ezingasebenzi kahle ezweni lonkana; izinselelo ezibhekene namadolobha namadolobhana; kanye nokuhluleka ukuhlela nolulawula umkhakha wokuhlaliswa kwabantu ngendlela efanelekile.

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuhlinzekela ukuxhaswa kwabantu ngezimali zokuthenga izindlu ngokuhambisana nesigaba sama-26 soMthethosisekelo, esikubeka ngokucacile ukuthi “wonke umuntu unelungelo lokuhlinzekwa ngendlu esezingeni elifanelekile”. UMthethosisekelo unikeza futhi neHhovisi Lokudalulwa Kwemininingwane amandla negunya lokwamukela nokuphenya izikhalazo eziphathelene nemali-mboleko yokuthenga noma yokwakha indlu. Lokhu kuzokhuthaza ukuthi amabhange athobele umthetho futhi kuzolekelela ekuphuculweni kwendlela amabhange asebenza ngayo mayelana nokuhlinzekwa kwemali-mboleko yokuthenga noma yokwakha indlu.

3.9. IKhabhinethi ivumile ukuba kushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni iSichibiyelo Somthetho Wobuholi Bendabuko kanye Nohlaka Lokuphatha, wezi-2016, ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wobuholi Bendabuko kanye Nohlaka Lokuphatha, wezi-2003 (uMthetho wa-41 wezi-2003).

Lezi zichibiyelo zihlose ukubhekana nezinselelo ezikhona eziphathelene nokusungulwa noma ukusungulwa kabusha kwezinhlaka zobuholi bendabuko kanye, lapho kufanelekile, nokuhlakazwa kwezinhlaka ezithile.
Inhloso yalokhu wukuguqula iziphathimandla zendabuko ngendlela efanelekile zibe yimikhandlu yendabuko; nokusungulwa kwemikhandlu yamaKhosi oselwa neziNdlovukazi; kanye nokuqedwa kweziphathimandla zomphakathi.

3.10. IKhabhinethi ivumile ukuba uMthethosivivinywa Wokulanyulwa Kwemibango Yamazwe Ngamazwe wethulwe phambi kwePhalamende. Inhloso yalo Mthethosivivinywa wukuphucula ukufinyelela kwabantu kwizinsizakalo zobulungiswa kanye nokuqinisekisa ukufinyelela emgomweni woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe wokukhulisa nokwandisa uhwebo notshalomali kanye nokubeka iNingizimu Afrika endaweni efanelekile emhlabeni jikelele.

Lo Mthethosivivinywa ufaka phakathi nokusetshenziswa koMthetho Ofanayo Wokulanyulwa Kwemibango Ephathelene Nezebhizinisi Emhlabeni Jikelele, njengoba wamukelwa ngokusemthethweni yiKhomishana yeNhlangano Yezizwe yoMthetho Wezokuhwebelana Kwamazwe Ngamazwe. Lo Mthetho ungasetshenziswa ngamabhizinisi ukuxazulula imibango yawo ephathelene nokwenza ibhizinisi emazweni ngamazwe futhi ngaphansi kwalo Mthetho kuthathwa izinqumo zokulamula okuphoqelekile ngokomthetho ukuba zithotshelwe. Lokhu-ke kuyinto engafaka isandla ekukhulisweni komnotho notshalomali kanye nokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe eliqokwa ngamazwe omhlaba jikelele njengendawo ekulungele ukuba kuzoxazululelwa kuyona imibango ephathelene nezebhizinisi.

4. Izindaba Ezisematheni

4.1. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekunxuseni ukuba kube nokuzithiba njengoba kunesimo esishubile nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika abathile kanye nabantu abadabuka emazweni angaphandle. Alwamukelekile neze udlame obeluhambisana nemibhikisho yomphakathi ebanjwe esikhathini esifushane esedlule eTshwane futhi lokhu kuyinto okungafanele nakancane yenzeke ngaphansi kombuso wethu wentando yeningi labantu. UMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ukulungele noma nini ukuthatha izinyathelo ezisheshayo zokubhekana ngqo nodlame nokuphangwa kwempahla.

Ubugebengu buyisitha sethu sonke futhi uma sisebenza ngokubambisana sizokwazi ukuxazulula izinkinga ezikhathaza imiphakathi yethu. Kepha-ke nakuba kunjalo akulungile neze ukuba abantu bazibandakanye ezenzweni zodlame nezinsongo zokwesabisa. Asikho nesisodwa isikhalo somphakathi esingathathwa njengesizathu esamukelekile sokuba amalungu omphakathi azithathele umthetho ezandleni zawo.

Ngokuqinisekisa ukuthi izenzo zethu zihambisana nokuthotshelwa komthetho singenza ukuba imiphakathi yethu ibe ngephephile futhi evikelekile. Izakhamuzi kumele zisebenzisane ne-SAPS kanye nezinye izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kuqedwe ubugebengu emiphakathini yethu.

4.2. Uhulumeni ukuphawulile ukukhathazeka okuzwakaliswe ngabathuthi bamalahle abanezinkontileka mayelana nomthelela okungenzeka ube khona ekuhlinzekweni kwamalahle ku-Eskom ngenxa yemiklamo kagesi ovuselelekayo, futhi okungaba nomthelela emathubeni omsebenzi kule mboni. Uhulumeni uzimisele ukuxoxisana ngendlela eyakhayo nalabo abangabaholi beqiniso bemboni yokuthuthwa kwamalahle ngamaloli ukuze kuxazululwe lezi zinkinga.

Uhulumeni kumele athathe izinyathelo eziphusile mayelana nokuhlela okuphathelene nokuhlinzeka ngamandla kagesi ukuze kuqinisekiswe ukuphakelwa kukagesi ngendlela esimeme futhi engambi eqolo. Lolu hlelo luthembele ekusetshenzisweni kwemithombo kagesi eyisisekelo (amalahle nenuzi) kanye nemithombo etholakala ngezikhathi ezithile kuphela (ugesi ovuselelekayo kanye negesi yemvelo). Kusobala ohlakeni loHlelo Lwemithombo Kagesi Edidiyelwe lowezi-2016 ukuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokusebenzisa ugesi wamalahle ngaphansi kohlelo lokusetshenziswa kwemithombo exubile yamandla kagesi.

4.3. IKhabhinethi isiphawulile isinqumo seNkantolo Ephakeme yaseNyakatho Gauteng mayelana nesinqumo seNingizimu Afrika sokuhoxisa ubulungu bayo beNkantolo Yezobugebengu Yamazwe Ngamazwe (i-ICC). IKhabhinethi iyaqonda ukuthi iPhalamende njengamanje licubungula ukuthathwa kwezinyathelo ezifanelekile.

IKhabhinethi iyasihlonipha isinqumo senkantolo futhi isisungule ithimba elikhethekile elizothuthukisa umkhombandlela wokuqinisekisa ukuthotshelwa kwesinqumo.

4.4. Umkhuzi Omkhulu woMbutho Kazwelonke Wezokuvikela waseNingizimu Afrika uMongameli Jacob Zuma ubengamele ukuqhutshwa kwemigubho yesihlanu yoSuku Lokuviliyela Kombutho Wezokuvikela ebibanjelwe eThekwini ngokuhlanganyela nomgubho wokudlula kweminyaka eyi-100 kwacwila umkhumbi i-SS Mendi, obubanjelwe kwelaseBrithani. IKhabhinethi iwathulela isigqoko futhi iyawakhumbula amalungu eButho Labantu Abamnyama BaseNingizimu Afrika alahlekelwa yizimpilo zawo engozini ethathwa njengembi kunazo zonke izingozi zasolwandle emlandweni wezempi weNingizimu Afrika. Lawa ngamadoda anesibindi asabela esicelweni seBrithani sokuba azolekelela empini.

4.5. Kulandela ukuhlonzwa ngokuqinisekile kokuhlasela ngamandla kweSilokazane Esicekela Phansi Umbila esibizwa nge-Fall Army Worm, uhulumeni eholwa wuMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba uyaqhubeka nokuhlola ukusabalala kwalesi silokazane kanye nomonakalo esesiwudalile, futhi uyaqhubeka nemizamo yokuqwashisa abalimi nokubanikeza ulwazi olunembayo kanye nezindlela zokulawula lesi silokazane kubandakanya nokuqinisekisa ukubhaliswa ngokuphuthumayo futhi ngendlela efanelekile kwamakhemikhali ezolimo.

UMnyango ususungule ithimba lokulawula nokulwisana nezinambuzane, elihlangana njalo ngenhloso yokuhlola inqubekelaphambili kanye nemiphumela ngokubambisana nayo yonke iminyango yezolimo yezifundazwe, namalungu emboni yezolimo kanye nezinhlangano zocwaningo. UHlelo LwaseNingizimu Afrika Lokuthathwa Kwezinyathelo Ezisheshayo Zokubhekana Nesimo Esiphuthumayo Sokuhlaselwa Kwezitshalo Yizinambuzane, olwenza umsebenzi wokuhlonza izinambuzane eziwuhlupho, seluqalile ukulwisana nesilokazane esicekela phansi umbila i-Fall Army Worm. Uhulumeni uzoqhubeka nokuxoxisana namazwe angamalungu oMphakathi Wokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zihlala zime ngomumo izixwayiso ezikhishwa kusenesikhathi mayelana nezinkinga ezinjengalezi ezingacekela phansi ezolimo.

4.6. IKhabhinethi ibafisela ukululama okusheshayo abagibeli abalimala ngenkathi kungqubuzana izitimela ezimbili e-Rosslyn enyakatho yedolobha lasePitoli futhi idlulisa amazwi okubonga kakhulu kubasebenzi bezimo eziphuthumayo ngokusukumela kwabo phezulu baphuthume bayosiza abalimele.

Kumele ubekwe eqhulwini umsebenzi owenziwa yibhodi yophenyo wokwenza uphenyo olunzulu lokucubungula nokuhlonza imbangela yale ngozi nezimo eyenzeke ngaphansi kwaso ukuze kugwenywe izingozi ezinjengalena esikhathini esizayo.

5. Imiyalezo yenduduzo nokuzwelana

5.1. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emndenini weJaji u-Essa Moosa, obeyisibonelo esihle kakhulu kwezobulungiswa, osebenzele iNingizimu Afrika ngendlela encomekayo ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi njengejaji leNkantolo Ephakeme yaseNtshonalanga Kapa ngowe-2011. Uyokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe okukhulu ekugqugquzeleni nasekuvikeleni amalungelo esintu, kanye nokuzinikela kwakhe ekuhlonishweni komthetho. Ngaphambi kokungena kwezomthetho, usebenze njengommeli wamalungelo esintu futhi ehamba phambili ekulwisaneni nokuphulwa komthetho nguhulumeni wobandlululo njengokugqunywa ejele kwabantu ngaphandle kokushushiswa. Futhi ubengomunye wamalungu angabasunguli Benhlangano Kazwelonke Yabameli Bentando Yeningi.

5.2. UMongameli Jacob Zuma umemezele uMngcwabo Okhethekile Osemthethweni Ozosingathwa Yisifundazwe kamakadebona womzabalazo osanda kudlula emhlabeni futhi obeyisiboshwa sangaphambilini sase-Robben Island, uMnu Collen Monde Mkunqwana odlule emhlabeni ngesonto eledlule mhla zingama-21 kuNhlolanja 2017. UMnu Mkunqwana ebeyisizukulwane sikaMnu Makhanda Nxele, iqhawe elahola impi yokuhlaselwa kweBrithani e-Grahamstown, umasipala manje osuwethiwe ngegama likaMakana.

Imininingwane yomngcwabo izomenyezelwa nguHulumeni Wesifundazwe WaseMpumalanga Kapa.

5.3. IKhabhinethi iphinde yadlulisa amazwi enduduzo emndenini ka-Mirriam Tladi, umama weNingizimu Afrika wezokubhalwa kwezincwadi futhi ongumbhali wesifazane wokuqala wamanoveli. Umama uTladi owaklonyeliswa ngendondo ye-Ikhamanga wangena ekubhalweni kwezincwadi phezu kokunqatshelwa ukufunda eNyuvesi YaseWitwatersrand ngaphansi kwezizathu ezicwasayo zobandlululo.

5.4. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo emindenini yamalungu amathathu oMbutho Wezokuvikela Wasemanzini WaseNingizimu Afrika kanye nabasebenzi abathathu benkontileka boMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi abashone ngesikhathi besebenza esitamukokweni Esizindeni Samasosha eThekwini. Amasosha amathathu ebezama ukusiza abasebenzi boMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi abathole ubunzima bokuphefumula emathunjini omhlaba.

5.5. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini yabantu abayisikhombisa abashone engozini ebandakanya izimoto eziningi egwaqeni u-R34 phakathi kwe-Vryheid ne-Dundee ngesikhathi kungqubuzana iloli nezimoto ezincane ezimbili.

5.6. Imicabango kanye nemithandazo yezwe inomndeni yomfana omncane u-Richard Thole okusolakala ukuthi uphonseke emgodini wemayini ongasasetshenziswa e-Boksburg, ngoMgqibelo. IKhabhinethi ibonga ithimba labatakuli abamatasatasa ngemizamo yoqinisekisa ukuthi u-Richard ubuyiselwa kumama wakhe.

5.7. IKhabhinethi ithumela amazwi enduduzo emndenini nakubangani abashonelwa yizihlobo zabo abazithandayo ngesikhathi sezikhukhula esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, endaweni yase-Rustenburg.

6. Imiyalezo yokuhalalisela

6.1. IKhabhinethi ihalalisela iNxusa u-Xawier Carrim ngokuqala kwakhe emsebenzini  njengoSihlalo woMkhandlujikelele weNhlangano Yezohwebo Emhlabeni mhla zingama-28 kuNhlolanja 2017. Kungokokuqala ngqa ukuthi isakhamuzi saseNingizimu Afrika siqokelwe kulesi sikhundla futhi lokhu kungokwehlandla lesine kuphela ukuba lesi sikhundla siphathwe yisakhamuzi sase-Afrika.

6.2. IKhabhinethi ihalalisela iNkampani YaseNingizimu Afrika Eyengamele Izikhumulo Zezindiza ngokukleliswa ezinkampanini eziyishumi eziphezulu ezilawula izikhumulo lapho izindiza zihamba ngesikhathi emhlabeni jikele, ngokusho kwe-Aviation OAG Worldwide. Isikhumulo Sezindiza Samazwe Ngamazwe i-OR Tambo sithole indawo yesi-8 esigabeni sezikhumulo zamabhanoyi ezinkulu, Isikhumulo Sezindiza Samazwe Ngamazwe SaseKapa sikleliswe endaweni yesi-6 esigabeni sezikhumulo zezindiza ezimaphakathi kanti Isikhumulo Sezindiza Samazwe Ngamazwe i-King Shaka sikleliswe endaweni ye-10 esigabeni sezikhumulo zezindiza ezincane.

6.3. IKhabhinethi ihalalisela iMamelodi Sundowns ngokunqoba umqhudelwano we-Super Cup weNhlangano Yebhola Yase-Afrika (i-CAF). I-Sundowns ikhombisile ukuthi iyizingwazi Ezwenikazi lase-Afrika emva kokushaya i-TP Mazembe nge-1-0. Siyathemba ukuthi lokhu kunqoba kuzokhuthaza namanye amaqembu ukuthi ahambe ezinyathelweni zeMamelodi Sundowns.

7. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

7.1. Nkz Zanele Monnakgotla oqokwe njengeLungu Elingeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla leBhodi Yophiko Lokuqinisekiswa Kwamazinga Nekhwalithi Yempahla.

7.2. Abaqondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla beNhlangano Yomshwalense Wobungozi Obukhethekile waseNingizimu Afrika, okuyiNkampani Yombuso (i-SOC):
a) Nkz Tando Mbatsha (oqashwe kabusha); kanye no-
b) Nkz Tshwarelo Moutlane (oqashwe kabusha).

7.3. Abaqondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla beBhodi Yezokuthuthukiswa Komhlaba Nezolimo:
a) Nkz Dumo Motau (oqashwe kabusha);
b) Nkz Thembekile Thelma Ngcobo (oqashwe kabusha); kanye no-
c) Nkz Gugu Mtetwa.

7.4. Mnu TS Mokoena oqashwe njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezimbiwa.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Donald Liphoko
Inombolo yocingo: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore