UMongameli u-Jacob Zuma: Inkulumo Echaza Isimo Sezwe 2016

Inkulumo Echaza Isimo Sezwe eyethulwe ngu-Jacob G Zuma, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela Izindlu Zombili zePhalamende eKapa

Somlomo Wesigungu Sikazwelonke (i-NA),
Sihlalo WoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP),
IPhini likaSomlomo Wesigungu Sikazwelonke kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP
IPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa,
UMongameli Waphambilini, uThabo Mbeki,
IJaji Eliyinhloko, uMogoeng Mogoeng, kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile ophiko lwezobulungiswa,
UMongameli wePhalamende Lamazwe ase-Afrika, uMnu Roger Nkondo Dang,
ONgqongqoshe NamaPhini abo,
ONdunankulu kanye noSomlomo BeziShayamthetho Zezifundazwe,
USihlalo we-SALGA kanye nazo zonke iziMeya Zomasipala ezikhona kule Ndlu,
IziNhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko,
Abaholi bezinhlangano zezenkolo,
USomlomo Waphambilini weSigungu Sikazwelonke, uDkt Frene Ginwala,
Izimenywa ezikhethekile,
Omakadebebona bomzabalazo wenkululeko,
Amalungu ezindlu zamanxusa,
Bantu bakwelakithi eNingizimu Afrika,

Sanibonani, good evening, molweni, dumelang, goeie naand, lotjhani, riperile, ndimadekwana.

Ngiyabonga ngaleli thuba engilinikiwe lokwethula inkulumo yami phambi kwePhalamende kanye nesizwe.

Usuku lwanamuhla luqopha umgubho weminyaka engama-26 kwakhululwa uMongameli Nelson Mandela ejele, okungesinye sezigameko ezimangalisayo kakhulu emlandweni wezwe lethu.

Futhi luqopha isikhumbuzo seminyaka engama-50 sesimemezelo sikahulumeni we-National Party sokuthi indawo yase-District Six sekungeyabamhlophe bodwa, okuyisenzo esaholela ekutheni kususwe ngoshova abahlali abangaphezu kwezi-60 000.

Unyaka wezi-2016 uqopha futhi nomgubho weminyaka engama-20 wokusayinda kukaMadiba uMthethosisekelo WeRiphabhulikhi ukuze uthathwe njengomthetho wakuleli. Umcimbi wokusayindwa koMthethosisekelo wabanjelwa e-Sharpeville mhla ziyi-10 Zibandlela 1996.

Siyaziqhenya ngezwe lethu elibuswa ngentando yeningi labantu kanye nalokho esesikuzuzile esikhathini esifushane nje. Izwe lethu elibuswa ngentando yeningi labantu lisebenza kahle, lomelele futhi linozinzo.

Bakithi,

UMthethosisekelo wethu, osuselwe kuMqulu Wenkululeko, ukubeka ngokucacile ukuthi iNingizimu Afrika ngeyabo bonke abantu abahlala kuyona. Kuningi osekwenziwe ukugqugquzela ukubandakanywa kwabantu bonke kanye nomphakathi ongacwasi ngokobuhlanga.

Kodwa-ke, asikaluphothuli uhambo oluphokophele ekulethweni komphakathi ongacwasi ngokobuhlanga.

Isizwe sishaqeke kakhulu ngenyanga edlule ngenkathi kuvela izigameko zokucwasana ngokobuhlanga ezinkundleni zokuxhumana kanye nakwi-inthanethi, ezizwise abantu ubuhlungu obukhulu futhi zaletha nentukuthelo.

Kunesidingo sokuthi sibhekane ngqo naleli dimoni lokucwasana ngokobuhlanga. USuku Lwamalungelo Esintu, oluzoba mhla zingama-21 kuNdasa, luzogujwa njengosuku lukazwelonke lokulwisana nezenzo zokucwasana ngokobuhlanga kulo nyaka. Lolu suku luzosetshenziselwa ukubeka isisekelo sohlelo lwesikhathi eside lokwakha umphakathi ongacwasani ngokobuhlanga.

Bakithi, ngithanda ukunikhumbuza ngeminye imigubho esemqoka ezokwenzeka kulo nyaka.

Unyaka wezi-2016 uqopha umgubho weminyaka engama-60 kwabanjwa imashi yabesifazane eyabe iqonde e-Union Buildings ngenhloso yokuphoqelela ukupheliswa kwemithetho yamapasi. Kuyintokozo enkulu ukuthi lapha phakathi kwethu kusihlwa nje sinoNksz Sophie de Bruyn, ongomunye wabaholi abayihola ngobuqhawe obukhulu leyo mashi eyaba yingqophamlando.

Sithanda futhi nokuhlonipha uMongameli waphambilini we-Black Sash, uNksz Mary Burton. Siwuthulela isigqoko umzabalazo wale nhlangano wokulwela amalungelo esintu, ubulungiswa kanye nokulingana.

Lo nyaka uqopha futhi nomgubho weminyaka engama-40 wombhikisho wabafundi wamhla ziyi-16 kuNhlangulana oyingqophamlando owaqubuka eSoweto.

Sithanda ukumamukela ngezandla ezimhlophe uMnu Sam Nzima, umthwebuli-zithombe owathatha isithombe esingundabuzekwayo esibonisa u-Hector Peterson ethwele ngezandla nguMbuyisa Makhubu ehambisana nodadewabo ka-Hector u-Antoinette.

Sithanda futhi ukubethulela isigqoko nabafundi bowe-1976 ngesibindi sabo sokubhekana ngqo nohulumeni wobandlululo owabe unonya olukhulu. Sithanda futhi nokuhlonipha esinye sezishoshovu zangaleso sikhathi, iPhini likaNobhala Wephalamende, uNksz Baby Tyawa, onathi lapha kusihlwa nje.

Lo nyaka uqopha futhi nesikhumbuzo seminyaka engama-30 sesigameko sokuzunywa nokubulawa ngesihluku kwezishoshovu zaseGugulethu, i-Gugulethu Seven, okwenziwa ngamaphoyisa kahulumeni wobandlululo ngoNdasa we-1986.

Kulo nyaka, iNyuvesi yase-Fort Hare igubha iminyaka eyikhulu yasungulwa, okuyisigameko esisemqoka kakhulu emlandweni womzabalazo wenkululeko, hhayi nje kuphela ezweni lethu kodwa kwizwekazi lonkana. Imigubho kazwelonke izzobanjwa mhla zingama-20 kuNhlaba.

Mangihloniphe futhi noMntwana wakwaPhindangene, umholi we-IFP, owayengumfundi wale nyuvesi.

Unyaka wezi-2016 uqopha futhi nesikhumbuzo seminyaka eyikhulu sempi yase-Deville Woods kwelase-France, eyabheduka ngenkathi kuqhubeka iMpi Yokuqala Yomhlaba.

Ayizindimbane amasosha amnyama alwa kuleyo mpi kodwa emva kwalokho aphathwa ngolunya olukhulu ngenxa yebala lawo.
Itshe lesikhumbuzo elizobuyisa isithunzi salawo masosha kanye nobuntu bawo lizokwembulwa ngoNtulikazi kulo nyaka, kwelase-France.

Bakithi, ngivumeleni futhi ukuthi ngihloniphe izimenywa zethu ezintathu ezikhethekile ezinathi lapha kusihlwa nje,

  • uSihlalo weNhlangano Kazwelonke Yabaholi Bamabandla futhi onguMbhishophi Omkhulu waseKapa, uMbhishophi Omkhulu uThabo Makgoba.
  • uMbhishophi Omkhulu u-Daniel Matebesi, onguMongameli Womkhandlu Kazwelonke Wamabandla Ahlukahlukene aseNingizimu Afrika kanye
  • noMbhishophi Zipho Siwa, onguMbhishophi Oyinhloko yeBandla lamaWeseli laseNingizimu ye-Afrika futhi onguMongameli Womkhandlu Wamabandla aseNingizimu Afrika.

Somlomo Ohloniphekile kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Umnotho onohlonze futhi okhula ngesivinini uwumongo we-ajenda yethu yokuletha uguquko lwezomnotho olunamandla, futhi useqhulwini oHlelweni lwethu Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Uma umnotho ukhula ngesivinini uvula amathuba omsebenzi. Abasebenzi bathola amaholo kanti futhi nabamabhizinisi benza inzuzo.

Umgodlagodla wentela uyakhukhumala futhi ngalokho ubeke uhulumeni esimweni sokwandisa izinsizakalo nezibonelelo zomphakathi futhi akwazi nokuhlinzeka ngemfundo, ezempilo, izibonelelo zikahulumeni, izindlu kanye nezinsizakalo eziyisisekelo ezihlinzekwa mahhala - lokhu akwenze ngokushesha futhi ngendlela esimeme.

Umnotho wethu ulokhu ubhekene nobunzima kusukela ekufadalaleni komnotho womhlaba kwangowezi-2008. Saqalisa uhlelo lokuthuthukiswa kwengqalasizinda olunohlonze ngenhloso yokukhuthaza ukusimama nokukhula komnotho.

Isimo esibhekene naso njengamanje sibonisa ukuthi ukukhula komnotho womhlaba kuhamba ngonyawo lonwabu. Izimakethe zezimali azizinzile neze. Izimali zamazwe asafufusa sezintekenteke futhi azibonisi ukuzinza njengoba zikhuphuka ziphinde zehle kakhulu.

Ehle kakhulu amanani entengo yegolide, iplathinamu, amalahle kanye nezinye izimbiwa esizithengisela amazwe omhlaba, futhi ayaqhubeka nokuba phansi.

Iminotho yamazwe amabili esibambisene nawo ku-BRICS: okuyi-Brazil ne-Russia – kulindeleke ukuthi inciphe kulo nyaka. Umnotho wezwe lesithathu, okuyi-China, ngeke ukhule ngesivinini esikhulu elidume ngaso.

Ngenxa yokuthi umnotho wethu mncane futhi uvulekile, uyakhahlamezeka ngenxa yazo zonke lezi zehlakalo.

Umnotho wethu ukhahlanyezwa futhi nayizimo zangaphakathi kuleli, njengokushoda kwamandla kagesi kanye nobudlelwane phakathi kwabasebenzi nabaqashi obungazinzile futhi ngesinye isikhathi obuhambisana nokungqubuzana.

Isikhwama Sezimali Somhlaba Wonke (i-IMF) kanye neBhange Lomhlaba babikezela ukuthi ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika kuzoba ngaphansi kwe-1% kulo nyaka.

Imiphumela yokukhula komnotho ngonyawo lonwabu kanye nezilinganiso zesimo somnotho kubonisa ukuthi intela ezongena emgodlagodleni kahulumeni izoba ngaphansi kwalokho obekulindelekile esikhathini esedlule.

Futhi okubaluleke kakhulu, izwe lethu kubonakala sengathi lisengcupheni yokulahlekelwa isimo salo sokukleliswa njengezwe elikulungele ukutshalwa kwezimali, okuyisimo esiqagulwa yizinhlangano ezenza izilinganiso zamazwe ngamazwe. Uma lokho kwenzeka, kuzomba eqolo kakhulu kuhulumeni ukuboleka imali emazweni angaphandle yokuxhasa izinhlelo zethu zokuletha impilo engcono kubo bonke abantu, ikakhulukazi abantu abahlwempu.  

Lobu bunzima esibhekene nabo budinga ukuthi siqhamuke nohlelo oluphusile futhi olusebenza kahle lokuguqula isimo sezinto oluzosikhipha obishini.

Lokhu kusho ukwenziwa kwenzinto ngendlela ehlukile futhi kuthathwe izinyathelo ezifanelekile zokwenza lokho esingakusukumelanga phezulu esikhathini esedlule.

Ngizothi qaphuqaphu nje mayelana namaphuzu ambalwa esikholelwa ukuthi angenza umehluko.

Okokuqala nje, izwe lethu liseyizwe eliyintandokazi kubatshali-zimali. Nakuba libhekene nezinselelo, lisenezinto ezinhle eziningi futhi ezingaphezulu kakhulu uma ziqhathaniswa nalezo zinselelo ezikhona.

Kumele siqhubeke nokukhangisa izwe lethu njengezwe elikulungele kakhulu ukutshalwa kwezimali. Lokhu kudinga ukuthi thina sonke sikhulume ngazwilinye, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nohulumeni.

Uma kunokungaboni ngaso linye okukhona noma uma kunezinkinga phakathi kwethu, kumele sizixazulule ngaphambi kokuthi zibhebhetheke njengomlilo wequbula. Nakanjani kumele sikwenze lokhu ukuze kusizakale izwe lethu.

Sibambe izingxoxo ezibe yimpumelelo enkulu nabamabhizinisi, kubandakanya nomhlangano osezingeni eliphezulu esiwubambe naBaphathi Abakhulu (ama-CEO) Bamabhizinisi Azimele ngoLwesibili kuleli sonto.

Siyizwile imibono ayabamabhizinisi mayelana nokuthi singasiguqula kanjani isimo esikhona njengamanje futhi sibuyisele umnotho emgudwini wokukhula ngesivinini.

Siwezwile amaphuzu aphathelene nesidingo sokwakha ingqalasizinda efanelekile yokusekela ukutshalwa kwezimali.

Njengamanje uhulumeni uthuthukisa uhlelo olubizwa nge-One Stop Shop/Invest SA,(okuwuhlelo oluhlinzeka ngazo zonke izinsizakalo ezidingwa ngabatshali-zimali esikhungweni esisodwa) ngenhloso yokubonisa ukuthi ngempela iNingizimu Afrika imi ngomumo futhi ikulungele ukusebenzisana nabatshali-zimali. Sizokusheshisa ukuqaliswa kwalolu hlelo ngokubambisana nabomkhakha ozimele.

Uhlelo olunjengalolu ludinga ukuthi uhulumeni asuse konke ukubambezeleka okukhona okubangelwa imicikilisho nemidanti eminingi ephazamisa ukusebenzisana kahle kwabamabhizinisi nohulumeni, futhi ludinga ukuthi kubuyekezwe nanoma imuphi umthetho noma umgomo olawulayo oyisithiyo.

Sesisungule iKomidi LoNgqogqoshe Elethweswe Umsebenzi Wokugqugquzela Ukutshalwa Kwezimali, elizoqinisekisa ukuqhutshwa ngempumelelo kwezinhlelo zokugqugquzela ukutshalwa kwezimali.

Bakithi, sikuzwile ukukhathazeka okuzwakaliswe ngabantu mayelana nokungaqhubi kahle kwamabhizinisi kahulumeni.

Kodwa-ke, iningi lamabhizinisi kahulumeni (ama-SOC) liqhuba kahle kakhulu.

I-Sanral seyakhe imigwaqo kanokusho eGauteng nakwezinye izingxenye zaleli lizwe, okuyimigwaqo ehalelwa ngamazwe amaningi emhlabeni jikelele.
I-Trans Caledon Tunnel Authority seyakhe amadamu anhlobonhlobo, okuyinto eseyenze ukuthi abantu bakuleli bakwazi ukuthola amanzi okuphuza ahlanzekile.
I-Transnet seyakhe ingqalasizinda kajantshi eseyenze ukuthi izimayini zezwe lethu zikwazi ukuthumela imithwalokazi yezimbiwa emazweni omhlaba jikelele ezisuka emachwebeni ethu.
I-Eskom, nakuba ibhekene nezinselelo, iyaqinisekisa ukuthi umnotho wethu yaqhubeka nokusebenza.

Izikhungo zethu zemali yentuthuko ezinjengeNkampani Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) neBhange Lentuthuko Yamazwe aseNingizimu ye-Afrika kanye nezinye, zilokhu ziqhubekile nokuhlinzeka ngezimali zokuhlasa ukwakhiwa kwengqalasizinda, nezimboni ezahlukahlukene kanye namabhizinisi ezolimo, futhi zikwazile ukwenza lokhu ngisho nasemva kokubheduka kwenkinga yezezimali emhlabeni jikelele.

Ukuze izinkampani zikahulumeni zikwazi ukufaka isandla esibonakalayo ekuqalisweni kwe-NDP ngempumelelo, kumele zibe sesimweni sezimali esikahle.

Kumele zilawulwe futhi ziphathwe ngendlela efanelekile. Thina sizoqinisekisa ukuqaliswa kwezincomo zeKhomishana KaMongameli Yokubuyekeza Indlela Asebenza Ngayo Amabhizinisi Kahulumeni, futhi lezi zincomo zinikeza umhlahlandlela ocacile wokuthi kumele ziphathwe kanjani izikhungo zikahulumeni.

IPhini likaMongameli yilona elingusihlalo weKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene elethweswe umsebenzi wokuqinisekisa ukuqaliswa kwalezi zincomo.

Kumele siqinisekise ukuthi izinkampani zikahulumeni zinikezwa amagunya acacile ezinto okumele azenze futhi siqinisekise ukuthi lapho kunamagunya agxamalaza phakathi kwezinkampani zikahulumeni eziningi, kuthathwa izinyathelo ezisheshayo zokuwahlela ngendlela ehambelanayo futhi ezokwenza ukuthi aqhutshwe kahle.

Zizopheliswa lezo zinkampani zikahulumeni ezingasahambelani ne-ajenda yethu yentuthuko.

Leyo minyango kahulumeni ezingaphansi kwayo lezi zinkampani iyona ezosungula inqubo ezolandelwa futhi ihlonze nemiklamo esemqoka okumele iqaliswe yizinkampani zoMbuso, esikhathini esinqunyiwe. Kuzolandelwa uhlelo olufanelekile lokuqapha nokuhlola indlela ezisebenza ngayo lezi zinkampani.

Lezi zinhlelo zokungenelela zidingeka kakhulu ukuze kukhuliswe umnotho futhi kuncishiswe namazinga ezikweleti zaleli lizwe.

Bakithi,

Ngenhloso yokukhuthaza ukuvakashela kwabantu bakwamanye kuleli, kumele sisebenzise amathuba akhona njengamanje ahlinzekwa ukwehla kwamandla emali yakuleli kanye nezinguquko ezisanda kwenziwa eziphathelene nemithethonqubo yezimvume zokuphuma nokungena kwabantu emingceleni yakuleli.

Inhlangano yezokuvakasha yakuleli i-SA Tourism izotshala imali engamarandi ayizigidi eziyi-100, njalo ngonyaka, ngenhloso yokukhuthaza ezokuvakasha ngaphakathi kuleli kanye nokugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele izindawo ezahlukahlukene kuleli lizwe labo.

Sikuzwile ukukhathazeka okuzwakaliswe yizinkampani zakuleli mayelana nokubambezeleka okukhona kwizicelo zezimvume zokungena kuleli ezifakwe ngabantu bakwamanye amazwe abanamakhono ayivelakancane abafisa ukuzosebenza kuleli. Nakuba sifisa ukuthi kubekwe abasebenzi bakuleli eqhulwini futhi bacatshangelwe kuqala uma kuqashwa, inqubomgomo yethu yezokufuduka kwabantu kumele ikuvumele ukuthi sikwazi ukuqasha abantu bakwamanye amazwe abanamakhono ayivelakancane.

Uhlaka lwenqubomgomo yezokufuduka kwabantu luzokwethulwa phambi kweKhabhinethi ngokuqhubeka konyaka wezi-2016.

Sizizwile izikhalo ezinxusa kuthi kuqedwe ungabazane nokungaqiniseki okukhona njengamanje mayelana nenqubomgomo yomkhakha wezezimayini, ikakhulukazi mayelana noMthethosivivinywa Wezezimbiwa Nemikhiqizo Kawoyela.

Lo Mthethosivivinywa wabuyiselwa emuva ePhalamende ngonyaka odlule. Silindele ukuthi iPhalamende liphothule inqubo yokulungiswa kwalo Mthethosivivinywa, futhi siyethemba ukuthi lokhu kuzokwenziwa ngokushesha.

Bakithi,

Kumele sihlinzeke amabhizinisi asafufusa (ama-SMME) ngalo lonke usizo aludingayo ukuze sisheshise ukukhula nokudlondlobala kwawo. Ukuhlinzekwa ngosizo lwezebhizinisi oluseqophelweni eliphezulu futhi olubandakanya izindlela zokwenza ibhizinisi zesimanje manje, kungalikhuphula kakhulu izinga lokuphumelela kwamabhizinisi amasha.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane wasungulelwa ukuhlinzeka ngosizo olunjengalolu kumabhizinisi amancane futhi okuwusizo olwenzelwe ikakhulukazi ukubhekana ngqo nezidingo zamabhizinisi amancane.

Uquguko lwezomnotho kanye nokufukulwa kwabantu abamnyama kuseyingxenye esemqoka kakhulu kuzo zonke izinhlelo zikahulumeni zezomnotho. Olunye lwezinhlelo zethu zokungenelela ezintsha wuHlelo Losozimboni Abamnyama, olusungulelwe ukugqugquzela ukubamba iqhaza kwabantu abamnyama kwezokukhiqiza.  

Sinxusa abamabhizinisi amakhulu ukuthi babambisane nalaba bakhiqizi abasha kubandakanya namabhizinisi abesifazane nentsha, njengengxenye yokwelula ubunikazi nokulawulwa komnotho.

Bakithi,
Siyaziqhenya ngokukleliswa njengelinye lamazwe ayi-10 Aphuma Phambili embikweni weNhlangano Yezomnotho Emhlabeni (i-WEF) ophathelene nezokuncintisana emkhakheni wezamabhange.

Ukugcina indawo esikleliswe kuyona kanye nokukhuphukela phezulu kulolu luhla kusemqoka kakhulu ngoba kusibeka esimweni esihle kakhulu sokuncintisana namanye amazwe.
Futhi lokhu kubaluleke kakhulu ekufezekisweni kwephupho lethu lokuba yisizinda sezezimali se-Afrika.

Amabhange, ngokusebenzisa Inhlangano Yezamabhange yaseNingizimu Afrika, azokwethula umklamo okuhloswe ngawo ukusungula isikhungo sokucija nokuhlinzeka ngamakhono asezingeni eliphezulu, aphathelene nezinsizakalo zamabhange kanye nokuqeqeshelwa ubuholi nokuphatha.

Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi thina njengezwe siyakwazi ukuheha, sicije, sikuthuthukise futhi sigcine abasebenzi abanekhono emkhakheni wezamabhange ezweni lethu kanye nakwizwekazi lonkana.

Ukufeza lokhu, amabhange azosebenzisana noNgqongqoshe Wezezimali kanye neHhovisi Lomgcinimali Kazwelonke. Sikholelwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi lokhu kuzokwandisa isibalo sabantu abaqeqeshekile abanamakhono adingekayo kwezamabhange futhi kwandise namathuba omsebenzi azohlomulisa abantu abasha abaningi.

Lo mklamo osemqoka kakhulu wabomkhakha wezamabhange ngumklamo omuhle kakhulu okhombisa inqubekelaphambili futhi ungumphumela okhuthazayo impela womhlangano phakathi kwethu nabamabhizinisi ebesiwubambe kuleli viki.

Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili!

Bakithi,
Senze isithembiso sokuthi sizoyisebenzisa ngobuhlakani imali kahulumeni futhi sizokunciphisa ukumoshwa nokusaphazwa kwemali, kodwa lokho sizokwenza ngaphandle kokuphazamisa umsebenzi ongumongo kahulumeni kanye nokuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi kubantu bakuleli.

Ngowezi-2013, uNgqongqoshe Wezezimali wamemezela izinyathelo eziningana zokunciphisa izindleko.

Sekunciphile ukusetshenziswa kwemali ngokweqile kanye nokusetshenziswa kwayo ngaphandle kwenkathalo, kodwa kusekuningi okumele kwenziwe ukuqeda umkhuba wokumoshwa kwemali.

Kusihlwa nje ngithanda ukumemezela ezinye zezinyathelo esizozithatha.

Sizonciphisa izinkambo eziya emazweni angaphandle futhi labo abacela imvume yokuvakashela emazweni angaphandle kumele banikeze izizathu eziqinile zalokho futhi babonise ngokucacile ukuthi izwe lethu lizohlomula kanjani kulokho.

Isibalo sezithunywa sizoncishiswa kakhulu futhi kuzobekwa isibalo nemigomo efanayo okuzomele ilandelwe yiminyango kahulumeni.

Kuzobekwa futhi neminye imikhawulo ephathelene nezingqungquthela, ukuhlinzekwa kokudla, ezokuqeda isizungu kanye nemicimbi kahulumeni.

Ngeke zisaba khona izidlo zakusihlwa ezenzelwe ababambiqhaza abebethamele amavoti esabelomali eminyango kahulumeni ePhalamende, emva kokwethulwa kwezinkulumo zesabelomali.

UNgqongqoshe Wezezimali uzomemezela ezinye izinyathelo kanye nemininingwane ethe xaxa ngenkathi ethula inkulumo yesabelomali mhla zingama-24 kuNhlolanja.

Izigungu zeziphathimandla kanye namabhodi ezimpiko zikahulumeni kanye nawezinkampani zikahulumeni kumele nawo athathe izinyathelo ezifana nalezi ezishiwo ngenhla.

Ngithanda futhi nokunxusa oNdunankulu bazo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye kanye nezimeya ukuthi bahlanganyele kanye nathi ngenkathi siqala umkhankaso wokuqeda ukusaphazwa kwemali ezinhlakeni zikahulumeni.

Ngiyethemba ukuthi iPhalamende kanye noPhiko Lwezobulungiswa nabo bazokubona kufanelekile ukuthi baqalise izinyathelo ezifanayo.

Bakithi,
Enye into edla imali eningi, esingathanda ukuthi iPhalamende liyifakele izibuko, ukuba khona kwezinhloko-dolobha zoMbuso ezimbili, iPitoli eyinhloko-dolobha lapho kuzinze khona iminyango kahulumeni kanye nedolobha laseKapa eliyinhloko-dolobha yezokushaywa kwemithetho.

Sikholelwa ukuthi lolu daba ludinga ukucutshungulwa yiPhalamende ngokushesha okukhulu.

Bakithi,
Thina sonke kumele sithathe izinyathelo ezinqala ngenhloso yokuguqula isimo somnotho kanye nokuqeda ukusaphazwa kwemali. Sisazobhekana nezikhathi ezinzima okwesikhashana, kodwa uma umnotho usuqala ukusimama, sizoziqhenya ngokuthi sikwazile ukwenza lokho obekufanele sikwenze.

Bakithi,
Manje ngithanda ukuhlinzeka ngombiko ophathelene nokufezwa kwezithembiso esizenze ngonyaka odluIe.

Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe engayethula ngoNhlolanja wezi-2015 ngamemezela uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye okuhloswe ngalo ukubhekana nenkinga yokukhula komnotho ngonyawo lonwabu.
 
Lolu hlelo lunamaphuzu ayisishiyagalolunye lubandakanya lokhu okulandelayo:
a.    Ukuvuselelwa nokukhuthazwa kwezolimo kanye nochungechunge lomsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo;
b.    Ukuthuthukiswa komsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo yezimbiwa ngaphakathi kuleli ukuze ibe nenzuzo ethe xaxa;
c.    Ukuqaliswa ngendlela engcono koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni oluzoba nomthelela omkhulu kunakuqala;
d.    Ukusekelwa kwama-SMME, imifelandawonye, amabhizinisi asemalokishini kanye nawasezindaweni zasemakhaya ukuze akwazi ukusebenza ngendlela esimeme;
e.    Ukuxazululwa kwenselelo yamandla kagesi;
f.    Ukuletha uzinzo kanye nokuncishiswa kokungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi;
g.    Ukugqugquzelwa kwabatshalizimali abazimele;
h.    Ukukhuliswa koMnotho Wasolwandle;
i.    Ukulethwa Kwezinguquko Emikhakheni Ehlukahlukene Esemqoka, Nokukhuthaza Ukusimama Komnotho futhi kuqinisekiswe ukuthi uMnotho Awugxili Emikhiqizweni Embalwa nje kuphela kubandakanya nalokhu okulandelayo
i.    Ezesayensi, ezobuchwepheshe kanye nokuqanjwa nokusungulwa kwezinhlelo ezintsha kanye nemikhiqizo
ii.    Amanzi nokuthuthwa kwendle
iii.    Ingqalasizinda yezokuthutha
iv.    Ukuhlinzekwa kwe-inthaneni esheshayo
v.    Izinkampani zombuso.

Sesenze inqubekelaphambili enkulu impela mayelana nokuqaliswa kwalolu hlelo.

Kunenqubekelaphambili ebonakalayo eseyenziwe ekuletheni uzinzo ekuphakelweni kwamandla kagesi. Kusukela ngoNcwaba ngonyaka odlule akuzange kube nezigameko zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, okuyinto esinciphise umthwalo emakhaya kanye nasezimbonini ebezithwele kanzima.

Uhulumeni usetshale imali eyizigidigidi zamarandi ezingama-83 enkampanini yakwa-Eskom, osekwenze ukuthi le nkampani iqhubeke nomsebenzi wokwakha iziphehlamandla iMedupi kanye neKusile, futhi kusenjalo iqhubeke nohlelo oluphusile lokulungiswa nokugcinwa kwezikhungo eziphehla ugesi zisesimweni esifanelekile.

Ngowezi-2017 kuzoxhunywa amanye amayunithi esiteshi esiphehla ugesi i-Ingula, nakuba amanye alawa mayunithi ezoqalisa ngawo wona lo nyaka esiwuphethe uhlelo lokuqinisekisa ukuthi ugesi ophehlwayo uyahambelana nesimo sesikhungo sikagesi sikazwelonke.

Ukuvulwa kwamahlandla amaningana okufakwa kwamathenda ngaphansi koHlelo Lwabakhiqizi Bagesi Ovuselelekayo Abazimele sekuhehe utshalo-mali oluyizigidigidi zamarandi eziyi-194.

Lolu hlelo luyisibonelo esiphathekayo sokuthi uhulumeni angabambisana kanjani nabomkhakha ozimele ukuze kutholakale izixazululo eziphathekayo zokulwisana nenselelo ebhekene nezwe lethu esikhathini samanje.

Ngowezi-2016, uhulumeni uzoqoka labo abathole ithenda yokuba ngabakhiqizi bagesi wamalahle abazimele.

Kuzokhishwa futhi neZicelo Zokumema Iziphakamiso mayelana nehlandla lokuqala lokufakwa kwezicelo zethenda yokuguqula igesi yomoya ibe ngamandla kagesi.

Uhlelo lokwandiswa kukagesi wenonzi lusazoba yingxenye yokusetshenziswa kukagesi oxubile esikhathini esizayo.

Sihlela ukwethula ugesi wenonzi ongamamegawathi ayizi-9 600 kule minyaka eyi-10 ezayo, ngaphezu kukagesi okhiqizwa yiSiteshi Esiphehla Ugesi Wenonzi sase-Koeberg.

Sisazocubungula futhi sihlole izimakethe ezikhona njengamanje ngenhloso yokuthola ukuthi empeleni kubiza malini ukwakha isikhungo sesimanje manje sikagesi wenonzi.

Mangigcizelele ukuthi ugesi wenonzi sizowukhiqiza kuphela ngokomthamo nesivinini esivunyelwa yisimo sezimali ezikhona emgodlagodleni wezwe lethu.

Bakithi,
Uhulumeni, ngokusebenzisa uMnyango Wezohwebo Nezezimboni, usethule izibonelelo eziningana kule minyaka embalwa edlule, zokukhuthaza ukutshalwa kwezimali emikhakheni yezokukhiqiza, ikakhulukazi emkhakheni wendwangu, nowesikhumba kanye nowezimoto.

Kunenqubekelaphambili ebonakalayo eseyenziwe kule mikhakha.

Izibonelelo zokukhuthaza ukutshalwa kwezimali emkhakheni wezokukhiqizwa kwezimoto sezihehe utshalo-mali olungaphezu kwezigidigidi zamarandi ezingama-25 kule minyaka emihlanu edlule. Silwamukela ngezandla ezimhlophe utshalo-mali olusemqoka kakhulu oluvela kwabakwa-Mercedes Benz, General Motors, Ford, Beijing Auto Works, inkampani yakwa-Metair, BMW, Goodyear kanye no-VW.

Emva kweminyaka embalwa ebihambisana nobunzima, sikwazile ukuletha uzinzo nasemkhakheni wezingubo zokugqoka kanye nendwangu.

Izinkampani eziyizikhondlakhondla, ezizinze emazweni amaningi, ezinjenge-Nestle, Unilever, Samsung kanye ne-Hisense nazo ziqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika iba yizwe elisisizinda sezokukhiqiza kulesi sifunda.

Zilugcinile utshalo-mali lwazo kuleli futhi zalukhulisa ngokuvula izikhungo zokukhiqiza ezintsha.

Ngempela inqubekelaphambili eseyenziwe emkhakheni wezokukhiqiza ibonisa ngokusobala ukuthi izibonelelo zokukhuthaza utshalo-mali zisebenza kahle kakhulu futhi ziyabaheha abatshali-zimali.

Bakithi,

Ngonyaka odlule ngamemezela izinhlelo zokuvuselela ezolimo. Sethula uhlelo lwamaPaki Ezolimo,  okuhloswe ngalo ukwandisa ukubamba iqhaza kwabalimi abancane emisebenzini yezolimo.  

Usuqalile umsebenzi wokwakha okungenani amapaki ezolimo amahlanu, kulezi zindawo ezilandelayo: eWestrand eGauteng, Springbokpan eNyakatho Ntshonalanga, Witzenberg eNtshonalanga Kapa, Ncora eMpumalanga Kapa kanye naseNkangala eMpumalanga.

Izinhlelo zezolimo kumele zifukule nabesifazane. Ngivumeleni ukuthi ngethule owesifazane odle umhlanganiso ngokuqokwa njengoSomabhizinisi Wesifazane Obashaye Bonke Emakhanda Ngonyaka wezi-2015, uNksz Julia Shungube, odabuka kumasipala waseNkomazi eMpumalanga.

Somlomo kanye noSihlalo Ohloniphekile,

Uguquko kwezomhlaba luseyinto esemqoka kakhulu njengoba siqhubeka nokuletha uguquko kuleli.

Ngonyaka odlule ngakhuluma ngohlaka lwenqubomgomo yama-50/50, ehlongoza ukuthi banikezwe amalungelo omhlaba abantu abahlala futhi basebenze emapulazini.

Zingama-27 iziphakamiso esezifikile kuhulumeni ezivela kubalimi asebethuthukile futhi ezine kulezi seziqalisiwe ukusebenza eMpumalanga Kapa kanye naseFreyistata.

Ngamemezela futhi noMthethosivivinywa Wokulawulwa Kobunikazi Bomhlaba ozobeka umkhawulo wobunikazi bomhlaba ongamahekthare ayizi-12 000 futhi ozovimbela abantu bakwamanye amazwe ekutheni babe ngabanikazi bomhlaba. Kodwa-ke bazovumeleka ukuqasha umhlaba isikhathi eside. UMthethosivivinywa ohlongozwayo uzokwethulwa phambi kweKhabhinethi ngesigamu sokuqala salo nyaka.

Samemezela futhi nokuvulwa kabusha kwesikhathi sokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kulabo bantu abangakwazanga ukufaka izicelo zabo ngaphambi komnqamulajuqu owabe ubekiwe, okungunyaka we-1998. NgoZibandlela wonyaka odlule isibalo sezicelo ezintsha zokubuyiselwa umhlaba ebesezifakiwe besicishe sifinyelele ezicelweni ezingama-120 000.

Bakithi,
Njengoba sizibonela nathi, kunezifundazwe ezinhlanu ezikhahlanyezwe kakhulu yisomiso, okuyisifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga, KwaZulu-Natali, Freyistata, Limpopo kanye neMpumalanga.

Uhulumeni uhlinzeka ngosizo emiphakathini ekhahlamezekile. Isomiso sixakile impela ezifundazweni eziningi. Imfuyo iyafa kanti nezolimo zisele emuva. Yisikhathi esinzima lesi.
Uhulumeni uzoqhubeka nokuxhasa abalimi kanye nokusiza imiphakathi ngezimoto ezithwala amanzi.

Mangisebenzise leli thuba ukushayela ihlombe umkhankaso osungulwe ngumphakathi, obizwa nge-Operation Hydrate kanye neminye imikhankaso yokuhlinzeka ngamanzi emiphakathini eminingi ekhahlamezekile.

Ukwakhiwa kwengqalasizinda yamanzi kuseyinto esemqoka kakhulu ezokwenza sikwazi ukwandisa isibalo sabantu bakuleli abathola amanzi ahlanzekile kanye nezimboni ezihlinzekwa ngamanzi.

Sesiqalile ukusebenza ngokugcwele isigaba sokuqala somklamo we-Mokolo and Crocodile Water Augmentation endaweni yaseLephalale esifundazweni saseLimpopo. Lo mklamo uzohlinzeka ngamanzi angamakhubhikhi-mitha ayizigidi ezingama-30 ngonyaka.

Ukuphakanyiswa kodonga lweDamu i-Clan William eNtshonalanga Kapa kubandakanya nokukhushulwa komthamo wamanzi okhona njengamanje  ngamamitha ayi-13 ngenhloso yokukhulisa ukuphakelwa kwamanzi.

Ngenhloso yokunqanda ukumoshwa kwamanzi, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usuqalise uhlelo lwawo lokuqeqesha abantu abasha abayizi-15 000 njengabasebenzi abazovala amaphayiphi avuzayo.

Somlomo Ohloniphekile,
Sihlalo Ohloniphekile,

Mayelana nokuphuculwa kobudlelwano phakathi kwabasebenzi nabaqashi, sisamukela ngezandla ezimhlophe isivumelwano esenziwe ngababambiqhaza be-Nedlac mayelana nomgomo womkhawulo ophansi womholo kuzwelonke.

Ziyaqhubeka izingxoxo mayelana nesigaba okumele kubekwe kusona umkhawulo ophansi womholo.

Kusemqoka ukuthi sigcizelele ukuthi umkhawulo womholo ophansi kumele uqaliswe ngendlela engezokuphazamisa ukuvulwa kwamathuba omsebenzi, nokukhula kwamabhizinisi amancane kanye nokukhula komnotho ngendlela esimeme.

Iyasithokozisa futhi nemibiko evela ku-Nedlac ethi akusensuku zatshwala luphothulwe uhlaka lokuletha uzinzo emkhakheni wezabasebenzi oluzonciphisa ubude beziteleka zabasebenzi futhi luqede nodlame olubhedukayo ngenkathi kuqhubeka iziteleka.  

Sizizwile izikhalo zabasebenzi mayelana neSichibiyelo Somthetho Wezentela engisisayinde ngoZibandlela ukuze sibe ngumthetho, kulandela ukuphasiswa kwaso yiPhalamende.

Njengamanje uhulumeni ubambe izingxoxo eziqhubekayo ne-COSATU mayelana nalolu daba, ngenhloso yokuthola isisombululo.

Ziyaqhubeka izingxoxo ngaphakathi kuhulumeni, eziholwa nguMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye noMnyango Wezezimali Kazwelonke, mayelana nokuphothulwa kwenqubomgomo ebanzi yezibonelelo zikahulumeni.

Bakithi,
Eminyakeni embalwa nje edlule, umkhakha wethu wezezimayini ububhekene nezinxushunxushu ezinkulu, ikakhulukazi umkhakha wezimayini zeplathinamu.

Isimo sesingcono kakhulu kunakuqala futhi sibashayela ihlombe abanikazi bezimayini kanye nabasebenzi ngenqubekelaphambili asebeyenzile.

Okunye okuhle okwenzeke emkhakheni wezezimayini yiSivumelwano Sabaholi Sokuvikelwa Kwemisebenzi esasayindwa ngababambiqhaza bemboni yezezimayini ngoNcwaba wezi-2015.

Siyabanxusa bonke ababambiqhaza ukuthi baqalise ukusebenza kwalesi sivumelwano futhi baqhubeke nemizamo yokuthola izindlela zokuvikela imisebenzi.

Siyanxusa futhi kwabamabhizinisi ukuthi ukudilizwa kwabasebenzi akumele neze kube yisinyathelo sokuqala abasithathayo uma bebhekene nezinselelo.

Bakithi,
Ngowezi-2014 sethula umkhankaso ongundabuzekwayo we-Operation Phakisa okuhloswe ngawo ukuletha imiphumela esheshayo osuqalisiwe emkhakheni wezomnotho wasolwandle, ezempilo, ezemfundo kanye nowezimayini.

Kunemali eyizigidigidi zamarandi eziyisikhombisa ezotshalwa ezikhungweni zamachweba ezintsha, kulandela ukwamukela kwe-Transnet National Ports Authority uhlelo lokuBambisana Kukahulumeni Nosomabhizinisi Abazimele.

Bakithi, besikhathazeke kakhulu ngokuthi iNingizimu Afrika beyingenayo imikhumbi ethwala impahla nakuba izungezwe wugu lolwandle olunobude obungamakhilomitha ayizi-3 000.
Siyazama ukusombulula le nselelo, ngokusebenzisa isigaba somkhankaso we-Operation Phakisa esiqondene nomnotho wasolwandle.

Kuyintokozo kimina ukumemezela ukuthi kunemikhumbi emibili ethwala imithwalokazi emikhulu eseyibhalisiwe e-Port Elizabeth, kanti futhi kunomunye wesithathu obhaliswe edolobheni laseKapa njengomkhumbi waseNingizimu Afrika.

Esinye isigameko esithokozisayo esiwumphumela we-Operation Phakisa ukwethulwa kwesikhungo sokugcina uphethilomu esakhiwe lapha edolobheni laseKapa, okuyinto ezoletha utshalo-mali oluyizigidi zamarandi ezingama-660.

Umkhakha Wezokufuywa Kwezinhlanzi ubukeka ungomunye wemikhakha esemqoka ezokhula futhi idlondlobale ngaphansi kwesigaba somnotho wasolwandle se-Operation Phakisa.
Kuze kube manje sekunotshalo-mali olulinganiselwa kwizinkulungwane zamarandi eziyi-350 000 oluvela emkhakheni ozimele oselufakwe eMkhakheni Wezokufuywa Kwezinhlanzi.

Kunamapulazi okufuya izinhlanzi ayisishiyagalolunye aseqalile ukukhiqiza. Lama pulazi atholakala eMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa kanye naseNyakatho Kapa.  

Siyaqhubeka nokugqugquzela ukusungulwa nokuqanjwa kwemikhiqizo nezinhlelo ezintsha ngaphansi koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye.

UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe uzophothula ukusungulwa kwesikhwama esibizwa nge-Sovereign Innovation, okuyisikhwama esisungulwa ngobambiswano phakathi kukahulumeni nabomkhakha ozimele okuhloswe ngaso ukuqinisekisa ukuthi imikhiqizo emisha esungulwe ngokwemiqondo evela emkhakheni kahulumeni kanye nabomkhakha ozimele iyaphumelela ezimakethe ukuze ingenise inzuzo ezohlomulisa abaqambi bayo nezwe lonkana.

Uhulumeni uzosheshisa ukuqaliswa kwesigaba sokuqala sokufakwa kwe-inthanethi esheshayo ukuze kuxhunywe izikhungo zikahulumeni ezingaphezu kwezi-5 000 komasipala bezifunda abayisishiyagalombili esikhathini esiyiminyaka emithathu.

Mayelana nalokhu, sekubekwe eceleni imali eyizigidi zamarandi ezingama-740 esikhathini esiyiminyaka emithathu eqondene nalo msebenzi.

Bakithi,
Ngonyaka odlule, mningi futhi nomsebenzi owenziwe emkhakheni wezokubhekelela umphakathi kulo nyaka.

Uhulumeni ufake isandla ngenhloso yokuvala isikhala semali eshodile ezikhwameni zamanyuvesi ngenxa yesivumelwano sokungakhushulwa kwemali yokufunda kulo nyaka, esenziwe emhlanganweni ebesiwubambe nabafundi kanye nabaphathi bamanyuvesi ngonyaka odlule.

Enkulumweni yakhe yeSabelomali, uNgqongqoshe Wezezimali uzohlinzeka ngemininingwane ephelele mayelana nokugcwaliselwa kwemali yokufunda eshodayo emanyuvesi.

Sengiqoke iKhomishana Yophenyo Ezoholwa Yijaji ezophenya ngezindaba eziphathelene nemfundo ephakeme. Siyabanxusa bonke ababambiqhaza ukuthi basebenzisane nale Khomishana futhi baqinisekise ukuthi isebenza ngempulelelo.

Uma sesingena kwezempilo, isilinganiso seminyaka ephilwa ngabantu baseNingizimu Afrika sesikhule kakhulu futhi njengamanje sesime eminyakeni yobudala engama-62 kwabesilisa nabesifazane, okubonisa ukuthi sesikhuphuke ngeminyaka eyisishiyagalombili nesigamu kusukela ngowezi-2005.

Inqubomgomo yowezi-2009 yokuguqula isimo sokubhebhetheka kwegciwane lesandulelangculazi (i-HIV) yaholela emkhankasweni omkhulukazi wokuhlolelwa i-HIV kanye nokuhlinzekwa kwemishanguzo kubantu abaphila negciwane lesandulelangculazi abayizigidi ezingu-3.2.

Lokhu sekube negalelo elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi labo abasulelekile bahlala bengumqemane futhi baphila isikhathi eside.

Silithulela isigqoko iqhaza elibanjwe yilabo esibambisene nabo eMkhandlwini Kazwelonke Wezengculazi waseNingizimu Afrika, oholwa yiPhini likaMongameli futhi ongusihlalo womkhandlu.

Isinyathelo sethu esilandelayo kuzoba ukuvuselela umkhankaso wokuzivikela kuleli gciwane oqondiswe ikakhulukazi entsheni. Khona maduze nje, uNgqongqoshe Wezempilo uzomemezela ukhukhulelangoqo womkhankaso ophathelene nalokhu.

Kuyintokozo futhi ukuthi ngimemezele ukuthi sekusungulwe inkampani yezamakhambi yoMbuso, i-Ketlaphela. Le nkampani izobamba iqhaza ekuhlinzekweni koMnyango Wezempilo ngemishanguzo yokudambisa isandulelangculazi, kusukela ngonyaka-mali wezi-2016/17.

Khonamanjalo, uMthetho Odingidwayo Womshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) ukhishiwe ngoZibandlela, futhi ngalo Mthetho kuhloswe ukuphucula usizo lwezempilo olutholwa ngumuntu wonke waseNingizimu Afrika.

Bakithi,
Ukhetho lohulumeni bezindawo luzobanjwa kungakapheli izinyanga ezintathu emva komhla ziyi-18 kuNhlaba, okuwusuku okwabanjwa ngalo ukhetho olwedlule.

Siyazinxusa zonke izakhamuzi ezineminyaka yobudala engaphezu kweyi-18 ukuthi zibhalisele ukuvota ngempelasonto yokubhalisela ukhetho, mhla ziyisi-5 kanye namhla ziyisi-6 Ndasa 2016.

Sinxusa ikakhulukazi intsha ezoba neminyaka yobudala eyi-18 kulo nyaka, ukuthi ilibhalisele ngobuningi leli thuba layo lokuvota okokuqala ngqa.

Uhlelo lwethu lweMazibuyele Emasisweni lokuvuselela ohulumeni bezindawo lwethulwa ngoMandulo 2014 futhi unyaka wezi-2015 kube ngunyaka wokuqaliswa kwalolu hlelo ngomfutho omkhulu.

Kulesi sigaba sesibili sokuqhutshwa kwalolu hlelo, uhulumeni kazwelonke uzothatha izinyathelo ezinqala zokuyozibonela ngokwakhe umsebenzi owenziwayo kanye nokuqinisekisa ukuphedula ngendlela efanelekile kwezikhulu zohulumeni bezindawo ngomsebenzi eseziwenzile.

Lokhu kubandakanya nokuvakashelwa komasipala bengazelele, ukuhlolwa kwezinqubo zokuphathwa kohlelo lokuthengwa kwempahla nezinsizakalo ngaphandle kokunikeza isixwayiso sokuthi kuzokwenziwa lokho, ukuqaliswa kwezincomo zemibiko yophenyo olunzulu oluphathelene nokusebenza komasipala, ukuvakashelwa kwezikhungo okuqhutshwa kuzona imiklamo exhaswe ngeSibonelelo Sokuxhasa Ngezimali Ingqalasizinda Yomasipala, futhi kwandiswe nezinhlelo zokungenelela okuhloswe ngaso ukutakula omasipala abasebunzimeni.

Sekuthuthukiswe uhlelo olunamaphuzu ayi-10 lwezinyathelo ezibekwe eqhulwini kwiMazibuyele Emasisweni oluzoba ngumhlahlandlela walesi sigaba esilandelayo.

Lolu hlelo lubandakanya nokugqugquzelwa kokuxhumana nokubonisana nomphakathi, okuyinto esemqoka kakhulu ezokwenza ukuthi imiphakathi ikwazi ukuhlinzeka ngemibono yayo mayelana nezinsikakalo ezithola kohulumeni bezindawo.

NgoMsombuluko ngike ngathi ukuhambahamba laphaya erenki yamatekisi namabhasi yase-Marabastad ePitoli ngenhloso yokufakana imilomo nabahwebi basemgwaqeni kanye nabagibeli.

Izikhalazo eziningi engizitholile ziphathelene nezinsizakalo zikamasipala.

Abantu bathi bafisa ukuthi umasipala waseTshwane ayihlanze leya ndawo futhi alungise namaphayiphi okuthutha indle aphukile. Abahwebi bona bathe badinga indawo ekahle abazohwebela kuyona futhi bazimisele ukukhokha irenti kuleyo ndawo.
 
Bangihlebelile ukuthi abantu abaningi base-Elandspoort bayazithola izindlu zomxhaso kepha esikhundleni sokuhlala kuzona bayazithengisa noma baqashise ngazo.

UNksz Baloyi onesitodlwana esincane athengisela kusona izimpahla zakhe ukhale ngezigqila zesidakamizwa i-Nyaope ezintshontsha impahla yabahwebi basemgwaqeni.

Abanye abagibeli bangicelile ukuthi ngivakashele endaweni yase-Kwaggafontein eyabe ingaphansi kwesabelo saKwaNdebele ukuze ngiyozibonela ngawami ukugqoza kwezidingo-ngqangi. Ngizoyivakashela leya ndawo khona maduze nje.

Ngithole futhi nethuba lokukhuluma nabantu abadabuka emazweni angaphandle abathe kumele bame emgqeni nsukuzonke beyofaka izicelo zezimvume zokuhlala kuleli eMnyangweni Wezasekhaya. Sizoqhubeka nokuvakashela imiphakathi ukuyozwa ngezinto ezikhathaza amalungu omphakathi kanye nemibono yabo. Izikhalazo esizithole ngenkathi sivakashele e-Marabastad zizodluliselwa eminyangweni efanelekile ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanelekile futhi kutholwe nezisombululo.

Bakithi,

UMbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS) usuqalise uhlelo lokuguqula isimo sangaphakathi kulo mbutho futhi usunqume ukulandela uhlelo lwezokuphatha olubizwa ngeMazibuyele Emasisweni okuhloswe ngalo ukwakha kabusha lo mbutho futhi kuphuculwe nokusebenza kwazo zonke lezo ziteshi zamaphoyisa ezenza umsebenzi ongagculisi neze.

Futhi kusenjalo, kuyinto edabukisa kakhulu ukuthi kuze kube manje sekubulawe amaphoyisa angama-57 kulo nyaka-mali wezi-2015/16. Sibugxeka kakhulu lobu bugebengu.
Siyawanxusa amaphoyisa ukuthi azivikele uma ehlaselwa, kodwa lokho kumele kwenziwe ngokulandela imigomo yokusebenza ebekiwe evunyelwa ngumthetho.

Bakithi,

Izwekazi lase-Afrika liyaqhubeka nokuba seqhulwini ezinyathelweni esizithathayo eziphathelene nenqubomqomo yethu yezangaphandle.
 
INingizimu Afrika iqhubekile nokusekela imizamo yokugcina ukuthula nokuvikeleka kanye nokudidiyelwa kwezomnotho wesifunda ngokuthi ibambe iqhaza ezinhlelweni ezisungulwe yiNhlangano Yamazwe ase-Afrika kanye nalezo ezisungulwe wuMphakathi Wentuthuko Yamazwe aseNingizimu ye-Afrika.

Siyaqhubeka nokulekelela amazwe angozakwethu emizamweni yokuxazulula izinkinga abhekene nazo, isibonelo, ezweni laseLesotho kanye nase-South Sudan.

UMbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) ulimele ngesibindi nangobuqhawe obukhulu izwe lethu emikhankasweni yokugcina ukuthula kuleli zwekazi.  Siyaziqhenya ngempela ngamasosha ethu. Azobe ebukisa ngomsebenzi wawo kanye namakhono awo e-Port Elizabeth kusukela kumhla ziyi-13 kuya kumhla zingama-21 kuNhlolanja, emgubhweni woSuku Lwemibutho Yezempi.

ISivumelwano samazwe e-BRICS mayelana neBhange Lentuthuko Elisha noma iBhange le-BRICS sesiqalile ukusebenza futhi leli bhange kulindeleke ukuthi lamukele ngokusemthethweni imiklamo yalo yokuqala ngoMbasa kophezulu.

Sabamba iqhaza kwiNgqungquthela eyabe iphakathi kwamazwe ase-Afrika kanye nelase-India, futhi sabamba iqhaza nakwiSithangamu Sokubambisana Phakathi Kwamazwe ase-Afrika kanye ne-China njengoba inhloso yethu bekuwukuqinisa ubudlelwano nobambiswano phakathi kwethu nalawa mazwe ayizikhondlakhondla.

Izwe lase-China lamemezela utshalo-mali olungamadola aseMelika ayizigidigidi ezingama-50, futhi kulolu tshalo-mali iNingizimu Afrika izokwabelwa imali engamadola aseMelika ayizigidigidi eziyi-10, ezosetshenziselwa ukwakha ingqalasizinda, ukusungulwa kwezimboni kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.  

Mayelana nobambiswano oluphakathi kwamazwe aseNyakatho kanye namazwe aseNingizimu ye-Ikhweyitha, siqhubekile nezingxoxo ebeziphakathi kwethu neNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU) njengombimbi lwamazwe esihwebelana nawo kakhulu futhi okuwumbimbi olutshale imali eningi kuleli.

Kunezinkampani zamazwe e-EU ezingaphezu kwezi-2000 eziqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika, futhi lokhu sekuvule amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-350 000 .

Buyaqhubeka nokudlondlobala ubudlelwane phakathi kweNingizimu Afrika neMelika kanye ne-Canada, ikakhulukazi emkhakheni wezomnotho, ezempilo, ezamandla, ezamanzi, ezokuphepha nokuvikeleka, ezokuhlinzeka ngamakhono okusebenza kanye nokufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane.

Ukuvuselelwa kanye nokwelulwa koMthetho Wokukhuliswa kwe-Afrika kanye Nokuhlinzeka Ngamathuba (i-AGOA) kuhlinzeka ngethuba lokuphucula ukusungulwa kwezimboni kanye nokudidiyelwa kweminotho yesifunda. Njengamanje ziyalungiswa zonke izindaba eziphathelene ne-AGOA ebezingakaxazululwa.

Bakithi,

Sibafisela okuhle kodwa bonke abadlali nabasubathi bakuleli asebekwazile ukufezekisa ngempumelelo imigomo nemikhawulo ebekiwe, okuyinto esibanikeze ithuba lokuyobamba iqhaza eMqhudelwaneni Wemidlalo yama-Olimpiki ozobanjelwa e-Rio de Janeiro.

Siyabakhuthaza abantu bakuleli ukuthi babambe iqhaza ezinhlelweni ezahlukahlukene okuhloswe ngazo ukubagqugquzela ukuthi baphile impilo enhle ezobenza bahlale bengumaqemane futhi kugqugquzelwe nokwakhiwa kwesizwe.

Lokhu kubandakanya noSuku Lukazwelonke Lwezokungcebeleka, uSuku luka-Nelson Mandela Lwezemidlalo Namasiko, uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuzivocavoca Ukuze Uhlale Ungumqemane, Imidlalo Yabantu Abadala kanye noSuku luka-Andrew Mlangeni Lokuthuthukiswa  Komdlalo Wegalofu.

Bakithi,

Sekusungulwe ikomidi elizohlela futhi lilawule ukubamba iqhaza komakadebebona bezobuciko emicimbini yokwakha isizwe yakuleli.

USihlalo wekomidi loMakadebebona Abasaphila ngumbhali wemidlalo yeshashalazi, uMnu Welcome Msomi, osebenzisana nesilomo sezomculo, uNksz Letta Mbulu, oyiphini likaSihlalo.

Kuyasithokozisa futhi ukuthi abaculi kanye nabalingisi, phakathi kwabanye, basabelile kwikhwelo lethu lokuthi babumbane, futhi kanjalo sebesungule umbimbi lwezimboni zamaciko i-Creative Industries Federation of South Africa. IHhovisi likaMongameli lona selisungule Ithimba likaMongameli elizobhekana Nomkhakha Wezobuciko ngenhloso yokusekela abaculi kanye nabalingisi bethu.

Bakithi,
Ukuze sifezekise izinjongo zethu zokuvula amathuba omsebenzi, nokunciphisa ukungalingani kanye nokuqeda ububha, sidinga ukukhula komnotho ngesivivini.

Ku-NDP, besizibekele umkhawulo wokukhula komnotho ebesinesifiso sokufinyelela kuwona ngaphambi kowezi-2019, oyi-5%  ngonyaka.

Ngenxa yezimo zomnotho esengikhulume ngazo phambilini, kuyacaca ukuthi ngeke sikwazi ukufinyelela kulo mkhawulo wokukhula komnotho, ngaphambi komnqamulajuqu ebesizibekele wona.

Izimo zomnotho ezinzima emhlabeni jikele kanye nangaphakathi kuleli kumele zisifake ugqozi nomfutho wokuthi sisebenze ngokuzikhandla okukhulu, futhi lokho sikwenze ngobubambisana, thina sonke njengemikhakha ehlukahlukene yakuleli. Mayelana nalokhu-ke, kusemqoka kakhulu ukuthi sithathe izinyathelo eziphusile zokususa izithiyo nemigoqo engaphakathi kuleli evimbela ukukhula komnotho.

Nakuba singeke sakwazi ukuguqula izimo ezibhekene nomnotho emhlabeni jikelele, kuningi esingakwenza ukuguqula izimo zangaphakathi kuleli.

Masiqhubeke nokusebenzisana ukuze siguqule isimo esibhekene nezwe lwethu. Noma kanjani singasiguqula lesi simo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore