Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-26 kuMbasa 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu, mhla zingama-26 kuMbasa 2017, e-Union Buildings, ngosuku olwandulela imigubho yama-23 yoSuku Lwenkululeko lukazwelonke. Usihlalo walo mhlangano bekunguMongameli Jacob Zuma, lapho kwamukelwe khona naMalungu Esigungu Seziphathimandla amasha, futhi lawa malungu amasha azolekelela abaholi bakahulumeni abakhona njengamanje ekuqhubeni ukuqaliswa koHlelo Lokusebenza lukahulumeni okuhloswe ngalo ukuletha uguquko lomnotho olunohlonze kanye nokukhuliswa kwenhlalo- nomnotho okubandakanya abantu bonke.

  1. Izinqumo zeKhabhinethi
    1. 1. IKhabhinethi ivumile ukuba uMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba usingathe ngokuhlanganyela ingqungquthela yeNhlangano Yomhlaba Yezokufuywa Kwezilwane Zasolwandle Nokulinywa Kwezitshalo Zasemanzini ezobanjelwa edolobheni laseKapa kusukela mhla zingama-26 kuze kube ngumhla zingama-30 kuNhlangulana 2017.

Lokhu kufaka isandla kwiLabholethri Yezokufuywa Kwezilwane Zasolwandle Nokulinywa Kwezitshalo Zasemanzini yoMkhankaso we-Operation Phakisa okuhloswe ngawo ukukhulisa umkhiqizo womkhakha wokufuywa kwezilwane zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini ngokuphindaphindwe kahlanu kule minyaka emihlanu ezayo, usuka kumathani ayizi-4 000 uyofinyelela kumathani ayizi-20 000, ukuze kudaleke amathuba omsebenzi ayizi-15 000 futhi kukhushulwe negalelo lomkhakha wokufuywa kwezilwane zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini kwiSamba Esiphelele Somkhiqizo Wezwe (i-GDP).

Ukufuywa kwezilwane zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini kuhlinzeka ngethuba elihle kakhulu lokuqinisekisa ukuthi umkhakha wokukhiqizwa kwezinhlanzi awugxili nje kuphela emkhiqizweni owodwa kepha ugxila emikhiqizweni ehlukahlukene engaphansi kwalo mkhakha ukuze kuhlinzekelwe isidingo sabantu bakuleli sokulangazelela imikhiqizo yasolwandle, nokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele, kuvulwe namathuba okuthumela imikhiqizo yasolwandle emazweni angaphandle kanye nokudala amathuba omsebenzi. Ukusingathwa kwale ngqungquthela kuzogqugquzela lo mkhakha, kukhuphule utshalomali oluvela emkhakheni ozimele nakubaxhasi abazimele, futhi kulekelele nasekusheshisweni kokuthuthukiswa komkhakha wokufuywa kwezilwane zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini kuleli lizwe ngokuthi kusetshenziswe imibono nemiqondo ephusile yamasu okufuywa kwezilwane zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini evela kwamanye amazwe.

  1. 2. IKhabhinethi ikugunyazile ukusungulwa kweKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elizokwengamela, lilawule futhi lihlinzeke ngobuholi obudingekayo ngenkathi kwenziwa amalungiselelo okusingathwa kweNgqungquthela Ejwayelekile yama-37 Yezinhloko Zemibuso Nohulumeni YeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ezobanjwa ngoNcwaba 2017.

Le Ngqungquthela ye-SADC izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sibambisana Nabomkhakha Ozimele Ukuthuthukisa Izimboni kanye Nochungechunge Lomsebenzi Wokukhiqizwa Nokulungiswa Kwempahla”, ngokuthi kugxilwe esidingweni sokubhekana ngqo nezinto ezisemqoka kanye nezithiyo ezikhona ukuze kuqaliswe futhi kufezekiswe iSu Lezezimboni kanye Nohlelo Lokusebenza lwe-SADC.

INingizimu Afrika izosebenzisa isikhundla sayo njengoSihlalo we-SADC ukuqhubekisela phambili izimfuno nezidingo zayo njengoba zibekwe ngokucacile oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) futhi kuqiniswe namathuba ezomnotho esifundeni kanye nezindaba ezihlobene nokuvikeleka.

  1. 3. UMnyango Wezobuciko Namasiko uzosingatha imigubho yehlandla lesithathu yeNyanga Ye-Afrika ngoNhlaba 2017. Lokhu kuyingxenye yegalelo leNingizimu Afrika emigubhweni yezwekazi ephathelene noguquko olwenziwe ngokuqedwa kweNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-OAU) eyasungulwa mhla zingama-25 kuNhlaba 1963, futhi esikhundleni sayo kwasungulwa inhlangano ekhona njengamanje, okuyiNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU), kanye nezikhungo ezihlobene nayo nezinhlelo zayo.

Ukugujwa kweNyanga Ye-Afrika kufaka isandla ekuqedweni kwezinsalela zenqubo yokuqonelwa ngabezizwe kwezwekazi lase-Afrika ngokuthi kusetshenziswe imiklamo ehlukahlukene kahulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana ngaphansi kwesiqubulo esithi: Unyaka ka-OR Tambo: Sakha i-Afrika Engcono kanye Nomhlaba Ongcono”.

INyanga Ye-Afrika iyalekelela kwikhwelo le--Afrika yonkana lokuba kube nobumbano nokubambisana e-Afrika, futhi le nyanga isetshenziswa njengethuba lokuba wonke aMazwe Angamalungu e-AU acubungule inqubekelaphambili eseyenziwe ekufezekisweni kwe-Ajenda yowezi-2063.

Uhlelo lwemigubho, oluzoqhutshwa yizikhungo neminyango kahulumeni ehlukahlukene, oluzoqhubeka  inyanga yonke futhi oluzotholakala ku-www.gov.za, alugcini nje kuphela ngokugxila emkhakheni wezobuciko namasiko kepha ludlulela ngaphezulu kakhulu kwalokho njengoba luzogxila nakwigalelo likaHulumeni WaseNingizimu Afrika kwezomnotho, ezepolitiki kanye nezenhlalo yabantu, okuyizinto ezinomthelela ekuthuthukisweni kwaleli zwekazi. Konke okuzokwenziwa ngale nyanga kanye nezinkulumo-mpendulwano ezizobanjwa kuhloswe ngakho ukubungaza nokufundisa, futhi konke lokhu kuzohlinzeka abantu baseNingizimu Afrika nezwekazi lonkana ngethuba lokubungaza ubu-Afrika babo nokuzibophezela kabusha ekwakheni imiphakathi esekelwe phezu kwamagugu nemigomo emihle yase-Afrika okwabelwana ngayo.

  1. 4. IKhabhinethi ithulelwe umbiko mayelana nokusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthela Yomhlaba Ebanjwa Njalo Ngonyaka Yemitapo Yolwazi kanye Nokuhlinzekwa Kolwazi Yombimbi Lwamazwe Ngamazwe Lwezinhlangano Nezikhungo Zemitapo Yolwazi (i-IFLA) eyabanjelwa eNingizimu Afrika, edolobheni laseKapa kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla zingama-21 kuNcwaba 2015.

Isivumelwano se-IFLA saseKapa sizokwethulwa phambi koNgqongqoshe Bezobuciko be-AU ukuze kuvunyelwane ngaso, futhi sisekelwe bese siqaliswa. UMnyango Wezobuciko Namasiko uzoqinisa imizamo yokugqugquzela ukufunda izincwadi neminye imibhalo eNingizimu Afrika.

  1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni
    1. 1. Ukuzibophezela kukahulumeni ekuqiniseni umnotho kuqinisekiswe kabusha ezingxoxweni zokufakana imilomo phakathi kukaNgqongqoshe Wezezimali, uMalusi Gigaba, kanye nabatshalimali nezinhlangano zezimali womhlaba jikelele ngenkathi uNgqongqoshe evakashele kwelase-United States of America eyokwethamela iMihlangano Yasentwasahlobo Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezezimali (i-IMF) kanye NeBhange Lomhlaba. UNgqongqoshe Gigaba uphinde futhi wafakana imilomo nabatshalimali bakuleli kanye neKomidi Elikhethekile Lesigungu Esiphezulu se-Nedlac (Umkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebezi), usihlalo walo okunguyiPhini LikaMongameli, u-Cyril Ramaphosa.

Lezi zingxoxo zibonise ngokucacile ukuthi ngeke neze iguquke inqubomgomo kahulumeni yokuqinisekisa ukuthi izimali zakuleli ziphathwa ngobuhlakani obukhulu futhi ngesandla esiqinile njengoba lokhu kuyinto eyagcizelelwa kakhulu kwiSabelomali Sikazwelonke sowezi-2017.

IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha ukuba ibambisane nohulumeni ekuthuthukiseni ukwethenjwa kwaleli lizwe ngabatshalimali futhi kukhuliswe umnotho wezwe ngendlela esimeme futhi ebandakanya bonke abantu bakuleli.

  1. 2. Ukwethula kukaMongameli Jacob Zuma iSizinda Sezomnotho Esikhethekile sase-Maluti-A-Phofung (i-MAP-SEZ) endaweni yaseTshiame, e-Harrismith, eMpumalanga Freyistata, mhla zingama-25 kuMbasa 2017 kubonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekugqugquzeleni ukuthuthukiswa kwezimboni, okuyinto esemqoka kakhulu kwimpumelelo nokuchuma komnotho waleli lizwe esikhathini eside esizayo. Imikhakha ebekwe eqhulwini ku-MAP-SEZ ngowezimoto, owokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, owokuthuthwa nokuthunyelwa kwempahla, owolwazi lwezobuchwepheshe kwezokuxhumana (i-ICT), owemithi yokwelapha kanye nowokulungiswa kwemikhiqizo ehlukahlukene. Lokhu kuhlinzeka ngamathuba okungena kwezokukhiqizwa kwempahla nakwezokuhwebelana esifundeni sonkana kanye nasemhlabeni jikelele, okugxile ochungechungeni lwenqubo yokulungiswa kwemikhiqizo ngaphakathi kuMasipala wase-Maluti-A-Phofung.

Ukwethulwa kwale-SEZ kukhulise isibalo sama-SEZ safinyelela kwisishiyagalombili. Kuze kube manje, uHlelo lwama-SEZ lonkana seluhehe utshalomali olungaphezu kwamarandi angamabhiliyoni ayi-9.5. Ama-SEZ asedale futhi namathuba omsebenzi angaphezu kwezi-10 000 kubantu abaqashwe ngqo ngaphansi kwalezi zizinda futhi sekudaleke namathuba omsebenzi ayizi-65 000 ezinhlelweni ezinobuhlobo nokubambisana okuthile nama-SEZ. Ama-SEZ ayaqhubeka nokufaka isandla ekuhehweni koTshalomali Oluvela Ngqo Emazweni Angaphandle (i-FDI).

Ukwethulwa kwe-MAP-SEZ eyakhiwe emhlabeni ongamahekthare ayi-1 038 kuyingxenye esemqoka yokuqaliswa koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP) ethwesa ama-SEZ umsebenzi wokusheshisa ukukhuliswa nokuthuthukiswa komnotho wendawo ezifundeni ezithile ezihlonziwe zakuleli.

  1. 3. IKhabhinethi iyawamukela umbiko ka-A.T. Kearney wezi-2017 Ophathelene Nokwethenjwa Ngabatshalimali Bamazwe Angaphandle, obonisa ukuthi iNingizimu Afrika ikleliswe endaweni yama-25 ohlwini lwamazwe aphuma phambili emhlabeni jikelele aheha utshalomali oluvela ngqo kubatshalimali bamazwe angaphandle, futhi iyizwe lokuqala elivela kwizwekazi lase-Afrika ukukleliswa kulolu luhlu.

INingizimu Afrika yenze ibuya kulolu luhlu oluyinkomba yamazwe, eshicilela amazwe angama-25 aphuma phambili ekuhehweni kotshalomali, okungokokuqala kusukela ngowezi-2014. Leli lizwe likleliswe namanye amazwe asathuthuka, njenge-China (ekleliswe endaweni yesithathu), India (ekleliswe endaweni yesishiyagalombili), Brazil (ekleliswe endaweni ye-16) kanye ne-Mexico (ekleliswe endaweni ye-17).

Ukukleliswa kweNingizimu Afrika kulolu luhlu kuyabonisa ukuthi ukubambisana okukhethekile kwaleli lizwe nabatshalimali bamazwe angaphandle sekuqala ukukhula ngomdlandla futhi kuyabonisa nokuthi seluqalile ukuthela izithelo ezinhle uhlelo lokuletha intuthuko ezweni lethu. Izilinganiso ezingconywana zesimo sokukhula komnotho esikhathini esifushane esizayo kanye nezilinganiso zokutshalwa kwezimali emkhakheni wezokukhiqizwa kwempahla wakuleli esikhathini eside esizayo yikona okubekwe njengezizathu ezisemqoka ezenze ukuba iNingizimu Afrika ikhushulwe kwiNkomba yokukleliswa kwamazwe omhlaba.

  1. 4. Komunye umbiko oseceleni, uhlu lwakamuva lweNkomba Yotshalomali Emazweni ase-Afrika yowezi-2016, olwenziwe wuphiko oluzimele lwezocwaningo lwabakwa-Quantum Global luklelise iNingizimu Afrika endaweni yesine ohlwini lwamazwe aphuma phambili ekuhehweni kotshalomali e-Afrika, emva kwe-Botswana, Morocco kanye ne-Egypt. INingizimu Afrika izuze amaphuzu amahle kakhulu emkhakheni wokukhula kwe-GDP, ukuba lula kwenqubo yokwenza ibhizinisi kuleli kanye nesibalo esiphezulu sabantu bakuleli.

Ukuthandwa kwaleli lizwe ngabatshalimali kuphinde futhi kwabonakala ngokucacile embikweni wezi-2016 weSimo Sezomnotho e-Afrika, oklelise iNingizimu Afrika endaweni yesine ohlwini lwamazwe aphume phambili ekuhehweni kotshalomali kwelase-Afrika ngowezi-2015 njengoba ihehe utshalomali oluvela emazweni angaphandle olungamabhiliyoni angama-$3.6, emva kwezwe lase-Egypt (amabhiliyoni angama-$10.2), Mozambique (amabhiliyoni angama-$4.7) kanye ne-Morocco (amabhiliyoni angama-$4.2). INingizimu Afrika iyaqhubeka nokwakhela phezu kwesisekelo sayo esiqinile sezezimali nesezebhizinisi, njengoba ikleliswe endaweni yama-47 ohlwini lwamazwe ayi-138 lweNkomba Yokuncintisana Kwamazwe Omhlaba Jikelele yowezi-2016/2017 Yesithangamu Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF).

  1. 5. Isithangamu Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF) esiqondene ne-Afrika, sama-27, sizobanjelwa esikhungweni semibuthano yamazwe ngamazwe i-Albert Luthuli International Convention Centre eDurban kusukela mhla zi-2 kuze kube ngumhla zi-5 kuNhlaba ngaphansi kwesiqubulo esithi: Ukufezekisa Ukukhula Komnotho Okubandakanya Abantu Bonke: Abaholi Abasabelayo futhi Abaphusile.”

IKhabhinethi ilamukela ngezandla ezimhlophe leli thuba lokuba iNingizimu Afrika ibambe inkulumo-mpendulwano mayelana namathuba akhona futhi avulekile kulabo abanesifiso sokutshala izimali, ukudidiyelwa kwesifunda okunohlonze kanye nokuzibophezela kabusha ekukhuliseni umnotho ngendlela esimeme kanye nokuletha intuthuko kwelase-Afrika.

I-Afrika lizwekazi elinamazwe aneminotho ekhula ngesivinini esikhulu emhlabeni, futhi ebonisa ukukhula ngamandla kwentshisekelo yabatshalimali abavela emhlabeni jikelele. INingizimu Afrika inomnotho osekelwe phezu kwemikhiqizo eminingi futhi ehlukahlukene uma iqhathaniswa namanye amazwe kuleli zwekazi futhi idlala indima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuthi izwekazi lase-Afrika liyathuthuka futhi liqhubekela phambili.

  1. 6. Ukuzibophezela kweNingizimu Afrika nezwe lase-Oman ekwenzeni ngcono ubudlelwano bezohwebo phakathi kwalawa mazwe amabili, okwenziwe esithangameni sezebhizinisi esabanjwa mhla zingama-27 kuNdasa 2017 phakathi kukaNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni, u-Rob Davies kanye nozakwabo wase-Oman, uDkt Ali Bin Masoud Al-Sunaidy, kuhlinzeka osomabhizinisi baseNingizimu Afrika ngamathuba okwenza ibhizinisi nezwe lase-Oman, ikakhulukazi emkhakheni wemboni yezolimo kanye nowokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo.

Ngaphezu kwalokhu, uhambo loMnyango Wezohwebo Nezezimboni, oluphathelene nezotshalomali, lokuvakashela kwelase-Ghana kanye nase-Nigeria phakathi komhla zingama-20 kanye nomhla zingama-25 kuNdasa 2017 lufake isandla ekuhlonzeni nokwakha izimakethe zokuthunyelwa kwempahla elungiswe kuleli kanye nezinsizakalo zakuleli emazweni angaphandle. Lokhu kukhangisa futhi nangemikhiqizo yaseNingizimu Afrika kanye nezinsizakalo ezihlinzekwa yileli lizwe futhi kusungula nobambiswano lwezebhizinisi phakathi kwemiphakathi yezebhizinisi yalawa mazwe amathathu.

Ukukhulisa uhwebo kule zwekazi kanye nokuqinisa ubambiswano phakathi kwaleli namazwe elibambisene nawo kwelase-Afrika kungaholela ekuqedweni kobubha, kukhulise uhwebo olungenayo, kuthuthukise izimboni futhi ngenxa yalokhu kudaleke namathuba omsebenzi, okuyinto esemqoka kakhulu ekuthuthukisweni komnotho wase-Afrika.

  1. 7. UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uLindiwe Zulu, uhole ithimba laseNingizimu Afrika ebelethamele isithangamu sezebhizinisi sase-Estonia ebesisingathwe yinhlangano yakuleli yezebhizinisi nezimboni, i-South African Chamber of Commerce and Industry. Njengoba ingxenye engama-90% yomnotho wase-Estonia yakhiwe ngamabhizinisi asafufusa (ama-SMME), ubambiswano lweNingizimu Afrika ne-Estonia luqinisa isibophezelo sikahulumeni sokudala amathuba omsebenzi kanye nokugqugquzela ama-SMME.
  2. 8. Ikhono lomkhakha wezolimo wakuleli lokumelana nezimo ezinzima ngokusekelwa yizinhlelo zokuhlinzeka ngesixwayiso kusenesikhathi esanele kanye nocwaningo, nakuba kunenkinga yesikhonyane esibhubhise izitshalo, i-Fall Army Worm, nesomiso, libonakale kahle kamhlophe kwisilinganiso somthamo wesivuno sombila othengiswayo sowezi-2017, esikhuphuke ngama-84% uma kuqhathaniswa nesivuno sowe-2016, okuyisivuno esincane kunazo zonke kusukela ngowezi-2007. Kulindeleke ukuba izindawo ezintathu zakuleli ezikhiqiza isivuno sommbila esikhulu, okuyisifundazwe saseFreyistata, Mpumalanga kanye neNyakatho Ntshonalanga, zikhiqize ama-82% esivuno sowezi-2017.

Umthamo wesivuno esilindelekile sommbila othengiswayo ulinganiselwa kumathani ayizigidi eziyi-14,324 okungama-2,91% (amathani ayizi-405 050) ngaphezu kwesibikezelo sesilinganiso esenziwe esikhathini esedlule esingamathani ayizigidi eziyi-13,918. Isilinganiso esenziwe ngokubheka ubukhulu bomhlaba wokulima sisalokhu sime kumhlaba ongamahekthare ayizigidi ezingu-2,629, kanti kusenjalo isivuno esilindelekile sime kumathani angu-5,45 ngehekthare lomhlaba ngalinye.

  1. 9. Isibophezelo sikahulumeni sokuqinisa nokuthuthukisa kanye nokukhulisa ukufinyelela kwabafundi emanyuvesi sesibonakale kahle kamhlophe njengoba isibalo sabafundi siphindaphindeke kabili kule minyaka engama-20 edlule. Lokhu kuqiniswe nayisimemezelo sikaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa, uDkt Blade Nzimande, sokuthi kule minyaka emibili ezayo uhulumeni uzosebenzisa imali efinyelela kumarandi angamabhiliyoni ayisikhombisa ukwakha izindlu ezintsha zokuhlalisa abafundi, amalabholethri, ubuchwepheshe bezokuxhumana kanye nezinye izikhungo nezinsizakusebenza ezisemqoka, kusenjalo futhi kwenziwe nomsebenzi osemqoka wokulungisa ingqalasizinda yamanyuvesi futhi kunwetshwe namanyuvesi amasha. Kunesinye futhi isamba semali engamarandi angamabhiliyoni ayi-2,5 esibekwe eceleni kule minyaka emihlanu ezayo esiqondiswe kulawo manyuvesi ayevinjwe amathuba phambilini futhi abengakutholi ukuxhaswa kahle ngezimali, ukuze nawo akwazi ukulisebenzisa ngokuphelele ikhono lawo lokuqeqesha abafundi.

Ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda, kubandakanya namagumbi okufundisa nokwenza ucwaningo, nemishini nezinsizakusebenza kanye nokuqinisekisa ukuthi abafundi baphila ngaphansi kwesimo esikulungele ukufunda nokuqeqeshwa, okuyizinto ezisemqoka kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi amanyuvesi awenza ngempumelelo umsebenzi athweswe wona wokucija nokuhlomisa abafundi ngamakhono.

  1.  10. UNgqongqoshe Wezabasebenzi, u-Mildred Oliphant, uzohola umkhankaso kazwelonke wokuqwashisa nokufundisa ngeNyanga Yabasebenzi yowezi-2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Yazi amalungelo akho kanye nezibopho zakho njengendlela yokugqugquzela ukuthotshelwa kwakhudlwana kwemithetho ebekiwe”.

Lo mkhankaso uzoqwashisa abasebenzi baseNingizimu Afrika ngamalungelo abo kanye nezibopho zabo. Uzogcizelela futhi nasezinzuzweni ezizuzwe ngabasebenzi eNingizimu Afrika futhi uhlole nokuthotshelwa kwemithetho yezabasebenzi. Le nyanga izobandakanya nokugasela kungazelelwe emikhakheni ethathwa njengemikhakha enenjwayelo yokuphula imithetho nemigomo ebekiwe. 

Uhulumeni usephasise imithetho okuhloswe ngayo ukuqeda ukungalingani okukhulu okusekhona njengamanje kanye nokucwaswa kwabasebenzi, okuyizinto lo hulumeni wentando yeningi labantu azithola zikhona ngenkathi ethatha izintambo zombuso. Izinto eziwumongo wemithetho yethu yezabasebenzi yimpokophelo yokuqhubekisela phambili ukuthuthukiswa komnotho, ubulungiswa emphakathini, ukuthula nozinzo kwezabasebenzi kanye nokuqinisekisa ukuthi izizinda okusetshenzelwa kuzona zilawulwa ngokulandela inqubo yentando yeningi labantu. IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha ukuba idlale indima yayo ekuqedeni ukungalingani okusekhona okuwumphumela wenqubo yesikhathi esedlule, ngokuthi kusheshiswe uguquko emsebenzini njengoba manje lusahamba ngesivinini sonwabu.

  1. 11. Uhulumeni uqhube imikhankaso yesi-6 Yeviki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni ngaphansi kwalo hulumeni owathatha izintambo zokubusa ngowezi-2014, kusukela mhla ziyi-17 kuya kumhla zingama-23 kuMbasa 2017. Okwaphawuleka kakhulu ngalelo viki kwaba yimihlangano eminingi eyabanjwa ngamalungu eziphathimandla zikahulumeni nezakhamuzi futhi linegalelo elikhulu ohlelweni olubanzi lukahulumeni lokwenza ngcono izimpilo zazo zonke izakhamuzi zakuleli.  

IKhabhinethi iyishayela ihlombe leyo miphakathi eyabamba iZimbizo nezikhulu zikahulumeni ezweni lonkana, ngenhloso yokuxazulula izinselelo ezikhona emkhakheni wezomsebenzi kahulumeni ukuze kuhlinzekwe impilo engcono kubantu bonke.

Ezinye zeZimbizo zibandakanya lokhu: ukwethulwa kweSikhungo Sokusungulwa Nokuphathwa Kwamabhizinisi ekholishi yoKufundela Umsebenzi Wezobuchwepheshe Bezandla Nokuqeqeshwa (i-TVET) yase-Goldfields e-Welkom, esifundazweni saseFreyistata nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uNkz Lindiwe Zulu. Lesi Sikhungo siyalekelela ekuxazululweni kwenselelo yokuswelakala kwemisebenzi entsheni, ngokuthi sihlinzeke abantu abasha ngosizo olufanalekile ngenkathi besathatha izinyathelo zokuqala ohambweni lwabo lokusungula amabhizinisi. Kwabanjwa imihlangano engama-34 mayelana nalokhu ezweni lonkana.

  1. Izindaba Ezisematheni
    1.  1. UMongameli Jacob Zuma wahola imigubho kazwelonke yama-23 yoSuku Lwenkululeko mhla zingama-27 kuMbasa 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Unyaka ka-OR Tambo: Sisonke siqinisa intando yeningi labantu futhi sakha imiphakathi ephephile nengenabo ubugebengu”.

Umhlangano phakathi kukaMongameli nomphakathi waseManguzi, KwaMhlabuyalingana, uyingxenye yomkhankaso kazwelonke wokulwisana nobugebengu, futhi lona bekungumhlangano wokulandelela ohlelweni lukaMongameli, i-Presidential Siyahlola Monitoring Programme, olwaqhutshwa ngoNdasa 2017. Lolu hlelo lugcizelela isidingo sokuthathwa kwezinyathelo ezisheshayo ukunqanda ubugebengu obenzeka phakathi kwaleli namazwe angaphandle ikakhulukazi ukudunwa kwezimoto. Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla okukhulu kule ndawo ukuqeda ubugebengu kanye nokuxazulula izinkinga ezibhekene nomphakathi wakwaMhlabuyalingana, kubandakanya nezinselelo eziphathelele ne-Isimangaliso Wetland Park.

Le migubho iqhakambisa izinto ezizuzwe yileli lizwe kusukela ngowe-1994, futhi kusenjalo kukhunjulwe nokuthi kusenomsebenzi okumele wenziwe ukwakha iNingizimu Afrika ebumbene ngokweqiniso, engenakho ukucwaswa kwabantu ngokobuhlanga nangokobulili, ebuswa ngokwentando yeningi labantu futhi echumayo. NgeNyanga Yenkululeko sibungaza iqhawe lezwe lethu uMongameli we-ANC waphambilini, u-Oliver Reginald Tambo, ngegalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko yethu nentando yeningi labantu, obezobe ehlanganisa iminyaka eyi-100 ukube ubesaphila.

  1. 2. Njengengxenye yohlelo lweNyanga Yenkululeko uNgqongqoshe Wezokuxhumana, u-Ayanda Dlodlo, uqalise inkulumo-mpendulwano yentsha eyingxenye yezingxoxo eziqhubekayo ezibandakanya abantu abasha mayelana nokuthi kusho ukuthini kubona “UKWENZA INKULULEKO YAKHO IBE NGEYAKHO NGOKWEQINISO”,   okuyisiqubulo samaganyana asetshenziswayo ukulandela ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana.

IKhabhinethi inxusa abantu abasha ukuba bawasebenzise ngobuhlakani amalungelo abo kanye nezibopho zabo futhi bahloniphe nalabo abalwela inkululeko yethu, ethokozelwa yibo bonke abantu ezweni lethu elibuswa ngokwentando yeningi labantu.

  1. 3. IKhabhinethi iyawamukela umhlangano wokuqala woHlelo olusemazingeni aphezulu Lokushintshisana Ngabantu (i-PPEM) phakathi kweNingizimu Afrika ne-China owabanjwa kusukela mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-27 kuMbasa.  Lokhu bekufezekisa isivumelwano esenziwa nguMongameli Jacob Zuma kanye noMongameli Xi Jinping ngenkathi uMongameli wase-China evakashele kuleli ngowezi-2015. I-IMC yoHlelo Lokushintshisana Ngabantu, eyabe iholwa nguNgqongqoshe uNathi Mthethwa, yasingatha iPhini LikaMongameli u-Lui Yandong kanye nezithunywa ezivela kwelase-China.

Kwacikicwa izivumelwano zokubambisana eziningana ngaphansi kwezingqikithi ezibanzi ezimbili – Ukuthuthukiswa Kwabasebenzi kanye Nocwaningo Nentuthuko. Ukukhuliswa komnotho obandakanya abantu bonke futhi osekelwe phezu koguquko lwenhlalo-mnotho olunohlonze kuyinto ehambisana ncamashi nokuhlonyiswa nokucijwa ngamakhono kwabantu bakuleli, ikakhulukazi intsha emazingeni ahlukahlukene.

IKhabhinethi iwamukela ngezandla ezimhlophe umnikelo wemishini yokwelapha (eyakhiwe lapha eNingizimu Afrika) ovela kuhulumeni wase-China, njengengxenye yesivumelwano sobambiswano kwezempilo esiphakathi kwezwekazi lase-Afrika ne-China, futhi lokhu kuzolekelela ekwenzeni ngcono izinga losizo lokwelashwa oluhlinzekwa yizibhedlela zikahulumeni.

Ngalezi zivumelwano zobambiswano, womabili lawa mazwe azibophezele ekuqinisekiseni ubambiswano oluqinile kwezokucobelelana ngolwazi lomsebenzi, ukuqeqeshwa kothisha kanye nokwabelana ngolwazi lobungoti emkhakheni wezemfundo, ikakhulu kwezeZibalo, eZesayensi kanye Nezobuchwepheshe njengesisekelo okuzokwakhelwa phezu kwaso ukukhulisa iminotho yolwazi. Eminye imikhakha okuzophuculwa kuyona ubambiswano ibandakanya: ezamasiko; ezokuxhumana; ezempilo; ezesayensi nezobuchwepheshe; ezemidlalo; ezokuvakasha kanye nomkhakha wezindaba zabesifazane netsha.

  1. 4. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini nabangani babantu abangama-235 abashone ezingozini zomgwaqo ngamaholide ePhasika. Izibalo zalesi sikhathi samaholide ePhasika zibonisa ukuthi abantu abashonile abangama-50% bekungabantu abahamba ngezinyawo, kulandele abagibeli ngama-24% kanye nabashayeli ngama-19%.
  2. 5. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Zuma ekuzwakaliseni ukudabuka kwayo kanye nokwethuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kwezingane zesikole eziyi-18 nabantu abadala ababili engozini yetekisi enyantisayo eyenzeke e-Bronkhorstspruit, ngaphandle kwasePitoli. Sithanda ukugcizelela kwikhwelo likaMongameli Zuma lokuthi kumele izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ziphenye imbangela yale ngozi ngokushesha okukhulu.   

IKhabhinethi idlulisa amazwi okubonga kuyo yonke iminyango kahulumeni, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO), ochwepheshe kanye nabamabhizinisi abahlinzeke ngosizo emindenini ethintekile kanye nakubafundi nothisha besikole iMahlenga High kanye nabesikole sase-Refano Primary ngalesi sikhathi esinzima.

Ukushona kwabantu abaningi ezingozini zomgwaqo, ikakhulukazi ngesikhathi samaholide eNingizimu Afrika, kuyinto ekhathazayo kakhulu kuleli. Izingozi eziningi kulezi, yizingozi ebezingagwemeka ngokuthi abasebenzisi bomgwaqo baziphathe kahle ngenkathi besemgwaqeni futhi bacophelele kakhulu.  Kuyisenzo esingamukelekile neze ukushayela budedengu, ngaphandle kwenkathalo futhi abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuba bakwenze kube yinto engumsebenzi wabo osemqoka kakhulu ukuphepha kwabo emigwaqeni yethu.

  1. 6. IKhabhinethi iwushayela ihlombe umkhakha wezokuthutha abantu ngamabhasi ngokubuyela emsebenzini emva kwesiteleka ebesingenalo udlame, okuyinto eyisibonelo esihle ekubanjweni kweziteleka zabasebenzi. Iphawulekile indima edlalwe nguNgqongqoshe Wezabasebenzi ekuqedeni isiteleka kulo mkhakha obaluleke kangaka emnothweni wethu.
  2. 7. IKhabhinethi ikhathazekile ngokuqubuka kabusha kodlame endaweni yase-Vuwani kulandela esinqumweni seBhodi Lokuklanywa Kwemingcele Yomasipala sokufaka le ndawo ngaphansi kukamasipala omusha. IKhabhinethi ikugxeka kakhulu ukusetshenziswa kwezingane zethu njengethuluzi lokufezekisa izimfuno ezithile futhi ukuvalwa kwezikole amaviki ngamaviki kuphazamisa ingomuso lalezi zingane esezizithola zingaphansi kwengcindezi yomphefumulo eyengeziwe. Udlame, ukwesatshiswa, ukucekelwa phansi kwempahla noma izenzo eziholela ekucekelweni phansi kwezikole noma ezincisha abafundi ithuba lokuya esikoleni azinayo nakancane indawo ezweni lethu elibuswa ngokwentando yeningi labantu.

IKhabhinethi iwushayela ihlombe umsebenzi owenziwe yi-IMC, ebiholwa nguNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko uMnu Des Van Rooyen, kanye nokuvakashela kuleya ndawo kukaNgqongqoshe Wezamapholisa, uFikile Mbalula, futhi iyaweseka umbono wokuthi izenzo zobugebengu, kubandakanya ukulinyazwa nokucekelwa phansi kwempahla kuyinto engeke ibekezelelwe nakancane.  Kulindeleke ukuba uMongameli Jacob Zuma abambe umhlangano neNgonyama yamaVenda u-Toni Mphephu Ramabulana kanye nabaholi bendabuko abavela esifundeni sase-Vhembe njengomzamo wokuletha uzinzo kuleya ndawo. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi imali kanye nezinsiza ezisetshenziwe ukwakha kabusha izikole ezicekelwe phansi yimali obekuhloswe ukuba isetshenziswe kwezinye izinhlelo zikahulumeni.

  1. 8. IKhabhinethi inxuse futhi nokuthi abantu behlise imimoya futhi kubuyiswe nozinzo kulandela imibhikisho ehambisana nodlame edolobheni lase-Lichtenburg kanye naselokishini lase-Blydeville, ngaphansi kukaMasipala Wendawo yase-Ditsobotla, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga. Ukufunda kuphazamisekile, kwaphangwa nempahla ezitolo futhi kwashiswa izimoto nezindlu eziningana. UNdunankulu waseNyakatho Ntshonalanga, u-Supra Mahumapelo, useqoke ithimba elihlanganisa oNgqongqoshe Besifundazwe (abo-MEC) abahlanu kanye nezimeya ezimbili elizophenya futhi lixazulule izinselelo eziphathelene ngohlinzekwa kwezidingo-ngqangi kuleya ndawo.
  2. 9. IKhabhinethi iyawunxusa umphakathi wase-Coligny, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ukuba uyeke ukubamba imibhikisho ehambisana nodlame futhi unikeze uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) endaweni yase-Coligny ithuba lokuphothula uphenyo lwawo mayelana nengane eshonile, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubulungiswa buqhutshwa ngendlela efanelekile.

Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zisebenzise izinhlaka ezikhona njengamanje uma zifuna ukuzwakalisa izinkinga zazo futhi zithobele umthetho ngenkathi zizwakalisa ukukhathazeka kwazo.

  1. 10. Uhulumeni uzishayela ihlombe izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngendlela ezisukumela ngayo phezulu ukuze kuboshwe izigilamkhuba ezihlukumeza abesifazane nezingane.

Mayelana nalokhu-ke, iKhabhinethi izishayela ihlombe izinyathelo ezisheshayo ezithathwe wuPhiko Loklebe Olulwisana Nokushushumbiswa Kwabantu kanye neThimba Elijutshwe Ukubhekana Namacala Abucayi Kakhulu njengoba bebophe umfundisi ozinze eThekwini obekwe icala lokushushumbiswa kwabantu e-Port Elizabeth.

Kungumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi kuyisibopho sabo ukuba basebenzisane neziphathimandla ukuvikela abesifazane nezingane zethu kubahlukumezi futhi kumele siqinisekise ukuthi sidlala indima yethu ekwenzeni imiphakathi yethu ibe ngephephile kakhulu.

  1. Imiyalezo
    1. 1. IKhabhinethi ihalalisela uZolani Tete ngokunqoba kwakhe isicoco sesisindo samabhantamu ngaphansi kweNhlangano Yezesibhakela Emhlabeni (i-WBO). Lokhu kumbeka ethubeni lokulwa empini yokuhlanganisa izicoco zomhlaba – okusho ukuthi manje usengafaka inselelo yokulwela izicoco zomhlaba ngaphansi kwezinhlangano zesibhakela ezithathwa njengezinkulu emhlabeni jikelele: okuwuMkhandlu Wezesibhakela Emhlabeni (i-WBC), iNhlangano Yomhlaba Yezesibhakela (i-WBA) kanye neNhlangano Yezesibhakela Yamazwe Ngamazwe (i-IBF).
    2. 2. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekudluliseni amazwi enduduzo aqondiswe emndenini nabangani bomqeqeshi wesibhakela obedume kakhulu, uNick Durandt, obaziwa kakhulu ngekhono lakhe lokukhiqiza abashayisibhakela abayizingqwele futhi obethatha abafana abancane abebewuvanzi emgwaqeni abenze izingqwele.

 

  1. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

  1. 1. Abaqokwe nguMongameli njengamalungu eNkantolo Yezabathengi Kazwelonke, futhi abazongena ezikhundleni zabo ngosuku olushiwo kwiMemorandamu KaMongameli efanelekile:
  1. Slz Joseph Mandal Maseko (uSihlalo Omkhulu);
  2. Nkz Laura Best (iPhini LikaSihlalo);
  3. Mnu Lulama Andisa Potwana (ilungu elizosebenza ngokugcwele);
  4. Nkz Penelope Anne Beck (ilungu lesikhashana);
  5. Adv Hope Fiona Neo Sephoti (ilungu lesikhashana);
  6. Nkz Diane Reinette Terblanche (ilungu lesikhashana);
  7. Nkz Nomfundo Maseti (ilungu lesikhashana);
  8. Nkz Maleho Margaret Daisy Nkomo (ilungu lesikhashana);
  9. Slz Bonke Clayton Dumisa (ilungu lesikhashana);
  10. Slz Tanya Ann Woker (ilungu lesikhashana);
  11. Slz Kasturi Moodaliyar ilungu lesikhashana);
  12. Dkt Maria Claudina du Toit (ilungu lesikhashana);
  13. Mnu Xolela Christopher May (ilungu lesikhashana);
  14. Mnu Fungai Khumbulani Sibanda (ilungu lesikhashana);
  15. Mnu Lehlohonolo Lucky Rabotapi (ilungu lesikhashana);
  16. Mnu Trevor Albert Bailey (ilungu lesikhashana); kanye no
  17. Adv Frans Kgolela Manamela (ilungu lesikhashana).

5.2. Abaqokwe njengamalungu angeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla eBhodi Yenkamani Yezikhali yaseNingizimu Afrika (i-ARMSCOR):

  1. Vice Admiral (osewathatha umhlalaphansi) RJ Mudimu (onguSihlalo futhi oqokwe kabusha);
  2. Nkz Thuthukile Skweyiya (oyiPhini LikaSihlalo futhi oqokwe kabusha);
  3. Dkt Moses Khanyile (oqokwe kabusha);
  4. Mnu Ndumiso M Tyibilika (oqokwe kabusha);
  5. Mnu Raymond Mlungwana Vokwana (oqokwe kabusha);
  6. Adv Virginia Lee Anne De La Hunt (oqokwe kabusha);
  7. Nkz CE Simpson;
  8. Nkz T Mhlan; kanye
  9. Nenxusa u-TJ Ndhlovu.

5.3. Mnu Kgabo Mahoai oqokwe njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Willy Hlopheka Baloyi

Umakhalekhukhwini: 083 3907 147

Share this page

Similar categories to explore