Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zi-2 Ndasa 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iyamukelile Inkulumo Yesabelomali Yonyaka we-2016 ethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali uPravin Gordhan mhla zi-24 Nhlolanja 2016. Lesi sabelomali sikhombisa ukubuyela esimweni, ukuzibophezela kanye nokukwazi ukubhekana nezinselele njengoba sibhekene nesimo somnotho esibi kakhulu emlandweni wamanje.

Lesi sabelomali siphendula mayelana nalokho okudingwa yizwe futhi sibuyisa ukuzethemba emnothweni ngokubeka izwe emgudwini wokukhula komnotho ofaka uwonkewonke othembekile, ozinzile futhi okhulayo.

IKhabhinethi iyazamukela futhi izinyathelo zokunciphisa izindleko futhi iyazibophezela ekusebenzisaneni nayo yonke imikhakha ekudlaleni indima emizamweni kazwelonke yawo wonke umuntu ukuqalisa ukusebenza umgudu ocatshwe yisabelomali.

1.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukuthulwa ngokusemthethweni kweThimba Labezindaba Likamongameli (i-PPC) nguMongameli Jacob Zuma. I-PPC izobunjwa ngabahleli bezindaba zombusazwe, ababhali bezindaba zombusazwe, ababika ngezindaba zombusazwe kanye nezintatheli zezindaba zomnotho ezinikezwe imvume yokubika ngeHhovisi Likamongameli ngokugcwele futhi ngokuqhubekayo.

Inhloso ye-PPC ukuhlinzeka abemithombo yezindaba ukufinyelela okwenziwe ngcono olwazini. Kuzophinda kwenze ngcono ukufinyela kwabezindaba kuMongameli kanye nakwiHhovisi Likamongameli, ukuze kuqinisekiswe ukuthi izintatheli zithola ulwazi oluyisisekelo kanye nezinhlelo ukwenza ngcono ukuqonda kanye nokubika kwazo. Amalungu abalulekile ezindaba azophinda akhishelwe izindaba yiPhini Likamongameli kanye nanoma yimuphi uNgqongqoshe omenywa nguMongameli ukuthi azise ngezinhlelo ezibalulekile ezweni lethu.

1.3. IKhabhinethi izwakalise ukubonga ngomsebenzi owenziwe yiNingizimu Afrika ekubuyiseni uxolo e-Burundi, ngokuhambisana nokuzibophezela kwinqubomgomo yethu yazangaphandle ukuqinisekisa izwekazi elinokuthula futhi elizinzile.

IKhabhinethi iphinde yamukela imiphumela yeZingxoxo Zezakhamizi Zase-Burundi ezabanjwa ngesikhathi kuvakashe ithimba eliphezulu loMongameli leNhlangano Yamazwe Ase-Afrika (i-AU) e-Bujumbura e-Burundi, elaliholwa nguMongameli Zuma.

1.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqokwa kukaMongameli Zuma nguNobhala-Jikelele Wenhlangano Yezizwe (i-UN) u-Ban Ki-moon, ukuba abe ngomunye wosihlalo Bekhomishani Ephezulu Yezemisebenzi Kwezempilo Nokukhula Komnotho benoMongameli u-François Hollande weRiphabhuliki yase-France. Lokhu akukhona okokuqala ukuthi uMongameli Zuma aqokwe yinhlangano yomhlaba ukuthi enze umsebenzi ezingeni lomhlaba. Lokhu kuqokwa kukhombisa uwukubona ubuholi obuqotho obukhonjiswe nguMongameli wethu emhlabeni jikelele.

Le khomishani izokhuthaza ukudalwa kwamathuba emisebenzi amasha emkhakheni wezempilo emazweni wonke, kakhulukazi lawo angathuthukile kahle. Lokhu kuzophinda kugxilise ukuqaliswa koHlelo Lwentuthuko Ezinzile lwe-2030, oluzokwenza umsebenzi omkhulu ekuxazululeni izinkinga ezintathu okungukuswelakala kwemisebenzi, ububha nokungalingani.

1.5. IKhabhinethi iyakwamukela ukuthulwa ngokusemthethweni kweNhlolovo Kazwelonke Yomphakathi yonyaka we-2016 eMamelodi, ePitoli nguNgqongqoshe eHhovisini LikaMongameli u-Jeff Radebe kanye noMqondisi-Jikelele Womnyango Wezezibalo uPali Lehohla. Inhlolovo yalo nyaka yenziwa ngaphansi kwengqikithi ethi “iNingizimu Afrika engiyaziyo, ikhaya engiliqondayo” futhi ihlose imindeni engaphezulu kwesigidi esi-1,5 – nokuyinhlolovo enkulu njengamanje uma kuqhathaniswa neyayibanjwe eminyakeni emihlanu edlule eyenziwa emindenini eyi-300 000 kuphela. Le nhlolovo izokwenziwa ngoMbaso kanti imiphumela yayo izotholakala emaphethelweni kaNhlangulana 2016.

1.6. IKhabhinethi iyaqaphela ngokukhathazeka umbiko othulwe yiNhlangano Yezempilo Yenhlangano Yezizwe kanye neNhlangano Yokubambisana Kwezomnotho Nentuthuko Ophenyweni Ngemakethe Yezempilo eholwa nguJaji Sandile Ngcobo. Imibiko ikhomba ukuthi iNingizimu Afrika ihlinzeka izinsizakalo zezokwelashwa ezimba eqolo kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe. IKhabhinethi izolinda ukuphothulwa kwalolu phenyo ngaphambi kokwenza isimemezelo mayelana nalolu daba.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweQhinga Eliwuhlaka Lokubhekana Nokungcola Komoya Emiphakathini YaseNingizimu Afrika Enabantu Abaningi Abahola Kancane ukuze umphakathi uphawule ngalo. Leli qhinga lihlose ukuhlinzeka indlela egxile ekubhekaneni namazinga aphezulu okugcola emiphakathini enabantu abaningi abahola kancane. Lihlinzeka indlela ehlelekile ukuqalisa imizamo yokunciphisa intuthu edalwa ukusetshenziswa kwezinto ezifana namalahle negesi emakhaya. Lokhu kungenelela kuhlose ukuqinisekisa ukuthi lezi zindawo zithobela Amazinga Kazwelonke Omoya Wendawo Ohlanzekile. Leli qhinga lizosekela iqhinga likazwelonke elisetshenziswa njengamanje ukubhekana nokugcoliseka komoya ezweni.

2.2. IKhabhinethi igunyaze ukusingathwa ngokuhlanganyela kweNkomfa Yomhlaba Yengculazi Yama-21 (i-AIDS 2016) phakathi kukahulumeni neNhlangano Yomhlaba Ye-AIDS e-International Convention Centre (ICC) e-Durban kusukela mhla zi-18 zize zibe nga-22 Ntulikazi 2016. Ukusingathwa kwale nkomfa kuzokwenza ngcono ukubhekana kwezwe ne-HIV nesifo sofuba ngesikhathi esifanayo kube nomthelela kwenye yezinselele ezibaluleke kakhulu eNingizimu Afrika, esifundeni kanye nasemhlabeni.

Ukusingathwa kwale nkomfa kuzohlinzeka inkudla kubacwaningi abavela emhlabeni jikelele ukuthi babelane ngenqubekela phambili yakamumva yezesayensi kulo mkhakha, ukufunda kumakhono abanye kanye nokuthuthukisa amaqhinga okuqhubezela phambili zonke izingxenye zemizamo yethu yokwelapha nokuvimbela igciwane lesandulelangculazi (i-HIV).

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa ePhalamende Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Kazwelonke Wezithuthi Ezihamba Phansi sonyaka we-2015, esichibiyela uMthetho Kazwelonke Wezithuthi Ezihamba Phansi, wezi-2009 (uMthetho we-5 wezi-2009). Izichibiyelo eMthethweni Kazwelonke Wezithuthi Ezihamba Phansi wezi-2009 zizoqhubeza izinhlelo zokuguqula kanye nokuhlela kabusha uhlelo lukazwelonke lwezithuthi ezihamba phansi. Lokhu kuzoba nomthelela kumisebenzi yezithuthi zomphakathi eziphephile, ezitholakala kalula, ezisebenza kahle nangempumelelo.

UMthethosivivinywa uhlinzeka intuthuko entsha emkhakheni wezithuthi zomphakathi. UMthethosivivinywa uhlinzeka umhlahlandlela, phakathi kokunye, ngezithuthi ezingenanjini, ngezithuthi ezikulanda emva kokuzibiza ngokusebenzisa ubuchwepheshe kanye nokubhalwa kwezithuthi zomphakathi. Uphinda ucacise ngokulawula okuphathelene namandla abiwe kanye nemithethonkambiso emayelana nokukhishwa kwamalayisensi okuqhuba ibhizinisi lezithuthi zomphakathi.

Lo Mthethosivivinywa uzophinda uvumele ukuqaliswa Kwezithuthi Zomphakathi Ezididiyelwe futhi uyingxenye yoHlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda kanye nePhrojekthi Edidiyelwe Yamaqhinga ye-7, egxile ekusetshenzisweni kokuthuthukiswa okulawulwayo kwezithuthi zasedolobheni futhi ezididiyelwe ukwakha amadolobha njengezizinda zokukhula komnotho.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Zuma uzothatha Uhambo Olusemthethweni Lokuvakashela e-Federala Republic of Nigeria kusukela mhla zi-8 zize zibe yi-9 Ndasa 2016. Lokhu kuVakasha Kombuso kuzokwenza gcono ubudlelwano obukhona njengamanje phakathi kwalawa mazwe amabili futhi kuphinde kwenze gcono ukuhweba phakathi kwezifunda.

4.2. INyanga Yamalungelo Oluntu ngoNdasa 2016 izogujwa ngaphansi kwengqikithi ethi: "INingizimu Afrika ihlangene ekulweni nobandlululo." UMnyango Wezobuciko Namasiko uhlanganise uhlelo oluzoqhubeka inyanga noluhlanganisa uchungechunge lwezingxoxo mayelana nokusebenza ngokubambisana ukwakha umphakathi ongacwasi ngokobuhlanga, ngokobulili, olinganayo futhi onentando yeningi.

IKhabhinethi imema izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba ziphawule ngoHlelo Lokusebenza Lukazwelonke Lokulwa Nobandlululo, Ukucwasa Ngokobuhlanga, Inzondo Yabantu Bokufika kanye noKungabekezelelani okuhlobene Nalokhu (lwezi-2016-2021) ngaphambi komhla zi-30 Nhlangulana 2016. Lolu hlelo luhlinzeka isisekelo senqubomgomo yomphakathi yokulwisana nokucwasa ngokobuhlanga nokuzosiza ekuqaliseni ukusebenza kwezibopho zethu zomhlaba zamalungelo oluntu.
      
4.3. Izingxoxo phakathi kwe-Russia-ne-Afrika Zokulwa Nezidakamizwa e-ICC e-Durban kusukela mhla zi-8 kuze kube mhla zi-9 Ndasa 2016 zinhlinzeka inkundla yokwenza ngcono Iqhinga Likazwelonke Lokulwa Nezidakamizwa (lwezi-2013-2017).

Ukulwa nezidakamizwa ezingekho emthethweni kuhambisana noHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko futhi lezi zingxoxo zingaphansi kwe-AU ekufezeni izibopho zayo ngokweZivumelwano Ze-UN Ezimayelana Nezidakamizwa Nobugebengu Obuhlelekile Obuxuba Amazwe, Uhlelo Lokusebenza Lwe-AU Lokulawula Izidakamizwa (lwezi-2013-2017) nezinqumo ze-BRICS (i-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika).

Le nkomfa yisithangami sokulandelela seZingxoxo Phakathi Kwe-Russia-ne-Afrika, ihlose ukuthula indlela eyodwa yokuthi abaholi bomhlaba bazobhekana kanjani nenkinga yezidakamizwa ekhungethe umhlaba wonke. Lokhu kuzothulwa ezithebheni zoMhlangano Okethekile Wesigungu-Jikelele Se-UN ngoMbaso 2016.

4.4. Uhulumeni – ngokubambisana nonoBhala Wamazwe e-Commonwealth, Inyuvesi yaseNingizimu Afrika ne-Ejensi Kazwelonke Yentuthuko Yentsha – bazosingatha Inkomfa Yesi-2 Yamazwe e-Commonwealth Emayelana Nomsebenzi Wentsha Ophikweni Lwe-Unisa ePitori kusukela zi-8 zize zibe yi-10 Mbaso 2016. Le nkomfa izobanjwa ngaphansi kwengqikithi ethi: Ukusebenzisa Intsha Ekwakheni Isizwe: Indima Yabasebenzi Abayintsha” futhi izohlola kabusha indima yabasebenzi abayintsha kanye nezifundiswa ekusebenziseni intsha ekuthuthukiseni amazwe azo.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

5.1. IKhabhinethi igcizelela umyalezo kaMongameli Zuma omayelana nesidingo sokuhlonipha izikhungo kanye nezinhlelo ezisungulwe ngokoMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika we-1996 kanye nomthetho. UMongameli Zuma uxazulula udaba lukaKhomishana Wenhlangano Yokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika kanye noNgqongqoshe Wezezimali ngokusebenzisa imigudu efanele esebenzisa izimiso zomthetho ezifanele.

UMongameli uthatha izinyathelo zokuxazulula lolu daba ngendlela efanele nenobungani ukuze kuhlomule wonke umuntu. Ikhabhinethi inxusa bonke abanentshisekelo kulolu daba ukuthi bahlise umoya futhi bazilawule, futhi basidedele ithuba lokuthi kuxazululwe lezi zindaba kusetshenziswa imigudu efanele.

5.2. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zibhalisele ukuvota Okhethweni Lukahulumeni Wendawo lonyaka we-2016 mhla zi-5 nangomhla zi-6 Ndasa 2016. Ukhetho lohulumeni bendawo ludinga ukuthi ubhalise esigcemeni ohlala kusona kanti ukhetho lukazwelonke aludingi ukuthi ubhalise esigcemeni ohlala kusona.

Kubalulekile ukuthi ube nomazisi (i-ID) – bamukelekile bobabili oluhlaza onamagabela kanye nalowo oyikhadi – ukubheka isimo sakho sokubhalisa, inombolo yesigceme kanye nendawo yesiteshi sokuvota. Wonke amahhovisi oMnyango Wezasekhaya azobe evuliwe kusukela ngehora le-08:00 kuze kube yihora le-17:00 mhla zi-5 zize zibe yi-6 Ndasa 2016, nokuhambisana nahora okusebenza Ekhomishani Yokhetho Ezimele kulezi zinsuku ezimbili.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu abasha nalabo abazobe bevota okokuqala ukuthi babhalisele ukuvota. Ngokuvota, uthathe isinyathelo sokwenza izwi lakho lizwakale izinqumweni ezithinta wena nomphakathi ohlala kuwo. Ukuba nezwi kuzinqumo zikahumeni wendawo kusezandleni zakho!

5.3. IKhabhinethi iyayigxeka imibhikisho yabafundi enodlame, ephazamise izifundo kwamanye amayunivesithi futhi yaholela nasekonakalisweni kwempahla. Le mibhikisho ivimvela abafundi abadinga ukufunda ithuba lokuqhubeza izifundo zabo futhi ithikameza ilungelo labo lokuthola imfundo yasemazingeni aphakeme. Uhulumeni uvula imigudu yokuxhumana nabo bonke abathintekayo emfundweni ephakeme ukuze kuxoxwe futhi kuboniswane. Lokhu sekuholele ekutheni isimo sibuyele kwesijwayelekile nokukhuthazwa kobunye emayunivesithi ethu afuna ukuthola izisombululo zesikhathi esiphakathi nendawo kuya kweside kwizinselele ezihlobene nokuguqula lo mkhakha njengoba kuchaziwe kuzinqumo ezathathwa kuMhlangano Wokuguqula Ezemfundo Ephakeme we-2015.

IKhabinethi isekela imizamo yabezomthetho ukuqinisekisa ukuthi isiko lokufunda liyabuyiswa, futhi impahla kanye namalungelo abantu kuyavikelwa. Umthetho ubalulekile futhi kumele ulandelwe ngazo zonke izikhathi. Isimo esijwayelekile kanye nokuthula  kumele kubuyele emayunivesithi ukuze izinhlelo zezemfundo ziqhubekele phambili ngesikhathi kusaxazululwa izinselele zesikhathi esiphakathi nendawo kuya kweside.

IKhabhinethi ibashayela ihlombe abafundi abakhulume ngazwi linye lokulwisana nokucwasa ngokwebala nokuchitha inkolelo yabamhlophe, nokuyinto eyisibonelo ukuthi sonke singasebenzisana ukwakhela kwinqubekela phambili kanye nemihlomulo eyenziwe emkhakheni wezemfundo ephakeme ukulungiselela lo nyaka wokufunda. Kumele sivikele inqubekela phambili futhi sivumele ukuthula ukuthi kubuyiswe futhi kugcinwe emayunivesithi ethu.

IKhabhinethi iphinda inxusa bonke abanentshisekelo ukuthi basebenzisane ukuze amayunivesithi ethu abe ngabaholi bokuxoxisana okufaka wonke umuntu kanye nezinguquko.

5.4. IKhabhinethi iyaphawula ngokuhlanganiswa okuhlongozwayo kwemisebenzi emithathu yamabhodlela enkampanini yakwa-Coca Cola eNingizimu Afrika. IKhabhinethi iyaphawula ukuthi lolu daba luzolalelwa Enkantolo Yezokuncintisana. IKhabhinethi izwakalisa ukukhathazeka kwayo ngokulahleka kwamathuba emisebenzi okuhlongozwayo kanye nokuncipha kwamathuba emisebenzi okuzodalwa yilokhu kuhlanganiswa. Njengoba amazing okuswelakala kwemisebenzi ephezulu, iKhabhinethi inxusa izinkampani ukuthi ziqinisekise ukuthi ayilahleki imisebenzi futhi amazinga aphakathi nendawo emisebenzi ayagcinwa.

5.5. IKhabhinethi ihalalisela Inxusa laseNingizimu Afrika Enhlanganweni Yomhlaba Yezohwebo (i-WTO) uMnu Xavier Carim, okhethelwe ukuba ngusihlalo weSigungu Esixazulula Izingxabano soMKhandlu-Jikele we-WTO. UMkhandlu-Jikelele yisigungu esiphezulu esithatha izinqumo se-WTO phakathi kweNkomfa yoNgqongqoshe. Ukuqokwa kweNxusa uCarim kuyinto eyingxenye yokuqashelwa kwendima ebalulekile edlalwa yiNingizimu Afrika ku-WTO futhi kuyingxenye yobufakazi bekhono leNxusa uCarim.

5.6. IKhabhinethi iphawulile ngesimemezelo se-Barclays PLC senhloso yaso yokwehlisa amasheya aso angamaphesenti anga-62,3 enawo e-Barclays Africa Group Limited (e-BAGL) eminyakeni emibili kuya kwemithathu ezayo. I-Barclays PLC, ikakhulukazi u-CEO, uye waxoxisana noMnyango Wezezimali neBhange Lombuso leNingizimu Afrika ezigxoxweni ezivulelekile, futhi siyakwamukela ukuzibophezela kwenkampani ukuqalisa ukusebenzisa iqhinga elisha ngendlela ezonciphisa umthelela eminothweni yasemazweni lapho kusebenza khona i-BAGL. IBhangengodla lizosebenzisana neBarclays PLC ne-BAGL ukuqinisekisa ukuthi noma yibuphi ubungozi obungavela kulokhu kuncishiswa kwamasheya kuyavinjelwa futhi kuthathwa izinyathelo ezifanele ukuphatha ukufuduswa kwezimali ezivela kulokhu kuncishiswa kwamasheya.
 
5.7. IKhabhinethi ihalalisela bonke abafike kumanqamu kanye nabawinile kuZindondo Zikazwelonke Zokufundisa ezabanjwa mhla zingama-27 Nhlolanja 2016. Labo thisha abazinikele baqhubezela izwe lethu phambili ngokuqinisekisa ukuthi amagumbi abo akhiqiza abafundi abakhuthazekile abayobamba iqhaza ekuthuthukisweni kweNingizimu Afrika

5.8. IKhabhinethi ihalalisela iMarket Theatre yaseGoli ngokugubha unyaka wayo wama-40 ikhona. Ngesikhathi sobandlululo leli shashalazi laba wuphawu loMzabalazo ngokulandisa ngezindaba eziyiqiniso zaseNingizimu Afrika.

5.9. IKhabhinethi ihalalisela uthisha womculo, uMnu. Chad Hendricks, wase-Retreat e-Cape Flats ngokuwina Umncintiswano Ohlonishayo Wababhidisi we-Len van Zyl eKapa. Umklomelo wakhe ufaka umfundaze waseMelika wezinyanga ezintathu lapho uMnu Hendricks ezobe efunda e-Orchestra Philadelphia futhi aqeqeshwe nguSolwazi odumile uVictor Yampolsky e-Chicago.

5.10. IKhabhinethi ihalalisela umdidiyeli wamafilimu, uMnu. Anant Singh, ngokunikezwa indawo yesithathu ngefilimu ethi Shepherds and Butchers kwi-Panorama Audience Award for Fiction Film eMgubheni Womhlaba Wamafilimu waseBerlin. Lokhu kuyimpumelelo enkulu njengoba ifilimu ibincintisana namanye amafilimu anga-51 asemazweni anga-33

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Ukwelulwa kwenkontileka kaMnu. Lionel October njengoMqondisi Jikelele (u-DG) woMnyango Wezohwebo Nezezimboni, isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

6.2. Ukuqashwa kukaDkt. Mantlhake J Maboya njengePhini Likamqondisi Jikelele (i-DDG): Inqubomgomo Nokuqashelwa Kwekharikhulamu eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo.

6.3. Ukuqashwa kukaNkz. Shamilla Chettiar njenge-DDG: Imisebenzi Yenqubomgomo Nezolwazi eMnyangweni Wezokuvakasha.

6.4. Ukuqashwa kukaMnu. Mbulelo Tshangana njenge-DG eMnyangweni Wezokuhlaliswa Kwabantu.

6.5. Ukuqashwa kabusha kukaMnu. Kutoane Obed Kutoane njengeMqondisi Omkhulu we-Export Credit Insurance Corporation of South Africa SOC Limited.

6.6. Ukuqashwa kukaMnu. Vuyo Mafata njengoKhomishana Wezinxephezelo: Isikhwama Sezinxephezelo eMnyangweni Wezabasebenzi.

6.7. Ukuqokelwa kuPhaneli Elawulwa Ukuthengwa Kwezinkampani isikhathi esiyiminyaka emihlanu:
a) Nkz. Neo Phakama Dongwana (Usihlalo);
b) Slz. Stephanie Marie Luiz (Iphini Likasihlalo);
c) Slz. Shirley Zinn (Ilungu lephaneli);
d) Adv Rory Voller (ilungu elisalindile);
e) Nkz. Wendy Ndlovu (ilungu elisalindile);
f)  Nkz. Annalie de Bruyn (ilungu elisalindile); kanye
g) noMnu. Nano Abram Matlala (Ilungu lephaneli).

6.8. Ukuqokelwa eBhodini Lenhlangano Yezamandla Enuzi LaseNingizimu Afrika isikhathi esiyiminyaka emithathu:
a) Mnu. Nqaba Ngcobo;
b) Dkt. Namane Magau;
c) Dkt. Xolani Mkhwanazi;
d) Dkt. Alex Smanga Tsela;
e) Nkz. Rosemary Mosia;
f)  Dkt. Kelvin Kemm (Usihlalo);
g) Mnu. Zibusise Comfort Ngidi;
h) Nkz. Pamela Bosman; kanye
i) noMntwana Kennedy Tshivhase.

Imibuzo:
Nkz. Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore