Isicelo sokuchibiyela noma sokukhansela isitifikedi sokubhalisela ikhaya labadala

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokuvala isikhungo sokugcina abadala

Ingabe ufuna ukuvala isikhungo sokugcina abantu asebekhulile bese ucisha nesitifiketi sakho? Kufanele wazise umnyango wezenhlalakahle kanye nabantu abadala abakhona kuso ezinsukwini ezingu 90 uthathe isinqumo sokuvala.

Isikhungo leso kufanele siqinisekise ukuthi abantu abadala bathola usizo lokwelulekwa ngezengqondo ngaphambi kokuba sivalwe isikhungo.

Kufanele utholele abantu abadala esinye isikhungo sokubagcina esibhaliswe ngokusemthethweni bese ubuyisela isitifiketi sakho ehovisi eliseduze nawe lezenhlalakahle.

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa ifomu yokufaka isicelo ebizwa uform 12 ehonisi eliseduze nawe lezenhlalakakhle.
  2. Emva kokufaka isicelo sakho uyothola incwadi ekhomba ukufika kwaso (ebizwa ufomu 13) njengesiqiniseko sesicelo.
  3. Umnyango ke kuyofanele uhlole leso sikhungo noma izikhungo osiqagulile njengaso esizothatha abantu abadala.
  4. Kufanele ungenise umbiko emnyangweni ngohlelo nemigudu ozoyilandela ukuthola ezinye izikhungo zokuthuthela abantu abadala.

Isikhathi esinqunyiwe

Akunamlinganiso obekiwengezinga.

Kubiza malini

Kumahala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Lamafomu ayatholakala ehovisi Lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe

  • Form 12: dIsazizi ngesifiso sokuvala isikhungowsigcina abantu asebekhulile
  • Form 13: wokuchaza ngokwamukelwa kwesicelo

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page