Ukungenisa eRiphabhliki yeNingizimu Afrika/ sokudlulisa eRiphabhliki yeNingizimu Afrika imikhiqizo yenyama

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo sesicelo sokungenisa noma ukudlulisa ngokuthutha imikhiqizo yenyama iza noma idlula Eningizimu Afrika

Uma ufuna ukungenisa inyama evuthiwe (njengephekiwe, eyomisiwe) Eningizimu Afrika, noma uyidlulise ngokokuthutha Eningizimu Afrika, Kufanele ubhalisele futhi uthole iphemithi yokungenisa noma iphemithi yokuthutha ku Mqondisi wezempilo yezilwane, Kufanele uthole iphemithi ngaphambi kokuba umthamo usuke ezweni odluliswa kuwo.

Umqondisi wezempilo yezilwane uzonikezela ngephemithi yokungenisa noma yokuthutha kwenyama ephekiwe emazweni la ukuhlolwa kwezilwane nezempilo zezilwane kuhloliwe futhi kuvunywe khona.

Ihlukahlukene imithetho ebekiwe ngemikhiqizo kanye nezezempilo zezilwane amazwe ngammazwe. Njengoba ezezempilo zidinga kube noshintsho njalo njalo, sicela uxhumane no Mqondisi wezempilo zezilwane.

Ukuze ufake isicelo sokungenisa inyama ephekiwe ngenhloso yokwenza ibhizinisi, kufanele ubengowase Ningizimu Afrika noma ubengoqashiwe Eningizimu Afrika uqashwe inkampani kazwelonke.

Amaphemithi okuhlolwa kwezilwane anesikhathi esincane futhi awomthamo owodwa nje vo. Amaphemithi asemazweni esithathu awavamile ukwamukelwa.
 
Imikhiqizo yenyama esezikhwameni ezivaliwe, kufanele uthole imvumo ku- abamele ukuhlola izinga lezimpahla Eningizimu Afrika.

Okufanele ukwenze

  • Gcwalisa ifomu lesicelo sokungenisa izilwane noma imikhiqizo yezilwane Eningizimu Afrika.
  • Uma imikhiqizo isisendleleni eza Eningizimu Afrika, kufanele ulethe ikhophi yephemithi yokungenisa ukuhlolwa kwezilwane esuka ezweni la izilwane zigcinwe khona nesicelo sephemithi yokungenisa izilwane Eningizimu Afrika. 
  • Faka imali yephemithi emininingwaneni yomnyango ebhange:
    Igama lebhange: Standard Bank of South Africa
    Igama lomnikazi wesikhwama: National Department of Agriculture
    Inombolo yasebhangi: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Ukwenziwa kwe IB 0001982 Ikhodi
    Ikhodi emfushane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatsha: Arcadia.
  • Ungakhokha ehhovisi lomnyango lwezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi.
  • Imininingwano yomuntu okhokhille kufanele kube igama nesibongo somuntu ongenisayo.
  • Thumela ifomu eligcwalisiwe nesiqiniseko sokuthi ukhokhile ku:
    Umqondisi wezempilo zezilwane
    Isigungu semithhetho sokungenisa nokudlulisa Import
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001
    Eningizimu Afrika.
  • Asikho izicelo ezizophasiswa ngaphandle kwesiqiniseko esibonisa ukuthi ukhokhile. Isiqiniseko esibonisa ukuthi kukhokhiwe kufanele sihanjiswe ngesikhahlamezi ku: 012 329 8292 kuqondiswe ku: Ina Labuschagne.
  • Cacisa kwifomu lesicelo sakho ukuthi iphemithi uzoyilanda noma izothunyelwa kuwena.
  • Okulandela ukuthunyelwa kwefomu lesicelo kanye nesiqiniseko sokukhokha, Umqondisi wezempilo zezilwane uyobe esekhipha iphemithi yokungenisa bese ekhipha nohlobo oluthile lwesitifiketi sokuhlolwa kwezilwane aluthumele kuwe.
  • Kufanele uthole isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane kwisikhulu sabahlola izilwane ezweni odlulisela kulo ngaphambi kokuba uthumele imikhiqizo. Lesisitifiketi kufanele sihambisane nemithetho yephemithi yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane e Ningizimu Afrika noma kube ukuthi kube nezingxoxo nezikhulu ezihlola izilwane kuleli nezwe okudluliselwa kulo izilwane. Uma udinga ulwazi lwezinto ezidingakalayo ngemikhiqizo yezilwane, ungathola imizekelo yamakhophi ephemithi yokungenisa kanye nesitifiketi sezempilo yezilwane esitholakala ehhovisi lamaphemithi.
  • Bonisa lokhu okulandelayo ehhovisi lokungeniswa kwezilwane eNingizimu Afrika echwebeni lokungenisa:
    • Iphemithi yokungenisa engakopishiwe.
    • Isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane esingakopishiwe.

Onke amanani emikhiqizo yenyama kufanele ahlolwe esikhungweni esisodwa esibhalwe kwiphemithi yokungenisa:

  • Inombolo yocingo yase Thekwini: 031 337 4346/7
  • Inombolo yocingo yase Kapa: 021 551 2050
  • Phakathi nedolobha (emazweni angomakhelwane) Tel. 011 613 1636 

Izindleko zebhangi kanye nebhange lezwe langaphandle kuzoba ezakho; Umnyando angeke ukunike iphemithi uma inani eliphelele lekhulu namashumi amabili amalandi engakhokhiwe.(Ishintshwa futhi ilotshwa njalo ngonyaka ephephandabeni lika Hulumeni).

Isikhathi esinqunyiwe

Uma u Dokotela wezilwane osehhovisi likazwe lonke esephasise isicelo sakho sokungenisa, kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ukudlulisela isicelo sephemithi.

Kubiza malini

R220

Amafomu okumele agcwaliswe

Application to Import Animals or Animal Products Into South Africa

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page