Isicelo sobhaliso njengongenisa impahla ezweni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nemvume yokulanda impahla emazweni angaphandle

Uma uhlela ukuletha izimpahla esezisetshenzisiwe, esezike zabanabanikazi abanye, esezilahliwe nezingenasidingo uzingenise kuleli, kufanele ubhalise njengomuntu olanda izimpahla emazweni angaphandle ngaphansi kwaBalawuli Bentela (SARS) bese ufaka isicelo sakho kwi Khomishini yase ningizimu Afrika elawula ezokuhwebelana zomhlaba (ITAC) ukuze uthole imvume yokwenza lokhu.

Lemvume yokungenisa lezimpahla kuleli iqinisekisa ukuthi lezompahla uceba ukuziletha, ziyahambisana nemigomo yezokuphepha, nezinga, imigomo yezokongiwa kwemvelo kanye nezokuphepha kuleli. Kufanele ziphinde zihambisane nezivumelwano zeziphakamiso zamazwe angaphandle.

Lemvume ke iyasiza futhi ukuqinisekisa ukuphuma nokungena kwempahla yalolohlobo kanye nokubona ukushushumbiswa kwempahla.

Imigomo ke asethsenziswayo ukungenisa impahla kuleli yehlukene ngokwehlukana kohlobo lwezimpahla.  Izimpahla ezintsha ceke zona ziye zingabandakanywa ke kulemogomo yokulawula impahla engeniswa kuleli.  Kodwa ke zonke izimpahla esezisetshenzisiwe, nezike zabanabanikazi abanye ngaphambili, yilezo esezilahliwe ezingenasidingo zona ke zingena ngaphansi kwaloluhlelo lokulawulwa.

Okufanele ukwenze

  1. Iya eSARS uyobhalisa njengomuntu olanda izimpahla ngaphandle.
  2. Iya eITAC noma udonse amafomu afanelekile ekhompuyutheni.
  3. Gcwalisa amafomu.
  4. Bese uwahambisa kuDirectorate: Import and Export Control eITAC.

Qaphela:

  • Ungathola nohlu lwezimpahla ezingena ezilawulwa ngaloluhlelo lungathunyelwa kuwe yi-ITAC uma uyinike imininingwane ongatholakala kuyo.
  • Uma ufuna ukuthola ulwazi ngemigomo yokungeniswa kwempahla ethile kuleli, thumela imininingwane emaqondana nalolohlobo lwempahla ehovisi le-ITAC, Lapho kulawulwa izinto ezingena nokuphuma kuleli.

Isikhathi esinqunyiwe

Esikhathini esiningi izimvume zokungenisa impahla kuleli zikhishwa esikhathi esiyizinsuku eziyisihlanu zokusebenza.

Kubiza malini

ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi  yakwa SARS.

Amafomu okumele agcwaliswe

Kufanele ugcwalise bese uletha leyofomu edingekile:

Imininingwane yokuxhumana

 

ITAC national office - Import and Export Control

Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za

Share this page