Imali yesondlo sezingane

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nemali yesondlo sezingane

Uma uswele, ungathola imali yesibonelelo sokukusiza ukuba ukwazi ukukhulisa ingane oyinakekelayo.

Wazi kanjani ukuthi uyafaneleka?

Kufanele:

  • Ube ngumnakekeli oyinhloko wengane (isib. umzali, ugogo noma umkhulu, noma ingane eneminyaka engaphezu kweyi-16 ephethe ikhaya). Qaphela: Uma ungeyena umzali wengane, kufanele uhlinzeke ubufakazi bokuthi uwena umnakekeli wengane oyinhloko ngencwadi efungelwe evela emaphoyiseni, umbiko kasonhlalakahle, incwadi efungelwe evela kumzali oyizalayo noma incwadi evela kuthishanhloko wesikole ingane efunda kuso.
  • Ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali ohlala kuleli unomphelo.
  • Ube ngumuntu ongaholi umholo owevile ezi-R52 800 ngonyaka uma ungashadile. Uma ushadile, umholo wenu ohlanganisiwe kumele ungabi ngaphezu kwezi-R105 600 ngonyaka.

Ingane kufanele:

  • ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala
  • ingabi ngaphansi kokunakekelwa yisikhungo sombuso
  • ihlale nomnakekeli oyinhloko ongatholi inkokhelo ngokunakekela ingane.

Nobabili wena nengane kufanele nihlale eNingizimu Afrika.

Qaphela: Awukwazi ukuyithola le mali yesibonelelo ngezingane ezingaphezu kweziyisithupha ezingazalwa nguwena noma okungezona izingane ozinikezwe ngokusemthethweni njengezakho.

Uzothola malini?

Uzothola imali engama-R530 ngenyanga ngengane ngayinye. (Top-up R530 + R260)

Uzoyithola kanjani imali?

Uphiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) luzokukhokhela isibonelelo ngenye yezindlela ezilandelayo:

  • ukheshi endaweni ethile okutholwa kuyona izibonelelomali ngosuku oluthile
  • imali izofakwa ku-akhawunti yakho yasebhange noma ku-akhawunti yebhange lePosi (ibhange kungenzeka likukhokhise ngale nsizakalo eliyihlinzekayo) 
  • isikhungo esisebenza njengomlawuli wesibonelelomali (isib. izinhlangano zenhlalakahle).

Qaphela: Uma ungakwazi ukuzilandela imali wena mathupha, ungaqoka ummeleli ehhovisi lakwa-SASSA, noma unikeze othile amandla angokomthetho okulanda imali yesibonelelo esikhundleni sakho.

Ingabukezwa nini imali yakho yesibonelelo?

U-SASSA anganquma ukuthi isibonelelomali sengane kufanele sibukezwe. Umholo wakho njengoba wawudalula ngenkathi ufaka isicelo semali yesibonelelo kuzoba yiwo isisekelo salesi sinqumo. Uyokwaziswa esikhathini esiyizinyanga ezintathu ngaphambi kokuba kudingeke ukuthi kubukezwe imali yesibonelelo noma usuku okufanele ulethe ngalo isitifiketi sokuthi usaphila (amaphepha afakazela ukuthi usawadla anhlamvana). Uma uthola imali yakho ngebhange, isikhungo noma ummeleli, kudingeka ugcwalise isitifiketi sokuthi usaphila  ehhovisi lakwa-SASSA njalo ngonyaka.

Ingamiswa nini imali yakho yesibonelelo?

Lokhu okulandelayo kungaholela ekumisweni kwemali yesibonelelo sengane yakho:

  • uma kunoshintsho ezimweni zakho
  • umphumela wokubukezwa kwesimo
  • uma uhluleka ukusebenzisana nabaphethe lapho kubukezwa imali yakho yesibonelelo
  • uma wenza isenzo senkohlakalo noma ukhuluma okungesilo iqiniso ngengane
  • uma kwaba nephutha ngenkathi kugunyazwa isibonelelomali sengane ekuqaleni
  • uma ingane ingasahlali nawe.

Iyophela nini imali yengane yakho yesibonelelo?

Imali yesibonelelo iyophela:

  • uma ingane idlula emhlabeni
  • uma ingane ifakwa esikhungweni sombuso
  • uma umnakekeli engayilandi imali yesibonelelo kuze kuphele izinyanga ezintathu zilandelana
  • uma ingane ingekho kuleli lizwe
  • ingane isifinyelele eminyakeni eyi-18 ubudala.

Okufanele ukwenze

  1. Vakashela ehhovisi loPhiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) eliseduze nalapho ohlala khona, uphathe lokhu okulandelayo:
    • umazisi wakho onamagabelo onezinombolo eziyi-13 (i-ID) nesitifiketi sokuzalwa sengane. Uma ungenawo umazisi noma isitifiketi sokuzalwa sengane:
      • gcwalisa i-afidavithi ngefomu lakwa-SASSA elisemthethweni phambi kukaKhomishana wezifundo ongesona isisebenzi sakwa-SASSA.
      • Fika namaphepha alandelayo:
        • isitatimende esifungelwe esisayiniwe esivela kumuntu ohloniphekile (njengekhansela, umholi wendabuko, usonhlalakahle, umfundisi wezenkolo noma uthishanhloko wesikole) okwaziyo wena nengane 
        • ubufakazi bokuthi usifakile isicelo sikamazisi kanye/noma isitifiketi sokuzalwa eMnyangweni Wezasekhaya
        • umazisi wesikhashana owukhishelwe nguMnyango Wezasekhaya (uma kufanelekile)
        • isitifiketi sombhabhadiso uma sikhona
        • ikhadi lengane lasemtholampilo lomgomo uma likhona
        • iriphothi lasesikoleni uma likhona.
    • Ubufakazi banoma yisiphi isondlo ositholayo ngengane.
    • Ubufakazi bomholo wakho.
    • Isitifiketi sakho somshado (uma kufanelekile).
    • Uma udivosile, kudingeka umyalelo wenkantolo othi nguwena onelungelo lokukhulisa ingane.
    • Uma umzali oyedwa noma bobabili sebedlulile emhlabeni noma balahleka, izitifiketi zokudlula emhlabeni zabafi noma ubufakazi bokuthi umzali walahleka, isib.umbiko wabalahlekile ovela emaphoyiseni.
  2. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo phambi kwesisebenzi sakwa-SASSA (qaphela ukuthi nguwena kuphela njengomfakisicelo noma isisebenzi sakwa-SASSA ozokwazi ukugcwalisa ifomu lokufaka isicelo).
  3. Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo.

Kuzokwenzekani uma isicelo sakho singavunywanga?

Uma isicelo sakho singavunywanga, u-SASSA uzokubhalela akwazise ukuthi kungani isicelo sakho singaphumelelanga.

Uma ungavumelani naleso sinqumo, ungasidlulisela kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi ehhovisi likazwelonke. Kufanele ufake isicelo sokudlulisa isinqumo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ngokungaphumeleli kwesicelo sakho.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Kungathatha izinyanga ezifinyelela kwezintathu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.
  • Uma isicelo sakho samukeliwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku owafaka ngalo isicelo.

Kubiza malini

Lolu sizo lutholakala mahhala.

Amafomu agcwaliswayo

Ifomu lokufaka isicelo alitholakali nge-inthanethi, kodwa ungalithola ehhovisi lakwa-SASSA eliseduze nawe.

Ubani ongaxhumana naye

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email: GrantEnquiries@sassa.gov.za  

Published Date

Share this page