Ukuhlolela ukukhulelwa

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokuhlolela ukukhulelwa

Uma usola sengathi ukhulelwe, kufanele uye emtholanpilo oseduze nawe noma kudokotela ukuze uhlolwe ukuthi ukhulelwe na. Ungaphinde uzithengele ekhemisi insizakuhlola yokuzihlolela ukukhulelwa usekhaya.

Uma unezimpawu ezifana:

  • nokweqiwa ukuya esikhathini
  • isicanucanu
  • amabele azwelayo
  • ukukhathala

ukuhlolela ukukhulelwa kungaqinisekisa izinsolo zakho.

Qaphela: Ukuhlolela ukukhulelwa kuphinde kwenziwe ezimweni lapho umuntu edlwenguliwe.

Okufanele ukwenze

  1. Vakashela emtholampilo oseduzane nawe noma kudokotela oqeqeshiwe
  2. Gcwalisa ifomu lesiguli 
  3. Uma ukhetha:
    • ukuhlolwa kwegazi, udokotela wakho uzothatha isampula legazi bese elithumela elabholethri ukuze liyohlaziywa
    • ukuhlolwa komchamo, udokotela wakho uzokunikeza inkomishana encane ozochamela kuyona isampula lakho lomchamo.

Qaphela: Ungaphinde uzithengele emakhemisi insizakuhlola yokuzihlolela ukukhulelwa usekhaya.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Imiphumela yokuhlolwa komchamo – ngaleso sikhathi
  • Imiphumela yokuhlolwa kwegazi – amahora ambalwa noma izinsuku

Kubiza malini

Le nsizakalo itholakala mahala emitholampilo nasezibhedlela zikahulumeni. Izikhungo zezokwelapha ezizimele ziyokukhokhisa imadlana ethile.

Qaphela: Ungaphinde uzithengele ekhemisi eseduze nawe insizakuhlola yokuzihlolela  ukukhulelwa usekhaya.

Amafomu agcwaliswayo

Ifomu lesiguli. 

Ubani ongaxhumana naye

Vakashela umtholampilo oseduzane nawe noma esikhungweni sokwelashwa esizimele.

 

Share this page