Vuselela ilayisense yakho yaMabonakude

Ungavuselela ilayisense yakho yaMabonakude nge-inthanethi, ePosini eliseduze nawe okanye  emahhovisi wesifunda weNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) kanye nakwezinye izindawo okukhokhelwa kuzo.

Ilayisense yaMabonakude ivuselelwa njalo ngonyaka. Izinhlangano, ezibandakanya amabhizinisi, kudingeka ukuba zibe nelayisense yamabonakude ngamunye.  

Kudingeka ukuthi kusetshenziswe ilayisense eyodwa kubomabonakude abakhona endlini, kuphela-nje uma ngabe omabonakude labo bangabomnikazi oyedwa.

Ukuvuselelwa kwelayisense yaMabonakude kwenziwa ezinyangeni eziyi-12 zonyaka. Inyanga yokuvuselela ilayisense yakho izoya ngokohlamvu lokuqala lwesibongo sakho, noma ngenyanga othenge ngayo umabonakude wakho.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuvuselelwa kwelayisense (kwa-SABC) noma thintana nabakwa-SABC kule nombolo: 011 330 9555. 

E-mail: tvlic.info@sabc.co.za

 

 

Share this page