Ukwenziwa kube semthethweni (ukuqinisekiswa) kwezincwadi zomthetho

Uma ngabe izincwadi zakho zikhishwe eNingizimu Afrika kanti zizosetshenziswa kwelinye ilizwe kudingeka ukuba “ziqinisekiswe” noma “azenziwe zibe semthethweni” kuqala. Lena inqubo lapho izitembu ezinhlobonhlobo zinanyathiselwa kuleyo ncwadinjengengendlela yokuyenza ibe semthethweni kwamanye amazwe.

Uphiko Lokwenza Kube Semthethweni  loMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana lungakhipha  Isitifiketi Esisekelayo noma Isitifiketi Sokuqinisekisa ngokulandela le mithetho:

  • Ukuthi izincwadi zisasebenza ngokusemthethweni.
  • Kumele wazise Uphiko Lokwenza Kube Semthethweni ukuthi izincwadi lezo uyozisebenzisa kuliphi ilizwe ukuze loluPhiko lukwazi ukwenzaisiqiniseko sokuthi ngabe Isitifiketi Esisekelayo noma Isitifiketi Sokuqinisekisa sizodingeka.
  • Ngokuya ngenhlobo yezincwadi zomthetho, kungadingeka ukuthi ziqale ngokugqivizwa isitembu nomazisayindwe ngumnyango noma isikhungo esifanele; uMantshi, uMantshi owengezelelayo noma Umsizi kaMantshi; okanye Umbhali noma Umsizi woMbhali weNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi Uphiko Lokwenza Kube Semthethweni linganikezela ngeSitifikitei Esisekelayo noma Sokuqinisekisa esifanele.

Izincwadi ezilandelayo azamukeleki:

  • Izincwadi ezifinqgiwe noma eziphrintiwe.
  • Amakhophi aqinisekisiweyo wesitifiketi somshado, sokuzalwa, sokushona noma isitifiketi sokuhlanjululwa ecaleni ngumthetho.
  • Amakhophi aqinisekisiweyo Wezitifiketi zeSimo Somshado noma (akukho okuvimbelayo) Ubufakazi bokuba Isakhamuzi Sezwe.
  • Amakhophi aqinisekisiweyo wezincwadi zokuvakasha noma Omazisi.
  • Izincwadi ezenziwe zaba ngezisemthethweni nguMfungisi, ngeke zamukelwe kanti kumele zithunyelwe kuMgunyazi Wezivumelwano (uMmeli obhaliswe eNkantolo Ephakeme).

Funda ngokugcwele mayelana nokwenziwa kwezincwadi zibesemthethweni, xhumana naboPhiko Lokwenza Kube Semthethweni kule nombolo: 012 351 1726 noma uthumele i-imeyili ku: legalisation@dirco.gov.za.

 

Share this page