Faka isicelo selayisensi yamabonakude

Uma ungumnikazi wamabonakude, kufanele ube nelayisensi yamabonakude esebenzayo nekhokhelwe ngokufanele ngaso sonke isikhathi. Ungafaka isicelo selayisensi ePosini eliseduze nawe noma isitolo esigunyaziwe ukushicilela amalayisensi amabonakude. Uma uthola ilayisensi yamabonakude okokuqala, kufanele ukhokhe imali egcwele yonyaka.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana namalayisensi amabonakude kwiNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika  (i-SABC) noma uthintane nabo kule nombolo: 011 330 9555.

 

Share this page