Ukubhalisa kwabantu baseMzansi Afrika kwamanye amazwe

UMnyango  Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana (i-DIRCO) unikezela ngohlelo lokubhalisa ngokuzikhethela kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezivakashela noma ezihlala phesheya. Lolu hlelo lusebenza  uma ngabe kunesidingo sokuthi baxhumane nawe ukuze bakuhlinzeke ngolwazi  oluphuthumayo olumayelana nenhlekelele yemvelo noma izimpi okanye isimo esiphuthumayo esehlele umndeni wakho.

Ulwazi oluthunyelwe ngefomu lokubhalisa lwe-ROSA elitholakala ku-inthanethi lungasetshenziswa uMnyango ukuze kwenziwe lokhu:

  • kuxhunyanwe nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika nemindeni yazo mayelana ngokungadinga ukuthi kuboniswane ngakho, uma kunesidingo
  • kuqinisekiswe ukuphepha nenhlalakahle yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziphesheya kanti futhi zihlinzekwe ngosizo.

Zibhalise kusizindalwazi sabakwa-ROSA. I-DIRCO isebenzisa uhlelo olubizwa ngokuthi i-Secure Socket Layer kanye nobuchwepheshe bokuvimbela ukungena kwevayirasi kanye nokunye okungafuneki ukuze kuvikeleke imininingwane.

 

Share this page