Ukubhalisa njengomqeqeshi ofundisa ukushayela

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokubhalisa njengomqeqeshi ofundisa ukushayela

Ukuze ube umqeqeshi ofundisa ukushayela oqashelwayo eNingizimu Afrika, kumele ubhalise emnyangweni wezokuthutha wesifundazwe sakini. Abaqeqeshi abafundisa ukushayela kudingeka babe nesitifiketi esisho ngokuqondile izinga noma isigaba semoto abaqeqeshelwe ukufundisa abashayeli bayo.
Amazinga abaqeqeshi abafundisa ukushayela ahamba kanje:

  • Izinga A – umqeqeshi uyafaneleka ukuqeqesha umuntu ofuna izincwadi zokushayela zanoma iyiphi ikhodi futhi lowo mqeqeshi unezincwadi zokushayela zikakhodi EC zemoto eshintshwa amagiya ngesandla kanye nezincwadi zokushayela zikakhodi A
  • Izinga B – umqeqeshi uyafaneleka ukuqeqesha umuntu ofuna izincwadi zokushayela zikakhodi B, C1, C, EB, EC1 no-EC futhi lowo mqeqeshi unezincwadi zokushayela zikakhodi EC zemoto eshintshwa amagiya ngesandla
  • Izinga C – umqeqeshi uyafaneleka ukuqeqesha umuntu ofuna izincwadi zokushayela zikakhodi A1, A no-B, futhi lowo mqeqeshi unezincwadi zokushayela zikakhodi EB zemoto eshintshwa amagiya ngesandla kanye nezincwadi zokushayela zikakhodi A
  • Izinga D – umqeqeshi uyafaneleka ukuqeqesha umuntu ofuna izincwadi zokushayela zikakhodi B, futhi lowo mqeqeshi unezincwadi zokushayela zikakhodi EB zemoto eshintshwa amagiya ngesandla; noma
  • Izinga L – umqeqeshi uyafaneleka ukuqeqesha umuntu ofuna izincwadi zokufunda ukushayela zanoma iyiphi ikhodi.

Uyobhekana kuphela nekilasi lezimoto onezincwadi zalo. Isitifiketi somqeqeshi sisebenza unyaka owodwa kuphela.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya e-DLTC  eseduze kanye nefomu lesitifiketi sezokwelashwa ukuze ubekise usuku lokuhlolwa.
  2. Gcwalisa ifomu leSicelo sokubhaliswa njengomqeqeshi ofundisa ukushayela (i-RI).
  3. Uyothunyelwa esiteshini samaphoyisa ukuze uthole isitifiketi sokuhlanjululwa ecaleni  ngumthetho.
  4. Ngosuku olubekelwe ukuhlolwa, uyobhala isivivinyo. Uma uphumelela, kumele ukhokhe imali ebekiwe.
  5. Isikhungo sokuhlola siyothumela isicelo sakho kuNgqongqoshe Wesifundazwe ukuze sivunywe noma senqatshwe. Uma sivunywa, isikhungo sokuhlola siyokhipha imvume.

Isikhathi esinqunyiwe

Imvume ingase ithathe amaviki ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi lamalayisense langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

  • Ifomu lesicelo sokubhalisa njengomqeqeshi ofundisa ukushayela (i-RI)
  • Isitifiketi sezokwelashwa (i-MC)

La mafomu ayatholakala kunoma yiyiphi i-DLTC noma kwisizindalwazi se-eNatis.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact the licensing office at your local municipality

Share this page