Isicelo sobhaliso lwesiteshi sokuhlola izimoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokubhalisa isiteshi sokuhlola izimoto (VTS)

I-VTS yisikhungo esihlola ukufaneleka kwezimoto ukuthi zisetshenziswe emigwaqeni yomphakathi yaseNingizimu Afrika. Uma imoto ikuphasa ukuhlolwa, kuzokhishwa isitifiketi sokufaneleka ukuba semgwaqeni.

Ukubhalisa isiteshi sokuhlola izimoto (VTS), kufanele ubhale i-afidavithi noma isitatimende esisho izizathu zokubhalisa bese ihanjiswa ku-MEC.

I-afidavithi noma isitatimende esishiwo kufanele ibe nalokhu:

  • Imininingwane yawo wonke umuntu, noma amalungu noma abaqondisi yawo wonke umuntu ogunyazwa ngumthetho okuzobhaliswa ngegama lakhe lesi siteshi uma kwenzeka ukuthi lesi sicelo sivunywa;
  • Indawo ngqo okuzoba kuyo isiteshi sokuhlola esihlongozwayo;
  • Izinga lesiteshi sokuhlola esizokwenziwa (Isiteshi sokuhlola seZinga A sigunyazwe ukuxilonga nokuhlola imoto yanoma yiliphi izinga lokufaneleka ukuba semgwaqeni, kanye nesiteshi sokuhlola seZinga B sigunyazwe ukuthi sixilonge futhi sihlole imoto yanoma yiliphi izinga kungafakwa ibhasi, ibhasi elincane noma imoto engaphezu kuka-2500kg); kanye
  • nazo zonke izindaba ezifanele ekutheni kucatshangwe ngokufaneleka kwaleso sicelo, okukhulunywe ngaso kusivumelwano okufanele siphethwe phakathi kuka-MEC nomnikazi wesiteshi sokuhlola njengoba kuhlongozwe kuSheduli 3 yoMthetho Wezimoto Emgwaqeni Kazwelonke.

Uma seyitholakele, u-MEC uzocabanga ngesicelo sakho.

Uma isicelo sakho sivunyiwe, kufanele kuhlangatshezwane nokulandelayo:

Ukuxilongwa nokuhlolwa kwemoto esiteshini sokuhlola njengoba kudingeka kukhodi yokusebenza i-SABS 047 “Ukuhlolwa kwezimoto kokufaneleka ukuba semgwaqeni

Okufanele ukwenze

  1. Yana  emisebenzini yokuphathwa kwesifundazwe
  2. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo i-TS1.
  3. Letha okulandelayo:
    • umbhalo wokufunga
    • imininingwane yamalungu noma abaqondisi
    • indawo ngqo okuzoba kuyo isiteshi
    • izinga lesiteshi
    • incwadi yakho kamazisi (ID).
  4. Khokha imali ebekwe ngokusemthethweni.

Yazi: Kungadingeka ukuthi ulethe imibhalo njengoba idingwa ngu-MEC.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungenzeka kuthathe izinyanga eziyisithupha ukusebenza isicelo sakho

Kubiza malini

Xhumana nehhovisi lamalayisense lasekhaya lezindleko.

Amafomu okumele agcwaliswe

Isicelo kanye nesaziso maqondana nokubhaliswa kwesiteshi sokuhlola, i-TS1 (Application and notice in respect of registration as testing station, TS1).

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact  your local municipality

Share this page