Imvume nenombolo yokuhweba ngemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lemvume nenombolo yokuhweba ngemoto

Ukuze ushayele imoto engabhalisiwe emgwaqweni womphakathi eNingizimu Afrika, kumele uqale ufake isicelo semvume nenombolo yokuhweba ngemoto.

Inombolo yokuhweba ngemoto isetshenziswa ngabakhiqizi ababhalisiwe, abakhi bezimoto noma abazilanda kwamanye amazwe, izinkontileka ezithutha izimoto, abathengisi bezimoto noma izinhlangano zezezimali ukuze bashayele imoto engabhalisiwe noma engenalayisense emgwaqweni womphakathi lapho beqhuba ibhizinisi labo. Imisebenzi enjalo ibandakanya:

  • ukuthengisa imoto
  • ukushintsha imoto
  • ukulungisa imoto, noma
  • ukuhambisa izimoto kumakhasimende.
Okufanele ukwenze
  1. Yiya egunyeni lokubhalisa eliseduze uphathe lokhu okulandelayo:
    • ikhophi kamazisi wakho noma incwadi yobummeleli uma umelele inkampani ethile
    • isitifiketi sokubhaliswa kwebhizinisi uma umelele inkampani
    • imali ebekiwe.
  2. Gcwalisa ifomu leSicelo senombolo yokuhweba ngemoto (i-MTN1) egunyeni lokubhalisa langakini.
  3. Bonisa ukuthi kungani udinga izinombolo zokuhweba futhi usho inani lezinombolo zokuhweba ozidingayo.
Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sisetshenzwa ngalo lolo suku.

Kubiza malini

Thola ukuthi kubiza malini egunyeni lokubhalisa langakini.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu leNombolo Yokuhweba Ngemoto (MTN1) (Application and notice i.r.o motor trade number and blank temporary permits [Form MTN1])

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact the registration authority service centre at your local municipality

Share this page