Faka isicelo sosizo lwezimali oluvela ku-NSFAS

Ingabe udinga usizo lwezimali ukuze ukwazi ukuqhuba izifundo zakho esikhungweni semfundo ephakeme? Faka isicelo somfundaze kwabeSikimu Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi Ngezimali (i-NSFAS).

I-NSFAS yisikimu somfundaze esixhaswe nguMnyango WezeMfundo Ephakeme Nokuqeqesha kulabo abangenawo mandla okukhokhela izifundo zabo futhi abangakwazi nokuthola ukuxhaswa ngamabhange, izimalimboleko zokufunda noma imifundaze.

Faka isicelo nge-inthanethi. Izicelo zivuleleke isikhathi esinqunyiwe ekupheleni konyaka ngamunye. Uma kwenzeka udinga usizo, shayela inombolo yamahhala ethi 08000 67327 noma uvakashele ihhovisi le-NYDA eliseduze nawe.

Qaphela:

Ngaphambilini usizo lwezimali lwe-NSFAS lwalutholakala ngohlobo lwezimalimboleko futhi okudingeka ikhokhwe lapho umfundi esesebenza emva kokuphothula izifundo zakhe. Uma uphase zonke izifundo zakho, ama-40% osizo lwemali ye-NSFAS lwalowo nyaka/isimesta luphenduka lube umfundaze. Lokhu kuchaza ukuthi uzobuyisa kuphela ama-60% emalimboleko lapho usuqala ukusebenza.

Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa xhumana ne: National Student Financial Aid Scheme.

 

 

 

Share this page