Ukwamukelwa ekhaya labadala

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokuhlolela ukukhulelwa

Uma ungumuntu osekhulile ngokweminyaka odinga ukunakekelwa imini nobusuku futhi onesifiso sokuyohlala ekhaya labadala, ungafaka isicelo sakho emahhovisi ezenhlalakahle aseduze nawe noma uvakashele ekhaya labadala.

Ukuze ube sethubeni lokwamukelwa ekhaya labadala, kumele ube ngumuntu:

  • odinga ukunakekelwa imini nobusuku
  • oneminyaka yobudala engama-60 noma ngaphezulu futhi ontulayo
  • waseNingizimu Afrika
  • ohola impesheni yabadala noma impesheni yomhlalaphansi.

Qaphela: Akekho onelungelo lokukuphoqelela ukuthi uyohlala ekhaya labadala uma wena ungathandi, ngaphandle uma kunombiko kadokotela owubufakazi bokuthi wena ungumuntu ogula ngokwengqondo, ongekho esimweni sokunikeza imvume, futhi uma sekukhishwe nomyalelo wenkantolo. Uma kunesimo esiphuthumayo, umbiko wezempilo okhishwe ngudokotela orejistiwe uzothathwa njengobufakazi obanele, ngenkathi kusalindwe ukukhishwa komyalelo wenkantolo.

Okufanele ukwenze

  1. Uma ungenalo ulwazi lokuthi likhona yini ikhaya labadala endaweni yakini, vakashela emahhovisi oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi aseduze nawe ukuze uthole ulwazi lokuthi yiliphi ikhaya labadala eliseduze nawe.
  2. Kumele ugcwalise amafomu okufaka isicelo bese uwathumela ekhaya labadala.
  3. Kumele futhi uthumele nalokhu okulandelayo:
    • umazisi wakho waseNingizimu Afrika.
    • umbiko kadokotela.
  4. Uzoxilongwa futhi uhlolwe ukuthi kufanelekile yini wamukelwe ekhaya labadala, futhi kufanelekile yini ukuthi uthole imali yesibonelelo.
  5. Uma usumdala kakhulu noma ugula kakhulu, futhi ungakwazi ukuzihambela ngokwakho uye emahhovisi ukuyofaka isicelo, kumele ucele ilunga lomndeni noma umngane ukuthi ahambe ayokufakela isicelo.
  6. Usonhlalakahle uzokuvakashela ekhaya lakho azohlola isimo ophila ngaphansi kwaso njengamanje.
  7. Uma sichithiwe isicelo sakho, kumele unikezwe isizathu salokho esibhalwe phansi futhi unelungelo lokudlulisela isinqumo kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuze sicutshungulwe kabusha.

Qaphela: Ukwamukelwa kwakho ekhaya labadala kuncike ekutheni ikhona yini imibhede noma indawo.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sakho sizocutshungulwa kungakapheli izinsuku eziyi-14. Uzothola impendulo zingakapheli izinsuku ezingama-30 emva kokufaka isicelo sakho sokwamukelwa ekhaya labadala.

Kubiza malini

Kunezindleko ezikhokhelwayo ezahlukahlukene.

Amafomu okumele agcwaliswe

Wonke amafomu ayatholakala ekhaya labadala eliseduze nawe.

 

Share this page