Isicelo sosizo lwabantu kwabe-International Social Service

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana  

 

 

 

Izincazelo sosizo lwabantu kwabe-International Social Service

I-International Social Service (ISS) yinhlangano ekumkhakha wamazwe omhlaba, engekho ngaphansi kohulumeni, engavuni ngokwezepolitiki, kwezobuhlanga, ezenkolo noma ngokobuzwe, enamahhovisi eGeneral Secretariat eGeneva, eSwitzerland. Le nhlangano iyinhlanganisela yosonhlalonhle bamazwe omhlaba abaqeqeshelwe futhi nabonolwazi ngamazwe abo.

I-ISS isizana nabantu ngamunye kanye nemindeni abanezinkinga umuntu ngamunye siqu noma zemiphakathi, abadinga usizo lokusebenzisana phakathi kwamazwe. Lulu sizo lutholakala kunoma yimuphi umuntu oseNingizimu Afrika noma phesheya.

Izinyathelo okumele zilandelwe

  1. Izicelo zabantu abahlala eNingizimu Afrika:
    • Yenza isicelo ehhovisi eliseduzane nawe likasonhlalonhle
    • Yenza isishwankathelo sodaba (case summary) ngokulandela indlela ebekwe ngabe-ISS. Isishwankathelo sodaba sizochaza izimo kanye nezicelo zosizo ezidingeka kuzwe langaphandle.
    • Hambisa isishwankathelo sodaba kubameli besifundazwe be-ISS ehhovisi eliyinhloko (Head Office) kwabehhovisi lezeNtuthuko yaBantu lesifundazwe (leprovinsi).
    • Abameli besifundazwe bazodlulisela isicelo sakho kwabehhovisi le-International Social Service of South Afrika (ISS SA), elitholakala kwaboMnyango wezeNtuthuko yaBantu kuzwelonke.
  2. Izicelo zabantu abahlala ngaphandle kweNingizimu Afrika:
    • Yenza isicelo kwabe-Bureau exhumene ne-ISS noma komele bona kuzwe langaphandle.
    • Owe-bureau uzothumela isicelo sakho kwabe-ISS SA.

Umthetho osetshenziswayo

Izinkonzo zosizo kubantu zamazwe omhlaba zinikezwa ngokulandela isivumelwano esiphakathi koMnyango wezeNtuthuko yaBantu kanye ne-ISS: General Secretariat.

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

  • Abathunyelwe kubhekwana nabo ngokulandela ukwamukelwa kwezicelo. Lapho kutholakala isicelo sokuthunyelwa (on receipt of referral) esivela kumnyango weprovinsi, I-ISS SA izodlulisela isicelo sosizo kwabe-ISS Affilliated Bureau noma omele yona kuzwe langaphandle. Impendulo izoncika kuzimo zendawo.
  • Lapho kwamukelwe isicelo sokuthunyelwa esibuya ezweni langaphandle, abe-ISS SA badlulisela udaba kummeli wesifundazwe wendawo ozokwenza amalungiselelo nosonhlalonhle ukuphenyisisa ngalo kanye nokunikeza umbiko kwabomnyango wesifundazwe. Uma umbiko usuwamukelwe, uthunyelwa kwabe-ISS SA, okuyibona abawuhlaziyayo kanye nokudlulisela umbiko kwabathintekayo (stakeholders), umbiko ozohambisana nokuphawula kwabo, imibuzo noma ukuphengulula (queries).
  • Izinga leqophelo lenkonzo liqinisekiswa ngosonhlalonhle bendawo nabesifundazwe kanye nosonhlalonhle obhekene nezindaba ehhovisi le-ISS SA. Abasebenzi bakahulumeni bazolandela yonke inqubo okumele bayilandele ebekwe yi-ISS: General Seretariat.

Izindleko

ENingizimu Afrika, inkonzo inikezelwa mahhala. Kwamanye amazwe, ungakhokhiswa imali yezinye izinkonzo. Lezi zimali ezikhokhelwayo ziyahluka kuzwe nezwe.

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe.

Indawo nendlela yokuxhumana

Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi

 

International Social Services of South Africa
Tel 012 312 7790/ 012 312 7591
Fax 012 323 3733
City/town Pretoria
Province Gauteng
Physical address 7th Floor, HSRC Building, 134 Pretorius Street, Pretoria, 0001
Postal address The Director, International Social Services of South Africa, Private Bag X901, 0001
Web address https://www.dsd.gov.za/

 

Share this page