Imali yosizo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Okuphathelene nokubonelela ngokusiza

Uphila ngosizo lwemali yesibonelelo kodwa awukwazi ukuzibheka wena ngokwakho? Ungathola usizo lwemali olwengeziwe ukukhokhela umuntu ozokunakekela ngesikhathi sonke.

Wazi kanjani ukuthi ufanelekile?

Kufanele:

  • ube sewuvele uthola usizo lwemali yokukhubazeka, usizo lwemali yababesempini kudala noma usizo lwemali lwabantu abadala
  • ungakwazi ukuzibheka ngokwakho ngenxa yokukhubazeka ngokomzimba noma kwengqondo, bese-ke udinga ukunakekelwa okugcwele okunikezwa ngomunye umuntu
  • ukuba awunakekelwa isikhungo esithola ukuxhaswa nguhulumeni ngokunakekelwa kwakho noma ngendlu.

Uzothola malini?

Imali yosizo ozoyithola R530 ngenyanga.

Uzokhokhelwa kanjani?

I- South African Social Security Agency (SASSA) izokukhokhela imali yosizo ngokusebenzisa eyodwa yalezi zindlela ezilandelayo:

  • ukheshi endaweni ethize yokukhokha ngosuku oluthize
  • idiphozi ye-elekthroniki ku-akhawunti yakho yasebhange noma yebhange laseposini (ibhange kungenzeka likukhokhise ngomsebenzi)
  • isikhungo esisebenza njengomphathi wemali yosizo (isib. inhlangano yezenhlalakahle).

Imali yosizo izokhokhwa kanye nemali yosizo lomphakathi.

Qaphela: Uma ungakwazi ukulanda imali ngokwakho, ungaqoka umuntu ozokumela ehhovisi le-SASSA, noma unikeze omunye umuntu amandla obumeli ukuthi alande imali yokubonelelwa egameni lakho.

Ingabuyekezwa nini imali yakho yokubonelelwa?

Imali yakho yokubonelelwa ingabukezwa uma ngabe usizo lwemali yomphakathi efakwe kulo lubuyekezwa.

Okufanele ukwenze

  • Yana ehhovisi le-South African Social Security Agency (SASSA) eliseduze kakhulu nawe lapho ohlala khona ulethe okulandelayo:
    • incwadi yakho yokuzazisa enebhakhodi namadijithi ayi-13 (ID)
    • ubufakazi besimo somshado kanye nomazisi woganene naye lapho okufanele khona
    • umbiko wokwelashwa noma umbiko wokuhlolwa (ongaphansi kwezinyanga ezintathu ubudala) okhombisa ukuthi udinga ukunakekelwa ngesikhathi sonke.

Qaphela: Uma umdala kakhulu noma ugula, futhi uhluleka ukungaya ehhovisi uyofaka isicelo, ilungu lomndeni noma umngane angafaka isicelo egameni lakho. Umuntu kufanele athathe incwadi kuwe kanye/noma inothi kadokotela eshoyo ukuthi kungani ungakwazi ukuvakashela ehhovisi.

  • Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo kukhona umsebenzi we-SASSA (yazi ukuthi nguwe kuphela njengomzuzimali noma umsebenzi wakwa-SASSA okwazi ukugcwalisa ifomu lokufaka isicelo). Umsebenzi uzokubuza imibuzo bese ekutshela ukuthi ufanelekile yini ukuthola usizo lwemali.
  • Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo.

Uma ngabe isicelo sakho singavunywanga?

Uma isicelo sakho singavunywanga, i-SASSA izokwazisa ngokukubhalela ukuthi kungani isicelo sakho singabanga yimpumelelo.

Uma ungavumelani nesinqumo, ungadlulisela isicelo kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi. Kufanele udlulise isicelo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ukuthi isicelo sakho asibanga yimpumelelo.

Isikhathi esinqunyiwe

  • Kungathatha isikhathi esifika ezinyangeni ezintathu ukusebenza isicelo sakho.
  • Uma usizo lwakho lwemali luvunyiwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku owafaka ngalo isicelo.

Kubiza malini

Usizo lumahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okufaka izicelo awekho kusizindalwazi, kodwa ungalithola ehhovisi lokuvikela umphakathi eliseduze kakhulu nawe (SASSA).

Imininingwane yokuxhumana

I-South African Social Security Agency (SASSA)

 

 

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email:  GrantEnquiries@sassa.gov.za  

Share this page