Ukubhalisa njengomnakekeli wabantu asebekhulile

Ngosizo | Okufanele ukwenze | Isikhathi esinqunyiwe | Kubiza malini | Amafomu okumele agcwaliswe | Imininingwane yokuxhumana

Maqondana nokubhalisa njengomnakekeli wabantu asebekhulile

Uma ufuna ukunikela ngosizo lwasendlini kubantu asebekhulile, kufanele ubhalise njengomnakekeli ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezenhlalakahle.
 
Ukuze ubhaliswe njengomnakekeli ngaphansi komnyango wezenhlalakahle inhlangano enikela ngalolusizo nekuqashile kufanele eqinisekise ukuthi ikuqeqeshela ukunakekela abantu amakhaya abo nokuthi unaso isitifiketi esishoyo ukuthi uyewaqeqeshwa esikhungweni esibhaliswe ngaphansi kwa baphathi bemiphumela (SAQA).

Umnakekeli ke umuntu osiza omunye umuntu ongakwazi ukiziphilela ngokuphelele ngokwakhe ngenxa yokungaphili emzimbeni, engqondweni  noma ekhubazeke emqondweni.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya ehovisi lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe.
  2. Gcwalisa iFomu u7.
  3. Letha okulandelayo:
    • ikhophi egxivizwe umbuso kamazisi wakho noma yemvume yakho yokuhlala kuleli
    • ikhophi egxivizwe umbuso ebhalwe isikhungo owaqeqeshwa kuso esho ukuthi waqeqeshwa njengomnakekeli.
  4. Uma usubhalisiwe uyobe usunikwa isitifiketi sokuthi usubhalisiwe.
  5. Ungacela ukuba sikhishwe nekhophi yaso uma kwenzeka silahleka noma simoshakala lesi esingingqo.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha cishe izinsuku eziyisihlanu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.

Kubiza malini

Kumahala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Lamafomu ayatholakala ehovisi Lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page