Okwamukelwa endaweni yasebegugile

Ngosizo | Okufanele ukwenze | Isikhathi esinqunyiwe | Kubiza malini | Amafomu okumele agcwaliswe | Imininingwane yokuxhumana

Ngosizo kubhalisa njengomnakekeli endaweni

Uma ufisa ukuba ngumgcini wabantu asebekhulile emphakathini wakho, kufanele ufake isicelo sakho emahovisi ezenhlalakahle aseduze nawe. Ifomu efana ncamashi nale ebizwa ngo form 2.

Umnyango ke wona ulekelela ngosizo lwezimali ezinhlanganweni ezisiza abantu nemindeni ekhahlamezwe ingculaza ne sandulela sayo.  Lezi zinhlangano ezisungulwe emakhaya abantu noma emiphakathini yabo ukuqinisekisa ukuthi izidingo ngqangi zabantu abaphila nesifo seGculaza neSandulela sayo (phecelezi PLWHAs) kuyahlangabezwana nazo.

Okufanele ukwenze

  1. Uma kungekho ndawo oyaziyo lapho uhlala khona, yiya emahovisi omnyango wezenhlalakahle aseduze nawe ukuze bakwazi ukukusiza ukuthola isikhungo esilapho kuhlala umphakathi.
  2. Gcwalisa uphinde ubuyisele ifomu esikhungweni
  3. Letha lokhu okulandelayo:
    • Umazisi wakho walapha eNingizimu Afrika
    • Umbiko kadokotela.
  4. Uyobe usucwaningwa ke ngezindlela ezahlukene ukuthi ingabe ukulungele na ukuthathwa kuleso sikhungo nokuba ungathola na ukuxhaswa.
  5. Uma ngabe usukhule kakhulu noma uyagula ukuba ungazihambela ukuyofaka isicelo, cela ilunga lomndeni noma umngani ukuba ayokufakela isicelo sakho.
  6. Usonhlalakahle uyobe esethumela abantu abazohlola isimo senhlalo ekhaya lapho uhlalakhona .
  7. Uma ke isicelo sakho singemukelwanga, kufanele uthole incwadi ebhaliwe nenezizathu zokuba ungemukelwa, kanti ungaludlulisela kungqongqoshe wezenhlalakahle udaba lwakho.

Qaphela ke: Ukwamukelwa komuntu esikhungweni sokugcina abadala kuncike ekutheini ikhona na imibhede yokulala.

Isikhathi esinqunyiwe

Wonke amafomu ayatholakala esikhungweni sokugcina abadala esiseduze nawe.

Kubiza malini

Izimo kanye nezidingo ziyahlukana

Amafomu okumele agcwaliswe

All forms are available at your nearest older persons residential facility.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page