Isicelo sencwadi yegunya maqondana nemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngokufaka isicelo sencwadi yegunya maqondana nemoto

Uma uhlose ukuletha ezweni imoto entsha noma esetshenzisiwe, imoto yezimpahla noma ithreyila, imoto eyakhiwe (eyakhiwe) noma elungisiwe, kufanele uthole kuqala incwadi ekugunyazayo.

Kufanele ube nencwadi yegunya kungakhathalekile ukuthi yakhiwe eNingizimu Afrika noma ezweni langaphandle. Izinhlobo zezimoto ozidingela incwadi yokugunyaza yilezi:

  • izimoto, amabhasi kanye nezithuthuthu
  • izimoto zezimpahla (amathragi namaveni)
  • amathreyila
  • izimoto ezikhethekile njengamakhreyini angomahambanendlwana, ogandaganda, imishini yokuvuna.

Zonke izimoto, kungaba zakhiwe eNingizimu Afrika noma zivela kwamanye amazwe, kufanele zihambisane nezidingo ezibekwe ku-National Road Traffic Act, 1996. Abaletha ezivela kwamanye amazwe kufanele futhi balethe ubufakazi bokuhambisana ne- South African Bureau of Standards (SABS).

Umuntu kuphela ogama lakhe imoto ezorejistwa ngalo ongagcwalisa ifomu lokufaka isicelo.

Okufanele ukwenze

Thola ifomu lokufaka isicelo i-LoA1 elivele ku-National Regulator for Compulsory Specifications (NRCS) noma ulikhiphe ku-inthanethi.

Gcwalisa amafomu futhi ufake imibhalo elandelayo:

  • incwadi kamazisi (ID) yomfakisicelo, noma i-ID yebambela uma kwenzeka ukuthi umfakisicelo inkampani
  • i-afidavithi yemoto eyakhiwe evela oPhikweni Lwamaphoyisa AseNingizimu Afrika. Lokhu kufanele kubandakanye izinamba zenjini neze-chassis, imininingwane egcwele yomsebenzi owenziwe kanye nomthombo wezingxenye ezinkulu (ikakhulukazi okubalulekile kwezokuphepha)
  • isitifketi sokuveza ubumsulwa wuPhiko Lwamaphoyisa AseNingizimu Afrika
  • isitifiketi sokufaneleka ukuba semgwaqeni
  • isitifiketi sokukalwa kwesisindo 
  • izithombe zemoto ezimbili.

Khokha imali edingekayo.

Isikhathi esinqunyiwe

Incwadi yakho yegunya kufanele ilunge ezinsukwini ezine ukuya kweziyisithupha.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Imininingwane yokuxhumana

 

Sifiso Phakathi
Tel: 012 482 8865
E-mail: phakatsz@nrcs.org.za

Charlotte Makou
Tel: 012 482 8785
E-mail:makouck@nrcs.org.za

Call Centre
Tel: 012 482 8700

Share this page