Bhalisa eyakho inhlangano esebenza ngokubambisana

Ukuze eyakho inhlangano esebenza ngokubambisana yaziwe njengesemthethweni, kufanele uyibhalise ngaphansi kweKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC). Ukuze ubhalise kuMgcinimagama weziNhlangano Ezisebenza ngokuBambisana kwa-CIPC, inhlangano yakho kufanele ibe namalungu amahlanu noma ngaphezulu.

Inhlangano esebenza ngokubambisana wuhlobo lwebhizinisi olunomehluko oluhlinzeka ngezinsiza kanye/ noma imikhiqizo kumalungu. Inzuzo, eyaziwa ngensalela enhlanganweni esebenza ngokubambisana, ihlukaniselwa amalungu kuncike enanini lomsebenzi owenziwe yilungu ngalinye. Ilungu ngalinye lizothola ingxenye yenzuzo noma insalela, kuncike enanini lomsebenzi ilungu eliwenzile enhlanganweni.

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nezinhlangano kanye nokubhaliswa kwazo kwabe-CIPC noma uthintane nabo kule nombolo:  086 100 2472.

 

Share this page