Ukurejista inkampani engenzi inzuzo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo maqondana nokubhalisa inkampani engenzi inzuzo

Ukuze inhlangano yakho yomphakathi ihlonishwe njengesemthethweni, kufanele uyibhalise njengenkampani engzenzi inzuzo (non-profit company (NPC)) neKhomishini Yezinkampani kanye Nempahla Ebhaliwe (Companies and Intellectual Property Commission (CIPC)).

Ama-NPC yizinhlangano ezenzelwa ukusiza abantu, ukuvikela imvelo noma ukubumbana ngokwenza okuhle. Zingabandakanya amasonto, izinhlangano zokusiza ngesihle kanye nezinhlangano zamasiko. Inhloso enkulu ye-NPC ukusiza umphakathi, hhayi ukwenza inzuzo. Imali engenayo kanye nempahla kungabiwa kubahlanganyeli, amalungu, abaqondisi noma abasebenzi benkampani engenzi inzuzo, ngaphandle kwesinxephezelo esikahle semisebenzi abayenzile. Zonke izimpahla zenkampani engenzi inzuzo kanye nemali engenayo kumele kusetshenziselwe ukuqhuba inhloso yayo eshiwo, njengoba ibekiwe kuMemorandamu Yokuhlanganyela (MOI).

Inani eliphansi labahlanganyeli abathathu kufanele ligcwalise futhi lisayine i-MOI. Inani eliphansi labaqondisi abathathu kufanele liqokwe.

Izinkampani ezingenzi inzuzo kufanele ngazo zonke izikhathi okungenani zibe nomqondisi oyedwa (ngaphandle uma i-MOI ikhombisa inombolo ephansi yabaqondisi). Ukuqashwa komcubunguli wamabhuku kanye nonobhala wenkampani akugunyaziwe  kodwa akuphoqiwe

Ungabhalisa Inkampani Engenzi Inzuzo njenge:

  • Nkampani Engenzi Inzuzo ejwayelekile (enamalungu)
  • Nkampani Engenzi Inzuzo ejwayelekile (ngaphandle kwamalungu) 
  • Nkampani Engenzi Inzuzo Efanekiselwe Isimo (enamalungu), 
  • Nkampani Engenzi Inzuzo Efanekiselwe Isimo (ngaphandle kwamalungu).

Igama lenkampani engenzi inzuzo lizogcina ngo-“NPC”.

Okufanele ukwenze

  1. Bhalisa ku-inthanethi njengekhasimende ku-CIPC ukuze ukwazi ukwenza umsebenzi webhizinisi ne-CIPC ubhalise ngokusebenzisa ikhasimende eselivele likhona isb. cela umhloli  wamabhuku akho ezimali ukuthi akubhalisele.
  2. Gcina igama lenkampani ngokugcwalisa Isicelo Sokugcina Igama, Form CoR 9.1.  Ukugcinwa kwegama kusemthethweni izinyanga eziyisithupha. 
  3. Khokha imali yokuvula ifayili ewu-R75 uma uliletha ngezandla noma R50 uma ulifayila nge-elekthroniki.    
  4. Letha imibhalo yokweseka elandelayo nesicelo sakho:
    • amakhophi afakazisiwe ephasiphothi (uma ungumuntu wezwe elingaphandle) noma amakhophi eNcwadi Kamazisi efakazisiwe (ID) (uma ungowaseNingizimu Afrika) abo bonke abaqondisi basekuqaleni abakhonjisiwe noma nabahlanganyeli
    • ikhophi efakazisiwe kamazisi yalowo oceleyo, uma isicelo singenziwe abaqondisi basekuqaleni abakhonjisiwe noma nabahlanganyeli
    • uma umhlanganyeli engumuntu womthetho, amandla ommeli ommeleli ogunyaziwe yilowo muntu womthetho ukuthi afake inkampani bese esayina yonke imibhalo ehambisana nayo 
    • uma omunye umuntu efaka inkampani bese esayini yonke imibhalo ehambisana nayo enhlanganweni egameni lananoma yibaphi abahlanganyeli nabaqondisi basekuqaleni, amandla ommeli kanye nekhophi ye-ID yalowo muntu iyadingeka 
    • uma igama laligciniwe ngaphambi kokufayila imibhalo yenhlangano, umbhalo wokugcina igama osemthethweni uyadingeka.
  5. Uma ubhalisa Inkampani Engenzi Inzuzo ejwayelekile  (ngaphandle kwamalungu), letha okulandelayo:
    • CoR15.1C 
    • CoR 14.1 
    • imibhalo eyesekayo 
    • Imibhalo elandelayo ingafayilwa ne- CoR15.1C:
      • CoR14.1 Isijobelelo A  
      • CoR14.1 Isijobelelo B  uma igama kufanele ligcinwe ekuhlanganyeleni
  6. uma umcwaningi wamabhuku, amalungu ekomiti labacwaningi mabhuku kanye/noma unobhala wenkampani eqokiwe Uma ubhalisa Inkampani Engenzi Inzuzo efanekiselwe isimo  (ngaphandle kwamalungu), letha okulandelayo:
    • CoR15.1D 
    • CoR 14.1 
    • imibhalo eyesekayo 
    • Imibhalo elandelayo ingafayilwa nge-CoR15.1D:
      • CoR14.1 Isijobelelo A 
      • CoR14.1 Isijobelelo B  uma igama kufanele ligcinwe ekuhlanganyeleni
      • CoR14.1 Isijobelelo C uma kubiyelwa
      • CoR14.1 Isijobelelo D uma kuqokwe umcwaningi mabhuku, amalungu ekomiti labacwaningi mabhuku kanye/noma unobhala wenkampani
  7. Uma ubhalise Inkampani nEngenzi Inzuzo Efanekiselwe Isimo (enamalungu), letha okulandelayo:
    • CoR15.1E 
    • CoR 14.1 
    • imibhalo eyesekayo
    • Imibhalo elandelayo ingafayilwa ne-CoR15.1E:
      • CoR14.1 Isijobelelo A 
      • CoR14.1 Isijobelelo B  uma igama kufanele ligcinwe ekuhlanganyeleni
      • CoR14.1 Isijobelelo C  uma kubiyelwa
      • CoR14.1 Isijobelelo D uma kuqokwe umcwaningi mabhuku, amalungu ekomiti labacwaningi mabhuku kanye/noma unobhala wenkampan 
  8. Uma ubhalsia Inkampani Engenzi Inzuzo Efanekiselwe Isimo (ngaphandle kwamalungu), letha okulandelayo:
    • CoR15.1D 
    • CoR 14.1 
    • imibhalo eyesekayo
    • Imibhalo elandelayo ingayilwa ne- CoR15.1E:
      • CoR14.1 Isijopbelelo A 
      • CoR14.1 Isijobelelo B  uma igama kufanele ligcinwe ekuhlanganyeleni
      • CoR14.1 Isijobelelo C  uma kubiyelwa
      • CoR14.1 Isijobelelo D uma kuqokwe umcwaningi mabhuku, amalungu ekomiti labacwaningi mabhuku kanye/noma unobhala wenkampani

•    Sicela wazi: Uma igama eliphakanyisiwe laliwe, inkampani isangabhaliswa bese inombolo yokubhalisa ibe yigama lenkampani yakho ekuhlanganyeleni, kuze kube yileso sikhathi lapho igama elifanele seligciniwe noma selivunyiwe.  

Isikhathi esinqunyiwe

  • Kuthatha phakathi kwezinsuku zokusebenza ezi-5-10 ukugcina igama lenkampani.
  • Kungenzeka kuthathe izinsuku ezi-5 ukuya kweziyishumi ukubhalisa inkampani engenzi inzuzo.

Kubiza malini

  • R175 - Imemorandamu Yokuhlanganyela (Kusangavunyelwa ukwehliswa) enkampanini engenzi inzuzo ejwayelekile (CoR 15.1C).  
  • R475 - Imemorandamu Yokuhlanganyela (Kusangavunyelwa ukwehliswa) enkamanini engenzi inzuzo efanekiselwe isimo enamalungu (CoR 15.1D) noma ngaphandle kwamalungu (CoR 15.1E).  
  • R50 ukugcina igama nge-elekthroniki. 
  • R75 ukufayila ngezandla ukugcinwa kwegama.

Amafomu okumele agcwaliswe

Lamafomu ayatholakala ehovisi  Companies and Intellectual Property Commission / www.cipc.co.za eliseduze nawe.

Imininingwane yokuxhumana

 

Tel: 086 100 2472
Physical address: 77 Meintjies Street, Block F, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Companies and Intellectual Property Commission, P.O. Box 429, Pretoria, 0001

Offices with self-service terminals

Share this page