Bhalaisa isikhungo sokugcina abantu asebekhulile

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokubhalisa isikhungo sokugcina abantu asebekhulile

Uma ufuna ukubhalisa isikhungo sokugcina abantu asebekhulile uwedwa noma inhlangano, kufanele ufake isicelo sakho ehovisi eliseduze nawe lezenhlalakahle.

Okufanele ukwenze

  • Yiya ehovi eliseduze nalapho uhlala khona lezenhlalakahle.
  • Gcwalisa ifomu 9 yokufaka isicelo. Emuva kokuba ungenise isicelo sakho uyobe usuthola incwadi eqinisekisa  ngokufinyelele kwaso.
  • Usonhlalakahle uyobe esemema abanye abayingxenye yohlelo njengabezokongiwa kwemvelo nempilo kanye  novela emnyangweni wezempilo ukuba bayohlala baphinde baqinisekise ngesikhungo leso. 
  • Emuva kokuba lezizikhulu zihambele lesisikhungo ukuyosihlola, umbiko ngokutholakele uyobe usuthunyelwa ehovisi lezenhlalakahle lapho isicelo sakho siyocitshungulwa khona besesiphumeleliswa noma singamukelwa ngenxa yezizathu ezithile. 
  • Uma ke ungavumelani nesinqumo esithathiwe, kufanele udlulisele udaba lwakho kungqongqoshe wezenhlalakahle esikhathini esiyizinsuku ezingu 90 wazisiwe ngaso.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha amasonto amane ukwenziwa kwesicelo sakho.

Kubiza malini

Ukufaka isicelo nje kukodwa kungamahala kodwa ke uyakhokha ukuthola ezinye izitifiketi njengaleso esikhishwa ngabezemnvelo nempilo.

Amafomu okumele agcwaliswe

Lamafomu ayatholakala ehovisi lezenhlalakahle,eliseduze nawe 

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page