Bhalisa inkampani yakho

Ungabhalisa inkampani yakho njengenkampani engenzi inzuzo noma eyenza inzuzo ngaphansi kweKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC). Inkampani ngumuntu osemthethweni onamandla okuzenzela izinto. Umthetho ubuka inkampani ngokufanayo nomuntu.

Izinkampani zenzuzo zingabekwa ngaphansi kweqoqo lezinkampani ezahlukene ngaphansi koMthetho weziNkampani. 

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nokubhalisa inkampani kwabeKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela noma thintana nabe-CIPC kule nombolo:  086 100 2472.

 

Share this page