Izinyathelo okumele uzithathe uma kukhona abantu abahleli emhlabeni wakho ngokungemthetho

Kuyenzeka kube khona abantu abahlala ngokungemthetho emhlabeni wombuso (umhlaba olawulwa nguhulumeni kazwelonke noma wesifundazwe noma umasipala) noma emhlabeni okungowabantu abazimele.

Uhulumeni unomsebenzi awunikwe ngokomthethosisekelo wokuqinisekisa ukuthi – uma kudingekile futhi uma zikhona izimali – zonke izakhamuzi ziyalithokozela ilungelo lazo eliyisisekelo lokuthola umhlaba kanye nezindlu. Uma kunezigameko ezinkulu zokuhlala kwabantu emhlabeni ngokungemthetho, ngumsebenzi kahulumeni ukuthi alekelele abanikazi bomhlaba abazimele ukuthi bavikele umhlaba wabo.

Uma kudingeka ukuthi kususwe abantu abahleli ngokungemthetho, futhi uma amalungelo abo ayisisekelo engekho engozini, umnikazi womhlaba ozimele kumele, ngaphandle kokuchitha isikhathi, acele inkantolo ukuthi ikhiphe umyalo wokuthi basuswe abantu abahleli emhlabeni wakhe ngenkani ngokulayela koMthetho Wokuvinjelwa Kokususwa Kwabantu Emhlabeni Ngokungemthetho kanye Nokuvinjelwa Kokuhlala Kwabantu Emhlabeni Ngokungemthetho, 1998 (uMthetho 19 wonyaka we-1998). Njengamanje lo mthetho ulawulwa nguMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu futhi ngokuhamba kwesikhathi uzofakwa ngaphansi koMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba.

Uma kukhona abantu abahleli ngenkani emhlabeni wakho kumele ucele:

  • inkantolo ukuthi ikhiphe umyalo wokuthi basuswe labo bantu ngokulayela koMthetho Wokuvinjelwa Kokususwa Kwabantu Emhlabeni Ngokungemthetho kanye Nokuvinjelwa Kokuhlala Kwabantu Emhlabeni Ngokungemthetho, 1998.
  • nanoma iliphi ihhovisi loMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba ukuthi likulekelele uma abantu abahleli emhlabeni wakho ngenkani bekwenze lokho ngoba bedinga umhlaba wokulima.
  • umasipala wendawo noma, uma kudingekile, uMnyangoWezokuhlaliswa Kwabantu Kazwelonke ukuthi ukulekelele uma abantu abahleli emhlabeni wakho ngenkani bekwenze lokho ngoba bedinga izindlu.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba uzokwenza lokhu:

  • uzobalekelela ukuze bathole umhlaba wokulima abantu abahleli ngokungemthetho kunanoma imuphi umhlaba wombuso noma wabantu abazimele ngenxa yokuthi badinga umhlaba wokulima futhi uma bengenawo umhlaba wokulima
  • uzolekelela ezinye iziphathimandla zikahulumeni  ukuthi zibatholele omunye umhlaba ofanelekile abantu abahleli ngokungemthetho abadinga izindlu
  • uma kudingekile futhi uma kunezimo ezikhethekile, uzolekelela abanikazi bomhlaba abazimele okuhleli abantu ngokungemthetho emhlabeni wabo ukuthi bathuthe labo bantu abahleli ngokungemthetho abadinga umhlaba wokulima bayohlaliswa komunye umhlaba ofanelekile.

Abantu abangenawo umhlaba wokulima bangacela uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba ukuthi ubasize ngokubatholela umhlaba wokulima ofanelekile.

Abantu abadinga izindlu bangacela usizo kumasipala wendawo noma, uma kudingekile, eMnyangweni Wezokuhlaliswa Kwabantu kazwelonke noma wesifundazwe.

Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa mayelana nezinyathelo okumele uzithathe uma kukhona abantu abahleli emhlabeni wakho ngokungemthetho xhumana noMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye Nezinguquko Kwezomhlaba.

 

Share this page