Lutholakala kanjani ulwazi kwiSigcinalwazi Samatayitela

Ihhovisi Lamatayitela lenza umsebenzi wokubhalisa, wokuphatha kanye nowokugcina isigcinalwazi somhlaba saseNingizimu Afrika sisesimweni esifanelekile. Leli hhovisi ligcina futhi namakhophi ezivumelwano ezenziwa ngabantu ngaphambi kokuthi bashade eziphathelene nokwabiwa kwempahla yabo uma kungenzeka bahlukane.

Kwisigcinalwazi samatayitela ungathola ulwazi oluphathelene nalokhu okulandelayo:

  • umnikazi womhlaba obhalisiwe
  • imibandela ephathelene nalowo mhlaba
  • izincwadi zomthetho ezivimbela izenzo ezithile phecelezi ama-interdictskanye nezivumelwano eziphathelene nomhlaba
  • imali yentengo yomhlaba
  • imithetho yohlelo lobunikazi bengxenye yomhlaba ongaphansi kwabantu abaningi, phecelezi ama-sectional title scheme
  • ikhophi yesivumelwano esenziwa ngabantu ngaphambi kokuthi bashade, phecelezi i-ANC, amatayitela egunya lokusebenzisa umhlaba, ibhondi yesikweleti sokuthenga umhlaba, njll.
  • ikhophi yohlelo lobunikazi bengxenye yomhlaba noma imithetho yohlelo lobuNikazi Bengxenye Yomhlaba

Ngaphambi kokuthi uthole ulwazi, kumele uhlinzeke ngalokhu okulandelayo:

  • Amagama aphelele kanye/noma inombolo kamazisi yomnikazi womhlaba, noma okungenani usuku lwakhe lokuzalwa. (Uma kuyinkampani, kudingeka igama lenkampani kanye nenombolo yokubhaliswa, uma ikhona).
  • Inombolo yesitende okuyiyonayona kanye negama lelokishi noma igama nenombolo yepulazi, hhayi ikheli lomgwaqo. (Uma kuwuhlelo lobunikazi bengxenye yomhlaba, kudingeka igama lengxenye yomhlaba kanye negama lohlelo).

Ukuze uthole ikhophi yetayitela noma yencwadi ethile kwisigcinalwazi samatayitela, kumele

  • uziyele wena mathupha kunanoma iliphi ihhovisi lamatayitela (izigcinalwazi zamatayitela azivumelekile ukukhipha ulwazi uma isicelo solwazi senziwe ngokubhala incwadi noma ngokushaya ucingo)
  • uye ophikweni oluhlinzeka ngolwazi lapho uzothola khona isisebenzi esizokulekelela ukuthi ugcwalise ifomu elisemthethweni futhi sikuchazele ngenqubo elandelwayo
  • ucele ukuthi ucingelwe imininingwane egciniwe yalowo mhlaba, futhi
  • ukhokhe imali edingekayo ehhovisi lomphathi wezimali. Ikhophi yetayitela lakho izonikezwa inombolo yerisidi.

Ulwazi ungaluthola futhi nge-inthanethi ngokuvakashela iSizindalwazi Samatayitela.

Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa ngesigcinalwazi samatayitela shayela ku: 0800 007 095  noma uvakashele iHhovisi Lamatayitela  eliseduze nawe.

 

Share this page