Faka isicelo sokuvamisa ngamagama ezindawo (ukushintshwa kwamagama) oHlwini loMkhandlu wamaGama eziNdawo zaseNingizimu Afrika (i-SAGNC)

Amagama ezindawo ngamagama ezinto ezisemhlabeni zemvelo noma ezenziwe zase zisetshenziswa. Amagama ezindawo ezisoHlwini lwe-SAGNC abandakanya imigwaqo, amabhilidi wakwamasipala namagceke, amapaki ezindawo namathuna, amabhilidi angewona kahulumeni, amadolobha,  izindawo zokuhlala ezisesilungwini, izindawo ezihlala abantu, amaposi, iziteshi zojantshi, izikhumulo zamabhanoyi, amachweba nemigwaqo emikhulu yazwelonke, kanjalo nako konke okuyimvelo njengezintaba, imifudlana  nemifulakazi, amatheku, amagumbi omhlaba, iziqhingi, amaxhaphozi kanye namapaki kazwelonke. Ukuze kushintshwe igama lendawo, faka isicelo ku-SAGNC oseduze nawe noma emkhandlwini wesifundazwe wamagama ezindawo.

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nokufaka isicelo sokuguqulwa kwamagama asoHlwini lwe-SAGNC noma thintana naboMnyango wezobuCiko namaSiko kule nombolo:  012 441 3255/3000.

 

Share this page