Isicelo sokubhalisa idizayini

Bhalisa umdwebo wakho neKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC) ukuze uthole amalungelo akho wedwa okusebenzisa umdwebo bese ugwema ukuba abanye bawenze okanye bawusebenzise.
 
Kunezinhlobo ezimbili zemidwebo ongayibhalisa:Umdwebo wokukhangisa nomdwebo womsebenzi. Umdwebo wokukhangisa muhle, unomumo owehlukile, ukuhleleka kwawo noma umhlobiso uyathathekisayo emehlweni. Umdwebo womsebenzi awugabile ngobuhle unokuhleleka okuhambisana nesidingo sawo. Umdwebo wokukhangisa uvikelwe ngokusemthethweni iminyaka eyi-15 ngenkathi umdwebo womsebenzi uvikeleke iminyaka eyishumi.

Kufanele uvuselele ukubhaliswa kwawo njalo ngonyaka ngaphambi kokuphela konyaka wesithathu, kusukela ngosuku okwafakwa ngalo isicelo.

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nokubhalisa imidwebo yakho kwabe-CIPC noma ubathinte kule nombolo: 086 100 2472.

 

Share this page