Isicelo sokufinyelela (sokuthola) ulwazi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

 

 

 

Mayelana nokufaka isicelo sokuthola ulwazi

Injongo yokugqugquzela ukutholakala kolwazi ukuqinisekisa ukuthi abantu basebenzisa amalungelo abo kunanoma uluphi ulwazi oluvela ku:

  •  Uhulumeni
  •  Umuntu okudingeka asebenzise noma avikele amalungelo.

Isizathu sokudedela ulwazi ukuthi kugxile ukundlaleka nokwethembeka kuhulumeni nabazimele, nokuthi kugcizelelwe kumphakathi ukuba usebenzise amalungelo awo.

Uluphi ulwazi olumayelana neminyango ka Hulumeni noma ngabe ilunga lomphakathi, la kungatholakalal ulwazi na?

Ungacela amaphepha kanye nokuqoshiwe eminyangweni ka Hulumeni, Izikhulu noma amalunga emiphakathi. Akunandaba ukuthi ulwazi seluhlale isikhathi esingakanani. Inakhu okulandelayo:

  •  Okuqoshwe umnyango kahulumeni noma ilinga lomphakathi
  •  Ulwazi oluqoshwe ngokuthola ulwazi kwabanye abanyu: Kodwa ngemvumo yotholole ulwazi ngokuliqopha, ikakhulukazi uma amaphepha ephethe ulwazi oluyimfihlo
  •  La ulwazi lungagodliwe ngabanikezela ulwazi kanye nemithetho yolwazi
  •  Ulwazi oluqoshiwe lekhabhinethi kanye namakomidi
  •  Ulwazi oluqoshiwe oluhambisana nemisebenzi yomthetho kanye nemisebenzi yasenkantolo
  •  Ulwazi
    •  lutholakale ohlotsheni oluthile lwenkantolo eyasungulwa ngezaba zomthetho
    •  luphethwe abasebenzela umthetho olohlobo lwenkantolo
    •  luphethwe abazimele ephalamende noma abamele isifundazwe.

Ukugqugquzelwa kokutholwa komthetho wolwazi akufanele kusetshenziswe:

  •  Uma ulwazi oluqoshiwe luzosetshenziswa ekwenzeni ubugebengu   
  •  Ubugebengu sebuvele buyenzeka

Umthetho wokutholakala kolwazi kungaphezu kwawowonke umthetho ongavimbela wena ekutheni uthole ulwazi.

Izinyathelo okumele zilandelwe

  1.  Cela osebenzela umnyawo odinga ulwazi lwayo akusize ekutholeni ulwazi noma amaphepha owadingayo.
  2.  Gcwalisa bese uhambisa ingxenye Form 2 : Umthetho wesithupha: Isicelo solwazi solwazi oluqoshiwe lwelunga lomphakathi.
  3.  uma ulwazi oludingayo alutholakali mahhala, Komele ukhokhe inani lokucela ulwazi (ngezitembu zokwenza imali). Kungenzeka kudingeke ukhokhe imali yokuthola ulwazi neyokubheka ulwazi (Uhla llwamanani lungezansi).
  4.  Uma ucela ulwazi kwilunga lomphakathi, awuphoqelekile ukubeka izizathu zokusebenzisa nokuvikela ilungelo lakho.     

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

  •  Usekela mphathi wolwazi kufanele aphendule zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu.
  •  Uma abanikezela ngolwazi benqaba ukukunikeza ulwazi olucelile, ungadlulisela ukungagculiseki kwakho kunqonqoshe womnyango ofuna ukwazi ngawo.
  •  Uma ungakagculisiseki ngemiphumela, ungadlulisela ukungathokozi kwakho enkantolo.
  •  Abanikezela ngolwazi bazokusiza ngokudlulisela ukungajabuli kwakho.
  •  Uma ulwazi oludingayo aluphethwe umnyango nqo kodwa luphethwe ngosebenzela umphakathi, usekela mongameli wolwazi uyodlulisa isicelo sakho kungakapheli izinsuku ezilishumu nane.
  •  Abaphethe ulwlazi olundingayo kufanele babuyele kuwe kungakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu njengoba kubhaliwe. Uyokwaziswa uma isicelo sakho sesidlulisiwe.

Amafomu okumele agcwaliswe

PAIA Forms
 

Indawo nendlela yokuxhumana

Uma udinga ulwazi noma usenemibuzo mayelana nanoma ulwazi olutholakala emnyangweni noma abamele imiphakathi, sicela uthintane nosekela mphathi wolwazi noma osebenza ngolwazi okanye umnyango owundingayo nqo noma omele umphakathi.

 

Share this page