Imithi yogonyo lwezilwane

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokufaka isicelo mvume yokugoma izilwane eNingizimi Afrika

Ungangenisa noma unikezele noma udayise imithi yokusetshenziswa ezilwaneni eNingizimu Afrika uma usubhalisile ngokuvundisa, ukufida emphulazini,Amakhambi ezolimo kanye namakhambi emfuyo womthetho 1947( Umthetho 36 ka 1947).

Uma ufuna ukungenisa imithi egunyaziwe ukuze isetshenziswe ezilwaneni, kumele uthole imvume yokuhlolwa kwezilwane kuMqondisi obhekele ezempilo zezilwane. Lemvume yokungenisa iqunyazwe okwesikhashana esincane kanye nomthamo owodwa vo. Kunemithetho yokungeniswa nokuhlolwa kwezilwane ebekiwe. Njengalokhu imithetho yezempilo ishintsha njalo njalo,Sicela ithintane noMqondisi obhekele ezempilo zezilwane (uCingo 012 319 7507/7684/7700/7673/7456, Isikhahlamezi 012 329 6892, VetPermits@daff.gov.za) ukuze uthole izinto okumele uziphathe ngaleso sikhathi.

Uma ufuna ukungenisa imithi engagunyaziwe ngenhloso yokuzoyizama ukuyisebenzisa lapha eNingizimu Afrika, udinga izimvume ezimbili. Imvume eyodwa evela kuMbhalisi womthetho 36 ka 1947 enye ivele ku Mqondisi obhekele ezempilo zezilwane.Isicelo semvume esisuka kuMbhalisi wothetho 36 ka1947 kumele siphelezelwe isicelo esiphelele semithetho yokuzama ukuyisebenzisa.

Umqondisi obhekele ezempilo zezilwane wenza aphinde angenise imvume kuphela uma sebethole imvume ekopeliwe ekhishwe uMbhalisi womthetho 36 ka 1947. Imithi engeniswe ngenhloso yokuzama ukuyisebenzisa akumele neze ithengiswe. Uma kunesimo esiphuthumayo lapho kuqubuka khona isifo kanti kayikho imithi ekhona ezweni ukulapha, kungadingeka ukuba kusetshenziswe imithi engabhalisiwe noma engagunyaziwe.

Emva kwalokho ke, wena oqondene nokungenisa kumele ufake isicelo ku, Medicines Control Council wohla lomthetho 21 ngokuphathelene nemithi kanye nokuphathelene noketshezi okuqaphelwe ngokomthetho (umthetho 101 ka 1965, njengalokho uchibiyelwe ngomthetho 90 ka 1997). Kudingeka futhi , kuMqondisi obhekele ezempilo zezilwane, imvume yokungena kwemithi ukungena kwelinye izwe. Bazokwenzela lemvume yokungena uma usuthole igunya kwi Medicines Control Council waleth nezinkomba. Lapha ke ,imithi engabhalisiwe ingathengiswa okwesikhathi esithize kuze kuba iyabhaliswa.

Okufanele ukwenze

  1. Kumele kuqala uthole ukubhaliswa noma imvume kuMbhalisi womthetho 36 ka 1947 noma isibonelelo sesigaba 21 somthetho 101 ka 1965 sokungenisa imithi yezilwane.
  2. Uma uthola imvume yokungenisa kumbhalisi womthetho 36 ka 1947, noma isibonelelo sesigaba 21 somthetho 101 ka1965, thumela incwadi yakho ekopishiwe kanye nesicelo mvume sokungenisa nokukuhlolwa kwezilwane ku Mqondisi obhekele ezempilo zezilwane.
  3. Uma imithi isibhaliselwe ukusetshenziswa eNingizimu Afrika ngokumthetho 36 ka 1947, udinga imvume eyodwa nje kuphela yokungenisa kuMqondisi obhekele ezempilo zezilwane. Thumela incwadi yakho ekopishiwe yokubhalisa ngokomthetho 36 ka1947 kanye nesicelo sakho.
  4. Isicelo mvume yokungenisa imithi yokugoma izilwane eNingizimu Afrika. Thintana noMqondisi obhekele ezempilo zezilwane uma engenaso isiqinisekiso efomu okumele uligcwalise.
  5. uDokotela wezilwane kahulumeni ku Mqondisi obhekele ezempilo zezilwane uyobe esekuthinta mayelananolwazi oludingekayo aphinde acubungule isicelo sakho.
  6. Faka imali yemvume kwinombolo yasebhange yoMyango oqondene:
    Igama lebhange: Standard Bank of South Africa
    Igama loMnini: National Department of Agriculture
    Inombolo yase bhange: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Inombolo yegatsha 0001982 Centre Code
    Ikhodi emfishane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatsha: Arcadia
    Isaziso esibalilekile: Izinkoma makube igama nesibongo soMngenisi. Uma ufakela omunye isicelo, Qiniseko ukuthi ukhokha ngaphansi kwegama lakhe lowo muntu.
  7. Kumele ukhokhe ngesheke lenziwe likhokheleke ku Mqondisi Omkhulu: uMnyango weZolimo, Amahlathi kanye nokuphathelene nokuDoba.
  8. Kungakhokhwa emahhovisi oMnyango weZolimo, Amahlathi kanye nokuphathelene nokuDoba.
  9. Uma ufakela omunye isicelo, Qiniseko ukuthi ukhokha ngaphansi kwegama lakhe lowo muntu.
  10. Thumela ifomu eligcwele kanye nesifakaziso sokukhokha ku:
    uMqondisi: Ezempilo zezilwane
    Import Export Policy Unit
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001
    eNingizimu Afrika
    noma isikhahlamezi  012 329 8292 / VetPermits@daff.gov.za.
  11. Cacisa esicelweni sakho ukuthi imvume uyoyilanda mathupha noma ufuna ithunyelwe kuwe.
  12. Ukulandelela irisidi eyinkomba yokuthi ukhokhile kanye nesicelo sakho esigcwele, iMvume yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane iyobe isinikezelwa ithunyelwe kuwe. 
  13. Izindleko zonke zasebhange ziqondene nawe,uMnyango angeke uyikhiphe imvume uma kungaqediwe ukukhokha .

Qaphela: Azikho izicelo eziyocutshungulwa ngaphandle kokukhokha kuqalauphinde uveze izinkomba. Izinkomba kukhokha zingathunyelwa ngesikhahlamezi ku: 012 329 8292 / VetPermits@daff.gov.za.

Isikhathi esinqunyiwe

Uma nje udokotela kahulumeni kanye nehhovisi likazwelonke selisamukele isicelo sokungenisa, kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ukucubungula isicelo nokukhipha imvume.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page