Isicelo sokuhlolelwa ukugula ngekhanda ngemvumo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokufaka isicelo sokungenisa umuntu esikhungweni sabagula ngekhanda ngesivumelwano

Uma ugula ngekhanda, ungalaliswa esikhungweni sabantu abagulunga ngekhanda.

Ukugula ngenqondo isifo esikuphazamisa ekucabangeni kwakho nokuhambisana nezinto. Ukugula ngenqondo kuhambisana na depression, schizophrenia, bipolar disorder, Obsessive Compulsive Disorder (OCD), Panic Disorder, Post Traumatic Stress Disorder (PTSD) kanye ne borderline personality disorder. Okuhle ukuthi kuyalapheka ukugula ngenqondo ukuhti kuyalapheka uma uthole ukwelashwa ngendlela.

Okufanele ukwenze

  • Iya kudokotela noma ezikhungweni ezibheke abantu ababhekele lokhu kugula.
  • Udokotela uzo:
  • Uzokuhlola
  • akunikeze incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele.
  • Faka isicelo esikhungweni esilapha abagula ngenqondo.
  • Letha:
  •  incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele
  • incwadi yakho yesivumelwano
  • ikhophi kamazisi wakho (ID).

Qaphela: Uma ukugula kwakho kulapheka, inkantolo ingakuphoqa ukuba uxhumane nesikhungo ukuze ulashwe ngaphandle kwesivumelwano sakho.

Isikhathi esinqunyiwe

Udokotela okusizayo uyena ozonquma ukuthu uzohlala isikhathi esingakanani.

Kubiza malini

Kumahhala ezikhungweni zikahulumeni ungazikhethelanga.

Qaphela: Uyakhokhiswa uma uzikhethelile.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala uma ufika esikhungweni sabagula ngenqondo.

Imininingwane yokuxhumana

Mental health help line - 0800 12 13 14

Share this page