Isicelo sobhaliso njengothumela impahla ngaphandle

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokufaka isicelo semvume yokuhambisa impahla ngaphandle

Ukuhambisa uhlobo oluthile lwezimpahla ngaphandle kwakuleli laseNingizimu Afrika, kufanele ubenemvume eshoyo ukuthi uhambisana nemigomo ebekiwe yokuhambisa impahla ngaphandle. 

Ukuhanjiswa kwezinye izimpahla ngaphandle kungase kubenenibandela ethile neyenzelwe ukuba kuhlomule abakhiqizi bakuleli ngokuthi bakwazi ukuthola izidingo zokwenza umkhiqizo wabo ngaphambi kokuba uhanjiswe emazweni angaphandle.

Imvume yokuhambisa impahla ngaphandleidingekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi izimpahla ezihanjiswa umuntu ngokwakhe noma inhlangano ziyahambisana nemigomo emizisiwe nezivunmelwano. Izimvume zokuhambisa impahla ngaphandle ziphinde zisize ukulawula ukuphuma kwezimpahla zalolohlobo nokushushumbiswa kwalezo ezebiwe kuleli .

Imigomo esetshenziswayo ukuhanjiswa kemphla ngaphandle yehlukile njengokwehlukana kwezinhlobo zempahla.

Uma udinga ulwazi oluthile maqondana nokuhambisa uhlobo oluthile lwempahla ngaphandle, kufanele unike ihovisi lokuhanjiswa nokulandwa kwempahla emazweni angaphandle i-Import and Export Control elingaphansi kwe-International Trade Administration Commission (ITAC) ngemininingwane yalolohlobo lwempahla ofuna ukuyihambisa ngaphandle.

Akusizo zonke izimpahla noma imikhiqizo elawulwa yimogomo ykuhambisa impahla ngaphandle. Kanti uluhlu lwalezo zimpahla ezingena ngaphansi kwaloluhlelo luyatholakala kwi-ITAC kanti lungathunyelwa kuwe nge-email, noma ufexelwe lona uma ucelile.

Okufanele ukwenze

  • Fonela i-Import and Export Control ku  086 184 3384 ubhalele ku-Senior Manager: Import and Export Control, Private Bag x192, Pretoria ufake nemininingwane ongatholakala kuyo ukuze i-ITAC ikwazi ukukuthumelela amafomu.
  • Thola Ekhompuyutheni futhi ugcwalise lamafomu.
  • Letha lamafomu ku Directorate: Import and Export Control.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha izinsuku ezintathu ukuphengulula isicelo semvume yokuhambisa izimpahla ngapgandle.

Kubiza malini

Kumahala.

Imininingwane yokuxhumana

 

Export Control
Tel: 0861 843 384 / 012 394 3590/1
Physical address The Import and Export Unit, International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address Import and Export Control, Private Bag X192, Pretoria, 0001
Web address http://www.itac.org.za

 

Share this page