Isicelo sokuvunyelwa nobhaliso lwefasilithi yempilo

Ngosizo 
Okufanele ukwenze 
Isikhathi esinqunyiwe 
Kubiza malini 
Amafomu okumele agcwaliswe 
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lesicelo semvume uphinde ubhalisele igumbi lokuhlolwa kwezilwane ezithunyelwa kwamanye amazwe

Mayela nokufaka isicelo semvume uphinde ubhalisele igumbi lokuhlolwa kwezilwane ezithunyelwa kwamanye amazwe. Ungahambisa izilwane noma imikhiqizo yazo emazweni angaphandle kuphela uma zivela endaweni ehambisana nezinqubo mgomo ezisezingeni lomhlaba noma umthetho wokungenisa ezweni. Lezizindawo kungaba abahlinzi abasemthethweni, izindawo ezihlukanisa izilwane, izindawo zesidoda okungesona, indawo okuqoqwa kuyona imbewu, indawo egaya ukudla, indawo okubekwa kuyona ukudla.

Okufanele ukwenze

  1. Xhumana nodokotela wezilwane wesifundazwe oseduze nawe ukufaka isicelo sokuhlolelwa ukubhalisela ukuhambisa emazweni angaphandle.
  2. Hlela nodokotela wezilwane wesifundazwe ukuhlola izinsiza kusebenza.
  3. Udokotela wezilwane wesifundazwe uyobe esegcwalisa athumele akuthole ngesikhathi kuhlolwa kuhambisana nokweseka kanye nemibono yakhe kumnyango  wezolimo, amahlathi, nabadobi ukuba baphumelelise leso sicelo.
  4. Uma isicelo samukeleka, umnyango wezolimo, ezamahlathi nezabadobi uyobe usubhalisa izinsiza kusebenza bese ukhipha isitifiketi esigunyaza ukuhambisa ngaphandle, sigunyazwe ukusebenza unyaka owodwa.

Isikhathi esinqunyiwe

Kuyahluka ngezifundazwe.

Kubiza malini

Inani liyahluka ngezifundazwe.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu awatholakali ngobuchwepheshe bokuxhumana, xhumana no dokotela wezilwane esifundazweni esiseduzane noma ku Mnyango wezolimo kuzwelonke.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page