Isitifiketi sokushona

Ukushona komuntu kumele kubikwe komunye walaba bantu abalandelayo:

  • abasebenzi abathile eMnyangweni Wezasekhaya
  • amalungu woMbutho WamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezindaweni ezingenawo amahhovisi oMnyango Wezasekhaya
  • kwinxusa lezwe laseNingizimu Afrika, uma umuntu eshonele phesheya
  • kubangcwabi abamiswe nabaqashelwa ngumthetho.

Kuyokhishwa uMbiko Wokushona ngemva kokuba ukushona sekubhalisiwe. Laba bantu abakhethiwe bangase bakhiphe nemiyalo yokushona. Umuntu ngeke angcwatshwe ngaphandle kokuba lokho kuvunyelwe ngumyalo wokungcwaba.

UMnyango Wezasekhaya uyokhipha isitifiketi sokushona lapho uthola isaziso ngokushona.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthola isitifiketi sokushona noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page