Faka isicelo selayisensi yosizo lokusakaza kokuthengisa

Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani

 

 

Mayelana nosizo lwelayisensi yosizo lokusakaza kokuthengisa

Ilayisensi yosizo lokusakaza kokuthengisa inikezwa inhlangano ehlinzeka ngokusakaza ngenhloso yokuthola inzuzo noma njengengxenye yebhizinisi elenza inzuzo. Inhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika (i-SABC) yiyo kuphela enelayisensi yokusakazela umphakathi eNingizimu Afrika.

Noma ngubani ohlose ukuhlinzeka ngosizo lokusakaza kokuthengisa kufanele abe nelayisensi yokusakaza kokuthengisa.

Ifomu lokufaka isicelo kanye nendawo ephakanyisiwe kuyingxenye yesimemo esithile sokufaka isicelo esishicilelwe KuSomqulu Kahulumeni.

Okumele ukwenze

  1. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo ubhale ngokuhlukanisa, usebenzisa osonhlamvukazi.
  2. Hambisa eHhovisi Elizimele Lezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa) amakhophi ayi-16 efomu lokufaka isicelo nelilodwa elingakopishiwe kanye nemali yokufaka isicelo engabuyiselwa.
  3. Izicelo ezingaphelele ngeke zibuyiselwe kumfakisicelo futhi ngeke sithwale cala ngalokhu.

Kuthatha isikhathi esingakanani

Ukuthola ilayisensi kungathatha izinyanga eziyisithupha kuya kweziyishumi nambili.

Kubiza malini

Tariffs 2023/24

Amafomu okufanele agcwaliswe

Ifomu lokufaka isicelo lizoba yingxenye yamashedula azoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni .

Kuthintwe bani

 

ICASA head office

Tel: 012 568 3000/3001
E-mail: info@icasa.org.za 

Physical address: 350 Witch-Hazel Ave, Eco-Park Estate, Centurion, 0144
Postal address: Private Bag X10, Highveld Park 0169

Regional offices

Share this page