Ilayisense yobusakazi bamarediyo emiphakathi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana  

 

 

Izincazelo

ILayisense yobuSakazi beMiphakathi inenhloso yokuhlangabezana nezidingo zobusakazi kumphakathi ukufinyelela kwiminyaka emine. Iyavuseleleka, ngaphansi kwesimo sokuthi wenze isicelo sokuvuselela ilayisense kungafiki izinyanga eziyisithupha futhi kungakadluli izinyanga ezintathu ngaphambi kosuku lokuphela kwesikhathi selayisense ekhona. Ivuseleleka kuphela ngaphansi kwesimo sokuthi onelayisense (licensee) ulandela izimo ezibekwe yiziphathimandla zelayisense. Ilayisense inikezwa imiphakathi efuna ukusungula inkampani engu-Section 21, iTrust, ivoluntary association noma okunye okuyinhlangano evunyelwe ngumthetho engenzi inzuzo. Izinjongo zokubeka iminyaka emine yeLayisense yoBusakazi ukufezekisa okulandelayo:

  • ikuqhubela phambili ilungelo lokuxhumana kanye nokukhululeka ukuveza imibono novo (freedom of expression)
  • ukwenzela ukuthi kube nemikhakha ehlukahlukene (diversity) yezokusakaza embonini
  • ukubandakanya imiphakathi njengabakhiqizi, omininjela kanye nabalaleli ekwenziweni kwezokuxhumana nokuxhumanisa
  • ukuba yizwi lemiphakathi
  • ukwenziwa kwezinhlelo ezikhombisa okuthokozelwayo okuyisipesheli kanye nezidingo zesipesheli zomphakathi, okubandakanya amasiko, ulwimi, izinkolo kanye nezidingo zokuhleleka kwemikhakha ehlukene yomphakathi.

ILayisense yeminyaka emine yoBusakazi boMphakathi inganikezwa kwimikhakha elandelayo:

  • Inkonzo yobusakazi bamarediyo.
  • Inkonzo yobusakazi beThelevishini (bomabonakude).

Ilayisense isebenza iminyaka emine.

UMnyango wezokuXhumana usekela abamalayisense yeminyaka emine ngobusakazi kanye nemishini yokukhiqiza (production equipment), kodwa uma belandela izidingo zoMnyango.

Izinyathelo okumele zilandelwe

I-ICASA izokhipha isimemo sokwenza isicelo senkonzo yobusakazi bomphakathi kanye nokunikeza ngamafrikhwensi akhona ezindaweni ezehlukene. Njengomenzi wesicelo selayisense, kumele wenze okulandelayo:

  • Sungula iqembu lokusebenzisana (working group) elizobhekana nenqubo yesicelo kanye nokuba ngumenzi wesicelo (applicant) egameni lomphakathi.
  • Qinisekisani ukuthi iqembu lokusebenzisana, lenza okulandelayo:
    • ukuqoqa amasignesha emphakathini
    • ukubhala iplani yebhizinisi
    • ukugqugquzelela ukukhethwa kwamalunga eBhodi ngenqubo yedimokhrasi (yentando yeningi)
    • ukubheka indawo isiteshi sokusakaza esizosakazela kuyo.
  • Ukucela inkonzo yobusakazi kanye nefomu lesicelo sokusabalaliswa kwesignali.
  • Gcwalisa ifomu lesicelo ngokuprinta, ngokusebenzisa amagama amakhulu (capital letters).
  • Fakelani ifomu lesicelo lokuqala (original) kanye namakhophi aqinisikisiwe angu-16 kwabe ICASA nemali yesicelo.

Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele, zizobuyiselwa kumenzi wesicelo kanti ngeke samukela emahlombe ethu ukuphazamiseka okungabakhona.

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinyanga ezingu-3 ukuya kwezingu-4.

Izindleko

2023/24

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yesheduli yeGazethi kaHulumeni.

Indawo nendlela yokuxhumana

Icasa head office

Tel: 012 568 3000/3001
E-mail: info@icasa.org.za 

Physical address: 350 Witch-Hazel Ave, Eco-Park Estate, Centurion, 0144
Postal address: Private Bag X10, Highveld Park 0169

Regional offices

Share this page