Ukugonywa kwezingane

Ukugoma kukhuthaza amasosha omzimba ukuze akwazi ukuhlinzeka ngokuvikeleka ezifweni ezithile.

Ukugoma kusiza ukuqinisa amasosha omzimba wengane yakho ukuze akwazi ukulwa nezifo ezifana novendle, isimungumungwana, isifo sesibindi (i-hepatitis B), uxhilo phecelezi i-diphtheria, isifo sofuba (i-TB) kanye ne-meningitis.

Ukugoma kutholakala mahhala emitholampilo kahulumeni, lapho imigomo yokuqala inikezwa ekuzalweni kwengane.

Funda kabanzi ngesheduli yokugonywa kwezingane noma uxhumane noMnyango WezeMpilo kule nombolo 012 395 8000.

 

Share this page